Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Amagama abantu asezimpawini zobumba zasendulo anjani uma eqhathaniswa nalawo aseBhayibhelini?

Endulo, abantu ababesebenza ngezincwadi zasebukhosini babezigoqa, bazibophe ngentambo, banameke ubumba olumanzi efindweni bese begxiviza uphawu kulolo bumba. Izimpawu zazisetshenziswa lapho kusayinwa, lapho kwenziwa ubufakazi nalapho kugunyazwa izincwadi ezithile.

Ngezinye izikhathi izimpawu zazifakwa ezindandathweni futhi zazibhekwa njengeziyigugu. (Genesise 38:18; Esteri 8:8; Jeremiya 32:44) Ngokuvamile, uphawu lwaluba negama lomnikazi walo, isikhundla sakhe negama likayise.

Abacwaningi baye bathola amakhulu ezimpawu zasendulo ezibizwa ngokuthi ama-bulla. Ezinye zinamagama abantu baseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, abavubukuli baye bathola ubumba olunezimpawu olubonakala sengathi lunamagama amakhosi amabili akwaJuda. Omunye umbhalo ufundeka kanje: “Lungoluka-Ahazi [indodana] kaYehotam [uJothamu], iNkosi yakwaJuda.” Omunye umbhalo ufundeka kanje: “LungolukaHezekiya [indodana] ka-Ahazi, iNkosi yakwaJuda.” (2 AmaKhosi 16:1, 20) U-Ahazi noHezekiya babusa phakathi nekhulu lesi-8 B.C.E.

Izazi ziye zahlola ama-bulla amaningi agxivizwe izimpawu okuthiwa kwakungezabantu abathile baseBhayibhelini. Imibhalo kaJeremiya ikhuluma ngabanye balabo bantu, njengoBharuki (unobhala kaJeremiya), uGemariya (“indodana kaShafani”), uJerameli (“indodana yenkosi”), uJukali (“indodana kaShelemiya”) noSeraya (umfowabo kaBharuki).—Jeremiya 32:12; 36:4, 10, 26; 38:1; 51:59.

Zibizwa kanjani izikhathi ezihlukahlukene zosuku eBhayibhelini?

ImiBhalo YesiHebheru isebenzisa la magama: “ekuseni,” “emini bebade” nelithi “kusihlwa.” (Genesise 24:11; Duteronomi 28:29; 1 AmaKhosi 18:26) AmaHebheru ekhulu lokuqala ayehlukanisa ubusuku ngemilindo emithathu yamahora acishe abe mane kodwa ngokuhamba kwesikhathi asebenzisa indlela yamaGreki namaRoma yokuhlukanisa ubusuku ngemilindo emine. Kusobala ukuthi uJesu wayebhekisela kule ndlela yesibili yokuhlukanisa isikhathi lapho ethi: “Hlalani nilindile, ngoba anazi ukuthi inkosi yendlu iyobuya nini, ilanga selishonile noma phakathi kwamabili noma ekukhaleni kwezinkukhu noma ekuseni kakhulu.” (Marku 13:35) Umlindo wokuqala owawuba lapho “ilanga selishonile” wawuqala lapho kushona ilanga uphele ngehora lesi-9 ebusuku. Olandelayo wawuphela “phakathi kwamabili.” Owesithathu, obizwa ngokuthi ‘ekukhaleni kwezinkulu,’ cishe wawuphela ngehora lesithathu entathakusa. Umlindo wokugcina, ekuseni kakhulu, wawuphela ekuphumeni kwelanga. UJesu wahamba phezu koLwandle LwaseGalile phakathi ‘nenkathi yomlindo wesine wobusuku.’—Mathewu 14:23-26.

EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, igama elithi “ihora” libhekisela enkathini yosuku yamahora angu-12 kusukela ekuphumeni kwelanga kuya ekushoneni kwalo. (Johane 11:9) Njengoba kwa-Israyeli ukuphuma nokushona kwelanga kungafani kuye ngezinkathi zonyaka, ngokuvamile izikhathi zezenzakalo zazihlawumbiselwa, njengokuthi “cishe ngehora lesithupha.”—IzEnzo 10:9.

[Isithombe ekhasini 15]

Uphawu lobumba olunegama lika-Hezekiya no-Ahazi (ngaphambili), cishe nelikaBharuki (ngemuva)

[Imithombo]

Back: Courtesy of Israel Museum, Jerusalem

Front: www.BibleLandPictures.com/Alamy

[Isithombe ekhasini 15]

Iwashi elisebenza ngelanga langenkathi yombuso wamaRoma (27 B.C.E. kuya ku-476 C.E.)

[Umthombo]

© Gerard Degeorge/The Bridgeman Art Library International