Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izinkinga Eziholela Ethembeni

Izinkinga Eziholela Ethembeni

Izinkinga Eziholela Ethembeni

“Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”—2 THIMOTHEWU 3:1.

INGABE wake wezwa—noma wabona—esinye salezi zenzakalo ezilandelayo ezibuhlungu?

● Isifo esiwumshayabhuqe sibulale inqwaba yabantu.

● Indlala ibulale abantu abaningi.

● Ukuzamazama komhlaba kubulale izinkulungwane, kwashiya abaningi bengenamakhaya.

Emakhasini alandelayo uzofunda ngamaqiniso abalulekile aphathelene nezenzakalo ezifana nalezi. Uzophawula nokuthi iBhayibheli labikezela ukuthi lezi zinto ziyokwenzeka enkathini ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ *

Nokho, lezi zihloko azihloselwe ukukukholisa ukuthi siphila ezweni elinezinkinga. Cishe nawe uyakubona lokho. Kunalokho, ziklanyelwe ukukunika ithemba. Zizobonisa ukuthi ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho eziyisithupha kusho ukuthi inkathi ‘yezinsuku zokugcina’ isizophela. Kulezi zihloko sizoxoxa ngezinto ezivame ukushiwo abantu ngokuqondene nobufakazi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina futhi sizothola izizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi ukuphila okungcono kusemnyango.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 7 Ukuze uthole ukuthi kungani uNkulunkulu evumela lezi zimo ezimbi, bheka isihloko esithi, “Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi Nokuhlupheka?” emakhasini 16 kuya ku-17 alo magazini.