Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amanga Noma Iqiniso—Iqiniso NgoJesu

Amanga Noma Iqiniso—Iqiniso NgoJesu

Amanga Noma Iqiniso—Iqiniso NgoJesu

UCABANGANI? INGABE OKUSHIWO NGEZANSI KUYIQINISO NOMA KUNGAMANGA?

UJesu wazalwa ngo-December 25.

Lapho ezalwa wavakashelwa izazi ezintathu.

UJesu wayewukuphela kwengane kubo.

UJesu wayenguNkulunkulu ngaphambi kokuba abe umuntu.

UJesu wayengaphezu nje kokuba indoda elungile.

ABANINGI bangase bathi konke okushiwo ngenhla kuyiqiniso. Abanye bangase bathi kunzima—noma akunakwenzeka—ukwazi iqiniso. Mhlawumbe bacabanga ukuthi uma nje ukholelwa kuJesu, impendulo ayibalulekile kangako.

Nokho, iBhayibheli lisho okuhlukile. Lisikhuthaza ukuba sibe “nolwazi olunembile ngeNkosi yethu uJesu Kristu.” (2 Petru 1:8) Lolo lwazi siluthola ngokuhlola amaVangeli. Embula iqiniso ngoJesu, asisize ukuba sikwazi ukuhlukanisa phakathi kwamanga neqiniso. Ngakho, ake sihlole lokho okushiwo amaVangeli mayelana nezinkolelo ezishiwo ngenhla.

INKOLELO: UJesu wazalwa ngo-December 25.

IQINISO NOMA AMANGA? AMANGA.

Ayikho indawo eBhayibhelini ekhuluma ngokuqondile ngenyanga noma ngosuku lokuzalwa kukaJesu. Pho usuku lwango-December 25 lwavelaphi? I-Encyclopædia Britannica ithi abanye ababezibiza ngokuthi bangamaKristu “bafisa ukuba lolo suku luqondane nomkhosi wamaRoma wobuqaba oba . . . ngenjikalanga yasebusika, lapho imini iphinde ibe yinde futhi ilanga libe phezulu esibhakabhakeni.” Yona le encyclopedia ithi amasiko amaningi kaKhisimusi aqala “ngokugcinwa kwemikhosi yamaqaba ephathelene nezolimo nelanga phakathi nobusika.”

Ingabe uJesu wayeyokwamukela ukugujwa kosuku lokuzalwa kwakhe ngo-December 25? Cabanga ngalokhu: Usuku lokuzalwa kukaJesu alwaziwa. Awekho amavesi eBhayibhelini asitshela ngokuqondile ukuba sigubhe lolo suku, futhi abukho ubufakazi obubonisa ukuthi amaKristu ekhulu lokuqala ayelugubha. Nokho, iBhayibheli lisitshela ngokuqondile ukuthi uJesu wafa nini nokuthi wayala abalandeli bakhe ukuba balukhumbule lolo suku. * (Luka 22:19) Ngokusobala, uJesu wayengafuni ukuba kuqokonyiswe usuku lwakhe lokuzalwa, kodwa wayefuna ukuba kwaziswe inani lokufa kwakhe okuwumhlatshelo.—Mathewu 20:28.

INKOLELO: Ngesikhathi uJesu ezalwa wavakashelwa izazi ezintathu (noma amakhosi, ngokusho kwezinye izinkolelo).

IQINISO NOMA AMANGA? AMANGA.

Mhlawumbe wake wayibona imidwebo noma imifanekiso emikhulu ebonisa uJesu ewusana elele emkhombeni, ezungezwe izazi ezintathu ezazizomupha izipho. Nokho, leyo mifanekiso ayilona iqiniso.

Kuyiqiniso ukuthi izivakashi ezivela eMpumalanga zahamba zayobona uJesu esemncane. Nokho, eqinisweni lezi zivakashi zazingababhula ngezinkanyezi. (Mathewu 2:1) Ingabe zathola uJesu esesemkhombeni? Cha; zamvakashela esehlala endlini. Kusobala ukuthi zafika ngemva kwezinyangana ezelwe.—Mathewu 2:9-11.

Ingabe lezi zivakashi zazimbili, zintathu noma zingu-30? IBhayibheli alisho. Kungenzeka ukuthi inkolelo yokuthi lezi zazi zazintathu yavela ngoba zazintathu izinhlobo zezipho. * (Mathewu 2:11) Abanye baye basikisela nokuthi isazi ngasinye sasimelela isizwe esithile. Kodwa lokhu akutholakali emiBhalweni. Kunalokho, enye incwadi ehlaziya iVangeli ithi le nkolelo-ze iwumbono “wesazi-mlando sangekhulu lesi-8 esasiphupha emini.”

INKOLELO: UJesu wayewukuphela kwengane kubo.

IQINISO NOMA AMANGA? AMANGA.

AmaVangeli abonisa ngokucacile ukuthi uJesu wayenabo abafowabo nodadewabo. IVangeli likaLuka libiza uJesu ngokuthi “izibulo” likaMariya, okubonisa ukuthi kamuva waba nezinye izingane. * (Luka 2:7) IVangeli likaMarku lithi abantu abathile emzini waseNazaretha babebheka uJesu njengezinye izingane zakubo; babengambheki njengengane ekhethekile. Babuza: “UJakobe, uJosefa, uJuda noSimoni ababona yini abafowabo? Odadewabo abahlali yini nathi lapha kulo muzi?”—Marku 6:3, Contemporary English Version; Mathewu 12:46; Johane 7:5.

Naphezu kwalokho okushiwo amaVangeli, izazi eziningi zisame kwelokuthi uJesu wayeyedwa kwabo. Ezinye zisikisela ukuthi abafowabo nodadewabo okukhulunywa ngabo empeleni kwakungabazala bakhe. * Kanti ezinye zicabanga ukuthi lezi zingane zazizalwa uJosefa komunye wesifazane. Kodwa cabanga ngalokhu: Uma uJesu ayengukuphela kwengane kaMariya, abantu baseNazaretha babengakusho kanjani lokho abakusho? Eqinisweni, kungenzeka ukuthi abanye babo bazibonela ngawabo uMariya ekhulelwe. Babazi kahle ukuthi uJesu wayengenye yezingane zikaMariya eziningi.

INKOLELO: UJesu wayenguNkulunkulu ngaphambi kokuba abe umuntu.

IQINISO NOMA AMANGA? AMANGA.

Inkolelo eyinhloko kaZiqu-zintathu ethi uNkulunkulu weza emhlabeni, waphila njengomuntu futhi wabizwa ngokuthi uJesu, isinesikhathi eside ikhona—kodwa yayingekho ngesikhathi uJesu elapha emhlabeni. Nokho, nakhu okushiwo i-Encyclopædia Britannica: “Igama elithi Ziqu-zintathu noma incazelo yale nkolelo akukho eTestamenteni Elisha . . . Le nkolelo yaqala kancane kancane phakathi namakhulu eminyaka amaningana nasezimpikiswaneni eziningi.”

Lapho inkolo ifundisa ukuthi uJesu wayenguNkulunkulu, empeleni imenza umqambimanga. * Kanjani? Cabangela lo mfanekiso. Izisebenzi ezithile zicela okuthile enduneni, kodwa induna izitshela ukuthi ayinalo igunya lokuzinika lokho ezikucelayo. Uma le nduna ikhuluma iqiniso, isuke yenza ngokuhlakanipha ngokubonisa ukuthi igunya layo lilinganiselwe. Kodwa uma ingakhulumi iqiniso—uma inalo igunya lokunikeza izisebenzi izinto ezizicelayo kodwa ikhethe ukungakwenzi lokho—kusho ukuthi ingumqambimanga.

Wathini-ke uJesu ngesikhathi ababili babaphostoli bakhe befuna izikhundla eziphakeme? Wabatshela: “Lokhu kuhlala phansi ngakwesokunene sami nangakwesobunxele sami akukhona okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelwe nguBaba.” (Mathewu 20:23) Uma uJesu ayenguNkulunkulu ngempela, la mazwi akhe ayengeke yini asho ukuthi uqamba amanga? Ngokubhekisela kuLowo onegunya elingaphezu kwelakhe, uJesu wabeka isibonelo esihle sokuthobeka—futhi wabonisa ukuthi akalingani noNkulunkulu.

INKOLELO: UJesu wayengaphezu nje kokuba indoda elungile.

IQINISO NOMA AMANGA? IQINISO.

UJesu wakubeka ngembaba ukuthi wayengaphezu kokuba indoda elungile. Wathi: “NgiyiNdodana kaNkulunkulu.” (Johane 10:36) Yiqiniso, noma ubani angasho ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Kodwa uma okwashiwo uJesu kwakungamanga, lokho bekuyosho ukuthi wayengumuntu onjani? Bekuyosho ukuthi wayengeyona neze indoda elungile, kodwa wayengumqambimanga!

Ubufakazi obuthembeke kunabo bonke bavela kuNkulunkulu uqobo. Izikhathi ezimbili wathi ngoJesu: “Lo yiNdodana yami.” (Mathewu 3:17; 17:5) Cabanga nje: ImiBhalo ithi zimbalwa izikhathi lapho izwi likaNkulunkulu lezwakala emhlabeni. Okuthakazelisayo ukuthi ezimbili zazo wayeqinisekisa ukuthi uJesu wayeyiNdodana yakhe! Lobu ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu njengoba asho.

Ingabe lesi sihloko siveze amaqiniso obungawazi ngoJesu? Uma kunjalo, zimisele ukuwatadisha ngokwengeziwe amaVangeli aphefumulelwe. Ukwenza kanjalo kungakulethela injabulo futhi kukuzuzise. Ngaphezu kwakho konke, uJesu ngokwakhe wathi ukufunda iqiniso ngaye nangoYise “kusho ukuphila okuphakade.”—Johane 17:3.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 13 Ngokwekhalenda lamaJuda, uJesu wafa ngoSuku lwePhasika, noma ngoNisani 14.—Mathewu 26:2.

^ par. 18 UMathewu uthi lezi zihambi “zavula imigodla yazo yemicebo” zakhunga uJesu ngegolide nenhlaka yempepho nemure. Kuyathakazelisa ukuthi zeza nalezi zipho ezibizayo ngesikhathi esihle kakhulu, ngoba umndeni wakubo kaJesu—okusobala ukuthi wawudla imbuya ngothi—wazithola usungababaleki.—Mathewu 2:11-15.

^ par. 21 Nakuba uMariya akhulelwa uJesu ngendlela eyisimangaliso, zonke ezinye izingane zakhe wazithola kumyeni wakhe uJosefa ngendlela evamile.—Mathewu 1:25.

^ par. 22 Le mfundiso eyafakazelwa uJerome cishe ngo-383 C.E. ivamile phakathi kwalabo abakholelwa ukuthi uMariya wahlala eyintombi ukuphila kwakhe konke. Kamuva, uJerome wayingabaza le mfundiso yakhe, kodwa abantu abaningi nezikhulu zeSonto LamaKatolika basaqhubeka bekholelwa kuyo.

^ par. 26 Ukuze uthole ingxoxo eningilizayo ngemfundiso kaZiqu-zintathu, bheka incwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 14]

Amanye Amaqiniso Angase Akumangaze

UJesu wayengumuntu onjani? Ingabe wayenolaka, engangeneki, enonya futhi engakwazi ukuphilisana nabantu abavamile? Abanye bangase baphendule ngoyebo. Mhlawumbe yingakho bemangala uma bezwa ukuthi uJesu . . .

• wayeya emicimbini ejabulisayo.—Johane 2:1-11.

• wayebancoma abantu.—Marku 14:6-9.

• wayekuthanda ukuchitha isikhathi nabantwana.—Marku 10:13, 14.

• wakhala obala.—Johane 11:35.

• wayenozwela.—Marku 1:40, 41.