Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Ngempela Obusa Izwe?

Ubani Ngempela Obusa Izwe?

Ubani Ngempela Obusa Izwe?

KUNGENZEKA ukuthi awukaze uhlangane nobhongoza bamaqembu ezigelekeqe. Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi abekho? Abaholi bezigelekeqe abeve bekwazi ukuzifihla ukuthi bangobani, bakwazi ngisho nokuqhuba imikhuba yabo bengaphakathi emajele. Nokho, izihloko ezihamba phambili emaphephandabeni ezikhuluma ngemizamo yokulwa nezidakamizwa, amabhizinisi okuthengisa ngomzimba, ukuthengiswa kwabantu, uma sibala ezimbalwa nje, zisikhumbuza ngethonya elibi nemiphumela ebuhlungu yale mikhuba nokuthi bakhona ngempela abantu abenza lezi zinto. Imiphumela esiyibona emiphakathini isitshela ukuthi abaholi bamaqembu ezigelekeqe bakhona.

IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lembula ukuthi uSathane ungumuntu ongokoqobo, futhi njengobhongoza wezigelekeqe onamandla, uyaqinisekisa ukuthi intando yakhe iyenziwa ngokusebenzisa ‘izibonakaliso zamanga’ ‘nenkohliso engalungile.’ Eqinisweni, iBhayibheli lithi “uziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Thesalonika 2:9, 10; 2 Korinte 11:14) Ngokufanayo, ukuba khona kukaDeveli kubonakala ngemiphumela yezinto azenzayo. Nokho, abantu abaningi bakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi kunesidalwa somoya esingabonakali esonakele. Ngaphambi kokuba sihlole kabanzi lokho iBhayibheli elikushoyo ngoDeveli, ake sihlole izinkolelo eziyiphutha nezinto ezivame ukwenza abantu abaningi bangakholelwa ukuthi uDeveli ungumuntu ongokoqobo.

“UNkulunkulu onothando angamdala kanjani uDeveli?” Njengoba iBhayibheli lithi uNkulunkulu ulungile futhi uphelele, umbono wokuthi angadala isidalwa esibi, esinonya nesikhohlakele ungase ubonakale ungqubuzana nalokhu. Iqiniso liwukuthi iBhayibheli alisho ukuthi uNkulunkulu wadala umuntu onjalo. Kunalokho, lisho lokhu ngaye: “IDwala, uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.”—Duteronomi 32:4; IHubo 5:4.

Iphuzu esingalicabangela elokuthi kungenzeka yini ukuba umuntu ophelele odalwe uNkulunkulu enze into embi. UNkulunkulu akadalanga izidalwa zakhe zafana namarobhothi, kunalokho wazinika inkululeko yokuzikhethela—ikhono lokuzenzela izinqumo. Ngakho, isidalwa esiphelele nesihlakaniphile singakhetha ukwenza okuhle noma okubi. Empeleni, isenzo sesidalwa esihlakaniphile esinikwe inkululeko yokuzikhethela, kungakhathaliseki ukuthi siwumuntu noma siwumoya, sembula ubunjalo baso.

Ngakho-ke, kunengqondo ukuthi uNkulunkulu wayengeke anike izidalwa zakhe inkululeko yokukhetha indlela yokuziphatha bese ezivimbela ukwenza okubi uma zikhetha ukukwenza. UJesu wakhuluma ngokusebenzisa kabi inkululeko yokuzikhethela lapho ethi ngoDeveli: “Akazange ame aqine eqinisweni.” (Johane 8:44) La mazwi abonisa ngokucacile ukuthi lowo owaba uDeveli wadalwa eyisidalwa somoya esiphelele, esasike ‘sama saqina eqinisweni.’ * Lapho uJehova uNkulunkulu edala izidalwa zakhe wazinika inkululeko yokukhetha indlela yokuziphatha ngoba uyazithanda futhi uyazethemba.—Bheka ibhokisi elithi  “Kungenzeka Yini Isidalwa Esiphelele Silahlekelwe Ukuphelela?” ekhasini 6.

“UDeveli uyinceku kaNkulunkulu” Abanye bacabanga ukuthi iBhayibheli liyawusikisela lo mbono encwadini kaJobe. Ngokusho kwenye incwadi ehlaziya iBhayibheli, amazwi athi uDeveli ‘wayezulazula emhlabeni’ abhekisela endimeni yezinhloli zasendulo zasePheresiya, ezazihamba ziyohlola bese zibuya nombiko zibikele inkosi yazo. (Jobe 1:7) Nokho, uma ngempela uDeveli ayeyinhloli kaNkulunkulu, kungani kwadingeka achazele uNkulunkulu ukuthi wayebuya “ekuzulazuleni emhlabeni”? Ukulandisa kukaJobe akubonisi nakancane ukuthi uDeveli wayesebenzelana noNkulunkulu, kunalokho kumbiza ngokuthi uSathane, okusho “uMphikisi,” okubonisa ukuthi empeleni uyiSitha esikhulu sikaNkulunkulu. (Jobe 1:6) Wavelaphi-ke umqondo wokuthi uDeveli uyinceku kaNkulunkulu?

Ekuqaleni kwekhulu lokuqala C.E., imibhalo engekho ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli “njengeNcwadi YamaJubili” kanye “noMthetho Ovamile” yehlelo laseQumran, yathi uDeveli wenza isivumelwano noNkulunkulu futhi wazithoba entandweni yaKhe. Encwadini ethi Mephistopheles, isazi-mlando uJ. B. Russell sathi uMgqugquzeli Wezinguquko uMartin Luther wayebheka uDeveli njengethuluzi likaNkulunkulu, “elifana negeja alisebenzisela ukulima insimu yakhe.” URussell wanezela wathi lo mbono usho ukuthi “igeja liyakujabulela ukususa ukhula,” kodwa liqhubeka lisesandleni sikaNkulunkulu esinamandla, kanjalo lifeze intando yakhe. Imfundiso kaLuther—kamuva eyamukelwa isazi semfundiso yenkolo saseFrance uJohn Calvin—yenza amakholwa amaningi aqala ukubheka uNkulunkulu njengongenabo ubulungisa. Kungenzeka kanjani ukuba uNkulunkulu onothando angagcini nje ngokuvumela ububi kodwa aze abubangele? (Jakobe 1:13) Le mfundiso, kuhlanganise nezinto ezethusayo zangekhulu lama-20, yenza abaningi bangakholelwa kuNkulunkulu nakuDeveli.

“UDeveli umane nje uwububi” Ukubheka uDeveli njengobubi nje kungase kwenze eminye imiBhalo yeBhayibheli ingaqondakali. Ngokwesibonelo, ngokwalokho esikufunda kuJobe 2:3-6, wayekhuluma nobani uNkulunkulu? Ingabe wayekhuluma nobubi obungaphakathi kuJobe, noma mhlawumbe wayekhuluma yedwa? Ngaphezu kwalokho, ingabe uNkulunkulu wayengancoma izimfanelo ezinhle zikaJobe ngesikhathi esifanayo avumele ukuba avivinywe ububi? Ukusikisela ukuthi uNkulunkulu angenza into enjalo bekuyosho ukuthi unguMuntu okhohlakele, hhayi umuntu “okungekho ukungalungi kuye.” (IHubo 92:15) Ngokuphambene, uNkulunkulu wenqaba ‘ukwelula isandla sakhe’ ukuze alimaze uJobe. Kusobala ukuthi uDeveli akabona ububi noma ubuntu bukaNkulunkulu obubi, kodwa ungumuntu womoya owazenza yena iSitha sikaNkulunkulu.

Ubani Ngempela Obusa Izwe?

Namuhla abaningi banomuzwa wokuthi sesadlula isikhathi sokukholelwa kuDeveli. Nokho, ayikho incazelo egculisayo yokuthi ubani obangela ububi obungaka emhlabeni uma kuthiwa akuyena uDeveli. Eqinisweni, umzamo wokuphika ukuthi uDeveli ukhona uye wenza abantu abaningi benqaba uNkulunkulu, kuhlanganise nayo yonke imithetho yokuziphatha.

Imbongi yangekhulu leminyaka le-19, uCharles-Pierre Baudelaire, yabhala: “Iqhinga elikhulu likadeveli, ukusenza sikholwe ukuthi akekho.” Ngokuzifihla ukuthi ungubani, eqinisweni uye wenza abantu bangabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. Uma kuwukuthi uDeveli akekho, lokho bekungeke yini kusho ukuthi nguNkulunkulu obangela bonke ububi? Akukhona yini lokho kanye uDeveli afuna ukuba abantu bakukholelwe?

Kuhle kukabhongoza wezigelekeqe, uDeveli uyazifihla ukuthi ungubani ukuze afeze umgomo wakhe. Uyini lowo mgomo? IBhayibheli liyaphendula: ‘Unkulunkulu walesi simiso sezinto uye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa, ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu.’—2 Korinte 4:4.

Kusele umbuzo wokugcina obalulekile. Yini uNkulunkulu azoyenza ngalo ngqondongqondo ozifihlayo obangela bonke ububi nokuhlupheka? Sizoxoxa ngalokho esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 6 Ukuze uqonde ukuthi kungani uNkulunkulu engazange avele akuqede ngaso leso sikhathi ukuhlubuka kukaDeveli, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Ingabe uDeveli uyinceku kaNkulunkulu noma ungumphikisi wakhe?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

 Kungenzeka Yini Isidalwa Esiphelele Silahlekelwe Ukuphelela?

Ukuphelela uNkulunkulu akunikeze izidalwa zakhe ezihlakaniphile kunemingcele. Nakuba u-Adamu adalwa ephelele, kwakudingeka ayihloniphe imithetho ayeyibekelwe uMdali wakhe. Ngokwesibonelo, wayengeke adle udoti, amatshe noma izinkuni kodwa kungenzeki lutho. Uma ayengawushaya indiva umthetho wamandla adonsela phansi agxume esuka eweni eliphakeme, wayengafa noma alimale kabi.

Ngokufanayo, asikho isidalwa esihlakaniphile—esingumuntu noma esiyingelosi—esingeqa imingcele yokuziphatha ebekwe uNkulunkulu ngaphandle kokuzichaya emiphumeleni ebuhlungu. Ngakho, lapho isidalwa esihlakaniphile siyisebenzisa kabi inkululeko yaso yokuzikhethela, siwela kalula esonweni.—Genesise 1:29; Mathewu 4:4.