Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

YINI eyasiza owesifazane owayesebenza eshibhini nowayenenhlamba, edakwa futhi edla izidakamizwa ukuba ashintshe indlela yakhe yokuphila? Yini eyenza usombusazwe owayengayithandi inkolo ukuba agcine esekhonza uNkulunkulu? Indoda yaseRussia eyayifundisa amaphoyisa izindlela zokulwa kwadingeka inqobe ziphi izinselele ukuze ibe omunye woFakazi BakaJehova? Zizwele njengoba belandisa.

“Mina Nomama Sesizwana Kakhulu.”—UNATALIE HAM

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1965

IZWE AZALELWA KULO: I-AUSTRALIA

UMLANDO: NGANGIDLA IZIDAKAMIZWA

UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela eRobe, eNingizimu Australia, edolobheni elincane eliziphilisa ngokudoba. Ezindaweni ezifana nalezi, abantu bahlangana futhi bazijabulise ehhotela lendawo. Abazali bachitha isikhathi esiningi kulelo hhotela, ngakho izingane zabo zikhula phakathi kwabantu abaphuza ngokweqile, abathuka inhlamba nababhemayo.

Ngaqala ukubhema ngineminyaka engu-12. Ngangithuka inhlamba futhi ngixabana njalo nomama. Lapho ngineminyaka engu-15, abazali bami bahlukana, futhi ngemva kwezinyanga ezingu-18, ngahamba ekhaya. Ngangiphuza ngokweqile, ngidla izidakamizwa futhi ngiziphatha kabi. Nganginolaka futhi ngikhungathekile. Kodwa ngenxa yokuthi ngangifundele i-karate iminyaka emihlanu futhi ngafundiswa izindlela zokuthi umuntu wesifazane angazivikela kanjani, ngangicabanga ukuthi akekho umuntu ongangithinta. Noma kunjalo, ngezikhathi ezithile lapho ngihlezi ngedwa ngicabanga, ngangifikelwa ukudangala futhi ngithandaze kuNkulunkulu ngimcele ukuba angisize. Kodwa ngangimcela ukuba angalokothi athi ngiye esontweni.

Ngolunye usuku, umngane wami okholelwa kuNkulunkulu kodwa ongasonti wanginika iBhayibheli. Naye wayedla izidakamizwa njengabanye nje abangane bethu. Kodwa wayesitshela ukuthi ukholelwa ngobuqotho kuNkulunkulu futhi wathi kufanele ngibhapathizwe. Wangiyisa echibini lendawo wangibhapathiza. Kusukela ngaleso sikhathi, ngaba nomuzwa wokuthi nginobuhlobo obukhethekile noNkulunkulu. Kodwa ngangingasitholi isikhathi sokufunda iBhayibheli.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngo-1988, ngavakashelwa oFakazi ababili. Omunye wabo wangibuza, “Uyalazi yini igama likaNkulunkulu?” Wabe esefunda iHubo 83:18 eBhayibhelini lakhe. Lowo mBhalo uthi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Langimangaza leli vesi! Ngemva kokuba behambile, ngangena emotweni ngashayela amakhilomitha angu-56 ngaya esitolo esithengisa izincwadi zobuKristu ukuze ngihlole ezinye izinguqulo zeBhayibheli futhi ngicinge leli gama kusichazamazwi. Ngemva kokuzikholisa ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, ngazibuza ukuthi kazi yini enye engingayazi.

Umama wayeke wangitshela ukuthi oFakazi BakaJehova bangabantu abaxakayo. Kulokho okuncane engangikwazi ngabo, ngangicabanga ukuthi banamathela ngokweqile emithethweni futhi ababazi ubumnandi. Enye inhliziyo yangitshela ukuthi ngishaye sengathi angikho uma befika. Kodwa ngabuye ngashintsha umqondo. Lapho befika ngabangenisa futhi asipholisanga maseko saqala ukutadisha iBhayibheli.

Njalo ngemva kwesifundo sethu, ngangixoxela uCraig, isoka lami, izinto engangizifundile. Kusho ukuthi wayesecikeka ngoba ngelinye ilanga wavele wangiphuca incwadi waqala ukuzifundela yona. Engakapheli namasonto amathathu, wafika esiphethweni sokuthi wayethole iqiniso ngoNkulunkulu. Ekugcineni, mina noCraig sakwazi ukuyeka izidakamizwa notshwala futhi ngayeka umsebenzi wami waseshibhini. Ukuze senze ukuphila kwethu kuvumelane nemithetho yeBhayibheli, sanquma ukushada.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngesikhathi siqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, kwase kusele kancane mina noCraig sihlukane. Kodwa manje ungumyeni engimthandayo futhi sinezingane ezimbili ezinhle. Sibusiswe nangabangane abayigugu esikhonza nabo uNkulunkulu.

Ekuqaleni, umama wathukuthela lapho ethola ukuthi sengizihlanganisa noFakazi BakaJehova kodwa wayenziwa ukuthi wayengabazi kahle. Manje mina nomama sesizwana kakhulu. Angisenayo leya nkinga yokuhlala ngidangale. Kunalokho, senginenjongo ekuphileni futhi ngiyakwazi ukwanelisa isidingo sokuba nobuhlobo noNkulunkulu.—Mathewu 5:3.

“Ngafunda Izinto Eziningi Ezimangazayo EBhayibhelini.”—U-ISAKALA PAENIU

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1939

IZWE AZALELWA KULO: ITUVALU

UMLANDO: WAYENGUSOMBUSAZWE

UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eNukulaelae, isiqhingi esihle esisePacific, manje esiyingxenye yeTuvalu. Abantu babelawulwa abefundisi ababethola iziqu zobufundisi ekolishi laseSamoa. Abantu kwakufanele bondle labo befundisi nsuku zonke, kuhlanganise nemindeni yabo, babalungiselele indawo yokuhlala, empeleni, baqiniseke ukuthi bathola okungcono kakhulu. Nakuba izakhamuzi zaziswela ukudla kokondla imindeni yazo, kodwa zaziphoqelekile ukondla abefundisi.

Umfundisi wasesiqhingini sethu wayenguthishanhloko esikoleni sendawo, efundisa ezenkolo, izibalo nezokuma kwezwe. Ngiyakhumbula ukuthi wayeke ashaye izingane zize zophe. Kodwa akekho owayeke alokothe akhuze, ngisho nabazali imbala. Umfundisi wayesatshwa kuhle kukaNkulunkulu.

Ngesikhathi ngineminyaka eyishumi, ngahamba ngayofunda esikoleni sikahulumeni okwakuwukuphela kwaso esasikhona endaweni, kodwa sasikwesinye isiqhingi. Lapho ngiqeda, ngasebenza kwahulumeni. Ngaleso sikhathi, iziqhingi zazingaphansi kweBrithani futhi zazibizwa ngokuthi iGilbert ne-Ellice. Ngasebenza eminyangweni ehlukahlukene, kamuva ngaba umhleli wephepha lezindaba zezwe elaliphuma kanye ngesonto. Zonke izinto zazihamba kahle. Konakala nje lapho nginyathelisa incwadi eyayivela esakhamuzini esasigxeka ukusaphazwa kwemali ngesikhathi kulungiselelwa ukufika kweNkosana yaseWales. Owayebhale incwadi akalifakanga igama lakhe langempela futhi isikhulu sami safuna ngenkani ukuba ngikhiphe igama lalowo muntu. Ngenqaba futhi leyo ngxabano yaziwa kabanzi.

Ngemva kwaleso sigameko, ngashiya kwahulumeni ngangena kwezombusazwe. Nganqoba okhethweni lwaseNukulaelae futhi ngaba uNgqongqoshe Wezohwebo Nemikhiqizo Embiwa Phansi. Kamuva, lapho abantu baseziqhingini zaseKiribati (eyayibizwa ngokuthi iGilbert) naseTuvalu (eyayibizwa ngokuthi i-Ellice) besemkhankasweni wokuthola uzimele geqe, umbusi wangethembisa isikhundla sokuba ungqongqoshe emnyangweni wezokulawulwa kweTuvalu. Kodwa ngangingafuni kubonakale sengathi ngidlelana neBrithani. Ngakho, ngawubonga lowo msebenzi futhi ngazitabalasela ngingedwa ukuthola isikhundla esiphezulu ephalamende. Ngangenela ukhetho kodwa ngehluleka. Ngemva kwalokho, ngabuyela ekhaya nomkami nganquma ukuziphilela ukuphila okuvamile.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Usuku lwangeSonto eziqhingini luyiSabatha futhi wonke umuntu wayelugcina, ngaphandle kwami. Ngalolo suku, ngangithatha isikebhe ngiyoshaywa umoya olwandle futhi ngidobe. Ngangingafuni ukwaziwa njengomuntu osontayo. Ubaba wangitshela ukuthi izenzo zami ziyamphoxa, kuhlanganise nabanye abantu. Kodwa ngangingafuni nhlobo ukulawulwa yisonto.

Ngolunye usuku ngiye eFunafuti—lapho inhloko-dolobha yeTuvalu ikhona—umfowethu omncane wangicela ukuba ngihambe naye siye emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Ngemva komhlangano, uFakazi oyisithunywa sevangeli wanginika inqwaba yomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! wathi ngibafunde. Wanginikeza nencwadi edalula izimfundiso ezinomsuka wobuqaba ezifundiswa amasonto amaningi athi angawobuKristu. Ngayifunda izikhathi eziningana leyo ncwadi. Ngafunda izinto eziningi ezimangazayo eBhayibhelini, kuhlanganise nokuthi amaKristu awabophekile ukugcina iSabatha masonto onke. * Ngaxoxela umkami ngalokhu futhi ngokushesha wayeka ukuya esontweni.

Kodwa mina ngangisalokhu ngingafune lutho oluzongihlanganisa nenkolo. Cishe kwadlula iminyaka emibili ngingathathi sinyathelo, kodwa ngangisazikhumbula izinto engangizifundile. Ekugcineni, ngabhalela lesiya sithunywa sevangeli saseFunafuti incwadi ngasitshela ukuthi ngase ngikulungele ukwenza ushintsho. Asichithanga sikhathi, sangena esikebheni seza sazongifundisa ngeBhayibheli. Ubaba wathukuthela wangqangqa lapho ezwa ukuthi ngifuna ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Kodwa ngamtshela ukuthi oFakazi bangifundise okuningi ngeBhayibheli nokuthi ngangingeke ngisabuyela emuva.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngo-1986, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova futhi umkami wabhapathizwa ngemva konyaka ngibhapathiziwe. Amadodakazi ethu amabili nawo afunda iBhayibheli, anquma ukuba oFakazi BakaJehova.

Manje ngijabulela ukuba senkolweni engenaso isigaba sabefundisi nesigaba sabantu abavamile, njengoba kwakunjalo phakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala. (Mathewu 23:8-12) OFakazi basilingisa ngokuthobeka isibonelo sikaJesu futhi bashumayeza abanye ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:17) Ngimbonga kakhulu uJehova uNkulunkulu ngokungivumela ukuba ngifunde iqiniso ngaye nangabantu bakhe!

“OFakazi Babengangiphoqi Ukuba Ngikholwe Lokho abakushoyo.”—U-ALEXANDER SOSKOV

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1971

IZWE AZALELWA KULO: IRUSSIA

UMLANDO: WAYEFUNDISA AMAPHOYISA IZINDLELA ZOKULWA

UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eMoscow, ngaleso sikhathi eyayiyinhloko-dolobha yeSoviet Union. Ekhaya sasihlala efulethini elikhulu futhi omakhelwane bethu abaningi babesebenza embonini efanayo. Ngikhumbula bekhala ngokuthi ngiyingane egangayo, futhi bathi ngizosheshe ngife noma ngizoboshwa. Empeleni, lapho ngineminyaka eyishumi, ngase ngisemabhukwini amaphoyisa ngoba ngabanjwa ngiganga.

Lapho ngihlanganisa iminyaka engu-18, ngabuthelwa empini futhi ngasebenza njengomqaphi emngceleni. Ngemva kweminyaka emibili ngabuyela ekhaya, ngasebenza embonini, kodwa lowo msebenzi wawuyisicefe. Ngakho, ngajoyina umbutho wamaphoyisa aseMoscow olwa nodlame futhi ngafundisa amanye amaphoyisa izindlela zokulwa nezigebengu. Ngasiza ekufakeni izigilamkhuba ejele eMoscow, futhi ngangivame ukuthunyelwa ezindaweni ezinothuthuva kulo lonke izwe. Ngangihlala ngifuthelene ngaphakathi. Ngakho, lapho ngibuyele ekhaya ngezinye izikhathi ngangingalali nomkami ekamelweni elilodwa ngoba ngesaba ukuthi ngingase ngimlimaze ebusuku.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngathola ukuthi ukuphila kwami kobudlova kwakungqubuzana nemithetho yeBhayibheli. Ngabona nokuthi kumelwe ngiyeke ukubhema futhi ngilawule indlela engiphuza ngayo. Kodwa ngazikhohlisa ngokuthi anginakuwuyeka umsebenzi wami ngoba ngangingenawo amanye amakhono ayengangisiza ukuba ngondle umndeni wami. Ngacabanga nokuthi ngangingeke neze ngikwazi ukushumayela njengoba kwenza oFakazi.

Kamuva ngabona ukuthi iBhayibheli liqinisile. UHezekeli 18:21, 22 wangiqinisa idolo. Lo mBhalo uthi: “Ngokuqondene nomubi, uma kwenzeka ebuya kuzo zonke izono zakhe azenzile . . . , zonke izeqo zakhe azenzile—ngeke zikhunjulwe ngokumelene naye.”

Ngangithanda nokuthi oFakazi babengangiphoqi ukuba ngikholwe lokho abakushoyo, kodwa babengisiza ukuba ngicabange ngalokho engangikufunda. Ngathatha omagazini babo abangu-40 noma ngaphezulu, ngabafunda phakathi namasonto amathathu. Lokho engakufunda kwangikholisa ukuthi ngangithole inkolo yeqiniso.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ngaphambi kokutadisha iBhayibheli, mina nomkami sase sizodivosa. Manje umshado wethu uyajabulisa. Mina nomkami saqala ukutadisha iBhayibheli ndawonye futhi sanquma ukukhonza uJehova. Manje umndeni wami usujabula kakhudlwana. Ngakwazi nokuthola umsebenzi ongangqubuzani nemithetho yeBhayibheli.

Ngesikhathi ngiqala ukushumayela endlini ngendlu, ngangethuka kakhulu—kwakubuya leya mizwa engangiba nayo ngaphambi kokulwa nezixuku ezazisusa uthuthuva. Manje sengiyakwazi ukuzibamba, ngisho noma umuntu engichukuluza. Njengoba isikhathi sihamba, ngiye ngafunda nokuba nesineke nabantu. Ngiyazisola ngokuthi ngadlala ngobusha bami, kodwa manje ukuphila kwami sekunenjongo. Ngiyakujabulela ukusebenzisa amandla ami ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu nasekusizeni abanye.

[Umbhalo waphansi]

^ Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Ingabe Kufanele Ugcine Isabatha Lamasonto Onke?” esanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 2010, amakhasi 11-15.