Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“O Nkulunkulu Wami, Ngikhumbule Kube Kuhle Kimi”

“O Nkulunkulu Wami, Ngikhumbule Kube Kuhle Kimi”

Sondela KuNkulunkulu

“O Nkulunkulu Wami, Ngikhumbule Kube Kuhle Kimi”

OWESIFAZANE ongumKristu othembekile owayehlushwa ukuzenyeza wathi: “Ngangicabanga ukuthi njengoba uJehova engazi kahle kangaka akunakwenzeka ukuthi uyangithanda futhi uyangamukela.” Ingabe wake wahlaselwa imizwa efanayo, wacabanga ukuthi awubalulekile kuNkulunkulu, ingasaphathwa eyokukwamukela? Uma kunjalo, amazwi akuNehemiya 13:31 angase akukhuthaze.

UNehemiya, umbusi wamaJuda wangekhulu lesihlanu B.C.E., wenza konke okusemandleni ukuze ajabulise uNkulunkulu. Wahola ekwakheni kabusha izindonga zaseJerusalema naphezu kokuphikiswa isitha. Wagxilisa uMthetho kaNkulunkulu kubantu, wanakekela abacindezelwe futhi wazikhandla ekuqiniseni ukholo lwama-Israyeli akubo. Ingabe uNkulunkulu waziphawula izinto ezinhle le ndoda ethembekile eyayizenzile? Ingabe uJehova wayemamukela uNehemiya? Izimpendulo singazithola emazwini okuphetha encwadi yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe.

UNehemiya wathandaza: “O Nkulunkulu wami, ngikhumbule kube kuhle kimi.” * Ingabe uNehemiya wayesaba ukuthi uNkulunkulu akayiboni imisebenzi yakhe emihle noma ukuthi uzomkhohlwa? Cha. UNehemiya wayazi ukuthi ababhali beBhayibheli bangaphambili babeshilo ukuthi uJehova ubakhathalela ngobuqotho abakhulekeli bakhe abathembekile futhi uyayazisa imisebenzini yabo emihle. (Eksodusi 32:32, 33; IHubo 56:8) Yini-ke ayecela ukuba uNkulunkulu ayenze? Enye incwadi ithi igama lesiHebheru elihunyushwe lapha ngokuthi “khumbula” lisho “ukuthanda othile nokubonisa ngezenzo ukuthi uyamkhumbula.” Enokholo oluqinile emandleni omthandazo, uNehemiya wacela uNkulunkulu ukuba ambonise uthando ngokumkhumbula nangokumbusisa.—Nehemiya 2:4.

Ingabe uJehova wawuphendula umthandazo kaNehemiya wokuba amkhumbule? Ngezinga elithile, usewuphendulile kakade. Iqiniso lokuthi uJehova wabona kufaneleka ukuba umthandazo kaNehemiya ubhalwe phansi futhi ube yingxenye yemiBhalo ephefumulelwe, lisiqinisekisa ukuthi uyamkhumbula futhi uyamthanda. Kodwa “uMuzwi womthandazo” uzokwenza okwengeziwe ukuze aphendule isicelo sakhe esisuka enhliziyweni.—IHubo 65:2.

UNkulunkulu usazomvuza uNehemiya ngakho konke okuhle akwenza egameni lokukhulekela kweqiniso. (Hebheru 11:6) Ezweni elisha lokulunga elizayo uJehova alithembisile, uzombusisa ngokumvusa kwabafileyo. * (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) Enethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi, uNehemiya uyobona ukuthi ngempela uJehova uye wamkhumbula ngokuhle akwenza.

Umthandazo kaNehemiya ufakazela ukuthi ayiqiniso la mazwi eNkosi uDavide: “Wena, Jehova, uyobusisa noma ngubani olungile; uyobaphahla ngokwamukeleka, njengokungathi ngesihlangu esikhulu.” (IHubo 5:12) Yebo, uNkulunkulu uyayiqaphela futhi uyayazisa imizamo yethu eqotho yokumjabulisa. Uma nje wenza konke okusemandleni akho ukuze umkhonze, ungaqiniseka ngokuthi uyokukhumbula ngothando futhi uyokubusisa ngokucebile.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-February:

Nehemiya 1-13

[Imibhalo yaphansi]

^ La mazwi angawokugcina kwamane kule ncwadi yeBhayibheli lapho uNehemiya ethandaza khona kuNkulunkulu ukuba amkhumbule ngokuhle akwenzile nokuba amvuze ngezenzo zakhe zokwethembeka.—Nehemiya 5:19; 13:14, 22, 31.

^ Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngabantu abathembekile emhlabeni, bheka isahluko 3 no-7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.