Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Umbuso Wakho Uyokuma Ugxile’

‘Umbuso Wakho Uyokuma Ugxile’

Sondela KuNkulunkulu

‘Umbuso Wakho Uyokuma Ugxile’

2 SAMUWELI 7:1-16

KUWO wonke umlando, ababusi abaningi baye basuswa ezihlalweni zabo. Abanye baye basuswa ngokuthi bangavotelwa, kanti abanye baye bakhishwa ngodlí. Kuthiwani ngoJesu Kristu, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini? Ikhona yini into engamvimba ukuba abuse njengeNkosi emiswe uNkulunkulu? Impendulo ingatholakala emazwini uJehova awatshela inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide alotshwe kweyesi-2 Samuweli isahluko 7.

Zisuka nje, sifunda ukuthi uDavide unamahloni ngoba yena inkosi nje engumuntu, uhlala esigodlweni esihle, kuyilapho umphongolo kaNkulunkulu uhlala etendeni. * UDavide uzwakalisa isifiso sokwakhela uJehova indlu efanelekayo, noma ithempeli. (Ivesi 2) Kodwa ngeke yakhiwe nguye. Ngomprofethi uNathani, uJehova utshela uDavide ukuthi indodana yakhe iyona ezokwakha ithempeli.—Amavesi 4, 5, 12, 13.

UJehova uyajabula ngesifiso sikaDavide esisuka enhliziyweni. Esabela ekuzinikeleni kwakhe nangokuvumelana nesiprofetho, uNkulunkulu wenza isivumelwano noDavide sokuthi uyovusa othile ohlwini lobukhosi bakhe oyobusa kuze kube phakade. UNathani ube esetshela uDavide lesi sithembiso sikaNkulunkulu esiqinisekisiwe: “Indlu yakho nombuso wakho kuyoma kugxile phambi kwakho kuze kube nini nanini; sona kanye isihlalo sakho sobukhosi siyoma siqine kuze kube nini nanini.” (Ivesi 16) Ubani iNdlalifa yaphakade yalesi sivumelwano eyobusa phakade?—IHubo 89:20, 29, 34-36.

UJesu waseNazaretha wayengowozalo lukaDavide. Lapho ingelosi imemezela ukuzalwa kwakhe yathi: ‘UJehova uNkulunkulu uyomnika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi uyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe ngeke uphele.’ (Luka 1:32, 33) Isivumelwano noDavide sagcwaliseka kuJesu Kristu. Ngakho, akakhethwanga abantu kodwa ubusa ngenxa yesithembiso sikaNkulunkulu esiqinisekisiwe esimnika ilungelo lokubusa phakade. Kumelwe sikhumbule ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseka njalo.—Isaya 55:10, 11.

Kunezifundo ezimbili ezibalulekile esingazifunda kweyesi-2 Samuweli isahluko 7. Okokuqala, singaqiniseka ngokuthi akukho lutho olungavimba uJesu Kristu ukuba abuse. Ngakho, singaqiniseka ngokuthi uzoyifeza injongo yakhe yokubusa, okuwukuthi ukufezwa kwentando kaNkulunkulu ngokugcwele emhlabeni njengasezulwini.—Mathewu 6:9, 10.

Okwesibili, lokhu kulandisa kusifundisa isifundo esithinta inhliziyo ngoJehova. Khumbula ukuthi uJehova wabona futhi wasijabulela isifiso senhliziyo kaDavide. Kuqinisa idolo ukwazi ukuthi uJehova uyakwazisa ukuzinikela kwethu njengoba simkhonza. Ngezinye izikhathi, izimo ezingaphezu kwamandla ethu, njengempilo ewohlokayo noma ukukhula, kungase kusiphazamise singakwazi ukwenza konke okulangazelelwa yinhliziyo ukuze simkhonze. Uma kunjalo, kwangathi singathola induduzo ephuzwini lokuthi uJehova ubona ngisho nezinhloso zenhliziyo ezinikele kuye nefuna ukumkhulekela.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Umphongolo wesivumelwano wawuyibhokisi elingcwele uJehova ayala ukuba lakhiwe ngokweziqondiso zakhe. Lalimelela ukuba khona kwakhe kwa-Israyeli wasendulo.—Eksodusi 25:22.