Dlulela kokuphakathi

 Sondela KuNkulunkulu

Ingabe UJehova Unayo Imizwa?

Ingabe UJehova Unayo Imizwa?

UMA impendulo inguyebo, kuphakama omunye umbuzo: Ingabe indlela esiziphatha ngayo iyayithinta imizwa yakhe? Ngamanye amazwi, kungenzeka yini simjabulise noma simzwise ubuhlungu ngezenzo zethu? Ezinye izazi zefilosofi zasendulo zazithi lokho akunakwenzeka. Zazithi akekho umuntu ongathonya indlela uNkulunkulu azizwa ngayo nokuthi akanayo imizwa. Kodwa iBhayibheli lisho okuhlukile, lithi uJehova unozwela. Liphinde lithi ukukhathalela ngokujulile esikwenzayo. Cabanga ngamazwi asencwadini yamaHubo 78:40, 41.

IHubo 78 libukeza indlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo no-Israyeli wasendulo. Ngemva kokukhulula isizwe ebugqilini baseGibhithe, uJehova wasicela ukuba sibe nobuhlobo obukhethekile naye. Wasithembisa ukuthi uma silalela imithetho yakhe, siyoba ‘impahla yakhe ekhethekile’ futhi uyosisebenzisa ngendlela engaphezu kwevamile ukuze agcwalise injongo yakhe. Abantu bavuma futhi bangena esivumelwaneni soMthetho. Ingabe baphila ngokuvumelana nesithembiso sabo?—Eksodusi 19:3-8.

Ayikho into eyigugu kakhulu esingayipha uJehova edlula ukuba siphile ngendlela ejabulisa inhliziyo yakhe

Umhubi uthi: “Yeka ukuthi babedlubulunda kaningi kangakanani kuye ehlane!” (Ivesi 40) Ivesi elilandelayo liyanezela: “Ngokuphindaphindiwe babevivinya uNkulunkulu.” (Ivesi 41) Phawula ukuthi umbhali uchaza umkhuba wabo wokudlubulunda. Lo moya omubi waqala ngokushesha nje ngemva kokuba bekhululwe eGibhithe. Abantu baqala ukukhononda ngoNkulunkulu, bengabaza ukuthi uzokwazi nokuthi uzimisele yini ukubanakekela. (Numeri 14:1-4) Incwadi yabahumushi beBhayibheli ithi igama elithi “babedlubulunda” lingase “lihunyushwe ngokuthi ‘bamelana noNkulunkulu benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni’ noma ‘baphikisana noNkulunkulu.’” Nokho, ngenxa yesihe sakhe, uJehova wayebathethelela lapho bephenduka. Kodwa babebuyela ezindleleni zabo zakudala badlubulunde, futhi abawuyekanga lowo mkhuba.—IHubo 78:10-19, 38.

UJehova wayezizwa kanjani njalo lapho abantu bakhe abaguquguqukayo bedlubulunda? Ivesi 40 lithi: “Babemenza azizwe kabuhlungu.” Enye inguqulo ithi “babemdabukisa.” Enye incwadi yeBhayibheli iyachaza: “Lokhu kusho ukuthi indlela amaHebheru aziphatha ngayo yayizwisa ubuhlungu—njengoba nje kunjalo ngengane engalaleli nedlubulundayo.” Njengoba nje ingane engalawuleki ingazwisa abazali bayo ubuhlungu obukhulu, ama-Israyeli adlubulundayo “amzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.”—Ivesi 41.

Singafundani kuleli hubo? Kuyakhuthaza ukubona ukuthi uJehova usondelene kakhulu nabakhulekeli bakhe futhi akasheshi ukubadikila. Ngesikhathi esifanayo, kuyasangulukisa ukwazi ukuthi unemizwa nokuthi ukuziphatha kwethu kungayithinta indlela azizwa ngayo. Kukuthinta kanjani wena ukwazi lokho? Ingabe kukushukumisela ukuba ufune ukwenza okulungile?

Kunokuba sikwenze umkhuba ukwenza isono futhi sizwise uJehova ubuhlungu, singakhetha ukuhlale senza okulungile ukuze sijabulise inhliziyo yakhe. Yilokho kanye akucelayo nakubakhulekeli bakhe: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule.” (IzAga 27:11) Ayikho into eyigugu kakhulu esingayipha uJehova edlula ukuba siphile ngendlela ejabulisa inhliziyo yakhe.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-July: