Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani USathane Asebenzisa Inyoka Ukuze Akhulume No-Eva?

Kungani USathane Asebenzisa Inyoka Ukuze Akhulume No-Eva?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Kungani USathane Asebenzisa Inyoka Ukuze Akhulume No-Eva?

▪ Cishe uyavumelana nokuthi inyoka eyayikhuluma no-Eva yayinguSathane njengoba kuchazwe ekhasini 8. Yilokho okufundiswa iBhayibheli. Nokho, ungase uzibuze, ‘Kungani isidalwa somoya esinamandla sasebenzisa inyoka ngendlela umuntu angase asebenzise ngayo unodoli kube sengathi uyakhuluma?’

IBhayibheli lithi uSathane ‘unamaqhinga’ futhi lokho okwenzeka e-Edene kuyalifakazela leli phuzu. (Efesu 6:11) Okwenzeka e-Edene akuyona nje inganekwane yesilwane esikhulumayo; kuyisibonelo esishaqisayo seqhinga elihlakaniphile elaliklanyelwe ukudedisela abantu kude noNkulunkulu. Kanjani?

USathane wasikhetha ngokuhlakanipha isisulu sakhe. U-Eva wayemncane kunayo yonke indalo ehlakaniphile emhlabeni nasezulwini. USathane wanquma ukumphamba nokumyenga ngokusizakala ngokungawazi kwakhe umhlaba. Ngokucasha ngemva kwenyoka, isilwane esiqaphile, uSathane wafihla izisusa zakhe zokuhaha. (Genesise 3:1) Cabanga nangalokho akwazi ukukufeza ngokwenza kubonakale sengathi inyoka iyakwazi ukukhuluma.

Okokuqala, uSathane wakwazi ukwenza u-Eva ukuba amnake nokuthi ingqondo yakhe igxile kuye. U-Eva wayazi ukuthi izinyoka azikhulumi; cishe ngemva kokuba umyeni wakhe ezitadishisise zonke izilwane, waziqamba amagama, kuhlanganise nayo inyoka. (Genesise 2:19) Akungabazeki ukuthi naye u-Eva wayesitadishisisile lesi silwane esiqaphile. Ngakho, icebo likaSathane lavusa ilukuluku kuye; lenza ukuba anake kakhulu ukuphela kwento eyayenqatshelwe kuyo yonke insimu. Okwesibili, uma inyoka yayicashe emagatsheni esihlahla esenqatshelwe, cishe u-Eva wayengaphetha ngokuthini? Wayengenakucabanga yini ukuthi mhlawumbe lesi silwane esingakwazi ukukhuluma sasidle umuthi nokuthi yingakho manje sase sikwazi ukukhuluma? Uma isithelo sasenze isimanga esingako enyokeni, sasingenzani kuye uma esidla? Ngeke sazi ngempela ukuthi u-Eva wayecabangani noma ukuthi inyoka yasidla yini leso sithelo, kodwa esikwaziyo ukuthi lapho inyoka itshela u-Eva ukuthi isithelo sasizomenza ‘abe njengoNkulunkulu,’ wawakholwa lawo manga.

Amagama uSathane akhetha ukuwasebenzisa embula okuningi. Watshala ukungabaza engqondweni ka-Eva, ethi uNkulunkulu umgodlela okuthile okuhle futhi umncisha injabulo ngokungenasidingo. Ukuphumelela kwecebo likaSathane kwakuxhomeke ekutheni u-Eva angase anqotshwe ukuhaha futhi angabi nothando oluqine ngokwanele ngoNkulunkulu owayemnike konke ayenakho. (Genesise 3:4, 5) Ngokudabukisayo, itulo likaSathane lasebenza; u-Eva no-Adamu babengazange bahlakulele ezinhliziyweni zabo uhlobo lothando nokwazisa ngoJehova okwakufanele babe nalo. Nanamuhla, uSathane usasikhuthaza lesi simo sengqondo sokuzicabangela nokungayihloniphi imithetho kaNkulunkulu.

Nokho, yayiyini inhloso kaSathane? Wayefunani? E-Edene, wazama ukufihla ukuthi ungubani nokuthi iyini inhloso yakhe. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wazembula. Lapho elinga uJesu, wayazi ukuthi ukuzifihla ngeke kusebenze. Ngakho, wamcela ngokuqondile uJesu: ‘Ziwise phansi wenze isenzo sokukhuleka kimi.’ (Mathewu 4:9) Kusobala ukuthi sekuyisikhathi eside uSathane efuna ukukhulekelwa. Unomona ngokuthi nguJehova uNkulunkulu okhulekelwayo. Angenza noma yini ukuze ayekise abantu ukukhulekela uNkulunkulu. Ufuna abantu bangabi qotho kuNkulunkulu.

Ngakho-ke, iBhayibheli lembula ukuthi uSathane ungusomaqhinga oyingozi. Okujabulisayo ukuthi singakwazi ukugwema ukukhohliswa njengo-Eva “ngoba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.”—2 Korinte 2:11.