Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyozilalela Izixwayiso ZikaJehova Ezicacile?

Ingabe Uyozilalela Izixwayiso ZikaJehova Ezicacile?

Ingabe Uyozilalela Izixwayiso ZikaJehova Ezicacile?

“Nansi indlela. Hambani ngayo.”—ISAYA 30:21.

1, 2. Yini uSathane azimisele ukuyenza, futhi iZwi likaNkulunkulu lisisiza kanjani?

 UPHAWU lomgwaqo olukhomba ohlangothini olungafanele akukhona nje ukuthi luyadukisa; lungaba yingozi. Ake sithi umngane ukuxwayise ngokuthi kunomuntu omubi oshintshe uphawu oluthile ngamabomu ukuze alimaze abantu abahamba kulowo mgwaqo abangaqaphile. Ubungeke yini usilalele leso sixwayiso?

2 Yiqiniso, uSathane uyisitha esibi esizimisele ukusidukisa. (IsAm. 12:9) Wonke amathonya amabi esixoxe ngawo esihlokweni esandulele asungulwa nguye futhi ahloselwe ukusiphambukisa endleleni eholela ekuphileni okuphakade. (Math. 7:13, 14) Siyajabula ngoba uNkulunkulu wethu onomusa uyasixwayisa ukuze singalandeli ‘izimpawu zomgwaqo’ zikaSathane ezidukisayo. Manje ake sixoxe ngamanye amathonya amathathu amabi kaSathane. Njengoba sixoxa ngendlela iZwi likaNkulunkulu elisisiza ngayo ukuba sigweme ukudukiswa, singase sibone ngeso lengqondo uJehova ehamba ngemva kwethu futhi esibonisa indlela efanele, ethi: “Nansi indlela. Hambani ngayo.” (Isaya 30:21) Ukuzindla ngezixwayiso zikaJehova ezicacile kuyoqinisa ukuzimisela kwethu ukuzilalela.

Ungalandeli “Abafundisi Bamanga”

3, 4. (a) Abafundisi bamanga bafana kanjani nemithombo eyomile? (b) Ngokuvamile, bavelaphi abafundisi bamanga, futhi bafunani?

3 Ake uzibone udabula ogwadule. Kude le ubona umthombo futhi uqonde kuwo, unethemba lokuthola amanzi ukuze ucime ukoma. Nokho, lapho ufika, uthole ukuthi womile. Yeka indumalo! Abafundisi bamanga banjengemithombo eyomile. Wonke umuntu oya kubo ukuze athole amanzi eqiniso uyodumazeka kabuhlungu. Esebenzisa abaphostoli uPawulu noPetru, uJehova usixwayisa ngabafundisi bamanga. (Funda izEnzo 20:29, 30; 2 Petru 2:1-3.) Obani laba bafundisi? Amazwi aphefumulelwe alaba baphostoli ababili asisiza ukuba sibone ukuthi abafundisi bamanga bavelaphi nokuthi basebenzisa ziphi izindlela.

4 Ebhalela abadala basebandleni lase-Efesu, uPawulu wathi: “Phakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile.” Ekhuluma namaKristu akanye nawo, uPetru wabhala: “[Kuyoba] khona abafundisi bamanga naphakathi kwenu.” Ngakho, bavelaphi abafundisi bamanga? Bangase bavele phakathi ebandleni. Abantu abanjalo bayizihlubuki. * Bafunani? Akubanelisi ukumane bashiye inhlangano mhlawumbe ababeyithanda ngaphambili. UPawulu wachaza ukuthi injongo yabo ‘iwukumonyula abafundi ukuba babalandele.’ Phawula ukuthi bafuna ukudukisa “abafundi.” Kunokuba ziphume ziyozenzela abazo abafundi, izihlubuki zifuna ukuphuma nabafundi bakaKristu. ‘Njengezimpisi eziphangayo,’ abafundisi bamanga baphume inqina yokushwabadela amalungu ebandla angasoli lutho ngokuqeda ukholo lwawo futhi bawaholele kude neqiniso.—Math. 7:15; 2 Thim. 2:18.

5. Iziphi izindlela ezisetshenziswa abafundisi bamanga?

5 Iziphi izindlela ezisetshenziswa abafundisi bamanga? Izindlela ezinobuqili. Izihlubuki ‘zingenisa ngesinyenyela’ imiqondo eyonakalisayo. Njengabashushumbisi, zisebenza ngendlela yomshoshaphansi, zingenise ngobuqili imibono yokuhlubuka. Njengoba nje umuntu oyiqili ezama ukusebenzisa izincwadi zomgunyathi, nezihlubuki zisebenzisa “amazwi enkohliso,” noma izinkulumo ezingamanga, zizama ukwenza imibono yazo esontekile ibonakale iyiqiniso. Zisakaza ‘izimfundiso zokukhohlisa,’ ‘zisonta imiBhalo’ ukuze ivumelane nemiqondo yazo. (2 Pet. 2:1, 3, 13; 3:16) Kuyacaca ukuthi izihlubuki azisifuneli okuhle. Ukuzilandela kuyosichezukisa endleleni eholela ekuphileni okuphakade.

6. Isiphi iseluleko esicacile iBhayibheli elisinikeza sona ngokuphathelene nabafundisi bamanga?

6 Singazivikela kanjani kubafundisi bamanga? Iseluleko seBhayibheli ngokuphathelene nendlela esingazivikela ngayo kubo sicacile. (Funda amaRoma 16:17; 2 Johane 9-11.) IZwi likaNkulunkulu lithi ‘sibagweme.’ Ezinye izinguqulo zihumusha le nkulumo ngokuthi “bafulathele,” “hlukana nabo” nangokuthi “deda kubo!” Ayikho into edidayo ngalesi seluleko esiphefumulelwe. Ake sithi udokotela ukutshela ukuthi ugweme umuntu onesifo esithathelwanayo, esiyingozi. Uyokwazi ukuthi udokotela usho ukuthini, futhi uyosilalela ngokuqondile isixwayiso sakhe. Izihlubuki ‘ziyagula engqondweni’ futhi zifuna ukuthelela abanye ngezimfundiso zazo zobumbuka. (1 Thim. 6:3, 4) UJehova, uDokotela Omkhulu, usitshela ukuba sizigweme. Siyazi ukuthi usho ukuthini, kodwa ingabe sizimisele ukulalela isixwayiso sakhe kuzo zonke izici?

7, 8. (a) Yini ehilelekile ekugwemeni abafundisi bamanga? (b) Kungani uzimisele ukumelana ngokuqinile nabafundisi bamanga?

7 Yini ehilelekile ekugwemeni abafundisi bamanga? Asibamukeli ezindlini zethu noma sibabingelele. Siyenqaba nokufunda izincwadi zabo, ukubukela izinhlelo ze-TV abavela kuzo, ukungena noma ukuveza uvo lwethu ezingosini zabo. Kungani simelana nabo ngokuqine kangaka? Kungenxa yothando. Sithanda “uNkulunkulu weqiniso,” ngakho, asinasithakazelo ezimfundisweni ezisontekile eziphikisana neZwi lakhe leqiniso. (IHu. 31:5; Joh. 17:17) Sithanda nenhlangano kaJehova eye yasifundisa amaqiniso amangalisayo—ahlanganisa igama likaJehova nencazelo yalo, injongo kaNkulunkulu ngomhlaba, isimo sabafileyo nethemba lovuko. Usayikhumbula yini indlela owazizwa ngayo lapho uqala ukufunda lezi zinto namanye amaqiniso ayigugu? Uvumelani-ke ukudukiswa yinoma ubani onyundela inhlangano eyakufundisa la maqiniso?—Joh. 6:66-69.

8 Kungakhathaliseki ukuthi abafundisi bamanga bangathini, ngeke size sibalandele! Singayelani emithonjeni eyomile ezomane nje isikhohlise futhi isidumaze? Kunalokho, masizimisele ukuhlale siqotho kuJehova nasenhlanganweni osekuyisikhathi eside icima ukoma kwethu ngamanzi ahlanzekile naqabulayo eqiniso elivela eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe.—Isaya 55:1-3; Math. 24:45-47.

Ungalandeli “Izindaba Ezingamanga”

9, 10. Isiphi isixwayiso uPawulu asinikeza uThimothewu ngokuphathelene ‘nezindaba ezingamanga,’ futhi kungenzeka ukuthi uPawulu wayecabanga ngani? (Bheka nombhalo waphansi.)

9 Ngezinye izikhathi, kungase kube lula ukubona ukuthi uphawu lomgwaqo oluthile luphenduliwe lwabhekiswa ohlangothini olungafanele. Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ukubona ukuthi luyakhohlisa. Kungokufanayo nangamathonya kaSathane amabi; amanye asobala kakhulu kunamanye. Umphostoli uPawulu usixwayisa ngelinye lamacebo kaSathane omshoshaphansi—“izindaba ezingamanga.” (Funda eyoku-1 Thimothewu 1:3, 4.) Ukuze singaphambukiswa endleleni eholela ekuphileni, kudingeka sazi ukuthi ziyini izindaba ezingamanga nendlela esingazigwema ngayo.

10 Isixwayiso sikaPawulu ngezindaba ezingamanga siyingxenye yencwadi yakhe yokuqala ayibhalela uThimothewu, umbonisi ongumKristu owathunywa ukuba asize ekulondolozeni inhlanzeko yebandla futhi asize namakholwa akanye nawo ukuba ahlale ethembekile. (1 Thim. 1:18, 19) UPawulu usebenzisa igama lesiGreki elingase libhekisele endabeni eqanjiwe, enganekwaneni noma emangeni. Ngokwe-International Standard Bible Encyclopaedia, leli gama libhekisela “endabeni (yenkolo) engahlobene nesenzakalo esingokoqobo.” Kungenzeka ukuthi uPawulu wayecabanga ngamanga enkolo akhuthazwa izindaba ezithandwayo noma izinganekwane ezihlotshisiwe. * Izindaba ezinjalo “zibangela imibuzo yokucwaningwa”—okungukuthi, ziphakamisa imibuzo engenangqondo eholela ekucwaningeni okungenanzuzo. Izindaba ezingamanga zisetshenziswa umkhohlisi omkhulu, uSathane, osebenzisa amanga enkolo nezinganekwane ezingamhloniphi uNkulunkulu ukuze aphambukise abangaqaphile. Iseluleko sikaPawulu sicacile: Ungazinaki izindaba ezingamanga!

11. USathane uye wayisebenzisa kanjani inkolo yamanga ngobuqili ukuze adukise abantu, futhi ukulalela siphi isixwayiso okuyosisiza ukuba sigweme ukungadukiswa?

11 Iziphi ezinye zezindaba ezingamanga ezingadukisa abangaqaphile? Ngomqondo onabile, inkulumo ethi “izindaba ezingamanga” ingasebenza nakunoma imaphi amanga angokwenkolo noma izinganekwane ezingasenza ‘sifulathele iqiniso.’ (2 Thim. 4:3, 4) USathane, oziguqula “ingelosi yokukhanya,” uye wasebenzisa ngobuqili inkolo yamanga ukuze adukise abantu. (2 Kor. 11:14) Licashe ngobuKristu, eLobukholwa lifundisa izimfundiso—ezihlanganisa uZiqu-zintathu, isihogo somlilo nokungafi komphefumulo—ezigcwele izinganekwane namanga. ELobukholwa libuye likhuthaze amaholidi anjengoKhisimusi nama-Easter, abonakala enamasiko amahle kodwa empeleni amsuka wawo usekelwe ezinganekwaneni nasebuqabeni. Ngokulalela isixwayiso sikaNkulunkulu sokuzehlukanisa futhi ‘siyeke ukuthinta into engcolile,’ ngeke sidukiswe izindaba ezingamanga.—2 Kor. 6:14-17.

12, 13. (a) Imaphi amanga akhuthazwa uSathane, futhi liyini iqiniso ngokuphathelene nendaba ngayinye engamanga? (b) Singakugwema kanjani ukudukiswa izindaba ezingamanga zikaSathane?

12 USathane uye wakhuthaza amanye amanga angasidukisa uma singaqaphile. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa. Yonke into yamukelekileilungile noma ingalungile. Okunqumayo indlela ozizwa ngayo. Lo mbono ukhuthazwa imithombo yabezindaba nokuzijabulisa. Umbono onjalo osontekile ngezindinganiso zikaNkulunkulu usicindezela ukuba sizishaye indiva zonke izimiso zokuziphatha. Iqiniso liwukuthi sinesidingo esikhulu sesiqondiso sokuziphatha okunguNkulunkulu kuphela ongasigcwalisa. (Jer. 10:23) UNkulunkulu ngeke angenele ezindabeni zomhlaba. Ukuthonywa umoya onjalo okhona nsuku zonke kungasenza sibe “abangasebenzi noma abangatheli.” (2 Pet. 1:8) Iqiniso liwukuthi usuku lukaJehova lusondela ngokushesha, futhi kumelwe sihlale silulindele. (Math. 24:44) UNkulunkulu akanandaba nathi ngabanye. Ukukholelwa la manga kaSathane kungasenza sidikibale, sinomuzwa wokuthi asisoze salufanelekela uthando lukaNkulunkulu. Iqiniso liwukuthi uJehova uthanda futhi wazisa abakhulekeli bakhe ngabanye.—Math. 10:29-31.

13 Kumelwe sihlale siqaphile ngoba ukucabanga nezimo zengqondo zezwe likaSathane kungabonakala sengathi kuhle. Nokho, khumbula ukuthi uSathane ungumpetha wokukhohlisa. Singakwazi ukugwema ukudukiswa “izindaba ezingamanga [zikaSathane] eziklanywe ngobuciko [“izinganekwane eziqanjwe ngobuhlakani,” The New American Bible]” kuphela ngokulalela izeluleko nezikhumbuzo eziseZwini likaNkulunkulu.—2 Pet. 1:16.

‘Ungalandeli USathane’

14. Isiphi isixwayiso uPawulu asinikeza abafelokazi abathile abasebasha, futhi kungani sonke kudingeka siwathathe ngokungathí sina amazwi akhe?

14 Ake ucabange ngophawu lomgwaqo oluthi “Yile Indlela Yokulandela USathane.” Ubani kithi obengalulandela lolo phawu? Nokho, uPawulu usixwayisa ngezindlela eziningana amaKristu azinikezele angase ‘aphambukiswe ngazo ukuba alandele uSathane.’ (Funda eyoku-1 Thimothewu 5:11-15.) Amazwi kaPawulu aqondiswe ‘kubafelokazi abasebasha’ abathile, kodwa izimiso akhuluma ngazo zisebenza kithi sonke. Labo besifazane abangamaKristu bekhulu lokuqala kungenzeka babengacabangi ukuthi babelandela uSathane, kodwa ababekwenza kwakufana nokuthi bayamlandela. Singaqapha kanjani ukuba singamlandeli ngisho nangephutha? Ake sihlole isixwayiso sikaPawulu ngokuphathelene nenhlebo elimazayo.

15. Iyini injongo kaSathane, futhi uPawulu uwaveza kanjani amacebo kaSathane?

15 Injongo kaSathane iwukusithulisa ukuze singakhulumi ngokholo lwethu—ukusenza siyeke ukushumayela izindaba ezinhle. (IsAm. 12:17) Ukuze afeze lokhu, uzama ukusenza siphishekele imisebenzi edla isikhathi noma ebangela ukwahlukana. Phawula indlela uPawulu awaveza ngayo amacebo kaSathane. ‘Abavilaphayo, abazulazulayo.’ Kule nkathi yobuchwepheshe, kulula ukuchitha isikhathi sethu nesabanye ezintweni ezingabalulekile, mhlawumbe sithumelelana ama-e-mail angabalulekile noma ngisho angamanga. “Izinhlebi.” Inhlebo elimazayo ingaholela ekunyundeleni, okuvame ukuholela ezingxabanweni. (IzAga 26:20) Kungakhathaliseki ukuthi bayaqaphela noma cha, abanyundeli abanenzondo balingisa uSathane uDeveli. * “Ogaxekile ezindabeni zabanye abantu.” Asinalo ilungelo lokutshela abanye ukuthi mabazisingathe kanjani izindaba zabo. Konke lokhu kuzulazula nokuziphatha okubanga izinkinga kungasiphazamisa emsebenzini esiwabelwe uNkulunkulu wokushumayela ngoMbuso. Uma siyeka ukusekela umsebenzi kaJehova ngentshiseko, siyobe sesiqala ukulandela uSathane. Akukho ukuba phakathi nendawo.—Math. 12:30.

16. Ukulalela ziphi izeluleko okungasenza sigweme ‘ukuphambukiswa ukuba silandele uSathane’?

16 Ukulalela izeluleko zeBhayibheli kungasisiza ukuba sigweme ‘ukuphambukiswa ukuba silandele uSathane.’ Cabanga ngezinye zezeluleko zikaPawulu ezihlakaniphile. Yibani “nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.” (1 Kor. 15:58) Ukuzigcina simatasa emisebenzini yoMbuso kuyosivikela engozini yokuba abavilaphayo neyeminako echitha isikhathi. (Math. 6:33) Khulumani ‘okwakhayo.’ (Efe. 4:29) Zimisele ukuba ungalaleli inhlebo elimazayo futhi ungayisakazi. * Hlakulela ukuwethemba amanye amaKristu futhi uwahloniphe. Ngaleyo ndlela, siyothambekela ekukhulumeni amazwi azowakha kunokuba awalimaze. ‘Nikwenze umgomo wenu ukunaka izindaba zenu siqu.’ (1 Thes. 4:11) Bonisa isithakazelo esiqotho kwabanye, kodwa ukwenze ngezindlela ezibonisa ukuthi uyazihlonipha izindaba zabo siqu futhi awubehlisi isithunzi. Khumbula nokuthi akufanele sigcizelele imibono yethu kwabanye ezindabeni okudingeka bazinqumele kuzo.—Gal. 6:5.

17. (a) Kungani uJehova esixwayisa ngalokho okungafanele sikulandele? (b) Yini ozimisele ukuyenza ngokuphathelene nendlela uJehova afuna sihambe ngayo?

17 Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova usitshela ngokucacile lokho okungafanele sikulandele! Nokho, ungalokothi ukhohlwe ukuthi izixwayiso zikaJehova esikhulume ngazo kulesi sihloko nakwesandulele zishukunyiswa uthando olukhulu analo ngathi. Ufuna ukusiphephisa osizini nasezinhlungwini ezibangelwa ukulandela ‘izimpawu zomgwaqo’ zikaSathane ezidukisayo. Indlela uJehova afuna sihambe ngayo inyinyekile, kodwa iholela endaweni engcono kunazo zonke—ukuphila okuphakade. (Math. 7:14) Kwangathi singentengantenge nanini ekuzimiseleni kwethu ukulalela lo myalo kaJehova: “Nansi indlela. Hambani ngayo.”—Isaya 30:21.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 “Ukuhlubuka” kuwukuqhela ekukhulekeleni kweqiniso, ukuphuma kukho, ukwambuka, ukuvukela, ukushiya.

^ par. 10 Ngokwesibonelo, incwadi kaTobit (uTobias) engekho ohlwini lwezincwadi ezingcwele, eyabhalwa cishe ngekhulu lesithathu B.C.E. futhi eyayisekhona ngosuku lukaPawulu, igcwele izinkolelo-ze nezinganekwane ezingenangqondo zemilingo nobuthakathi ezivezwa njengeziyiqiniso.—Bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 1, ikhasi 122.

^ par. 15 Igama lesiGreki elithi di·aʹbo·los, elihunyushwe ngokuthi “udeveli,” lisho “umnyundeli.” Leli gama lisetshenziswe njengesinye seziqu zikaSathane, umnyundeli omkhulu kunabo bonke.—Joh. 8:44; IsAm. 12:9, 10.

Ungaphendula Kanjani?

Ungazisebenzisa kanjani izixwayiso ezikule miBhalo?

2 Petru 2:1-3

1 Thimothewu 1:3, 4

1 Thimothewu 5:11-15

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 19]

 Ukusakaza Izimpaphe Emoyeni

Inganekwane endala yamaJuda iyibonisa kahle imiphumela yokusakaza inhlebo elimazayo. Ixoxwa ngezindlela ezihlukahlukene kodwa nansi ingqikithi yayo.

Indoda ethile yahambahamba emzaneni othile inyundela indoda ehlakaniphile yakulowo mzana. Kamuva, lo mnyundeli wabona ukuthi wayenza into engalungile futhi wahamba wayoxolisa endodeni ehlakaniphile, eyithembisa ukwenza noma yini edingekayo ukuze alungise umonakalo. Indoda ehlakaniphile yamcela ukuba enze into eyodwa: Lo mnyundeli watshelwa ukuba ahambe ayothatha umcamelo ogxishwe izimpaphe, awuvule futhi asakaze lezo zimpaphe emoyeni. Nakuba lesi sicelo sammangaza, lo mnyundeli wenza njengoba ayeyaliwe, wabe esebuyela endodeni ehlakaniphile.

Wabuza: “Manje usungixolele?”

Indoda ehlakaniphile yaphendula: “Qale uhambe uyobutha zonke leziya zimpaphe.”

“Kodwa ngingazibutha kanjani? Umoya usuzisakazile.”

“Ukulungisa umonakalo obangelwe amazwi akho kunzima njengokubutha lezo zimpaphe.”

Isifundo sisobala. Lapho amazwi esekhulunyiwe ngeke usawagwinya, futhi kungase kungenzeki nhlobo ukulungisa ubuhlungu obuwabangele. Ngaphambi kokuba sisakaze inhlebo ngisho nencane, siyobe sihlakaniphile ukukhumbula ukuthi, empeleni, siyobe sisakaza izimpaphe emoyeni.

[Isithombe ekhasini 16]

Abathile bangazingenisa kanjani izihlubuki emakhaya abo?