Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Sithandaze?

Kungani Kufanele Sithandaze?

UMTHANDAZO. Umthandazo uphakathi kwezinto ezithakazelisa abantu kakhulu. Cabanga ngemibuzo engu-7 ephathelene nomthandazo abantu abavame ukuyibuza bese ufunda lesi sihloko nezilandelayo ukuze uthole izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini. Injongo yalezi zihloko iwukukusiza ukuba uthandaze—ukuba uqale umkhuba wokuthandaza noma uthuthukise imithandazo yakho.

KUWO wonke amazwe omhlaba nakuzo zonke izinkolo abantu bayathandaza. Bathandaza lapho bebodwa nalapho beyiqembu. Bathandaza emasontweni, emathempelini nasemasinagogeni. Abanye bathandaza beguqé kokhaphethi bokuthandaza; abanye baphatha amarosari; abanye basebenzisa amasondo omthandazo (umphongolo ofakwa imithandazo ebhaliwe), izithombe, izincwadi ezinemithandazo, noma imithandazo ebhalwe ezingqwembeni.

Ngabantu kuphela abathandazayo, izilwane azithandazi. Yiqiniso, kuningi esifana ngakho nezilwane. Njengezilwane, sidinga ukudla, ukuphefumula namanzi. Njengazo, siyazalwa, siphile futhi sife. (UmShumayeli 3:19) Kodwa ngabantu kuphela abathandazayo. Kungani kunjalo?

Mhlawumbe impendulo elula ukuthi siyakudinga ukuthandaza. Ngokuvamile, abantu babheka umthandazo njengendlela yokuxhumana nendawo ethile yomoya. IBhayibheli libonisa ukuthi sadalwa nalesi sifiso. (UmShumayeli 3:11) UJesu Kristu wake wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

Imidanti yokukhulekela namahora amaningi abantu abawachitha bethandaza kubonisa khona kanye ukuthi bazama ukwanelisa lesi ‘sidingo esingokomoya.’ Yiqiniso, abanye abantu bazitshela ukuthi bangasanelisa bona ngokwabo lesi sidingo, noma balindele abanye ukuba basanelise. Nokho, awucabangi yini ukuthi abantu abanawo amandla okwenza lokhu? Sibuthaka kakhulu, siphila isikhathi esifushane futhi asinawo umbono obanzi. Kodwa kunomuntu ongasisiza ohlakaniphe kakhulu kunathi, onamandla kakhulu kunathi nophila kuze kube phakade. Ziyini lezi zidingo ezingokomoya ezenza sifune ukuthandaza?

Cabanga ngalokhu: Ingabe wake wafisa ukuthola isiqondiso, ukuhlakanipha noma izimpendulo zemibuzo okubonakala kungenamuntu ongayiphendula? Kwake kwenzeka yini wafisa ukuthola induduzo ngemva kokushonelwa, isiqondiso lapho ubhekene nesinqumo esinzima noma ukuthola intethelelo lapho unembeza wakho ukulahla ngecala?

IBhayibheli lithi konke lokhu kuyizizathu ezizwakalayo zokuthandaza. Liyincwadi ethembeke kunazo zonke kulesi sici futhi liqukethe imithandazo eminingi yamadoda nabesifazane abathembekile. Bathandazela induduzo, isiqondiso, intethelelo nokuthola izimpendulo zemibuzo enzima kakhulu.—IHubo 23:3; 71:21; Daniyeli 9:4, 5, 19; Habakuki 1:3.

Nakuba le mithandazo yayingefani, kukhona eyayifana ngakho. Ababethandaza babenesihluthulelo esibalulekile sokuthandaza ngendlela ephumelelayo, isihluthulelo abantu banamuhla abangasazi noma abasishaya indiva. Babazi ukuthi kufanele kuthandazwe kubani.