Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho Okuhilelekile Ekwazini Igama LikaNkulunkulu

Lokho Okuhilelekile Ekwazini Igama LikaNkulunkulu

INGABE igama lakho linencazelo ethile? Kwezinye izindawo, kuvamile ukwetha ingane igama elisho okuthile. Abazali bangase bakhethe igama elibonisa lokho bona abakukholelwayo, izimiso zabo noma izinto abazifisela ingane.

Umkhuba wokwetha ingane ngegama elinencazelo awumusha. Ezikhathini zeBhayibheli abantu babethiwa amagama ngenxa yencazelo yawo. Igama lalingase lisho lokho okulindeleke kulowo muntu. Ngokwesibonelo, lapho uJehova etshela uDavide ngalokho okwakuyofezwa yindodana yakhe uSolomoni esikhathini esizayo, wathi: “Igama layo kuyoba uSolomoni [elinomsuka osho ukuthi “Ukuthula”], futhi ezinsukwini zayo ngiyopha u-Israyeli ukuthula nokuzola.”—1 IziKronike 22:9.

Ngezinye izikhathi, uJehova wayetha umuntu igama elisha ngoba ezoba nendima entsha ekuphileni. Umka-Abrahama oyinyumba wethiwa igama elithi Sara, elisho ukuthi “iNkosazana.” Kungani ethiwa kanjalo? UJehova wachaza: “Ngiyombusisa futhi ngikunike indodana evela kuye; ngiyombusisa futhi uyoba yizizwe; amakhosi ezizwe ayovela kuye.” (Genesise 17:16) Kusobala ukuthi ukuqonda ukuthi kungani anikwa igama elisha kwakuhlanganisa nokwazi indima yakhe entsha.

Kuthiwani ngegama elibaluleke kunawo wonke—elithi Jehova? Lisho ukuthini? Ngesikhathi uMose ebuza uNkulunkulu igama laKhe, uJehova waphendula: “Ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eksodusi 3:14) Inguqulo kaRotherham ilibeka kanje leli vesi: “Ngizoba yinoma yini engifuna ukuba yiyo.” Igama likaJehova libonisa ukuthi unguNkulunkulu onezindima eziningi. Nasi isibonelo esilula: Umama kungase kudingeke afeze izindima eziningi phakathi nosuku lapho enakekela izingane zakhe—angaba umhlengikazi, umpheki, uthisha—kuye ngokuthi kuphakama ziphi izimo. Kunjalo nangoJehova, kodwa ezakhe izindima ziphakeme kakhulu. Ukuze afeze injongo yakhe yothando ngabantu, angaba yinoma yini afuna ukuba yiyo, afeze noma iyiphi indima okudingeka ayifeze. Ngakho, ukumazi kahle kuhilela ukuqonda nokwazisa izindima zakhe eziningi.

Okudabukisayo ukuthi labo abangamazi kahle uNkulunkulu abazi ukuthi unobuntu obuhle kangakanani. Nokho, ngokutadisha iBhayibheli, ungazazisa izindima zikaJehova, njengaleyo yokuba uMeluleki ohlakaniphile, uMsindisi onamandla noMondli onesandla esivulekile, uma sibala ezimbalwa nje. Yebo, iyamangalisa ngempela incazelo ecebile yegama likaJehova.

Nokho, ukumazi kahle akulula ngaso sonke isikhathi. Isihloko esilandelayo sizositshela ukuthi kungani kungelula.