Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

KUNGANI umculi odumile awushiya phansi umsebenzi wakhe ukuze abe isikhonzi sikaNkulunkulu sesikhathi esigcwele? Isigelekeqe esachazwa yijaji ngokuthi ngeke siphinde silunge sasizwa yini ukuba siguquke sibe yilungu lomphakathi eliwusizo? Funda izindaba ezilandelayo uzwe izimpendulo.

“Akekho Ongakhonza Amakhosi Amabili.”—U-ANTOLINA ORDEN CASTILLO

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1962

IZWE AZALELWA KULO: ISPAIN

UMLANDO: NGANGINGUMCULI NOMDLALI WASESHASHALAZINI

UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa emaphandleni aseTresjuncos esifundeni esibizwa ngokuthi iLa Mancha. Abazali bami babesebenza epulazini. Umama wayengumKatolika, ubaba engumProtestani. Ubaba wangifundisa ukuba ngihloniphe iBhayibheli futhi wayelifunda njalo. Kodwa umama wangikhulisa njengomKatolika futhi wayengiyisa eMiseni njalo ngeSonto.

Lapho ngineminyaka engu-15 ngahamba ekhaya ngayohlala eMadrid nodadewethu omdala. Ngangibakhumbula kakhulu abazali bami kodwa ngagcina ngiyijwayele impilo yasedolobheni. Lapho ngineminyaka engu-17, ngathola ithuba lokusebenza izinyanga ezimbalwa ne-zarzuela—abadlali baseshashalazini nabaculi bezingoma ze-opera zaseSpain. Ngangiyijabulela kakhulu leyo mpilo kangangokuba nganquma ukuba umdlali waseshashalazini. Ngaziyeka izifundo zokuba unobhala engase ngiziqalile, ngaqala ukucula emaqenjini ahlukahlukene omculo we-opera waseSpain. Cishe ngalesi sikhathi ngathandana nomfowabo womngane wami. Ngangizizwa ngibusiseke kakhulu ngokuba nomsebenzi omuhle, imali nesoka.

Ngaqala ukulihamba lonke elaseSpain kanye namaqembu ahlukahlukene omculo we-opera waseSpain. Saya nakwamanye amazwe, njengeColombia, iCosta Rica, i-Ecuador neVenezuela. Ngabuye ngacula namaqembu ahlukahlukene enhlangano yomculo edumile yaseMadrid eyayibizwa ngokuthi yi-“La movida madrileña.” Elinye lamaqembu engangihola phambili kulo lalishisa izikhotha.

Ngangiwuthanda umsebenzi wami kodwa ngangingakuthandi ukuziphatha okubi okwakuhlobene nawo. Ngaphezu kwalokho, ngaqala ukukhathazeka kakhulu ngendlela engibukeka ngayo nokuzigcina ngiyisilomo. Ngazincisha ukudla futhi ngaba ne-anorexia ne-bulimia—izifo ezihlobene nokungakufuni nhlobo ukudla noma ukudla ngokweqile bese wenza izindlela zokukuphalaza.

Nokho, isifiso sami esikhulu sasiwukuba umdlali waseshashalazini. Ngokuhamba kwesikhathi, ngamukelwa eMadrid School of Dramatic Arts. Safundiswa ukuthi ukuba umdlali waseshashalazini kudinga uzifake ngempela ezicathulweni zomlingiswa futhi uhilele neyakho imizwa. Lapho ngenza ngokwaleyo mfundiso, ngaphawula ukuthi anginelisekile ngaphakathi. Ngaqaphela ukuthi ngase ngingomunye umuntu futhi ngizicabangela mina.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngangazi ukuthi uma ngifuna ukuba nezimfanelo ezinhle, kufanele ngizisebenzele. Kodwa ngangingazi ukuthi ngiqalephi. Nganquma ukuya esontweni labavangeli eMadrid engangike ngaya kulo nabazali bami. Ngathandaza kuNkulunkulu ngisebenzisa igama lakhe elithi Jehova.

Ngokushesha ngemva kwalokho, kwafika oFakazi BakaJehova ababili emzini wami. Ngakujabulela ukuxoxa nabo ngeBhayibheli, kodwa okuningi kwalokho ababekufundisa ngangikuphikisa. U-Esther, uFakazi owayengifundela iBhayibheli wangibekezelela kakhulu. Yena nomndeni wakhe bangibonisa uthando nomusa omkhulu. Ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi futhi kungakabiphi ngaqaphela ukuthi ngangithole iqiniso engangilifuna.

Ngemva nje kokuphothula izifundo zokuba umdlali waseshashalazini, ngavulekelwa amathuba amaningi emisebenzi. Ngakhethwa ukuba ngidlale emdlalweni othile enkundleni edumile yemidlalo yaseshashalazini eMadrid. Kodwa ngabona nokuthi ukuze ngiphumelele njengomdlali waseshashalazini, kumelwe ngizinikele ngokuphelele kukho. Nganquma ukuzama ukufuna omunye umsebenzi owawunganginika ithuba lokuba ngigxile ekukhonzeni uNkulunkulu. Ngacabanga ngamazwi kaJesu: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Mathewu 6:24) Isoka lami leminyaka engu-8 lalingahambisani nezinkolelo zami ezintsha, ngakho nganquma ukuhlukana nalo. Zonke lezi zinguquko zazingelula.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Manje umsebenzi wami uwukuhlelela abantu abakhulile imisetshenzana yokuzijabulisa futhi ngisebenza izinsuku ezimbalwa phakathi nesonto. Lokhu kunginika isikhathi esiningi sokushumayeza abantu abakhuluma isi-Arabhu abahlala endaweni yakithi. Ngiyazikhandla ukuze ngifunde lolu limi olusha, kodwa ngikujabulela ngempela ukubatshela izinto ezinhle engiye ngazifunda. Laba bantu banobungane futhi bathanda ngempela ukufunda ngoNkulunkulu.

Umuzwa wokunganeliseki enganginawo ngesikhathi ngifundela ukuba umdlali waseshashalazini awusekho, kunalokho, ukuphila kwami sekunenjongo. UJehova uye wangisiza ngaba umuntu ongcono nojabule.

“Ngiye Ngabonisa Ukuthi Ijaji Lalinephutha.”—UPAUL KEVIN RUBERY

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1954

IZWE AZALELWA KULO: INGILANDI

UMLANDO: NGANGIYISIGELEKEQE ESINOBUDLOVA

UMLANDO WAMI: Ngazalelwa eDudley, idolobha elikhulu lezimboni eWest Midlands. Kusukela ngisemncane, ubaba wagxilisa kimi uthando lokufunda. Wangikhuthaza nokuba ngazise indalo nakuba ayethi yavela ngokuziphendukela kwemvelo. Wangifundisa ukuthi uNkulunkulu akekho. Yize kunjalo, abazali bami bangibhalisa kuSonto-sikole waseWeseli.

Lapho ngineminyaka engu-8, ngabona abafana basendaweni bokhela isikebhe ngomlilo. Kwafika amaphoyisa, kodwa ngesaba ukuwatshela iqiniso. Labo bafana babethé ngingawuthi vú. Kwasolwa mina ngalowo mlilo ngakho ngabamba igqubu. Ukuze ngiziphindiselele, ngacekela phansi izikole zasendaweni, amasonto namafektri, ngabangela umonakalo obiza izinkulungwane zamarandi. Ngesikhathi ngineminyaka eyishumi, ngase ngiqale ukugqekeza izindlu nezitolo. Umlilo wawungithakazelisa futhi ngashisa impahla eningi. Esikoleni, othisha bangichaza ngokuthi ngingukhanda limtshel’ okwakhe.

Lapho ngineminyaka engu-12, ngafunda incwadi ekhuluma ngokusebenzelana nemimoya futhi ngazenzela i-Ouija board. Ngenxa yokuthi abazali bami babengakholelwa kuNkulunkulu, bacabanga ukuthi ayikho ingozi ekuthandeni kwami izinto eziphathelene nemimoya futhi babecabanga ukuthi lokho kuzongisiza ngiyeke ukuganga. Ngesikhathi ngiqeda isikole, ngase ngivele kaningi enkantolo yamacala ezingane. Ngajoyina iqembu elinobudlova elibizwa ngokuthi ama-skinhead. Ngangihlala ngiphethe insingo neketanga lebhayisikili futhi ngikusebenzisa njengezikhali. Ngathola umsebenzi kodwa wangiphelela ngokushesha ngoba ngaboshwa. Ngemva kokukhululwa ejele, ngaqhubeka nokucekela phansi izakhiwo futhi ngaboshwa iminyaka emibili. Ijaji lathi ngeke ngiphinde ngilunge futhi ngiwuhlupho emphakathini.

Ngemva kokuphuma ejele, ngahlangana nentombi yami yakudala, u-Anita. Sashada, futhi okwangaleso sikhathi angizange ngebe noma ngihluphe abanye abantu. Nokho, ngemva kweminyakana, ngaphindela ebugebengwini. Ngaqala ukugqekeza izitolo. Ngadla izidakamizwa, ngangena shí otshwaleni futhi ngangiphatha isibhamu. Ngaphinde ngaboshwa.

Izinto engangizenza zamzwisa ubuhlungu obukhulu u-Anita. Udokotela wakhe wamnika amaphilisi okudambisa ukucindezeleka. Nokho, wamtshela ukuthi ikhambi liwukuba angidivose. Ngiyabonga ukuthi akazange asithathe iseluleko sakhe.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngemva komshado wethu, u-Anita wafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova kodwa wabuye wayeka. Ngesikhathi ngidonsa isigwebo sami sokugcina, waphinde wavakashelwa oFakazi. Kwenzeka isimanga ngoba ngalo lolo suku, nami ngathandaza kuNkulunkulu ngathi: “Uma ngempela ukhona, zibonakalise kimi.”

Ngemva kwezinyangana ngikhululwe ejele, ngaya kumfundisi wendawo ngamcela ukuba asifundise iBhayibheli. Wathi uzosifundisa isivumo sokholo nomthandazo kuphela.

Ekugcineni, ngaqala ukuzifundela iBhayibheli. Ngamangala lapho ngithola ukuthi iBhayibheli liyakulahla ukusebenzelana nemimoya. (Duteronomi 18:10-12) Ngokuhamba kwesikhathi, ngathola ikhophi ye-Nqabayokulinda oFakazi ababeyishiyele u-Anita ngosuku engathandaza ngalo kuNkulunkulu ngicela usizo. Engakufunda kwangenza ngafuna ukuhlangana noFakazi.

Imindeni yethu, abangane kanye nalabo engangiganga nabo abazange bajabule lapho bezwa ukuthi sifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Abanye baze bathi ngiluthiwe. Nokho, iqiniso liwukuthi ingqondo yami yayidinga ukuhlanzwa. Izinto eziningi engangizenza zazibheda, unembeza wami ubuthuntu. Ngaphezu kwalokho, ngangibhema osikilidi abangaba ngu-60 ngosuku. OFakazi abasisiza safunda iBhayibheli kanye nalabo esazihlanganisa nabo ebandleni baba nesineke nomusa. Ekugcineni, ngagqashula emikhubeni yami emibi.—2 Korinte 7:1.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Mina no-Anita sesishade iminyaka engu-35. Sikhonza uJehova nenye yezingane zethu kanye nabazukulu ababili. Eminyakeni yamuva, mina no-Anita siye sakwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe sisiza abanye ukuba bafunde iBhayibheli.

Ukukhonza uJehova uNkulunkulu kuye kwasinika injongo yangempela ekuphileni. Kudala ngawo-1970, ijaji latshela inkantolo ukuthi angisayikuphinde ngilunge. Nokho, ngosizo lukaNkulunkulu nesiqondiso sakhe esiseBhayibhelini, ngiye ngabonisa ukuthi ijaji lalinephutha.