Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abantu Abanokuthula Balwela Igama Labo Elihle

Abantu Abanokuthula Balwela Igama Labo Elihle

INCWADI EYA EZAKHAMUZINI ZASERUSSIA: Ngokushicilelwa kwale ndaba, izigidigidi zabantu abahlala emazweni angaphezu kuka-230 bazokwazi ngabantu abaphucwa inkululeko yokukhulekela eRussia. INqabayokulinda umagazini ohunyushwa futhi usakazwe kakhulu kunabo bonke emhlabeni jikelele. Lesi sihloko sizovela ngezilimi ezingu-188. Kuzonyatheliswa amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-40. Izikhulu ezithile ngeke zithande ukuba umhlaba wazi ngalokho okwenziwa koFakazi BakaJehova eRussia. Kodwa kuzogcwaliseka la mazwi kaJesu: “Akukho lutho oluthukuswe ngokucophelela olungeke lwambulwe, nolusithekile olungeke lwaziwe.”—LUKA 12:2.

NGO-DECEMBER 2009 nango-January 2010, izinkantolo eziphakeme ezimbili zaseRussia zamemezela ukuthi inkolo yoFakazi BakaJehova iyingozi. Lokhu kwakungaqali ukwenzeka. Ngesikhathi kubusa amaSoviet eRussia, oFakazi abaningi babekwa amacala angamanga, kwathiwa bayizitha zombuso. Badingiswa, baboshwa futhi bayiswa ngenkani emakamu okufukuza. Ngemva kokuwa kwalowo mbuso, kwamenyezelwa ukuthi oFakazi BakaJehova abanacala. Ngokusemthethweni, uhulumeni owathatha izintambo wasiza ekususeni isihlamba egameni labo elihle. * Kodwa manje sekunabantu abazimisele ukuphinde banyundele oFakazi.

Ngasekuqaleni kuka-2009, iziphathimandla zahlasela oFakazi BakaJehova ngokusongela inkululeko yabo yokukhulekela. Ngo-February kuphela, abashushisi bezinkantolo benza uphenyo olungaphezu kuka-500 ezweni lonkana. Wawuyini umgomo walolu phenyo? Wawuwukuthola ukuthi ayiqiniso ngempela yini amacala abekwe oFakazi okuthi bephula umthetho. Ezinyangeni ezalandela, amaphoyisa atheleka emihlanganweni yabo yokukhulekela uNkulunkulu enokuthula emaHholo OMbuso nasemakhaya abo. Ashaqa izincwadi nezimpahla zabo. Iziphathimandla zadingisa abameli bakwamanye amazwe ababelwela oFakazi, zathi bangaphinde balubeke eRussia.

Ngo-October 5, 2009, izisebenzi zasemngceleni ezihlola izimpahla zashaqa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini emngceleni oseduze kwaseSt. Petersburg. Lezo zincwadi zazinyatheliswe eJalimane ziya emabandleni amaningi aseRussia. Umbutho okhethekile wophiko lwezisebenzi zasemngceleni zaseRussia osingatha izimpahla eziyingozi nezingekho emthethweni ezingena ezweni neziphumayo wahlola le mpahla. Ngani? Incwadi engokomthetho yathi kungenzeka ukuthi kulezo zimpahla “kukhona izincwadi ezihloselwe ukususa uthuthuva olungokwenkolo.”

Izigameko zokuhlushwa ezenzeka izikhathi eziningana zafinyelela eqophelweni elibucayi. IziNkantolo Eziphakeme ZaseRussia kanye ne-Altay Republic (ingxenye yeRussia) zamemezela ukuthi izincwadi eziningi ezisetshenziswa oFakazi ziyingozi, kuhlanganise nomagazini owufundayo manje. OFakazi BakaJehova bafaka izicelo zokuba kudluliswe leli cala. Abantu kwamanye amazwe babonisa ukungayenameli le ndaba—kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya! Isinqumo esakhishwa sisasebenza namanje futhi sithi kuwukwephula umthetho ukuletha nokusakaza izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini eRussia.

OFakazi baye basabela kanjani kule mizamo yokungcoliswa kwegama labo nokuvinjelwa komsebenzi wabo? Izinqumo eziye zakhishwa iziNkantolo zembulani maqondana nenkululeko yokukhulekela yazo zonke izakhamuzi zaseRussia?

Usongo Lumelwa Ngezinyawo

NgoLwesihlanu, ngo-February 26, 2010, oFakazi BakaJehova abangaba ngu-160 000 ezweni lonkana, baqala ukusakaza amapheshana akhethekile ayizigidi ezingu-12 anesihloko esithi Could It Happen Again? A Question for the Citizens of Russia. Ngokwesibonelo, edolobheni laseSiberia, i-Usol’ye-Sibirskoye, amakhulu oFakazi ahlangana emigwaqweni ngemva kokugamanxa kwehora lesihlanu ekuseni. Phakathi kwabo, kwakukhona nalabo ababedingiselwe eSiberia ngo-1951 ngenxa yokholo lwabo. Babekezelela amakhaza angu-40°C ngaphansi kwezingaqhwa ukuze basakaze amapheshana angu-20 000.

Ukuze bamemezele umkhankaso wabo wezinsuku ezintathu, oFakazi BakaJehova baba nomhlangano nabezindaba eMoscow, inhloko-dolobha yaseRussia. Phakathi kwezikhulumi ezazikhona, kwakukhona noMnumzane uLev Levinson, isazi esasivela eNhlanganweni Yamalungelo Abantu. Wasika elijikayo mayelana nokuhlukunyezwa nokushushiswa okungenangqondo koFakazi BakaJehova eJalimane lamaNazi naseSoviet Union futhi waphawula ukuthi ngemva kokuwa kwaleyo mibuso oFakazi batholakala bengenacala. Nakhu okunye akusho: “UMongameli uYeltsin wathi wonke amaqembu enkolo ashushiswa phakathi nenkathi yamaSoviet aye abuyiselwa isithunzi sawo futhi ayamukelwa. Wathi kufanele abuyiselwe zonke izinto amukwa zona. OFakazi BakaJehova babengenayo ngempela impahla ngesikhathi sokubusa kweSoviet Union, kodwa babuyiselwa igama labo elihle.”

Lelo gama elihle liyasongelwa futhi. UMnu. uLevinson wathi: “Manje, laba bantu bashushiswa ngaphandle kwesizathu kulo kanye izwe elathi liyazisola.”

Umkhankaso Uthinta Abantu

Ingabe umkhankaso wepheshana wawufeza umgomo wawo? UMnu. uLevinson wathi: “Ngesikhathi ngiya emhlanganweni [nabezindaba] ngibone abantu ezitimeleni befunda ipheshana ebelisakazwa oFakazi BakaJehova namuhla eRussia yonkana. . . . Abantu bayalifunda, futhi balifunda ngokukhulu ukucophelela.” * Ngokwesibonelo, nakhu okwashiwo abathile ngalo.

Isalukazi esithile esihlala esifundeni esimaphakathi neRussia, esinabantu abaningi abangamaSulumane, samukela ipheshana futhi sabuza ukuthi likhuluma ngani. Lapho sitshelwa ukuthi likhuluma ngamalungelo nangenkululeko yabantu eRussia, sathi: “Ekugcineni, kunabantu abayisukumelayo le ndaba! Phela iRussia ibuyela emuva ezinsukwini zeSoviet Union. Siyabonga kakhulu. Nenza umsebenzi omuhle!”

Owesifazane waseChelyabinsk owanikezwa leli pheshana wathi: “Bese ngilitholile leli pheshana futhi sengilifundile. Ngisohlangothini lwenu ngokuphelele. Angikholwa ukuthi ikhona enye inkolo engalwela ukholo lwayo ngendlela ehleleke kangaka. Ngiyayithanda indlela enigqoka ngayo futhi njalo nikhuluma ngenhlonipho. Kusobala ukuthi ninokholo oluqinile ezinkolelweni zenu. Ngiyabona ukuthi uNkulunkulu unani.”

ESt. Petersburg, indoda ethile eyathi yayisilitholile ipheshana yabuzwa ukuthi ikuthandile yini ekufunde kulo. Yaphendula: “Impela. Ngesikhathi ngilifunda, ngavukwa uhlevane, ngakhala nokukhala. Ugogo waba yisisulu sokucindezelwa [ngesikhathi kubusa amaSoviet] futhi wangixoxela izinto eziningi ngabantu ayeboshwe nabo. Kwakunezigelekeqe eziningi, kodwa kwakukhona nabangenacala ababeboshwe ngenxa yokholo lwabo. Ngicabanga ukuthi bonke abantu kufanele bazi ukuthi kwénzekani, ngakho nenza into enhle ngempela.”

Ikusasa Libaphatheleni Abantu BaseRussia?

OFakazi BakaJehova bayasazisa isilinganiso senkululeko abebelokhu benaso eRussia phakathi neminyaka engu-20 edlule. Nokho, bayazi ukuthi bangaphucwa yona kalula nje. Kuzobonakala njengoba isikhathi sihamba ukuthi ukunyundelwa ababhekene nakho kusho ukuthi iRussia ibuyela emuva esikhathini sengcindezelo noma cha.

Kunoma yikuphi, bazimisele ngobuqotho ukuqhubeka nomsebenzi wabo wokushumayela isigijimi esiseBhayibhelini sokuthula nethemba, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Ipheshana labo elikhethekile likugoqa ngala mazwi ukuzimisela kwabo: “Imizamo yokusicindezela ayisoze yaphumelela. Ngeke siyeke ukukhuluma ngesu nangenhlonipho ngoJehova uNkulunkulu nangeZwi lakhe, iBhayibheli. (1 Petru 3:15) Asizange siyeke ngesikhathi sihlukunyezwa eJalimane lamaNazi, asizange siyeke ngalesiya sikhathi esinzima sicindezelwa ezweni lethu, futhi ngeke siyeke manje.—IzEnzo 4:18-20.”

^ par. 13 Emahoreni ambalwa ngaphambi kokuba kuqale umhlangano nabezindaba, amabandla oFakazi BakaJehova eMoscow aqala ukusakaza ipheshana.