Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Yake Yaba Khona Ngempela Insimu Yase-Edene?

Ingabe Yake Yaba Khona Ngempela Insimu Yase-Edene?

Ingabe Yake Yaba Khona Ngempela Insimu Yase-Edene?

INGABE uyayazi indaba ka-Adamu no-Eva nensimu yase-Edene? Abantu abaningi emhlabeni bayayazi. Kungakuhle uma ungayifunda. Itholakala kuGenesise 1:26–3:24. Ake siyithi halamuzi:

UJehova uNkulunkulu * wabumba umuntu ngothuli lomhlabathi, wametha igama elithi u-Adamu. Wabe esembeka ensimini esesifundeni esibizwa ngokuthi i-Edene. NguJehova uqobo owatshala le nsimu. Wayeyinisela kahle futhi yayinemithi eminingi emihle ethela izithelo. Maphakathi nayo kwakukhona ‘umuthi wolwazi lokuhle nokubi.’ UNkulunkulu wabenqabela abantu ukuba badle isithelo sawo, wabatshela nokuthi ukungalaleli kuyoholela ekufeni. Ngemva kwesikhathi esithile, uJehova wenzela u-Adamu umngane—owesifazane u-Eva—wambumba ngolunye lwezimbambo zika-Adamu. UNkulunkulu wabanika umsebenzi wokunakekela insimu futhi wathi mabazalane bande bagcwalise umhlaba.

Suku lumbe u-Eva eyedwa, inyoka yakhuluma naye yamyenga ukuba adle isithelo somuthi owenqatshelwe. Yathi uNkulunkulu umkhohlisile futhi umgodlela into enhle eyomenza afane noNkulunkulu. U-Eva wayikholwa inyoka wadla isithelo esenqatshelwe. Kamuva no-Adamu wasidla. Bobabili abamlalelanga uNkulunkulu. UJehova wahlulela u-Adamu, u-Eva nenyoka. Ngemva kokuba abantu bexoshiwe ensimini eyipharadesi, izingelosi zavimba indlela ukuze bangabe besangena.

Kwake kwaba khona isikhathi lapho izazi, izihlakaniphi nezazi-mlando zazizifakazela izenzakalo ezilotshwe encwadini yeBhayibheli kaGenesise. Nokho, namuhla abaningi bayazingabaza. Yini eyenza abantu bakungabaze ukulandisa kukaGenesise okukhuluma ngo-Adamu, u-Eva nensimu yase-Edene? Ake sixoxe ngamaphuzu amane angatshazwayo.

1. Ingabe insimu yase-Edene yayiyindawo engokoqobo?

Kungani abantu beyingabaza le ndaba? Kungenzeka ukuthi ifilosofi inesandla. Sekungamakhulu eminyaka izazi zenkolo zicabanga ukuthi insimu kaNkulunkulu ikhona ndawana-thile. Nokho, isonto lathonywa izazi zefilosofi ezingamaGreki ezinjengoPlato no-Aristotle, ezazimi kwelokuthi ayikho into ephelele emhlabeni. Yizulu kuphela eliphelele. Ngakho-ke, izazi zenkolo zazicabanga ukuthi ipharadesi lokuqala kumelwe ukuba laliseduze kwezulu. * Abanye babethi le nsimu yayisesiqongweni sentaba ethile ephakeme futhi ukungalungi kwasemhlabeni kwakungafiki kuyo; abanye babethi yayiseNyakatho Yomhlaba noma eNingizimu Yomhlaba; kanti abanye babethi yayisenyangeni noma budebuduze nayo. Akumangazi ukuthi indaba ye-Edene yaqala ukubhekwa njengendaba eqanjiwe. Ezinye izazi zanamuhla zithi iyimbudane indaba ye-Edene futhi zigomela ngokuthi ayikaze ibe khona indawo enjalo.

Nokho, iBhayibheli aliyichazi ngaleyo ndlela insimu yase-Edene. UGenesise 2:8-14 usinika imininingwane eminingi ngale ndawo. Yayisempumalanga yesifunda esasibizwa ngokuthi i-Edene. Yayiniselwa amanzi omfula owawuphakela imifula emine. Yomine le mifula inamagama, futhi ichazwa kafushane ukuthi igelezela ngakuphi. Sekuyisikhathi eside le mininingwane ithakazelisa izazi futhi eziningi zazo ziye zahlolisisa la mavesi eBhayibheli ukuze zithole ukuthi ikuphi namuhla le ndawo yasendulo. Nokho, ziye zavela nemibono eminingi ephikisanayo. Ingabe lokhu kusho ukuthi i-Edene, insimu yayo nemifula yayo kungamanga noma kuyinganekwane?

Cabangela lokhu: Izenzakalo zasensimini yase-Edene zenzeka eminyakeni engaba ngu-6 000 edlule. Kusobala ukuthi zabhalwa uMose okungenzeka ukuthi watshelwa ngazo noma mhlawumbe wazifunda emibhalweni eyayisivele ikhona. Kwayena uMose wazibhala sekudlule iminyaka engaba ngu-2 500 zenzeka. I-Edene lase livele liwumlando. Kungenzeka yini ukuthi ukuma kwale mifula kwashintsha njengoba kwase kudlule amakhulu ngamakhulu eminyaka? Ungqimba lomhlaba luhlale lushintsha. Isifunda okungenzeka ukuthi i-Edene yayikuso sithandwa ukuzamazama komhlaba. Kulinganiselwa ukuthi kungamaphesenti angu-17 ukuzamazama komhlaba okuye kwenzeka lapha. Ezindaweni ezifana nalezi, ungqimba lomhlaba lushintsha njalo. Ngaphezu kwalokho, kungenzeka ukuthi uZamcolo wosuku lukaNowa washintsha ukuma kwezwe ngezindlela esingenakuzazi namuhla. *

Nokho, nanka amaqiniso ambalwa esiwaziyo: Ukulandisa kukaGenesise kuthi insimu yase-Edene yayikhona ngempela. Imifula emibili kwemine okulandiswa ngayo—i-Ewufrathe neTigrisi, noma iHidekeli—isageleza nanamuhla, futhi ezinye iziphethu eziphakela le mifula zisondelene kakhulu. Ukulandisa kuze kugagule ngamagama izindawo leyo mifula eyayigelezela kuzo namagugu emvelo ayetholakala kuzo. Ku-Israyeli wasendulo, owaba owokuqala ukufunda lokhu kulandisa, le mininingwane yayiwusizo kakhulu.

Ingabe zinjalo nezinganekwane? Noma ingabe zivame ukungabi nayo imininingwane engase ifakazelwe noma iphikiswe? Izinganekwane ziqala ngale ndlela: “Kwasukasukela, kwelinye izwe elikude kwakukhona . . . ” Nokho, umlando uvame ukuba nemininingwane ebalulekile, njengoba kunjalo ngendaba yase-Edene.

2. Ingabe singakukholelwa ngempela ukuthi uNkulunkulu wadala u-Adamu ngomhlabathi nokuthi wabumba u-Eva ngolunye lwezimbambo zika-Adamu?

Isayensi yanamuhla isikuqinisekisile ukuthi umzimba womuntu wakhiwa izakhi ezinhlobonhlobo—njenge-hydrogen, umoya-mpilo kanye nesikhutha—zonke ezitholakala emhlabathini. Kodwa lezo zakhi zahlangana kanjani zakha umuntu ophilayo?

Ososayensi abaningi bathi ukuphila kwazivelela. Bathi kwavela ohlotsheni lokuphila oluphansi okwathi uma kudlula izigidigidi zeminyaka lwashintsha kancane kancane lwaba yinkimbinkimbi. Nokho, igama elithi “oluphansi” lingase lidukise ngoba zonke izinto eziphilayo—ngisho nezinto ezincane ezinengqamuzana eyodwa—ziyinkimbinkimbi ngendlela emangalisayo. Abukho nhlobo ubufakazi bokuthi ukuphila kwazivelela ngengozi noma ukuthi kuyoke kuzivelele. Kunalokho, zonke izinto eziphilayo zinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi zaklanywa umklami ohlakaniphile nonamandla amakhulu kunathi. *Roma 1:20.

Uma ulalele umculo omnandi wezinsimbi noma ubuka isithombe esidwetshwe ngobuciko noma umangazwa umshini othile wobuchwepheshe, ingabe ungafika esiphethweni sokuthi akekho owenze lezo zinto? Lutho neze! Nokho, lezi zinto eziwubungcweti aziliboni elidlalayo uma ziqhathaniswa nomzimba womuntu oyinkimbinkimbi, omuhle noklanywe ngobukhulu ubunyoninco. Singabe singenwe yini nje uma singathi asinaye uMdali? Ngaphezu kwalokho, ukulandisa kukaGenesise kubonisa ukuthi kuyo yonke indalo esemhlabeni, ngabantu kuphela abakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Yingakho-ke kungabantu kuphela emhlabeni abakwazi ukulingisa uNkulunkulu ngokuklama izinto ezinhle,njengokwenza ungqambothi lomculo, izinto zobuciko ezikushiya ubambe ongezansi nemishini yobuchwepheshe emangalisayo. Ingabe kufanele kusixake ukuthi uNkulunkulu ungumklami oyingcweti ngokwengeziwe kunathi?

Yini enzima ukuyiqonda ekudaleni owesifazane ngobambo lwendoda? * UNkulunkulu wayengasebenzisa noma yini, kodwa ukusebenzisa ubambo kwakunencazelo ejulile. Wayefuna indoda nowesifazane bashade futhi basondelane kakhulu kube njengokungathi ‘banyamanye.’ (Genesise 2:24) Indlela indoda nowesifazane abaphelelisana ngayo, nendlela abakha ngayo ubuhlobo obuqinile nobanelisayo ayibonisi yini ukuthi kunoMdali ohlakaniphile nonothando?

Ngaphezu kwalokho, izazi zezakhi zofuzo zanamuhla ziye zavuma ukuthi kubonakala sengathi bonke abantu bavela endodeni nakowesifazane oyedwa. Khona-ke, ingabe ukulandisa kukaGenesise kuyihaba?

3. Indaba yomuthi wolwazi nowokuphila izwakala iyinganekwane.

Eqinisweni ukulandisa kukaGenesise akufundisi ukuthi le mithi yayinamandla athile angavamile. Kunalokho, yayiyimithi yangempela uJehova ayeyibeke njengophawu olunencazelo ethile.

Ingani abantu bayakwenza lokho ngezinye izikhathi! Ngokwesibonelo, uthisha-nhloko angase axwayise izingane ngokwedelela isikole sakhe. Akuzona izihlalo, amafasitela noma izindonga asuke ezivikela, kodwa usuke efuna kuhlonishwe igunya lakhe lokuphatha. Amakhosi amaningi nawo asebenzisa intonga noma umqhele njengophawu lobukhosi bawo.

Yayimelelani-ke imithi emibili? Ziningi izinto ezididayo eziye zashiwo. Nakuba impendulo yangempela ilula, kodwa ihlakaniphe kakhulu. Umuthi wolwazi lokuhle nokubi wawumelela ilungelo likaNkulunkulu kuphela—ilungelo lokunquma phakathi kokuhle nokubi. (Jeremiya 10:23) Shono nje kwaba yicala ukweba kulowo muthi! Ngakolunye uhlangothi, umuthi wokuphila wawumelela isipho okunguNkulunkulu kuphela ongasipha abantu—ukuphila okuphakade.—Roma 6:23.

4. Ukukhuluma kwenyoka kuzwakala kuyinto yasezinganekwaneni.

Yiqiniso, indaba ekuGenesise yokukhuluma kwenyoka izwakala ixaka, ikakhulukazi uma singakucabangeli nokunye ukwaziswa okuseBhayibhelini. Nokho, imiBhalo iyayisombulula le mpicabadala ethakazelisayo.

Ubani noma yini eyabangela ukuba leyo nyoka ibonakale sengathi iyakhuluma? Abantu bakwa-Israyeli wasendulo babazi imininingwane ethile eyabasiza ukuba bayiqonde kangcono indaba yale nyoka. Ngokwesibonelo, babazi ukuthi nakuba izilwane zingakhulumi, isidalwa somoya singenza kubonakale sengathi isilwane siyakhuluma. UMose wabhala nendaba kaBhalami ethi uNkulunkulu wathumela ingelosi ukuba ibangele imbongolo kaBhalami ukuba ikhulume njengomuntu.—Numeri 22:26-31; 2 Petru 2:15, 16.

Ingabe ezinye izidalwa zomoya, kuhlanganise nalezo eziyizitha zikaNkulunkulu, zingakwazi ukwenza izimangaliso? UMose wayebone abapristi baseGibhithe abenza imilingo benza izimangaliso ezazenziwa uNkulunkulu, njengokuphendula induku ibe yinyoka. Kusobala ukuthi amandla okwenza izimangaliso ezinjalo ayevela ezidalweni zomoya eziyizitha zikaNkulunkulu.—Eksodusi 7:8-12.

Kusobala nokuthi uMose waphefumulelwa ukuba abhale incwadi kaJobe. Leyo ncwadi igeqa amagula ngesitha sikaNkulunkulu esiyinhloko, uSathane, esaqamba amanga futhi sangabaza ubuqotho bazo zonke izinceku zikaJehova. (Jobe 1:6-11; 2:4, 5) Kungenzeka yini ukuthi ama-Israyeli asendulo abona ukuthi uSathane wasebenzisa inyoka e-Edene, wayenza yabonakala sengathi iyakhuluma ukuze akhohlise u-Eva ukuba aphule ubuqotho bakhe kuNkulunkulu? Impela.

Ingabe nguSathane owabangela inyoka ukuba ikhulume? Kamuva uJesu wabiza uSathane ngokuthi “umqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44) Akufanele yini silindele ukuba kube ‘uyise wamanga’ owaqamba amanga okuqala ngqa? Amanga okuqala siwezwa emazwini ashiwo yinyoka ku-Eva. Iphikisa isixwayiso sikaNkulunkulu sokuthi ukudla isithelo esenqatshelwe kwakuyoholela ekufeni, inyoka yathi: “Ngokuqinisekile ngeke nife.” (Genesise 3:4) Kusobala ukuthi uJesu wayazi ukuthi nguSathane owayesebenzise inyoka. IsAmbulo uJesu asinika umphostoli uJohane simneka obala uSathane ngokumbiza ngokuthi “inyoka yokuqala.”—IsAmbulo 1:1; 12:9.

Ingabe kuwukweqisa ukukholelwa ukuthi umuntu womoya onamandla angasebenzisa inyoka, ayenze ibonakale sengathi iyakhuluma? Ngisho nabantu abangenawo amandla amakhulu njengezidalwa zomoya bayakwazi ukusishiya sinkemile ngokwenza izinto ezingakholeki nezixakayo kumabhayisikobho nakumathelevishini

Ubufakazi Obuqand’ ikhanda

Awuvumi yini ukuthi abagxeki bokulandisa kukaGenesise babambelele entweni engekho? Ngakolunye uhlangothi, kunobufakazi obunamandla bokuthi lokhu kulandisa kuwumlando oyiqiniso.

Ngokwesibonelo, uJesu Kristu ubizwa ngokuthi “ufakazi othembekile noqinisile.” (IsAmbulo 3:14) Njengendoda ephelele, akakaze awaqambe amanga noma asonte iqiniso nganoma iyiphi indlela. Ngaphezu kwalokho, wafundisa ukuthi wayeke waphila ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni—eqinisweni wayeseceleni kukaYise, uJehova, “ngaphambi kokuba izwe libe khona.” (Johane 17:5) Ngakho, wayekhona ngesikhathi kuqala ukuphila emhlabeni. Uthini lo fakazi othembeke kunabo bonke?

UJesu wathi u-Adamu no-Eva babengabantu bangempela. Wabhekisela emshadweni wabo lapho ekhuluma ngomthetho kaJehova wokushada nomuntu oyedwa. (Mathewu 19:3-6) Uma bengakaze babe khona nensimu iyinganekwane, kusho ukuthi uJesu wayekhohlisiwe noma wayengakhulumi iqiniso. Asikho isiphetho esinembile kulezi! UJesu wayesezulwini ebuka njengoba izinto zazonakala ensimini yase-Edene. Abukho obunye ubufakazi obukholisa ukudlula lobu, akunjalo?

Eqinisweni, ukungakukholwa ukulandisa kukaGenesise kusho ukungabi nokholo kuJesu. Lokho kungabaza kungenza umuntu angaziqondi ezinye zezimfundiso zeBhayibheli ezibalulekile nezithembiso eziduduzayo. Ake sibone ukuthi lokho kungenzeka kanjani.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

^ par. 7 Lo mbono awuvumelani neBhayibheli. IBhayibheli lifundisa ukuthi yonke imisebenzi kaNkulunkulu iphelele; ukonakala kuvela komunye umthombo. (Duteronomi 32:4, 5) Lapho uJehova eqeda ukudala umhlaba wathi konke ayekwenzile “kwakukuhle kakhulu.”—Genesise 1:31.

^ par. 9 Kusobala ukuthi uZamcolo, isimangaliso sikaNkulunkulu, wakhuculula kwangasala lutho ensimini yase-Edene. UHezekeli 31:18 usikisela ukuthi ‘imithi yase-Edene’ yayisivele ingasekho ngekhulu le-7  B.C.E. Ngakho, bonke abazama ukuthola insimu yase-Edene eminyakeni eyalandela babengeke bayithole.

^ par. 14 Bheka incwajana yesiNgisi ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 16 Kuyathakazelisa ukuthi abezokwelapha namuhla bathole ukuthi ubambo luphola kalula ngendlela eyisimanga. Ngokungafani namanye amathambo, lungakwazi ukuphinde lumile uma ulwelwesi lwezicubu zezinzwa lukhona.