Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Imikhiqizo Yezolimo Eyisikhombisa” Yezwe Elihle

“Imikhiqizo Yezolimo Eyisikhombisa” Yezwe Elihle

“Imikhiqizo Yezolimo Eyisikhombisa” Yezwe Elihle

EBHAYIBHELINI, izwe lakwa-Israyeli lichazwa njengezwe elinamagquma nemihosha, amathafa agudle ugu, imifula neziphethu. Njengoba umhlabathi nesimo sezulu kwakungefani, kuhlanganise nezindawo eziwugwadule eziseningizimu kanye nezintaba ezilala iqhwa enyakatho, leli zwe lalikhiqiza izinhlobonhlobo zezilimo. Ngesikhathi uMose esiza ama-Israyeli ukuba alilangazelele nakakhulu ‘izwe elihle’ ayebheke kulo, walibiza ngokuthi “izwe likakolweni nebhali nemivini namakhiwane namahalananda, izwe leminqumo yamafutha noju,” ebala kuphela imikhiqizo yezolimo eyisikhombisa.—Duteronomi 8:7, 8.

Kuze kube namuhla, amazwi athi “imikhiqizo yezolimo eyisikhombisa” asashiwo lapho kuchazwa izivuno zaleli zwe. Kunezikhathi ezihlukahlukene lapho imifanekiso yalezi zilimo yayivela ezinhlamvini zemali nasezitembini njengophawu lokuvunda komhlabathi. Zazilinywa kanjani lezi zilimo ngezikhathi zeBhayibheli? Zazinayiphi indima ekuphileni kwabantu? Ake sibone.

‘Ukolweni Nebhali’ Nakuba ukolweni nebhali kwakulinywa kanye kanye ekwindla, ibhali lalivuthwa kusasele inyanga ngaphambi kukakolweni. Izithungu zolibo zebhali zaziyiswa ethempelini zibe umnikelo kuJehova phakathi noMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngo-March noma ngo-April. Ngakolunye uhlangothi, kwakunikelwa ngezinkwa zikakolweni phakathi noMkhosi Wamasonto noma ngePhentekoste, ngo-May.—Levitikusi 23:10, 11, 15-17.

Amakhulu ngamakhulu eminyaka kuze kube muva nje, abalimi bakwa-Israyeli babefaka imbewu emphethweni wengubo, bese betshala leyo mbewu yokusanhlamvu ngesandla ngokuyisakaza emhlabathini. Izinhlamvu zebhali zazimane zisakazwe emhlabathini. Nokho, imbewu kakolweni yayidinga ukugqitshwa. Kwakusetshenziswa izilwane ezilimayo ukuze ziyigqibe noma kuphindwe kulinywe insimu.

IBhayibheli libhekisela kaningana ekulimeni, ekuvuneni, ekubhuleni, ekweleni nasekugayeni okusanhlamvu. Isinyathelo ngasinye sasidinga ukuzikhandla okukhulu. Nsuku zonke, okusanhlamvu okuvuniwe kwakugaywa ekhaya kube ufulawa bese kubhakwa isinkwa esizodliwa umndeni wonke. Lokhu kuwenza acace amazwi kaJesu awumyalo wokuthandazela “isinkwa sethu semihla ngemihla.” (Mathewu 6:11, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Abantu bangezikhathi zeBhayibheli babesidla njalo isinkwa esibhakwe ngokolweni noma ngofulawa webhali.—Isaya 55:10.

‘Imivini Namakhiwane Namahalananda’ Ngemva kokuhola abantu bakubo ehlane iminyaka engu-40, uMose wabatshela ngekusasa eliqhakazile elaliphambi kwabo—ukudla izithelo zeZwe Lesithembiso. Eminyakeni engu-40 ngaphambili, izinhloli eziyishumi zabuya nani ekamu lama-Israyeli ehlane njengobufakazi bokuthi iZwe Lesithembiso liyathela? Zabuya ‘nehlumela elalinehlukuzo elilodwa lamagilebhisi’ elalisinda kangangokuba kwadingeka ukuba litshathwe ‘ngogodo amadoda amabili.’ Zabuya nanamakhiwane namahalananda. Yeka indlela ama-Israyeli ajabula ngayo ngokudla lezo zithelo eziconsisa amathe njengoba ayezulazula ogwadule! Lawo kwakungamazwibela ezinto ezinhle!—Numeri 13:20, 23.

Umvini wawudinga ukunakekelwa zikhathi zonke—ukuthenwa, ukuniselwa nokuvunwa—ukuze uqhubeke uthela. Udonga lokubiyela, amathala ahlelwe kahle nendlu yomqaphi kwakubonisa ukuthi isivini sinakekelwa kahle. Ama-Israyeli aba nekhono lokunakekela isivini futhi ayazi ukuthi yini eyayiyokwenzeka uma engasinaki.—Isaya 5:1-7.

Uma amagilebhisi esevuniwe, kwakuqala umsebenzi wokwenza iwayini. Amahlukuzo amagilebhisi ayekhanyelwa emphongolweni noma esikhamweni sewayini. Ujusi wawubiliswa ukuze kukhishwe ushukela wawo wemvelo noma uvutshelwe ukuze ube iwayini. Umhlabathi wakwa-Israyeli wawubusiswe ngezimo ezivumayo zokuba kutshalwe amagilebhisi kwenziwe newayini. *

Abantu abahlala kude namazwe lapho kulinywa khona amakhiwane kungenzeka baye babone kuphela amakhiwane omisiwe nezinhlobo zawo ezikhanyiwe. Ikhiwane elisanda kukhiwa esihlahleni lihluke kakhulu—linoshukela futhi limnandi. Ukuze angonakali nangemva kwesikhathi esifushane sokuvuna, amakhiwane kufanele omiswe bese efakwa ezitsheni. IBhayibheli likhuluma kaningi ‘ngamaqebelengwane amakhiwane agxishiwe.’—1 Samuweli 25:18.

Uma uhluba ihalananda elivuthiwe, uthola “izithelo ezincane” eziningi ezinqwabelene, ezilungele ukudliwa noma okungenziwa ngazo ujusi—zimnandi, zinempilo futhi ziconsisa amathe. Ukwaziswa kwehalananda kubonakala ngokuthi umphetho wenye yezingubo zompristi ophakeme wawuhlotshiswa ngawo, futhi ayebekwa ezinsikeni zethempeli likaSolomoni.—Eksodusi 39:24; 1 AmaKhosi 7:20.

“Iminqumo Noju” IBhayibheli likhuluma cishe izikhathi ezingaba ngu-60 ngeminqumo, umthombo owaziswayo wokudla namafutha. Izixhobo zeminqumo zisatholakala ezindaweni eziningi kwa-Israyeli. (Duteronomi 28:40) Kuze kube namuhla, imindeni emiphakathini eminingi ijabulela ukuvuna ngenyanga ka-October. Abavuni bashaya amagatsha esihlahla ukuze kuqathake iminqumo, bese becosha ewele phansi. Iminqumo iyalondolozwa futhi idliwe umndeni unyaka wonke noma iyiswe esikhamweni samafutha somphakathi. Eqinisweni, abavubukuli baye bathola izikhamo zasendulo ezinhlobonhlobo. Namuhla, kuyathakazelisa ukubona amafutha aluhlazana ethelwa ezitsheni ukuze imindeni iwasebenzise unyaka wonke noma ukuze adayiswe. Ngaphandle nje kokusetshenziswa ekudleni, amafutha omnqumo aphinde asetshenziswe ezimonyweni nasekukhanyiseni izibani.

Uju uMose akhuluma ngalo kungenzeka ukuthi lwalwenziwe izinyosi noma lwaluwusulubha ovela emakhiwaneni noma kumagilebhisi. Uju olwenziwe ngalezi zithelo lusasetshenziswa kakhulu njengoshukela. Kodwa uju okukhulunywa ngalo ekulandiseni kweBhayibheli ngoSamsoni noJonathani kusobala ukuthi lwaluwuju lwasendle oluphuma emakhekhebeni. (AbaHluleli 14:8, 9; 1 Samuweli 14:27) Indawo etholakale muva nje enezidleke zezinyosi ezingaphezu kuka-30, eTel Rehov enyakatho yakwa-Israyeli, ibonisa ukuthi ukufuya izinyosi kwakuvamile ngisho nangezinsuku zikaSolomoni.

Namuhla, noma ubani ohamba emakethe emibalabala kwa-Israyeli—enamabhikawozi namatafula abathengisi agcwele izithelo nemifino—uyothola inqwaba ‘yemikhiqizo yezolimo eyisikhombisa’ ngezinhlobo ezehlukahlukene. Yiqiniso, le mikhiqizo eyisikhombisa ayilutho uma iqhathaniswa nezinhlobonhlobo zokudla okutholakala endaweni. Izindlela zokulima zanamuhla zenza amanye amazwe akwazi ukutshala izilimo zakwelinye izwe. Le nala yokudla ibonisa ukuthi lesi siqeshana sezwe sibizwa kufanele ngokuthi ‘izwe elihle.’—Numeri 14:7.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Amagilebhisi ayebuye omiswe ukuze kwenziwe amagilebhisi omisiwe.—2 Samuweli 6:19.

[Isithombe ekhasini 11]

Ukolweni

[Isithombe ekhasini 11]

Ibhali

[Isithombe ekhasini 12]

Imivini

[Isithombe emakhasini 12, 13]

Amakhiwane

[Isithombe ekhasini 12]

Amahalananda

[Isithombe ekhasini 13]

Uju

[Isithombe ekhasini 13]

Iminqumo