Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhonza UJehova Ngombono Ongathí Sina

Ukukhonza UJehova Ngombono Ongathí Sina

Ukukhonza UJehova Ngombono Ongathí Sina

“Noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, . . . qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—FIL. 4:8.

1, 2. Yini eye yabangela abaningi kuleli zwe ukuba bathathe ukuphila kalula, okuholela kumiphi imibuzo?

SIPHILA ezweni elibhekene nezinye zezikhathi ezinzima nezinezinhlekelele kakhulu emlandweni wesintu. Kubantu abangenaso isisekelo esihle esingokomoya, kungacishe kube nzima impela ukuphila kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thim. 3:1-5) Bancika emandleni abo kuphela usuku ngalunye kanti kwawona alinganiselwe. Bezama ukungacabangisisi ngokujulile ngokuphila, abaningi baphendukela ezinhlotsheni eziningi zokuzijabulisa ezikhiqizwa njalo umkhakha wezokuzijabulisa.

2 Ukuze babhekane nezingcindezi zokuphila, abantu bavame ukwenza ukuzijabulisa kuze kuqala ekuphileni kwabo. Uma enganakile, amaKristu angase abanjwe kalula yile ndlela yokuphila. Singakugwema kanjani lokho? Ingabe kudingeka singazijabulisi nhlobo? Silinganisela kanjani phakathi kwenjabulo nemithwalo yethu yemfanelo? Iziphi izimiso ezingokomBhalo okufanele zisiqondise ukuze singeqisi endleleni esizibheka ngayo, nakuba sinombono ongathí sina ngokuphila?

Ukuba Nombono Ongathí Sina Ezweni Elithanda Injabulo

3, 4. ImiBhalo isisiza kanjani ukuba sinake isidingo sokuba nombono ongathí sina ngezinto?

3 Kusobala ukuthi leli zwe ligcizelela kakhulu ‘ukuthanda injabulo.’ (2 Thim. 3:4) Ukugcizelela kwalo ukuzijabulisa kungasongela ingokomoya lethu. (IzAga 21:17) Kungesizathu esihle-ke ukuthi izincwadi umphostoli uPawulu azibhalela uThimothewu noThithu zihlanganisa neseluleko sokuba nombono ongathí sina ngezinto. Ukusebenzisa leso seluleko kuyosisiza ukuba simelane nombono wezwe wokuthatha ukuphila kalula.—Funda eyoku-1 Thimothewu 2:1, 2; Thithu 2:2-8.

4 Emakhulwini eminyaka ngaphambili, uSolomoni wabhala ngokubaluleka kokudela injabulo ngezinye izikhathi ukuze sicabangisise ngokuphila. (UmSh. 3:4; 7:2-4) Ngempela, ngenxa yokuthi ukuphila kufushane, kudingeka ‘sizikhandle ngamandla’ ukuze sithole insindiso. (Luka 13:24) Ukuze siphumelele, kudingeka siqhubeke sicabangisisa ngazo zonke izinto “ezibaluleke ngempela.” (Fil. 4:8, 9) Lokhu kusho ukunakisisa zonke izici zokuphila kobuKristu.

5. Isiphi isici ekuphileni okufanele sisithathe ngokungathí sina?

5 Ngokwesibonelo, elingisa uJehova noJesu, amaKristu awuthatha ngokungathí sina umthwalo wawo wemfanelo wokusebenza ngokuzikhandla. (Joh. 5:17) Ngenxa yalokho, avame ukunconywa ngokuzikhandla nangokwethembeka kwawo emsebenzini. Ikakhulu izinhloko zemikhaya zikhathazeka ngokusebenza kanzima ukuze zondle imikhaya yazo. Kakade, ukungabondli abomkhaya wakho kufana nokuthi ‘usumphikile’ uJehova!—1 Thim. 5:8.

Ukuba Abajabule Nakuba Sikuthatha Ngokungathí Sina Ukukhulekela Kwethu

6. Sazi kanjani ukuthi kufanele sikuthathe ngokungathí sina ukukhulekela uJehova?

6 UJehova akakaze akuthathe kalula ukukhulekela kweqiniso. Ngokwesibonelo, eMthethweni KaMose, ama-Israyeli ayebhekana nemiphumela eqatha lapho echezuka ekukhulekeleni kwawo uJehova. (Josh. 23:12, 13) Ekhulwini lokuqala C.E., abalandeli bakaKristu kwakudingeka balwe kanzima ukuze bagcine ukukhulekela kweqiniso kungangcolisiwe izimfundiso nezimo zengqondo ezonakele. (2 Joh. 7-11; IsAm. 2:14-16) Namuhla, amaKristu eqiniso ayaqhubeka ekuthatha ngokungathí sina ukukhulekela kwawo.—1 Thim. 6:20.

7. UPawulu wayilungiselela kanjani inkonzo yakhe?

7 Inkonzo yethu yasensimini iwumthombo wenjabulo. Noma kunjalo, ukuze silondoloze injabulo yethu enkonzweni, kudingeka sicabange ngayo ngokujulile futhi siyilungiselele kusengaphambili. UPawulu wachaza indlela ayecabanga ngayo ngabantu ayebafundisa. Wabhala: “Ngiye ngaba yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo, ukuze ngazo zonke izindlela ngisindise abathile. Kodwa ngenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ngibe umhlanganyeli wazo nabanye.” (1 Kor. 9:22, 23) UPawulu wayethola injabulo lapho esiza abantu ngokomoya, futhi wayecabangisisa ngendlela ayeyohlangabezana ngayo nezidingo ezikhethekile zezilaleli zakhe. Ngakho, wayekwazi ukuzikhuthaza futhi azifake ugqozi lokukhulekela uJehova.

8. (a) Kufanele sibe nasiphi isimo sengqondo ngabantu esibafundisayo enkonzweni? (b) Ukuqhuba isifundo seBhayibheli kungayenza kanjani inkonzo yethu ijabulise?

8 UPawulu wayeyibheka njengebaluleke kangakanani inkonzo yakhe? Wayezimisele ukuba “isigqila” sikaJehova nesalabo ababeyolalela isigijimi seqiniso. (Roma 12:11; 1 Kor. 9:19) Lapho sifundisa abantu iZwi likaNkulunkulu—kungaba sesifundweni seBhayibheli sasekhaya, emhlanganweni wobuKristu noma ngesikhathi sokuKhulekela Komkhaya—siyawuqaphela yini umthwalo wemfanelo esinawo kulabo esibafundisayo? Mhlawumbe sinomuzwa wokuthi ukuqhuba isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke kuwumthwalo osindayo kithi. Kuyavunywa ukuthi ngokuvamile kudingeka sithathe isikhathi ezintweni zethu siqu sisisebenzisele ukusiza abanye. Kodwa ukwenza lokhu kuvumelana nalokho okwashiwo uJesu lapho ethi “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Ukufundisa abanye indlela yokuthola insindiso kuyosilethela injabulo esingeke siyithole kunoma imuphi omunye umsebenzi.

9, 10. (a) Ingabe ukuthatha izinto ngokungathí sina kusho ukuthi ngeke sisaphumula futhi sizijabulise nabanye? Chaza. (b) Yini eyosiza umdala ukuba abe okhuthazayo nongenekayo?

9 Ukuthatha izinto ngokungathí sina akusho ukuthi ngeke sisaphumula futhi sizijabulise nabanye. UJesu wasibekela isibonelo esiphelele ngokungaziniki isikhathi sokufundisa kuphela kodwa nesokuphumula futhi akhe ubuhlobo obuhle nabanye abantu. (Luka 5:27-29; Joh. 12:1, 2) Ukuthatha izinto ngokungathí sina akusho futhi ukuthi kufanele sihlale siswacile. Ukube uJesu wayehlale eswacile, ngokuqinisekile abantu babengeke badonsekele kuye. Phela ngisho nezingane zazikhululeka ukuya kuye. (Marku 10:13-16) Singakulingisa kanjani ukulinganisela kukaJesu?

10 Ekhuluma ngomdala othile, omunye umzalwane wathi, “Uzibekela indinganiso ephakeme kodwa akalokothi alindele ukuphelela kwabanye.” Kungashiwo yini okufanayo ngawe? Akukhona okungalungile ukulindela izinto ezithile kwabanye ezinengqondo. Ngokwesibonelo, izingane ziyajabula lapho abazali bezibekela imigomo enengqondo futhi bezisiza ukuba ziyifinyelele. Ngokufanayo, abadala bangase bakhuthaze abathile ebandleni ukuba bathuthuke ngokomoya futhi babanike ukusikisela okuqondile kwendlela abangakwenza ngayo lokhu. Ngaphezu kwalokho, lapho umdala enombono olinganiselayo ngaye ngokwakhe, uyongeneka futhi abe oqabulayo. (Roma 12:3) Udade othile wathi: “Angimthandi umdala owenza yonke into ihlaya. Kodwa futhi uma ethatha izinto ngokungathí sina njalo, akabe esangeneka.” Omunye wathi unomuzwa wokuthi abanye abadala “bayesabeka kakhulu ngoba bethatha izinto ngokungathí sina ngokweqile.” Akumelwe nanini abadala banciphise injabulo bonke abakholwa nabo okufanele babe nayo ngokukhulekela kwabo uJehova, “uNkulunkulu ojabulayo.”—1 Thim. 1:11.

Ukufeza Imithwalo Yethu Yemfanelo Ebandleni

11. Kusho ukuthini ‘ukuzama ukufinyelela’ amalungelo ebandleni?

11 Lapho uPawulu ekhuthaza amadoda ebandleni ukuba alwele ukufanelekela imithwalo yemfanelo eyengeziwe, wayengahlosile ukuwakhuthaza ukuba anelise isifiso sokuvelela. Kunalokho, wabhala: “Uma umuntu ezama ukufinyelela ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle.” (1 Thim. 3:1, 4) ‘Ukuzama ukufinyelela’ lowo msebenzi kudinga ukuba amadoda angamaKristu ahlakulele isifiso esinamandla sokusebenza kanzima ukuze abe nezimfanelo ezingokomoya ezidingekayo ekukhonzeni abafowabo. Uma umzalwane okungenani esenonyaka ebhapathiziwe futhi ngezinga elithile ehlangabezana nezimfanelo ezingokomBhalo zezinceku ezikhonzayo ezikweyoku-1 Thimothewu 3:8-13, angase atuswe. Phawula ukuthi ivesi 8 lisho ngokuqondile: “Izinceku ezikhonzayo ngokufanayo kufanele zingathathi izinto kalula.”

12, 13. Chaza izindlela abazalwane abasebasha abangafinyelela ngazo imithwalo yemfanelo.

12 Ingabe ungumzalwane obhapathiziwe osecela eminyakeni engamashumi amabili ubudala othatha izinto ngokungathí sina? Kunezindlela eziningana ongazama ngazo ukufinyelela amalungelo. Enye iwukuthuthukisa ingxenye yakho enkonzweni yasensimini. Ingabe uwuhlobo lomuntu okujabulelayo ukusebenza nabazalwane bobudala obuhlukene enkonzweni yasensimini? Ingabe uyazama ukuthola umuntu ongamfundela iBhayibheli? Uma usebenzisa ukusikisela okunikezwa emihlanganweni yobuKristu lapho uqhuba isifundo seBhayibheli, ikhono lakho lokufundisa liyothuthuka. Ngaphezu kwalokho, uyofunda ukuba nozwela ngalo muntu ofunda izindlela zikaJehova. Njengoba umuntu omfundelayo eqala ukubona isidingo sokwenza izinguquko, uzofunda ukumsiza ngesineke nangokungacunuli ukuba asebenzise izimiso zeBhayibheli.

13 Nina bazalwane abasebasha ningazenza nitholakale kwasebekhulile ebandleni ngokucela ukubasiza ngezindlela eziningi. Ningabonisa ukuthi ninesithakazelo nasendleleni iHholo LoMbuso elibukeka ngayo, ngokusiza ekuligcineni lihlanzekile futhi licocekile. Lapho nizimisela ukusiza nganoma iyiphi indlela, lowo moya wenu ufakazela ukuthi niyithatha ngokungathí sina inkonzo yenu. NjengoThimothewu, ningafunda ukuzikhathalela ngobuqotho izidingo zebandla.—Funda eyabaseFilipi 2:19-22.

14. Abazalwane abasebasha ‘bangavivinywa kanjani ukuthi bayakufanelekela’ ukukhonza ebandleni?

14 Badala, phaphamelani ukusebenzisa abazalwane abasebasha abazama ‘ukubalekela izifiso zobusha’ futhi abaphishekela “ukulunga, ukholo, uthando, ukuthula,” kanye nezinye izimfanelo ezinhle. (2 Thim. 2:22) Ngokubanika imisebenzi ethile ebandleni, ‘bangavivinywa ukuthi bayakufanelekela yini’ ukuthwala imithwalo yemfanelo ukuze “intuthuko [yabo] ibonakale kubo bonke abantu.”—1 Thim. 3:10; 4:15.

Ukuthatha Izinto Ngokungathí Sina Ebandleni Nasekhaya

15. Ngokweyoku-1 Thimothewu 5:1, 2, singabonisa kanjani ukuthi asibathathi kalula abanye?

15 Ukuthatha izinto ngokungathí sina kuhlanganisa nokubanika isithunzi abafowethu nodadewethu. Eselulekweni asibhalela uThimothewu, uPawulu wakhuluma ngesidingo sokuhlonipha abanye. (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:1, 2.) Lokhu kubalulekile ikakhulu lapho sisebenzelana nabobulili obuhlukile. Ukuhlonipha kukaJobe abesifazane, ikakhulu umkakhe, kuyisibonelo sokulingiswa. Wenza umzamo oqotho wokugwema ukubuka omunye wesifazane ngokumkhanuka. (Jobe 31:1) Ukungabathathi kalula abafowethu nodadewethu kuyosenza singadlali nabo ngothando noma senze noma yini engenza umzalwane noma udade azizwe engakhululekile uma enathi. Ukuhlonipha abanye kubalulekile, ikakhulukazi lapho abantu ababili bethandana futhi becabangela ukushada. UmKristu othatha izinto ngokungathí sina akalokothi adlale ngemizwa yomuntu wobulili obuhlukile.—IzAga 12:22.

16. Veza umahluko embonweni abanye ezweni abanawo ngendima yomyeni nekababa nendlela iBhayibheli eliyichaza ngayo.

16 Kudingeka nokuba siqikelele ukuba sihlale sizibheka ngokungathí sina izindima zethu esizinikwe uNkulunkulu emkhayeni. Izwe likaSathane lihlekisa ngendima yomyeni nekababa. Ezokuzijabulisa ziyakujabulela ukwehlisa isithunzi senhloko yomkhaya ziyenze ibe into yokwedelelwa nokuhlekwa usulu. Nokho, imiBhalo inikeza indoda umthwalo wemfanelo omkhulu wokuba “inhloko yomkayo.”—Efe. 5:23; 1 Kor. 11:3.

17. Chaza ukuthi indlela esihlanganyela ngayo ekukhulekeleni komkhaya ingabonisa kanjani ukuthi siyithatha ngokungathí sina imithwalo yethu yemfanelo.

17 Umyeni angase ondle umkhaya wakhe ngezinto ezibonakalayo. Kodwa uma engawunikezi isiqondiso esingokomoya uyobe untula ukuqonda nokuhlakanipha. (Dut. 6:6, 7) Ngakho, eyoku-1 Thimothewu 3:4 ithi uma uyinhloko yomkhaya futhi uzama ukufinyelela amalungelo athé xaxa ebandleni, kumelwe ube yindoda “eyengamela umkhaya wayo ngendlela enhle, enabantwana abazithoba ngobuqotho ngokuphelele.” Kule ndaba, zibuze, ‘Ngiyazinika yini njalo isikhathi sokukhulekela komkhaya wami?’ Amanye amakhosikazi angamaKristu kuye kudingeke abancenge abayeni bawo ukuze bahole ngokomoya. Indoda ngayinye kufanele ihlolisise umbono wayo ngalo mthwalo wemfanelo. Yiqiniso, inkosikazi engumKristu kufanele isekele ilungiselelo lokuKhulekela Komkhaya futhi ibambisane nomyeni wayo ukuze libe impumelelo.

18. Izingane zingafunda kanjani ukuthatha izinto ngokungathí sina?

18 Izingane zikhuthazwa ukuba nazo zithathe izinto ngokungathí sina. (UmSh. 12:1) Ngeke kuzilimaze izingane ukufunda ukusebenza kanzima, zenze imisebenzi yasekhaya ehambisana neminyaka namakhono azo. (IsiL. 3:27) Lapho iNkosi uDavide isencane, yafunda ukuba umalusi omuhle. Yafunda nokuba umculi nomqambi wezingoma—amakhono aholela ekubeni ikhonze phambi kombusi wakwa-Israyeli. (1 Sam. 16:11, 12, 18-21) Akungabazeki ukuthi njengebhobhodleyana, uDavide wayekwazi ukudlala, kodwa wafunda namakhono abalulekile awasebenzisa kamuva ekudumiseni uJehova. Amakhono akhe njengomalusi amsiza ukuba ahole isizwe sakwa-Israyeli ngesineke. Nina basha, mangaki amakhono awusizo eniwafundayo—amakhono ayonisiza ukuba nikhonze uMdali wenu futhi anilungiselele imithwalo yemfanelo yesikhathi esizayo?

Ukuhlale Unombono Olinganiselayo

19, 20. Isiphi isimo sengqondo esilinganiselayo ozimisele ukusilondoloza ngawe nangokukhulekela kwakho?

19 Sonke singalwela ukuhlale sinombono olinganiselayo ngathi—singeqisi endleleni esizibheka ngayo. Asifuni ukuba ‘abalunge ngokwedlulele.’ (UmSh. 7:16) Ukuba umuntu wamahlaya ngokusesilinganisweni kungasiza lapho isimo sishubile kungakhathaliseki ukuthi kusekhaya, emsebenzini noma lapho sisebenzelana nabafowethu nodadewethu abangokomoya. Amalungu omkhaya kudingeka agweme ukugxekana ngokweqile ukuze angaqedi umoya wokuthula olindeleke ekhaya. Ebandleni, sonke singafunda ukuba nesikhathi sokuhleka nokujabula ndawonye, sigcine izingxoxo zethu nendlela yethu yokufundisa yakha futhi izuzisa.—2 Kor. 13:10; Efe. 4:29.

20 Siphila ezweni elingamthathi ngokungathí sina uJehova nemithetho yakhe. Ngokuhlukile, abantu bakaJehova bakukhathalela kakhulu ukumlalela nokuba qotho kuye. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuba ingxenye yenhlangano enkulu kangaka yabantu abakhulekela uJehova “ngobuqotho ngokuphelele”! Kwangathi singazimisela ukulondoloza umbono ongathí sina ngokuphila nangokukhulekela kwethu.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani kufanele silwe nombono wezwe wokuthatha ukuphila kalula?

• Singaba kanjani abajabule nakuba sithatha inkonzo yethu ngokungathí sina?

• Indlela esibheka ngayo imithwalo yemfanelo ibonisa kanjani ukuthi siyithatha ngokungathí sina noma cha?

• Chaza ukuthi kungani ukuhlonipha abafowethu namalungu omkhaya kuyindaba engathí sina.

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 12]

Indoda kumelwe yondle umkhaya wayo ngokwenyama nangokomoya