Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Izithelo Zomoya” Zikhazimulisa UNkulunkulu

“Izithelo Zomoya” Zikhazimulisa UNkulunkulu

“Izithelo Zomoya” Zikhazimulisa UNkulunkulu

“UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi.”—JOH. 15:8.

1, 2. (a) Imaphi amathuba esinawo okukhuthaza abanye? (b) Isiphi isipho esivela kuJehova esithuthukisa indlela esimkhonza ngayo?

CABANGA ngalezi zenzakalo ezimbili: Owesifazane ongumKristu uqaphela ukuthi udade othile osemusha ubonakala ekhathazekile. Uhlela ukusebenza naye enkonzweni yasensimini. Njengoba behamba bexoxa, udade osemusha useqala ukumtshela lokho okumkhathazayo. Kamuva ngalolo suku, lona osemusha uyathandaza abonge uJehova ngokukhathalela kothando akuboniswe udade ovuthiwe; yilokho kanye abekudinga. Kwesinye isenzakalo, umbhangqwana othile usanda kubuya esabelweni sokushumayela kwelinye izwe. Kwenziwe umbuthano, futhi kunomzalwane osemusha olalele buthule njengoba lo mbhangqwana ulandisa okuhlangenwe nakho kwawo ngomdlandla. Ngemva kweminyaka ethile lo mzalwane owayelalele ulungiselela ukuya esabelweni esikwelinye izwe, futhi ucabanga ngaloya mbhangqwana nangengxoxo eyamenza wafuna ukuba isithunywa sevangeli.

2 Cishe lezi zimo zikukhumbuza othile owathinta ukuphila kwakho noma othile wena owathinta ukuphila kwakhe. Yiqiniso, akuvamile ukuba ingxoxo eyodwa nje ishintshe ukuphila kothile, kodwa usuku ngalunye sinamathuba okukhuthaza nokuqinisa abanye. Ake sithi bekunokuthile obekungathuthukisa amakhono nezimfanelo zakho, kukwenze ube yinzuzo kakhudlwana kubafowenu futhi uNkulunkulu akwazi ukukusebenzisa kakhudlwana. Bekungeke yini kube okujabulisayo ukuba nento enjalo? Empeleni, uJehova usinikeza yona kanye leyo nto—isipho somoya wakhe ongcwele. (Luka 11:13) Njengoba umoya kaNkulunkulu usebenza ekuphileni kwethu, uveza kithi izimfanelo ezinhle ezithuthukisa zonke izici zenkonzo yethu kuNkulunkulu. Yeka isipho esimangalisayo!—Funda eyabaseGalathiya 5:22, 23.

3. (a) Ukuhlakulela kwethu “izithelo zomoya” kumkhazimulisa kanjani uNkulunkulu? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Izimfanelo ezivezwa umoya ongcwele zibonakalisa ubuntu balowo onguMthombo wawo, uJehova uNkulunkulu. (Kol. 3:9, 10) UJesu wabonisa isizathu esiyinhloko sokuba amaKristu alwele ukulingisa uNkulunkulu lapho etshela abaphostoli bakhe: “UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi.” * (Joh. 15:8) Njengoba sihlakulela “izithelo zomoya,” imiphumela iba sobala endleleni esikhuluma nesenza ngayo; lokhu kube sekudumisa uNkulunkulu wethu. (Math. 5:16) Izithelo zomoya zihluke ngaziphi izindlela ezicini zezwe likaSathane? Singazihlakulela kanjani izithelo zomoya? Kungani kungase kube inselele ukuzihlakulela? Sizocabangela le mibuzo njengoba sixoxa ngezimfanelo ezintathu zokuqala eziyizithelo zomoya—uthando, injabulo nokuthula.

Uthando Olusekelwe Esimisweni Esiphakeme Kakhulu

4. Hlobo luni lothando uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba balubonise?

4 Uthando oluvezwa umoya ongcwele luhluke kakhulu kulolo oluvamile ezweni. Kanjani? Lusekelwe esimisweni esiphakeme kakhulu. UJesu wawugcizelela lo mehluko eNtshumayelweni YaseNtabeni. (Funda uMathewu 5:43-48.) Waphawula ukuthi ngisho nezoni zilandela isimiso esithi ikhotha eyikhothayo, ziphatha abanye ngendlela abaziphatha ngayo. “Uthando” olunjalo aluhileli ukuzidela kwangempela kodwa lumane luwukubonisa othile umusa ngoba naye eye wakubonisa wona. Uma sifuna ‘ukuzibonakalisa singabantwana bakaBaba osemazulwini’ kumelwe sihluke. Kunokuphatha abanye ngendlela abasiphatha ngayo, kufanele sibabheke futhi sibaphathe ngendlela uJehova ababheka futhi abaphathe ngayo. Kodwa kungenzeka kanjani ukuba sithande izitha zethu njengoba uJesu ayala?

5. Singababonisa kanjani uthando labo abasishushisayo?

5 Cabanga ngesinye isibonelo esiseBhayibhelini. Lapho beshumayela eFilipi, uPawulu noSila baboshwa, babhaxabulwa kabuhlungu futhi baphonswa ejele elingaphakathi lapho izinyawo zabo zaboshelwa khona ezingongolweni. Kungenzeka ukuthi phakathi naleso sikhathi nomphathi wejele wabaphatha kabi. Lapho bekhululwa kungalindelekile ngenxa yokuzamazama komhlaba, ingabe babheka lokho njengethuba lokuziphindiselela kule ndoda? Cha. Ukuyikhathalela ngobuqotho inhlalakahle yayo—uthando lwabo lokuzidela—kwabashukumisela ukuba bangapholisi maseko, bayinike ithuba lokuba yona nabo bonke abendlu yayo babe ngamakholwa. (IzE. 16:19-34) Namuhla, abafowethu abaningi baye balandela inkambo efanayo ‘yokubusisa labo ababashushisayo.’—Roma 12:14.

6. Singabonisa kanjani ukuthi sinothando lokuzidela ngabafowethu? (Bheka ibhokisi elisekhasini 21.)

6 Uthando lwethu ngamanye amaKristu alupheleli kulokhu. “Singaphansi kwesibopho sokunikela imiphefumulo yethu ngenxa yabafowethu.” (Funda eyoku-1 Johane 3:16-18.) Nokho, ngokuvamile singakwazi ukubonisa uthando ngezindlela eziningi ezincane. Ngokwesibonelo, uma sisho noma senza okuthile okucasula umfowethu, singabonisa uthando ngokusithatha kuqala isinyathelo sokubuyisana. (Math. 5:23, 24) Yini okumelwe siyenze uma othile esicasula? Ingabe ‘sikulungele ukuthethelela,’ noma ingabe sithambekele ekubambeni amagqubu? (IHu. 86:5) Uthando olujulile oluvezwa umoya ongcwele lungasisiza ukuba simboze amaphutha amancane, sibathethelele ngokukhululekile abanye ‘njengoba nje uJehova asithethelela ngokukhululekile.’—Kol. 3:13, 14; 1 Pet. 4:8.

7, 8. (a) Uthando ngabantu luhlobene kanjani nothando ngoNkulunkulu? (b) Singalujulisa kanjani uthando lwethu ngoJehova? (Bheka isithombe esingezansi.)

7 Singaluhlakulela kanjani uthando lokuzidela ngabafowethu? Ngokujulisa uthando lwethu ngoNkulunkulu. (Efe. 5:1, 2; 1 Joh. 4:9-11, 20, 21) Izikhathi esizichitha sisodwa noJehova ngokufunda iBhayibheli, ukuzindla nokuthandaza zondla izinhliziyo zethu futhi zijulise uthando lwethu ngoBaba wethu osezulwini. Nokho, kudingeka sithengisise isikhathi sokusondela kuNkulunkulu.

8 Ngokwesibonelo: Ake sithi besibekelwe ihora elithile kuphela usuku ngalunye lokufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nokuthandaza kuJehova. Ubungeke yini uliqaphe ngeso lokhozi lelo hora ukuze kungabikho lutho oluphazamisa leso sikhathi sakho noJehova? Yiqiniso, akekho ongasivimbela ukuba sikhulume noNkulunkulu ngomthandazo, futhi iningi lethu lingakwazi ukufunda iBhayibheli noma nini lapho lithanda ukwenzenjalo. Nokho, kungase kudingeke sithathe izinyathelo zokuvimbela ukuba ukuba matasa ngemisebenzi yansuku zonke kungaphazamisi isikhathi sethu noNkulunkulu. Ingabe uthengisisa isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka usuku ngalunye ukuze usondele kuJehova?

‘Injabulo Yomoya Ongcwele’

9. Isiphi isici senjabulo esivezwa umoya ongcwele?

9 Isici esiphawulekayo ngezithelo zomoya ukugxila kwazo. Injabulo, eyimfanelo yesibili esizoxoxa ngayo, iyisibonelo saleli qiniso. Injabulo injengomuthi oqinile ongaphila ngisho nasezimweni ezingezinhle. Emhlabeni wonke, izinceku zikaNkulunkulu eziningi ‘ziye zamukela izwi ngaphansi kosizi olukhulu ngenjabulo yomoya ongcwele.’ (1 Thes. 1:6) Ezinye zibhekana nobunzima nokuswela. Noma kunjalo, uJehova uzinika amandla ngomoya wakhe ‘ukuze zikhuthazele ngokugcwele futhi zibekezele ngenjabulo.’ (Kol. 1:11) Uyini umthombo wale njabulo?

10. Uyini umthombo wenjabulo yethu?

10 Ngokungefani ‘nengcebo engaqinisekile’ yezwe likaSathane, ingcebo engokomoya uJehova asinike yona inenzuzo ehlala njalo. (1 Thim. 6:17; Math. 6:19, 20) Ubeke phambi kwethu ithemba elijabulisayo lekusasa laphakade. Sijabulela nokuba ingxenye yobuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke. Ngaphezu kwakho konke, injabulo yethu isekelwe ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu. Sizizwa njengoDavide owathi nakuba aphoqeleka ukuba aphile njengombaleki wadumisa uJehova ngale ngoma: “Ngenxa yokuthi umusa wakho wothando ungcono kunokuphila, izindebe zami zizokutusa. Kanjalo ngizokutusa ngesikhathi sokuphila kwami.” (IHu. 63:3, 4) Ngisho nalapho sibhekene nobunzima, izinhliziyo zethu zichichima izindumiso zikaNkulunkulu.

11. Kungani kubalulekile ukuba sikhonze uJehova ngenjabulo?

11 Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!” (Fil. 4:4) Kungani kubalulekile ukuba amaKristu afeze inkonzo yawo kuJehova ngenjabulo? Kungenxa yempikiswano eyaphakanyiswa uSathane ngokuphathelene nobukhosi bukaJehova. USathane uthi akekho umuntu ongakhonza uNkulunkulu ngokuzithandela. (Jobe 1:9-11) Uma besingenza konke okulindelekile ekukhonzeni uJehova kodwa sibe singajabule, umhlatshelo wethu wokudumisa ubuyoba ongaphelele. Ngakho, silwela ukulalela isikhuthazo somhubi: “Khonzani uJehova ngokuthokoza. Ngenani phambi kwakhe ngokukhamuluka kwenjabulo.” (IHu. 100:2) Inkonzo esiyenza ngokuzithandela nangenjabulo iyamkhazimulisa uNkulunkulu.

12, 13. Yini esingayenza ukuze sinqobe imizwa engakhi?

12 Nokho, eqinisweni ngisho nezinceku zikaJehova ezizinikele ziyoba nezikhathi lapho ziyodangala khona futhi kudingeke zilwe ukuze zilondoloze umbono oqondile ngezinto. (Fil. 2:25-30) Yini engasisiza ngalezo zikhathi? Eyabase-Efesu 5:18, 19 ithi: “Qhubekani nigcwaliswa ngomoya, nikhulumisana ngamahubo nangezindumiso zikaNkulunkulu nangezingoma ezingokomoya, nihlabelela futhi nihubela uJehova ezinhliziyweni zenu.” Singasisebenzisa kanjani lesi seluleko?

13 Lapho sihlaselwe imizwa engakhi, singanxusa uJehova ngomthandazo futhi silwele ukuzindla ngezinto ezifanelekela ukudunyiswa. (Funda eyabaseFilipi 4:6-9.) Abanye bathola ukuthi ukucula ngezwi eliphansi behambisana nezingoma zethu zoMbuso eziqoshiwe kuyabavuselela futhi kubasize ukuba balawule imicabango yabo. Umzalwane owabhekana nosizi olwaluvame ukumshiya ekhungathekile futhi edangele uyakhumbula: “Ngaphezu kokuthandaza njalo ngokusuka enhliziyweni, ngabuye ngabamba ngekhanda izingoma zoMbuso ezimbalwa. Ukucula lezi zingoma ezimnandi ezidumisa uJehova ngokuzwakalayo noma buthule kwakwenza inhliziyo yami ibe nokuthula. Enye into eyangisiza kwaba ukukhululwa kwencwadi ethi Sondela KuJehova phakathi naleso sikhathi. Ngayifunda kabili phakathi nonyaka owalandela. Yayinjengomuthi othoba amanxeba enhliziyweni yami. Ngiyazi ukuthi uJehova wayibusisa imizamo yami.”

‘Isibopho Esihlanganisayo Sokuthula’

14. Isiphi isici esiphawulekayo esilethwa ukuthula okuvezwa umoya ongcwele?

14 Emihlanganweni yethu yezizwe, izihambeli zomhlangano ezivela ezizindeni ezihlukahlukene zijabulela ubudlelwane obufudumele bobuKristu. Lezo zikhathi ziqokomisa isici esilethwa ukuthula abantu bakaNkulunkulu abanakho namuhla—ubunye bethu bembulunga yonke. Ababukele bavame ukukhexa lapho bebona abantu abebengalindela ukuba babe yizitha “[bezama] ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.” (Efe. 4:3) Ngempela, lobu bunye buyaphawuleka uma sicabanga ngalokho abaningi okuye kwadingeka bakunqobe.

15, 16. (a) UPetru wayevela esizindeni esinjani, futhi lokho kwambekela kanjani inselele? (b) UJehova wamsiza kanjani uPetru ukuba alungise isimo sakhe sengqondo?

15 Kuyinselele ukuhlanganisa abantu bezizinda ezihlukahlukene. Ukuze siqonde ukuthi ukufinyelela ubunye obunjalo kudingani, ake sicabangele isibonelo sangekhulu lokuqala, umphostoli uPetru. Isimo sakhe sengqondo ngabantu beZizwe ababengasokile singabonakala kula mazwi akhe: “Niyazi kahle indlela okungemthetho ngayo ngomJuda ukuba azihlanganise nomuntu wolunye uhlanga noma asondele kuye; nokho uNkulunkulu ungibonisile ukuthi ngingabizi muntu ngokuthi ungcolile noma akahlanzekile.” (IzE. 10:24-29; 11:1-3) Ngenxa yombono owawuvamile ngaleso sikhathi, kusobala ukuthi uPetru wakhula ekholelwa ukuthi uMthetho wawuthi kwakufanele athande amaJuda akubo kuphela. Kungenzeka ukuthi kwakubonakala kuyinto eyamukeleka ngokuphelele kuye ukubheka abantu beZizwe njengezitha okwakumelwe zizondwe. *

16 Ake ucabange nje ukuthi kumelwe ukuba uPetru wazizwa engakhululekile kanjani lapho engena emzini kaKorneliyu. Kwakungenzeka yini ngomuntu owayenombono ongemuhle ngabeZizwe ukuba ‘ahlanganiswe ndawonye ngokuvumelanayo’ nabo “esibophweni esihlanganisayo sokuthula”? (Efe. 4:3, 16) Yebo, ngoba ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili, umoya kaNkulunkulu wawuvule inhliziyo kaPetru, umsiza ukuba aqale ukulungisa isimo sakhe sengqondo futhi anqobe ubandlululo ayenalo. Esebenzisa umbono, uJehova wakwenza kwacaca kuPetru ukuthi indlela Yena abheka ngayo abantu ayinqunywa uhlanga noma ubuzwe. (IzE. 10:10-15) Ngakho, uPetru wayengathi kuKorneliyu: “Ngokuqinisekile ngiyaqonda ukuthi uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzE. 10:34, 35) UPetru washintsha futhi waba munye ngempela nabo “bonke abazalwane.”—1 Pet. 2:17.

17. Kungani ubunye obujatshulelwa abantu bakaNkulunkulu buphawuleka?

17 Okwenzeka kuPetru kusisiza ukuba siqonde inguquko ephawulekayo eyenzeka kubantu bakaNkulunkulu namuhla. (Funda u-Isaya 2:3, 4.) Izigidi zabantu ezivela “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi” ziye zashintsha ukucabanga kwazo ukuze kuvumelane “[nentando] kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (IsAm. 7:9; Roma 12:2) Iningi lazo lalicwile enzondweni, ebutheni nasemoyeni ohlukanisayo wezwe likaSathane. Kodwa ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu nangosizo lomoya ongcwele, liye lafunda ‘ukuphishekela izinto ezibangela ukuthula.’ (Roma 14:19) Ubunye obuba umphumela budumisa uNkulunkulu.

18, 19. (a) Ngamunye wethu angaba kanjani nesandla ekuthuleni nasebunyeni bebandla? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

18 Thina ngabanye singaba kanjani nesandla ekuthuleni nasebunyeni obuphakathi kwabantu bakaNkulunkulu? Amabandla amaningi anabantu abavela kwamanye amazwe. Kungenzeka ukuthi abanye babo banamasiko angefani nawethu noma abakwazi ukulukhuluma kahle ulimi lwethu. Ingabe siyazama ukubazi kangcono? Lena inkambo etuswa iZwi likaNkulunkulu. Lapho ebhalela ibandla laseRoma elalinabantu abangamaJuda nabeZizwe, uPawulu wathi: “Yamukelanani, njengoba nje noKristu asamukela, ngombono wokuba kube yinkazimulo kuNkulunkulu.” (Roma 15:7) Ukhona yini umuntu ebandleni okulo ongazama ukumazi kangcono?

19 Yini enye esingayenza ukuze sivumele umoya ongcwele usebenze ekuphileni kwethu? Isihloko esilandelayo sizodingida lo mbuzo njengoba sizobe sixoxa ngezimfanelo ezisele eziyizithelo zomoya.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Izithelo uJesu akhuluma ngazo zihlanganisa kokubili “izithelo zomoya” ‘nesithelo sezindebe’ amaKristu asinikela kuNkulunkulu ngomsebenzi wokushumayela ngoMbuso.—Heb. 13:15.

^ par. 15 ULevitikusi 19:18 uthi: “Ungaphindiseli noma ubambele amadodana abantu bakini igqubu; kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena.” Abaholi benkolo bamaJuda babekholelwa ukuthi inkulumo ethi “amadodana abantu bakini” nethi “omunye umuntu” zazibhekisela kumaJuda kuphela. UMthetho wawuthi ama-Israyeli kufanele azihlukanise kwezinye izizwe. Nokho, wawungagunyazi umbono owawugqugquzelwa abaholi benkolo bangekhulu lokuqala, owawuthi, bonke abangewona amaJuda babeyizitha futhi kwakumelwe bazondwe njengabantu ngabanye.

Ungaphendula Kanjani?

• Singalubonisa kanjani uthando lokuzidela ngabafowethu?

• Kungani kubalulekile ukuba sifeze inkonzo yethu kuNkulunkulu ngenjabulo?

• Singaba kanjani nesandla ekuthuleni nasebunyeni bebandla?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 21]

“Nanka AmaKristu Eqiniso”

Incwadi ethi Between Resistance and Martyrdom—Jehovah’s Witnesses in the Third Reich ilandisa amazwi ensizwa ethile engumJuda eyayiboshiwe achaza ukuhlangana kwayo okokuqala noFakazi BakaJehova ngemva kokufika ekamu lokuhlushwa laseNeuengamme:

“Kwakuthi nje lapho thina maJuda avela eDachau sifika ebhalekisi lasekamu, amanye amaJuda aqale ukufihla konke ayenakho ukuze asincishe. . . . Lapho sisengaphandle [kwekamu lokuhlushwa], sasisizana. Kodwa lapha, lapho sidingana khona kakhulu, wonke umuntu uzicabangela yena kuqala, akhohlwe abanye. Kodwa cabanga ngalokho abaFundi BeBhayibheli ababekwenza. Ngaleso sikhathi, kwakudingeka basebenze kanzima, belungisa amapayipi amanzi. Kwakubanda futhi babema usuku lonke emanzini abanda njengeqhwa. Akekho owayeqonda ukuthi babekwazi kanjani ukubekezelela lesi simo. Babethi uJehova ubanika amandla. Babesidinga kakhulu isinkwa sabo njengathi, ngoba babelambile. Kodwa yini abayenza? Baqoqa sonke isinkwa ababenaso, badla ingxenye, kwathi enye ingxenye bayinika ababekholwa nabo ababesanda kufika bevela eDachau. Babamukela futhi babanga. Bathandaza ngaphambi kokuba badle. Ngemva kwalokho, bonke baneliseka futhi bajabula. Bathi sebesuthi. Yingaleso sikhathi lapho ngaphetha khona ngokuthi: Nanka amaKristu eqiniso.”

[Izithombe ekhasini 19]

Ingabe uthengisisa isikhathi usuku ngalunye kweminye imisebenzi yakho ukuze usondele kuJehova?