Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isiprofetho 2. Indlala

Isiprofetho 2. Indlala

Isiprofetho 2. Indlala

‘Kuyoba khona ukusweleka kokudla.’—MARKU 13:8.

● Indoda ethile yahamba yayofuna ukuphila okungconywana emaphandleni aseQuaratadji, eNiger. Yalandelwa izihlobo zayo, abafowabo nodadewabo bebalekela indlala enkabeni yezwe. Kodwa yabashiya yayohlala yodwa futhi ilala phansi. Kungani ihlala yodwa? USidi, induna yendawo, uyachaza: “Ngenxa yobubha obukhungethe [umndeni wayo] nangenxa yokuthi ayikwazi ukuwondla isiqome ukuba unkom’ idlayodwa.”

ABONISANI AMAQINISO? Emhlabeni wonke, cishe umuntu oyedwa kwabangu-7 akanakho ukudla okwanele kosuku. Amanani aphezulu nakakhulu emazweni ase-Afrika eseningizimu yeSahara lapho umuntu oyedwa kwabathathu ehlala elambile. Ukuze ukubone kahle lokhu, cabanga ngomndeni onobaba, umama nengane. Uma kunokudla okungadliwa abantu ababili kuphela, ubani okufanele alale engadlile? Ubaba? Umama? Ingane? Lesi yisinqumo imindeni efana nalo ebhekana naso nsuku zonke.

YIZIPHI IZINTO EZIVAME UKUSHIWO? Umhlaba ukhiqiza ukudla okungenela bonke abantu. Into nje okufanele yenziwe ukuba kwabiwe kahle.

INGABE LEZO ZINTO ZIYIQINISO? Yiqiniso, abalimi bangakhiqiza futhi bathuthe ukudla okuningi kunangaphambili. Eqinisweni, ohulumeni kufanele bakwazi ukwaba kahle ukudla ukuze kuxazululeke inkinga yendlala. Nokho, sebezame iminyaka eminingi, kodwa bayehluleka.

UCABANGANI? Ingabe uMarku 13:8 uyagcwaliseka? Naphezu kwentuthuko yezobuchwepheshe, ingabe ukusweleka kokudla kuthinta abantu emhlabeni wonke?

Ngokuvamile, ukuzamazama komhlaba nendlala kuyisiqalo sesinye isici sesibonakaliso sezinsuku zokugcina.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

“Izingane ezingaphezu kwamaphesenti angu-33 ezibulawa i-pneumonia, isifo sohudo nezinye izifo bezingasinda ukube bezondleke kahle.”—U-ANN M. VENEMAN, OWAYENGUMQONDISI OMKHULU WE-UN CHILDREN’S FUND.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 5]

© Paul Lowe/Panos Pictures