Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UJesu Uyingelosi Enkulu UMikayeli?

Ingabe UJesu Uyingelosi Enkulu UMikayeli?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe UJesu Uyingelosi Enkulu UMikayeli?

▪ Impendulo inguyebo. Emazweni amaningi kuvamile ukuba umuntu abe namagama angaphezu kwelilodwa. Kunjalo nangamagama abantu abaseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, inzalamizi uJakobe ibizwa nangokuthi u-Israyeli. (Genesise 35:10) Umphostoli uPetru ubizwa ngamagama amahlanu ahlukahlukene––uSimeyoni, uSimoni, uPetru, uKhefase noSimoni Petru. (Mathewu 10:2; 16:16; Johane 1:42; IzEnzo 15:7, 14) Singaqiniseka kanjani ngokuthi elinye igama likaJesu nguMikayeli? Cabangela ubufakazi obulandelayo obusemiBhalweni.

IBhayibheli likhuluma izikhathi ezinhlanu ngesidalwa somoya esinamandla esinguMikayeli. Encwadini kaDaniyeli kukhulunywa ngaso kathathu. KuDaniyeli 10:13, 21 sifunda ukuthi ingelosi ethile eyayithunyiwe yasizwa uMikayeli obizwa ngokuthi “omunye wezikhulu eziphambili” nangokuthi “isikhulu senu.” KuDaniyeli 12:1, sifunda nokuthi ngesikhathi sokuphela, “uMikayeli uyokuma, isikhulu esikhulu esimi ngenxa yabantwana babantu bakini.”

Kuyakhulunywa ngoMikayeli nakusAmbulo 12:7, othi “uMikayeli nezingelosi zakhe” balwa impi ebalulekile eyaba nomphumela wokuxoshwa kukaSathane uDeveli nezingelosi zakhe ezimbi ezulwini.

Phawula ukuthi emavesini angenhla isikhathi ngasinye lapho kukhulunywa ngoMikayeli uchazwa njengengelosi elwela nevikela abantu bakaNkulunkulu, ize ibhekane nesitha sikaJehova esikhulu kunazo zonke, uSathane.

UJude 9 ubiza uMikayeli ngokuthi “ingelosi eyinhloko.” Elinye ivesi elikhuluma ngengelosi eyinhloko noma enkulu lisencwadini yoku-1 Thesalonika 4:16, lapho uPawulu esho la mazwi ngoJesu ovusiwe: “INkosi [uJesu] ngokwayo iyokwehla ezulwini ngezwi elinegunya, ngezwi lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu.” Ngakho, lapha uJesu Kristu ubizwa ngokuthi ingelosi enkulu noma eyinhloko.

Ngokwalokhu esesixoxe ngakho, singaphetha ngokuthini? UJesu Kristu unguMikayeli ingelosi enkulu. Womabili la magama––uMikayeli (elisho ukuthi “Ubani OnjengoNkulunkulu?”) nelithi Jesu (elisho ukuthi “uJehova Uyinsindiso”)––achaza indima yakhe njengommeleli oyinhloko wobukhosi bukaNkulunkulu. EyabaseFilipi 2:9 ithi: ‘UNkulunkulu waphakamisela uJesu okhazinyulisiwe esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama.’

Kubalulekile ukuphawula ukuthi uJesu wayeseke waphila ngaphambili ngaphambi kokuza emhlabeni njengomuntu. Ngaphambi kokuzalwa kwakhe, uMariya wavakashelwa ingelosi eyamtshela ukuthi wayezokhulelwa ngomoya ongcwele nokuthi leyo ngane kwakufanele ayethe ngokuthi uJesu. (Luka 1:31) Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wayevame ukukhuluma ngokuphila kwakhe ngaphambi kokuba eze emhlabeni.—Johane 3:13; 8:23, 58.

Ngakho, ngaphambi kokuba eze emhlabeni wayebizwa ngokuthi uMikayeli ingelosi enkulu. Ngemva kokuvuswa nokubuyela kwakhe ezulwini, waqhubeka nenkonzo yakhe njengoMikayeli, ingelosi eyinhloko ‘kwaba inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.’—Filipi 2:11.