Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yenza Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu

Yenza Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu

Yenza Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu

“Okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IZAGA 14:15.

1, 2. (a) Yini okufanele siyikhathalele ngokuyinhloko kuzo zonke izinqumo esizenzayo? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

CISHE senza eziningi usuku nosuku. Ezinye zinomphumela ongatheni wesikhathi esifushane. Nokho, ezinye zingakuthinta ngokuphawulekayo ukuphila kwethu. Izini? Izinqumo. Kuzo zonke izinqumo esizenzayo, ezinkulu noma ezincane, esikukhathalela ngokuyinhloko ukudumisa uNkulunkulu.—Funda eyoku-1 Korinte 10:31.

2 Ingabe ukuthola kulula ukwenza izinqumo, noma ingabe kuyinselele kuwe? Ukuze sithuthukele ekuvuthweni kobuKristu, kumelwe sifunde ukuhlukanisa okulungile kokungalungile bese senza izinqumo ezivumelana nezinkolelo zethu, hhayi zomunye umuntu. (Roma 12:1, 2; Heb. 5:14) Iziphi ezinye zezizathu ezibalulekile ezenza kudingeke sifunde ukwenza izinqumo ezinhle? Kungani ngezinye izikhathi kunzima kangaka ukuzenza? Iziphi izinyathelo esingazithatha ukuqinisekisa ukuthi izinqumo esizenzayo zidumisa uNkulunkulu?

Empeleni Kungani Senza Izinqumo?

3. Yini okungafanele siyivumele isiphazamise lapho senza izinqumo?

3 Uma simanqikanqika ezindabeni ezihilela izindinganiso zeBhayibheli, esifunda nabo noma esisebenza nabo bangase baphethe ngokuthi asiqiniseki ngempela ngezinkolelo zethu ngenxa yalokho bakholelwe ukuthi sithonyeka kalula. Bangase baqambe amanga, bakhohlise, noma bantshontshe bese bezama ukusenza ‘silandele isixuku’ ngokuhlanganyela kulokho abakwenzayo noma bafune ukuba okungenani sibasize bafihle abakwenzile. (Eks. 23:2) Nokho, umuntu okwaziyo ukwenza izinqumo ezidumisa uNkulunkulu ngeke avumele ukwesaba noma isifiso sokwamukeleka simenze aziphathe ngendlela engqubuzana nonembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli.—Roma 13:5.

4. Kungani abanye bengase bafune ukusenzela izinqumo?

4 Akubona bonke abafuna ukusenzela izinqumo abahlose ukusilimaza. Abangane abanezinhloso ezinhle bangaphikelela ekutheni sisebenzise izeluleko zabo. Uma singasahlali ekhaya, cishe izihlobo zethu zisayikhathalela ngokujulile inhlalakahle yethu futhi zingase zizizwe zibophekile ukuqhubeka zihileleka ezinqumweni ezibalulekile okumelwe sizenze. Ngokwesibonelo, cabanga ngendaba yezokwelapha. IBhayibheli likulahla ngokucacile ukusebenzisa kabi igazi. (IzE. 15:28, 29) Nokho, ezinye izindaba eziphathelene nokunakekela impilo azibekiwe ngokucacile futhi zidinga ukuba ngamunye wethu azenzele isinqumo ngokwelashwa azokwamukela nazokwenqaba. * Abantu esibathandayo bangase babe nemibono eqinile ezindabeni ezinjengalezi. Nokho, lapho enza izinqumo ezindabeni ezinjalo, umKristu ngamunye ozinikezele nobhapathiziwe kudingeka azithwalele “owakhe umthwalo” wemfanelo. (Gal. 6:4, 5) Into esiyikhathalela ngokuyinhloko iwukuhlale sinonembeza omuhle kuNkulunkulu, hhayi kubantu.—1 Thim. 1:5.

5. Singakugwema kanjani ukuphahlazekelwa umkhumbi wokholo lwethu?

5 Ukuba manqikanqika kungasifaka engozini enkulu. Umfundi uJakobe wabhala ukuthi umuntu omanqikanqika ‘akagxilile ezindleleni zakhe zonke.’ (Jak. 1:8) Uyoyiswa ngapha nangapha imicabango yabantu eshintshashintshayo njengomuntu osesikebheni esingenalo iphini lokusiqondisa olwandle olunesivunguvungu. Yeka ukuthi kungaba lula kanjani ngomuntu onjalo ukuba aphahlazekelwe umkhumbi wokholo lwakhe bese esola abanye ngesimo sakhe esidabukisayo! (1 Thim. 1:19) Singakugwema kanjani lokho? Kumelwe ‘sisimamiswe okholweni.’ (Funda eyabaseKolose 2:6, 7.) Ukuze sisimame, kudingeka sifunde ukwenza izinqumo ezibonisa ukuthi sinokholo eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (2 Thim. 3:14-17) Nokho, yini engathiya ikhono lethu lokwenza izinqumo ezinhle?

Yini Engenza Kube Nzima Ukwenza Izinqumo?

6. Ukwesaba kungasithinta kanjani?

6 Ukwesaba kungase kusithiye—ukwesaba ukuthi sizokwenza isinqumo esingalungile, ukwesaba ukwehluleka, noma ukwesaba ukubonakala siyiziwula kwabanye. Lokho kukhathazeka kuyaqondakala. Akekho ofuna ukwenza isinqumo esibi, esingase simfake enkingeni ngisho nasehlazweni. Noma kunjalo, uthando ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe lungasisiza sinciphise ukwesaba. Kanjani? Ukuthanda uNkulunkulu kuyosishukumisela ukuba ngaso sonke isikhathi sihlole iZwi lakhe nezincwadi ezisekelwe kulo ngaphambi kokwenza izinqumo ezibalulekile. Ngaleyo ndlela, ayoba mbalwa amaphutha esiwenzayo. Ngani? Ngoba iBhayibheli ‘linganika ongenalo ulwazi ukukhalipha, nensizwa ulwazi nekhono lokucabanga.’—IzAga 1:4.

7. Singasifundisani isibonelo seNkosi uDavide?

7 Ingabe siyohlale senza izinqumo ezinhle? Cha. Sonke siyawenza amaphutha. (Roma 3:23) Ngokwesibonelo, iNkosi uDavide yayiyindoda ehlakaniphile nethembekile. Nokho, ngezinye izikhathi yenza izinqumo ezimbi ezabangela yona nabanye ukuhlupheka. (2 Sam. 12:9-12) Noma kunjalo, uDavide akazange avumele amaphutha akhe aqede ikhono lakhe lokwenza izinqumo ezazamukeleka kuNkulunkulu. (1 AmaKh. 15:4, 5) Singakwazi ukwenza izinqumo naphezu kwamaphutha ethu esikhathi esidlule uma, njengoDavide, sikhumbula ukuthi uJehova ngeke agxile emaphutheni ethu futhi uyothethelela izono zethu. Uyoqhubeka ebasekela abamthandayo nabamlalelayo.—IHu. 51:1-4, 7-10.

8. Sifundani emazwini omphostoli uPawulu mayelana nomshado?

8 Singakunciphisa ukukhathazeka esiba nakho ngokwenza izinqumo. Kanjani? Ngokuqaphela ukuthi ngezinye izikhathi kunezindlela eziningana ezilungile esingakhetha kuzo. Cabanga ngendlela umphostoli uPawulu adingida ngayo indaba yomshado. Waphefumulelwa ukuba abhale: “Uma umuntu ecabanga ukuthi uziphatha ngokungafanele ngokuqondene nobumsulwa bakhe, uma sekudlule ukuqhuma kobusha, futhi lena kuyindlela okufanele kwenzeke ngayo, makenze lokho akufunayo; akoni. Mabashade. Kodwa uma umuntu ezinzile enhliziyweni yakhe, engenaso isidingo, kodwa enegunya phezu kwentando yakhe futhi enzé lesi sinqumo enhliziyweni yakhe, sokuba agcine ubumsulwa bakhe, uyokwenza kahle.” (1 Kor. 7:36-38) UPawulu watusa ukungashadi njengenkambo engcono kakhulu, kodwa lena kwakungeyona ukuphela kwenkambo elungile.

9. Ingabe kufanele sikhathazeke ngendlela abanye ababheka ngayo izinqumo zethu? Chaza.

9 Ingabe kufanele sikhathazeke ngendlela abanye ababheka ngayo izinqumo esizenzayo? Ngezinga elithile kufanele. Phawula lokho uPawulu akusho mayelana nokudla ukudla okungase kubonakale sengathi kuhlatshelwe izithombe. Wavuma ukuthi isinqumo ngokwaso singase singabi sibi, kodwa singase simlimaze umuntu ononembeza obuthaka. UPawulu wanquma ukwenzani? Wabhala: “Uma ukudla kwenza umzalwane akhubeke, ngeke ngiphinde ngiyidle inyama, ukuze ngingamenzi akhubeke umzalwane.” (1 Kor. 8:4-13) Nathi kudingeka sicabangele indlela izinqumo zethu eziyobathinta ngayo onembeza babanye. Yiqiniso, esikukhathalela ngokuyinhloko yindlela izinqumo zethu eziyobuthinta ngayo ubuhlobo bethu noJehova. (Funda amaRoma 14:1-4.) Iziphi izimiso zeBhayibheli eziyosisiza ukuba senze izinqumo ezidumisa uNkulunkulu?

Izinyathelo Eziyisithupha Zokwenza Izinqumo Ezinhle

10, 11. (a) Singakugwema kanjani ukugabadela emkhayeni? (b) Yini abadala okufanele bayikhumbule lapho benza izinqumo ezithinta ibandla?

10 Gwema ukugabadela. Ngaphambi kokuthatha isinyathelo, kudingeka sizibuze, ‘Ingabe yimina okufanele ngenze lesi sinqumo?’ INkosi uSolomoni yabhala: “Ingabe kufike ukugabadela? Khona-ke kuzofika ihlazo; kodwa ukuhlakanipha kukwabanesizotha.”—IzAga 11:2.

11 Abazali bangase banikeze izingane zabo ithuba lokwenza izinqumo ezithile kodwa izingane akufanele zimane zizithathele lelo gunya. (Kol. 3:20) Amakhosikazi nomama banegunya elithile emkhayeni kodwa benza kahle ngokuqaphela ubunhloko babayeni bawo. (IzAga 1:8; 31:10-18; Efe. 5:23) Ngokufanayo, amadoda kudingeka aqaphele ukuthi igunya lawo lilinganiselwe nokuthi angaphansi kukaKristu. (1 Kor. 11:3) Abadala benza izinqumo ezithinta ibandla. Nokho, bayaqiniseka ukuthi ‘abeqeli ngalé kwezinto ezilotshwe’ eZwini likaNkulunkulu. (1 Kor. 4:6) Balandela ngokuseduze nesiqondiso esivela encekwini ethembekile. (Math. 24:45-47) Singagwema ukubangela thina nabanye ukukhathazeka okuningi nosizi uma sibonisa isizotha senze izinqumo kuphela lapho sinikezwe igunya lokwenza kanjalo.

12. (a) Kungani kufanele sicwaninge? (b) Chaza indlela umuntu angacwaninga ngayo.

12 Cwaninga. USolomoni wabhala: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Ngokwesibonelo, ingabe kukhona ohlongoza ukuqala nawe ibhizinisi? Ungavumeli ukulawulwa imizwelo. Thola wonke amaqiniso ahilelekile, funa iseluleko kulabo abajwayelene nezinto ezinjalo bese unquma ukuthi iziphi izimiso zeBhayibheli ezithinta leyo ndaba. (IzAga 20:18) Ukuze ucwaningo lwakho lube oluhlelekile, yenza izinhlu ezimbili—kolunye ubhale izinzuzo, kolunye ubhale izinkinga ezihilelekile. Ngaphambi kokwenza isinqumo, ‘bala izindleko.’ (Luka 14:28) Cabangela indlela isinqumo sakho esingase sithinte ngayo isimo sakho sezimali nenhlalakahle yakho engokomoya. Ukucwaninga kudinga isikhathi nokuzikhandla. Kodwa uma ucwaninga, ungase ugweme ukwenza izinqumo ngokuphamazela eziholela ekukhathazekeni okungadingekile.

13. (a) Isiphi isiqinisekiso esitholakala kuJakobe 1:5? (b) Kungasisiza kanjani ukuthandazela ukuhlakanipha?

13 Thandazela ukuhlakanipha. Izinqumo zethu ziyodumisa uNkulunkulu kuphela uma simcela ukuba asisize lapho sizenza. Umfundi uJakobe wabhala: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola; uyomnika kona.” (Jak. 1:5) Akulona ihlazo ukuvuma ukuthi sidinga ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ukuba kusisize ekwenzeni izinqumo. (IzAga 3:5, 6) Kakade, ukuncika ekuqondeni kwethu kuphela kungasidukisa kalula. Lapho sithandazela ukuhlakanipha bese sicwaninga izimiso eziseZwini likaNkulunkulu, sisuke sivumela umoya ongcwele ukuba usisize siqonde izisusa zethu zangempela zokufuna ukuthatha isinyathelo esithile.—Heb. 4:12; funda uJakobe 1:22-25.

14. Kungani kufanele sigweme ukukuhlehlisa ukwenza izinqumo?

14 Nquma. Ungagijimeli kulesi sinyathelo ngaphambi kokucwaninga nokuthandazela ukuhlakanipha. Umuntu ohlakaniphile uzinika isikhathi ‘sokucabangela izinyathelo zakhe.’ (IzAga 14:15) Ngakolunye uhlangothi, ungakuhlehlisi ukwenza isinqumo. Umuntu okuhlehlisayo ukwenza isinqumo angase anikeze izaba ezingezwakali zokungasenzi isinqumo. (IzAga 22:13) Kodwa noma ehlehlisa, usuke esenzile isinqumo—empeleni, unquma ukuba abanye balawule ukuphila kwakhe.

15, 16. Yini ehilelekile ekufezeni isinqumo?

15 Feza okunqumile. Ukuzikhandla esikwenzayo ukuze senze isinqumo esihle kungaba yize uma singalandeleli futhi singakukhuthaleli ukukufeza lokho esikunqumile. USolomoni wabhala: “Konke isandla sakho esikutholayo ukuba sikwenze, kwenze ngawo wonke amandla akho.” (UmSh. 9:10) Ukuze siphumelele, kumelwe sizimisele ukusebenzisa izinto ezidingekayo ukuze sifeze izinqumo zethu. Ngokwesibonelo, ummemezeli webandla angase anqume ukuba iphayona. Ingabe uyophumelela? Cishe uyophumelela uma engavumeli umsebenzi wokuziphilisa nokuzijabulisa ngokweqile kumkhandle futhi kumphuce isikhathi asidingayo sokufeza inkonzo yakhe.

16 Kuyaqabukela ukuba izinqumo ezinhle kakhulu kube lula kakhulu ukuzifeza. Ngani? Ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Joh. 5:19) Kumelwe silwisane “nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” (Efe. 6:12) Umphostoli uPawulu nomfundi uJude babonisa ukuthi labo abakhetha ukudumisa uNkulunkulu kuyodingeka balwe ukuze baphumelele.—1 Thim. 6:12; Jude 3.

17. Endabeni yezinqumo esizenzayo, yini uJehova ayilindele kithi?

17 Bukeza isinqumo sakho futhi ulungise uma kudingeka. Akuzona zonke izinqumo ezifezeka njengoba besihlelile. “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile” sisehlela sonke. (UmSh. 9:11) Noma kunjalo, uJehova ulindele ukuba siphikelele kwezinye izinqumo ngisho noma sibhekana nobunzima. Umuntu owenze isinqumo sokunikezela ukuphila kwakhe kuJehova noma somshado akakwazi ukusishintsha. UNkulunkulu ulindele ukuba siphile ngokuvumelana nalezo zinqumo. (Funda iHubo 15:1, 2, 4.) Nokho, izinqumo eziningi azinzima kakhulu. Umuntu ohlakaniphile uyodamane ezibukeza izinqumo azenzile. Ngeke avumele ukuba ukuqhosha noma inkani kumenze angalungisi noma ahoxise isinqumo sakhe. (IzAga 16:18) Akukhathalela ngokuyinhloko ukuqiniseka ukuthi ukuphila kwakhe kuyaqhubeka kudumisa uNkulunkulu.

Qeqesha Abanye Ukuba Benze Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu

18. Abazali bangaziqeqesha kanjani izingane zabo ukuba zenze izinqumo ezinhle?

18 Abazali bangenza lukhulu ekusizeni izingane zabo ukuba zifunde ukwenza izinqumo ezidumisa uNkulunkulu. Indlela engcono kakhulu yokubafundisa iwukuba isibonelo esihle. (Luka 6:40) Uma kufaneleka, abazali bangachazela izingane zabo ukuthi iziphi izinyathelo abazithathile ukuze benze isinqumo esithile. Bangase futhi bavumele izingane zabo ukuba zizenzele izinqumo ezithile bese bezincoma lapho lezo zinqumo ziphumelela. Nokho, kuthiwani uma ingane yenza isinqumo esibi? Ekuqaleni umzali angase athambekele ekuyivikeleni ingane emiphumeleni yesinqumo sayo, kodwa ukwenza lokho kungase kungayisizi ngaso sonke isikhathi ingane. Ngokwesibonelo, umzali angase avumele ingane ukuba ithole izincwadi zokushayela. Ake sithi ingane iphula umthetho womgwaqo bese ithola ithikithi. Umzali angase alikhokhe. Kodwa, uma ethi ayisebenze ukuze ilikhokhele ngokwayo, cishe iyofunda ukwazi ukubhekana nemiphumela yezenzo zayo.—Roma 13:4.

19. Yini okufanele siyifundise esibafundela iBhayibheli, futhi lokhu singakwenza kanjani?

19 UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bafundise abanye. (Math. 28:20) Esinye sezifundo ezibaluleke kakhulu esingasifundisa labo esibafundelayo yindlela yokwenza izinqumo ezinhle. Ukuze lokhu sikwenze ngokuphumelelayo, kumelwe silwisane nomuzwa wokubatshela isinyathelo okumelwe basithathe. Kungcono kakhulu ukubafundisa ukuba bacabangele izimiso zeBhayibheli ukuze bakwazi ukuzinqumela ukuthi bazokwenzani. Kakade, “ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.” (Roma 14:12) Ngakho-ke, sonke sinesibopho sokwenza izinqumo ezidumisa uNkulunkulu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Ukuze uthole ingxoxo ngale ndaba, bheka isenezelo esithi “Kufanele Ngizibheke Kanjani Izingxenyana Zegazi Nezinqubo Zokwelapha Ezihilela Ukusetshenziswa Kwegazi Lami?” esikhishwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2007, amakhasi 3-6 (CD-ROM km-E 11/06 kk. 3-6).

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani kudingeka sifunde indlela yokwenza izinqumo?

• Ukwesaba kungasithinta kanjani, futhi singakunqoba kanjani?

• Iziphi izinyathelo eziyisithupha esingazithatha ukuze siqiniseke ukuthi izinqumo zethu zidumisa uNkulunkulu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 16]

Izinyathelo Zokwenza Izinqumo Ezinhle

1 Gwema Ukugabadela

2 Cwaninga

3 Thandazela Ukuhlakanipha

4 Nquma

5 Sifeze Isinqumo

6 Sibukeze Futhi Ulungise Lapho Kudingeka

[Isithombe ekhasini 15]

Umuntu omanqikanqika ufana nomuntu osesikebheni esingenalo iphini lokusiqondisa olwandle olunesivunguvungu