Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungalokothi Ubalahle Abafowenu Abangokomoya

Ungalokothi Ubalahle Abafowenu Abangokomoya

Ungalokothi Ubalahle Abafowenu Abangokomoya

“KWAPHELA iminyaka eyishumi singene shí emafutheni ebhizinisi, sidla izambane likapondo. Nakuba sakhulela eqinisweni, sase siduke kakhulu futhi singenawo amandla okubuyela enhlanganweni,” kulandisa uJarosław nomkakhe uBeata. a

Omunye umzalwane, uMarek, uyakhumbula: “Ngenxa yezinguquko ezingokwenhlalo nezombusazwe ePoland, ngangiphelelwa umsebenzi njalo. Ngakhungatheka. Ngangikwesaba ukuvula eyami inkampani ngoba ngangingenalo ulwazi lwezebhizinisi. Ekugcineni, ngalingeka ukuliqala, ngicabanga ukuthi lokhu kwakuyongisiza ukuba ngiwondle kangcono umkhaya wami futhi ngingaphazamiseki ngokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, ngabona ukuthi ngangishaye phansi kwashunqa uthuli.”

Kulesi sikhathi lapho izindleko zokuphila zilokhu zikhule njalo futhi ukuswelakala kwemisebenzi kwanda khona, abanye abantu baphelelwa ithemba futhi ngenxa yalokho benze izinqumo ezingahlakaniphile. Abazalwane abaningana baye banquma ukuvuma ukusebenza isikhathi esengeziwe, ukuba nomsebenzi ongaphezu kowodwa, noma ukuziqalela amabhizinisi abo ngisho noma bengenalo ulwazi lwezebhizinisi. Bacabanga ukuthi ukuthola imali eyengeziwe kuyosiza umkhaya futhi kungabalimazi ngokomoya. Kodwa, izimo ezingalindelekile nokuntengantenga komnotho kungaphazamisa ngisho nezinhlelo eziqalwe ngezisusa ezinhle. Ngenxa yalokho, abanye baye bawela ogibeni lokuhaha futhi badela izinto ezingokomoya ukuze bazuze ezibonakalayo.—UmSh. 9:11, 12.

Abanye abafowethu nodadewethu sebengene shí ekuphishekeleni izinto zezwe kangangokuthi abasenaso isikhathi sesifundo somuntu siqu, sokuya emihlanganweni noma senkonzo. Kuyacaca ukuthi ukudebeselela lezi zinto kuyabalimaza ngokomoya futhi kulimaza nobuhlobo babo noJehova. Bangase badele nobunye futhi ubuhlobo obubalulekile—isibopho abanaso nalabo ‘abahlobene nabo okholweni.’ (Gal. 6:10) Abanye bahlehla kancane kancane ebuzalwaneni bobuKristu. Cabanga ngokungathí sina ngalesi sici.

Isibopho Esinaso Kubafowethu Abangokomoya

Njengoba singabafowabo nodadewabo bomunye nomunye, sinezikhathi eziningi zokubonisana uthando. (Roma 13:8) Cishe ebandleni lenu uye wababona ‘abahluphekile abakhalela usizo.’ (Jobe 29:12) Abanye kungenzeka bantula okokuziphilisa okuyisisekelo. Lokhu kusinikeza ithuba lokwenza lokho esikukhunjuzwa umphostoli uJohane. “Noma ubani onezinto zaleli zwe zokusekela ukuphila futhi abone umfowabo eswele nokho amvalele umnyango wobubele bakhe besisa, uthando lukaNkulunkulu luhlala ngayiphi indlela kuye?”—1 Joh. 3:17.

Kungenzeka ukuthi uye wakwenza lokhu ngokusiza abanye ngomusa. Nokho, ukuba nesithakazelo kubafowethu akugcini ngokubasiza ngezinto ezibonakalayo. Abanye bangase bakhalele usizo ngoba benesizungu noma bedangele. Kungenzeka ukuthi bazizwa bengelutho, abanye kubo bagula kakhulu noma bashonelwe othandekayo. Enye indlela esingabakhuthaza ngayo iwukubalalela nokuxoxa nabo, ngaleyo ndlela sibonisa ukuthi sizwelana nabo ezidingweni zabo ezingokomzwelo nezingokomoya. (1 Thes. 5:14) Lokhu kuvame ukuqinisa isibopho sothando esinaso ngabafowethu.

Abelusi abangokomoya ikakhulu bangakwazi kangcono ukulalela ngozwela, ukubonisa ukuqonda nokunikeza iseluleko esingokomBhalo ngothando. (IzE. 20:28) Ngaleyo ndlela ababonisi balingisa umphostoli uPawulu ‘owayenothando lomzwelo’ ngabafowabo nodadewabo abangokomoya.—1 Thes. 2:7, 8.

Nokho, uma umKristu eduka emhlambini, kwenzekani ngesibopho anaso kubafowabo abangokomoya? Ngisho nababonisi bangawela esilingweni sokuphishekela izinto ezibonakalayo. Yini umKristu okufanele ayenze uma ewele kuleso silingo?

Ukusindwa Izinkathazo Zokuphila

Njengoba kuphawuliwe, ukuzikhandla ukuze sondle imikhaya yethu kuvame ukuletha izinkathazo futhi kungafiphaza umbono wethu ngezinto ezingokomoya. (Math. 13:22) UMarek, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyachaza: “Lapho ibhizinisi lami liwa, nganquma ukuyofuna umsebenzi oholela kahle kwelinye izwe. Ngaqale ngahamba izinyanga ezintathu kuphela, kwabe sekuba ezinye ezintathu, nezinye njalonjalo, ngilokhu ngibuya ekhaya isikhashana. Lokho kwamlimaza ngokomzwelo umkami ongakholwa.”

Akuwona umkhaya kuphela owalimala. UMarek uyaqhubeka: “Ngaphandle kokusebenza amahora amaningi endaweni eshisa bhe, ngangisebenza nabantu abanenhlamba ababelwela ukuxhaphaza abanye. Babeziphatha njengamaqembu ezigebengu aziwayo. Ngazizwa ngicindezelekile futhi nginjengesiyoyoyo. Njengoba ngangingasenaso ngisho nesikhathi sokuzinakekela, ngaqala ukungabaza ukuthi ngisengakwazi yini ukukhonza abanye.”

Imiphumela edabukisayo yesinqumo sikaMarek kufanele isishukumisele ukuba sime, sicabange. Ngisho noma kubonakala sengathi ukuthuthela kwelinye izwe kungaxazulula izinkinga zezimali, ngeke yini kudale ezinye izinkinga? Ngokwesibonelo, yini ezokwenzeka enhlalakahleni engokomoya nengokomzwelo yomkhaya wakho? Ingabe lokho kuthutha kuyonqamula izibopho zethu nebandla? Ngeke yini kusiphuce ilungelo lokukhonza amanye amaKristu?—1 Thim. 3:2-5.

Nokho, kungenzeka uyaqaphela ukuthi akudingeki ukuba umuntu aze asebenze kwelinye izwe ukuze acwile emsebenzini wokuziphilisa. Cabanga ngoJarosław noBeata. Uthi: “Saqala ibhizinisi sinezisusa ezinhle. Njengoba sasisanda kushada, savula ibhizinisi elincane lokudayisa ama-hot dog (izinkwana ezifakwe amasosishi) endaweni ekahle. Ukungena kwemali eningi kwasishukumisela ukuba sandise ibhizinisi lethu. Isikhathi sethu saba sincane, ngakho saphutha emihlanganweni yobuKristu. Ngemva kwesikhashana, ngayeka ukuba yiphayona nokukhonza njengenceku ekhonzayo. Sijatshuliswe imali esasiyigaya, savula isitolo esikhulu futhi sahlanganyela ibhizinisi nomuntu ongakholwa. Kungakabiphi, ngase ngiya kwamanye amazwe ngiyosayina amakontileka ayebiza izigidi zama-dollar. Kwakuqabukela ngiba sekhaya, futhi isibopho sami nomkami nendodakazi yethu saxega. Ekugcineni ibhizinisi elichumayo lasenza salala ngokomoya. Njengoba sase sihlukene nebandla, sasingasabacabangi abafowethu.”

Singafundani kulokhu? Isifiso sokuzenzela “ipharadesi” lakhe elincane singaba ugibe kumKristu, simenze aphole—alahlekelwe ngisho ‘nayizingubo zakhe zangaphandle,’ uphawu lwakhe lobuKristu. (IsAm. 16:15) Lokho kungasihlukanisa nabafowethu esasingase sikwazi ukubasiza.

Zihlole Ngobuqotho

Singase sithambekele kulokhu kucabanga, ‘Lokho ngeke kwenzeke kimi.’ Nokho, siyobe senze kahle uma sonke singacabangisisa ngokuthi kungakanani ngempela esikudingayo ekuphileni. UPawulu wabhala: “Asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thim. 6:7, 8) Kuyavunywa ukuthi izinga lokuphila lihlukile ezweni ngalinye. Lokho ezweni elithuthukile okungase kubhekwe njengokuphila kokuciciyela kungabhekwa njengokuphila kokunethezeka kwamanye amazwe amaningi.

Kungakhathaliseki ukuthi linjani izinga lokuphila lapho sihlala khona, cabanga ngamazwi kaPawulu alandelayo: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni.” (1 Thim. 6:9) Isicupho asibonakali esisulwini. Siklanyelwe ukubamba isisulu singalindele. Singakugwema kanjani ukubanjwa ‘izifiso ezilimazayo’?

Ukwazi ukuhlela izinto eziza kuqala kungasishukumisela ukuba sithole isikhathi esengeziwe sezinto ezingokomoya, kuhlanganise nesesifundo somuntu siqu. Lokho kutadisha ngosizo lomthandazo kungasiza umKristu ukuba “afaneleke ngokugcwele, [akuhlomele] ngokuphelele” ukusiza abanye.—2 Thim. 2:15; 3:17.

Kwathatha iminyaka embalwa abadala abanothando bezama ukwakha nokukhuthaza uJarosław. Washukumiseleka ukuba enze izinguquko ezinkulu. Uthi: “Kwenye ingxoxo eyangishukumisa ngokujulile, abadala bacaphuna isibonelo esingokomBhalo sensizwa ecebile eyayifuna ukuphila okuphakade kodwa eyayingazimisele ukuhlukana nezinto zayo ezibonakalayo. Bangibonisa ngendlela engacunuli ukuthi lokhu kwaziswa kwakungasebenza kanjani kimi. Lokhu kwangivula amehlo ngempela!”—IzAga 11:28; Marku 10:17-22.

UJarosław wahlaziya isimo sakhe ngobuqotho futhi wanquma ukuphuma ebhizinisini elikhulu. Ingakapheli iminyaka emibili, yena nomkhaya wakhe babuye basimama ngokomoya. Manje usekhonza abafowabo njengomdala. UJarosław uthi: “Lapho abazalwane benaka ibhizinisi kakhulu baze badebeselele ingokomoya labo, ngisebenzisa isibonelo sami ukuze ngibabonise indlela okuwubuwula ngayo ukuboshelwa ejokeni nabangakholwa. Akulula ukumelana nesilingo sokuceba nokubalekela imikhuba yokungathembeki.”—2 Kor. 6:14.

UMarek naye wafunda kabuhlungu. Nakuba umsebenzi wakhe wakwelinye izwe wawuholela kahle futhi wawusiza umkhaya wakhe ngokwezimali, ubuhlobo bakhe noNkulunkulu nabafowabo balimala. Ngokuhamba kwesikhathi, waphinde wazihlaziya izinto eziza kuqala. “Njengoba iminyaka ihamba, isimo sami safana nesikaBharuki wasendulo ‘owaqhubeka ezifunela izinto ezinkulu.’ Ekugcineni, ngathululela isifuba sami kuJehova, ngamtshela izinto ezazingikhathaza, futhi manje ngizizwa ngivuselelekile ngokomoya.” (Jer. 45:1-5) Manje uMarek uselwela ukufinyelela “umsebenzi omuhle” wokuba umbonisi ebandleni.—1 Thim. 3:1.

UMarek unikeza lesi sixwayiso kulabo abangase bacabange ukuya kwamanye amazwe beyofuna umsebenzi oholela kahle: “Lapho ukwelinye izwe, kulula kakhulu ukuwela ezingibeni zaleli zwe elibi. Ukungalwazi kahle ulimi lwendawo kukwenza ungakwazi ukuxhumana nabanye. Ungase ubuyele ekhaya unemali, kodwa uzobe futhi unamanxeba ngokomoya angathatha isikhathi eside ukuphola.”

Ukuhlale silinganisela phakathi komsebenzi wokuziphilisa nesibopho esinaso kubafowethu kuyosisiza ukuba sijabulise uJehova. Singaba isibonelo esiphilayo esingase sishukumisele abanye ukuba benze isinqumo esihlakaniphile. Labo abasindwayo badinga ukusekelwa, uzwela nesibonelo esihle sabafowabo nodadewabo. Abadala bebandla nabanye abavuthiwe bangasiza abakholwa nabo ukuba bahlale belinganisela futhi bagweme ukucwila ezinkathazweni zalokhu kuphila.—Heb. 13:7.

Yebo, kwangathi singelokothe silahle abafowethu nodadewethu ngokucwila emisebenzini yethu yokuziphilisa. (Fil. 1:10) Kunalokho, ‘masicebe kuNkulunkulu’ njengoba sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwethu.—Luka 12:21.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Izithombe ekhasini 21]

Ingabe umsebenzi wakho wokuziphilisa ukwenza ungayi emihlanganweni?

[Izithombe ekhasini 23]

Ingabe uyawazisa amathuba okusiza abafowenu nodadewenu abangokomoya?