Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuwufanele Umzamo!

Kuwufanele Umzamo!

Kuwufanele Umzamo!

UKUKHULEKELA KOMKHAYA nesifundo seBhayibheli kubalulekile uma ufuna izingane zakho zikhule “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Nokho, uma ungumzali uyazi ukuthi izingane zingaphelelwa isithakazelo kalula. Ungakwazi kanjani ukubamba isithakazelo sazo? Cabangela lokho okuye kwenziwa abanye abazali.

UGeorge waseCalifornia, e-U.S.A. uthi: “Lapho izingane zethu zisencane, mina nomkami sasizama ukugcina isifundo seBhayibheli somkhaya sithakazelisa. Ngezinye izikhathi sonke sasigqoka njengabantu baseBhayibhelini bese silingisa indaba esiyifundayo kwethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Saze senza ngisho nemifanekiso yezinto ababezisebenzisa—izinkemba, izintonga, obhasikidi nezinye izinto. Sasibuye sidlale imidlalo esekelwe eBhayibhelini enjengokuthi ‘qagela ukuthi ngingubani’ futhi senza nebhodi lomdlalo elinemibuzo yeBhayibheli, enzima nelula. Okunye esasikwenza imisebenzi enjengokwakha umfuziselo womkhumbi kaNowa noma sibhale ishadi elibonisa izikhathi zezenzakalo zeBhayibheli. Ngezinye izikhathi sasidweba abalingiswa noma izindaba ezithile eziseBhayibhelini. Manje, sihlela ukwenza umdwebo wezembatho zomoya ezichazwe kweyabase-Efesu 6:11-17, bese ngamunye wethu echaza ukuthi isembatho ngasinye simelelani. Lezi zindlela zisenzé sasijabulela isifundo sethu somkhaya.”

UDebi, umama waseMichigan, e-U.S.A., uthi: “Mina nomyeni wami sasinenkinga yokubamba isithakazelo sendodakazi yethu lapho ineminyaka emithathu. Ngelinye ilanga ngifunda ngokuzwakalayo indaba ka-Isaka noRebheka kwethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngathatha onodoli ababili ngabenza abalingiswa abaphendulanayo. Kulokhu yalalelisisa yonke into! Ezinyangeni ezalandela, lab’ onodoli badlala izindima zabalingiswa abaningi baseBhayibhelini. Uma siqeda ukufunda indaba ngayinye, indodakazi yethu yayiguduza indlu yonke ifuna amathoyizi noma ezinye izinto esingazisebenzisa lapho silingisa leyo ndaba. Kuyo kwakuba sengathi idlala umdlalo wokufuna into eyigugu efihliwe! Sathatha ibhokisi lezicathulo elalinomchilo obomvu salenza indlu kaRahabi enentambo ebomvu. Sathatha inyoka eyithoyizi eyimitha nengxenye ubude sayithandela endukwini yomshanelo yayisiyifanekisela kahle inyoka yethusi esencwadini kaNumeri 21:4-9. Safaka lezi zinto esikhwameni esikhulu sikaseyili. Kwakusijabulisa ukubona indodakazi yethu ihleli egumbini lokuphumula futhi ikhipha izinto ‘esikhwameni sayo sezindaba zeBhayibheli.’ Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuyibona ilingisa izindaba ngendlela yayo yobuntwana!”

Ukukhulisa izingane akulula futhi kudinga wenze okungaphezu nje kokuba nezikhathi zokuzifundisa masonto onke ukuze ugxilise kuzo isifiso sokukhonza uJehova. Kodwa ukukhulekela komkhaya nesifundo seBhayibheli kungaba isisekelo semfundo engokomoya eyengeziwe. Ngokungangabazeki, kuwufanele umzamo!