Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isiprofetho 1. Ukuzamazama Komhlaba

Isiprofetho 1. Ukuzamazama Komhlaba

Isiprofetho 1. Ukuzamazama Komhlaba

“Kuyoba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba.” —LUKA 21:11.

● UWinnie, ononyaka nezinyanga ezine, watakulwa emfucumfucwini eHaiti ngemva kokuba abezindaba zethelevishini bemuzwe equma. Wasinda kulokho kuzamazama komhlaba kodwa abazali bakhe bashona.

ABONISANI AMAQINISO? Kwafa abantu abangaphezu kuka-300 000 ngesikhathi iHaiti ihlaselwa ukuzamazama komhlaba ngo-January 2010, okwalinganiselwa ku-7,0 esikalini sikaRichter. Abanye abayizigidi ezingu-1,3 basala bengenamakhaya ngomzuzwana nje. Nakuba lokhu kuzamazama komhlaba kwabangela umonakalo omkhulu, akuyona iHaiti kuphela eke yabhekana nale nhlekelele. Kwaba nokuzamazama komhlaba okukhulu okungaba ngu-18 emhlabeni phakathi kuka-April 2009 kuya ku-April 2010.

YIZIPHI IZINTO EZIVAME UKUSHIWO? Akukhona ukuthi sekunokuzamazama komhlaba okuningi; ukuthi nje namuhla sesibikelwa kakhulu ngakho ngenxa yokuxhaphaka kwezindlela zokusakaza, ngokungafani nangesikhathi esidlule.

INGABE LEZO ZINTO ZIYIQINISO? Cabanga ngaleli qiniso: IBhayibheli aligcizeleli isibalo sokuzamazama komhlaba phakathi nezinsuku zokugcina. Kodwa lithi kuyoba khona “ukuzamazama okukhulu komhlaba . . . ezindaweni ngezindawo,” okwenza lesi siprofetho sibe phakathi kweziphawuleka kakhulu emlandweni.—Marku 13:8; Luka 21:11.

UCABANGANI? Ingabe siyakubona ukuzamazama komhlaba okukhulu njengoba iBhayibheli labikezela?

Ukuzamazama komhlaba kukodwa ngeke kwabhekwa njengokuwukuphela kobufakazi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Nokho, kungesinye seziprofetho ezigcwalisekayo. Funda ngesesibili.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

“Thina [njengezazi zesayensi yomhlaba] sikhathazeka ngezilinganiso nangobukhulu bokuzamazama komhlaba. Abantu abavamile bazibonela usizi lodwa.”—UKEN HUDNUT, WE-U.S. GEOLOGICAL SURVEY.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

© William Daniels/Panos Pictures