Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Usululungele Usuku Olubaluleke Kunazo Zonke Onyakeni?

Ingabe Usululungele Usuku Olubaluleke Kunazo Zonke Onyakeni?

Ingabe Usululungele Usuku Olubaluleke Kunazo Zonke Onyakeni?

NGAPHAMBI nje kokuba afe, uJesu wamisa indlela ekhethekile yokukhumbula ukufa kwakhe. Lesi senzakalo sokumkhumbula sibizwa ngokuthi “isidlo seNkosi sakusihlwa.” (1 Korinte 11:20) Ebonisa ukubaluleka kwalo mkhosi, uJesu wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Ingabe uyafisa ukulalela uJesu? Uma kunjalo, uyobheka isikhumbuzo sokufa kwakhe njengosuku olubaluleke kunazo zonke onyakeni.

Kufanele sigujwe nini lesi senzakalo? Ungaqiniseka kanjani ukuthi ukulungele ngokugcwele ukuqonda ukubaluleka kwalesi senzakalo esibalulekile? UmKristu ngamunye kufanele azibuzisise le mibuzo.

Kumelwe Lukhunjulwe Kangaki?

Ngokuvamile, sivame ukugubha izenzakalo ezibalulekile minyaka yonke. Ngokwesibonelo, nakuba izenzakalo ezibuhlungu zango-September 11, 2001 zihlale zisezingqondweni zabantu baseNew York City abalahlekelwa abantu ababathandayo lapho kuhlaselwa iWorld Trade Center, minyaka yonke lapho lolo suku lufika bayalukhumbula.

Nangezikhathi zeBhayibheli, izenzakalo ezibalulekile zazikhunjulwa minyaka yonke. (Esteri 9:21, 27) UJehova wayala ama-Israyeli ukuba asigubhe minyaka yonke isenzakalo sokukhululwa kwawo ngokuyisimangaliso eGibhithe. IBhayibheli libiza lowo mkhosi ngokuthi iPhasika, futhi ama-Israyeli ayewugubha kanye ngonyaka ngosuku akhululwa ngalo.—Eksodusi 12:24-27.

Ngemva kokuba uJesu egubhe iPhasika nabaphostoli bakhe, wamisa isidlo esikhethekile okwakufanele sigujwe ngemva kokufa kwakhe. (Luka 22:7-20) IPhasika laligujwa minyaka yonke. Ngakho, singaphetha ngokuthi usuku lomkhosi owathatha isikhundla sePhasika kufanele lugujwe kanye ngonyaka. Kodwa ngaluphi usuku?

Kumelwe Lukhunjulwe Nini?

Ukuze siphendule lo mbuzo, kudingeka siqonde izinto ezimbili. Okokuqala, ezikhathini zeBhayibheli usuku olusha lwaluqala kusihlwa lapho kushona ilanga, luphele ngakusasa lapho kushona ilanga. Ngakho-ke, usuku lwaluqala kusihlwa luphele ngakusasa kusihlwa.—Levitikusi 23:32.

Okwesibili, iBhayibheli alisebenzisi ikhalenda elisetshenziswa namuhla. EBhayibhelini, amagama ezinyanga awabizwa njengoba siwabiza namuhla. Ngokwesibonelo, esikhundleni sika-March no-April, iBhayibheli libiza lezo zinyanga ngokuthi u-Adar noNisani. (Esteri 3:7) AmaJuda ayebala izinyanga zawo kusukela ekuthwaseni kwenyanga kuya kokunye ukuthwasa kwenyanga. Ayegubha iPhasika ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala ekhalendeni yawo, uNisani. (Levitikusi 23:5; Numeri 28:16) Lolo suku, uNisani 14, usuku amaRoma abethela ngalo iNkosi yethu uJesu Kristu. Uma sibala sisuka ePhasikeni lokuqala siya ekufeni kwayo, sithola iminyaka engu-1 545. Yeka ukuthi uNisani 14 uwusuku olukhetheke kangakanani!

Yiluphi usuku oluqondana noNisani 14 ekhalendeni yethu yanamuhla? Uma sibala kahle, singakwazi ukuthola usuku olunembile. UNisani 1 uqala lapho inyanga esuke iseduze kakhulu nelanga enkabazwe entwasahlobo (ukuqala kwentwasahlobo eNyakatho Nenkabazwe) iqala ukubonakala ekushoneni kwelanga eJerusalema. Uma sibala izinsuku ezingu-14 kusukela lapho, sifika kuNisani 14. Lolu suku luvame ukuqondana nosuku lapho inyanga isuke igcwele. Ngokokubala kweBhayibheli, uNisani 14 kulo nyaka uqala ngemva kokushona kwelanga ngeSonto, ngo-April 17, 2011. *

Ngakho, kulo nyaka oFakazi BakaJehova balungiselela ukuhlangana nabo bonke abafisa ukukhumbula ukufa kukaJesu. Bakumema ngemfudumalo ukuba ube khona. Ungathintana noFakazi BakaJehova bangakini ukuze uthole isikhathi nendawo yalesi senzakalo. Lo mkhosi ngeke bawugubhe ekuseni noma emini kodwa kusihlwa ngemva kokushona kwelanga. Kungani benza kanjalo? Kungenxa yokuthi iBhayibheli lithi lo mkhosi kumelwe ube “isidlo sakusihlwa.” (1 Korinte 11:25) Ngo-April 17, 2011, ngeSonto, sizobe sigubha isenzakalo esikhethekile esamiswa uJesu eminyakeni engu-1 978 edlule. Kuzoba futhi ukuqala kosuku olufanayo, uNisani 14, uJesu afa ngalo. Yeka ukuthi kuwusuku oluhle kanjani lokukhumbula ukufa kwakhe!

Indlela Yokululungiselela

Yini ongayenza manje ukuze ulungiselele lesi senzakalo esiba kanye ngonyaka? Enye indlela iwukuzindla ngalokho uJesu asenzele kona. Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? * iye yasiza izigidi ukuba zikwazise nakakhulu ukufa kukaJesu.—Mathewu 20:28.

Enye indlela yokulungisa izinhliziyo zethu ngalesi senzakalo esikhethekile iwukufunda ngezenzakalo ezaholela ekufeni kukaJesu. Emakhasini alandelayo kukhona ishadi. Uhla olusesandleni sokudla lunemiBhalo yeBhayibheli echaza izinto ezenzeka ngaphambi kokufa kukaJesu. Kulo leli shadi kunezahluko zencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila * ezichaza lezo zenzakalo.

Uhla olusesandleni sokunxele luqondanise izinsuku zalezo zenzakalo nezinsuku zalo nyaka. Sikukhuthaza ukuba uzinike isikhathi sokufunda izindima ezithile eBhayibhelini futhi ufunde ngezinto ezenzeka ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa? Lokhu kuyokusiza ukuba uzilungiselele usuku olubaluleke kunazo zonke onyakeni.

[Imibhalo yaphansi]

^ Lolu suku lungase lungaqondani nolwePhasika eligcinwa amaJuda anamuhla. Kungani kunjalo? AmaJuda amaningi namuhla agubha iPhasika ngoNisani 15, ekholelwa ukuthi umyalo oku-Eksodusi 12:6 usho lolo suku. (Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1990, ikhasi 14.) UJesu wagubha umkhosi ngoNisani 14 elandela lokho okwakushiwo uMthetho KaMose. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungaluthola kanjani lolu suku, bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-June 15, 1977, amakhasi 383-384.

^ Inyatheliswa oFakazi BakaJehova. Bheka amakhasi 47-56, 206-208. Ungakwazi ukuthola le ncwadi kule ngosi ye-Internet: www.watchtower.org.

^ Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

Khumbula ukufa kukaJesu ngeSonto, Ngo-April 17, 2011

[Ishadi/Izithombe emakhasini 23, 24]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

ISONTO LOKUGCINA

2011 ULwesibili, April 12 ISabatha Mathewu

2012 ․․․․․ Marku

2013 ․․․․․ Luka

Johane 11:55–12:1

gt 101, izig. 2-4 *

UNISANI 9 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

Ngezikhathi zeBhayibheli, Udla noSimoni □ Mathewu 26:6-13

usuku olusha lwaluqala onochoko

kusihlwa ngemva UMariya □ Marku 14:3-9

kokushona kwelanga, ugcoba uJesu ngamafutha enadi

luphele ngosuku AmaJuda Luka

olulandelayo avakashela □ Johane 12:2-11

uJesu noLazaru □ gt 101, izig. 5-9

2011 ULwesithathu, April 13 ▪ Ungena □ Mathewu 21:1-11, 14-17

2012 ․․․․․ eJerusalema enqoba

2013 ․․․․․ Ufundisa ethempelini □ Marku 11:1-11

Luka 19:29-44

Johane 12:12-19

gt 102

UNISANI 10 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

Uchitha ubusuku

eBhethaniya

2011 ULwesine, April 14 ▪ Ulibangisa □ Mathewu 21:12, 13

2012 ․․․․․ eJerusalema 18, 19

2013 ․․․․․ ▪ Uhlanza ithempeli □ Marku 11:12-19

▪ UJehova □ Luka 19:45-48

ukhuluma esezulwini □ Johane 12:20-50

gt 103, 104

UNISANI 11 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

2011 ULwesihlanu, April 15 ▪ Ufundisa □ Mathewu 21:19–25:46

2012 ․․․․․ ethempelini esebenzisa

2013 ․․․․․ imifanekiso

▪ Ulahla □ Marku 11:20–13:37

abaFarisi

▪ Uqaphela □ Luka 20:1–21:38

umnikelo womfelokazi

▪ Ubikezela Johane

ukuwa kweJerusalema

▪ Usho isibonakaliso □ gt 105 kuya ku-112, izig. 1

sokuba khona kwakhe esikhathini esizayo

UNISANI 12 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

2011 UMgqibelo, April 16 ▪ Uchitha □ Mathewu 26:1-5,14-16

2012 ․․․․․ usuku nabafundi ngokuthula

2013 ․․․․․ eBhethaniya

▪ UJuda uhlela □ Marku 14:1, 2,10,11

ukumkhaphela

Luka 22:1-6

Johane

gt 112, izig. 2-4

UNISANI 13 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

2011 ISonto, April 17 ▪ UPetru noJohane □ Mathewu 26:17-19

2012 ․․․․․ balungiselela

2013 ․․․․․ iPhasika

▪ UJesu nabanye □ Marku 14:12-16

abaphostoli □ Luka 22:7-13

bayalandela Johane

ntambama, □ gt 112, izig. 5 kuya ku-113,

isig. 1

UNISANI 14 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

▪ Ugubha □ Mathewu 26:20-35

iPhasika

▪ Ugeza izinyawo □ Marku 14:17-31

zabaphostoli

▪ Uxosha uJuda □ Luka 22:14-38

▪ Umisa iSikhumbuzo □ Johane 13:1–17:26

sokufa kwakhe □ gt 113, isig. 2 kuya

ekupheleni kwekhasi 116

Phakathi kwamabili ▪ Uyakhashelwa □ Mathewu 26:36-75

2011 UMsombuluko, April 18 bese eboshwa ensimini

2012 ․․․․․ yaseGetsemane

2013 ․․․․․ ▪ Abaphostoli bayabaleka □ Marku 14:32-72

▪ Abapristi neSanhedrini □ Luka 22:39-62

bamqulisa icala

▪ UPetru uphika □ Johane 18:1-27

uJesu □ gt 117 kuya

ekupheleni kwekhasi 120

▪ Uphinde avele □ Mathewu 27:1-61

phambi kweSanhedrini

▪ Uya kuPilatu, □ Marku 15:1-47

kuHerode, aphinde

aye kuPilatu

▪ Uthola isigwebo □ Luka 22:63–23:56

sokufa futhi uyabethelwa

▪Uyafa cishe □ Johane 18:28–19:42

ngehora lesithathu

ntambama

▪ Isidumbu sakhe siyasuswa □ gt 121 kuya ku-127, isig. 7

siyongcwatshwa

UNISANI 15 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

▪ ISabatha

2011 ULwesibili, April 19 ▪ UPilatu uvuma □ Mathewu 27:62-66

2012 ․․․․․ ukuba kube nabaqaphi Marku

2013 ․․․․․ ethuneni likaJesu Luka

Johane

gt 127, izig. 8-9

UNISANI 16 (uqala ngemva kokushona kwelanga)

Marku 16:1

2011 ULwesithathu, April 20 ▪ Uvuswa kwabafileyo □ Mathewu 28:1-15

2012 ․․․․․ ▪ Ubonakala □ Marku 16:2-8

2013 ․․․․․ □ Luka 24:1-49

Johane 20:1-25

gt 127, isig. 10

Kuya-ku 129, isig. 10

[Umbhalo waphansi]

^ Izinombolo ezilapha zibhekisela ezahlukweni zencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila (gt). Ukuze ubone ishadi elinezikhombo zeBhayibheli eziningiliziwe zenkonzo kaJesu njengoba ayesezokufa, bheka ikhasi 290 lencwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” enyatheliswa oFakazi BakaJehova.