Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ethunzini Lentaba Yomlilo

Ethunzini Lentaba Yomlilo

Incwadi Evela ECongo (Kinshasa)

Ethunzini Lentaba Yomlilo

EKUNTWELENI kokusa, isibhakabhaka sibukeka sibomvana laphaya edolobheni laseGoma. Nsuku zonke ukhangwa ubuhle obumangalisayo beNtaba iNyiragongo, enye yezintaba ezikhona emhlabeni ezingakayeki ukuqhuma. Ngaso sonke isikhathi ihlale ishunqa intuthu. Ebusuku iba bomvu klebhu ngenxa yodaka lwentaba-mlilo.

NgesiSwahili, le ntaba ibizwa ngokuthi i-Mulima ya Moto—iNtaba Yomlilo. Ukuqhuma okukhulu kwale ntaba-mlilo iNyiragongo kwenzeka ngo-2002. Omakhelwane bethu abaningi nabangane lapha eGoma balahlekelwa yikho konke. Kwezinye izindawo ezibudebuduze mina nomyeni wami esishumayela kuzo, sihamba phezu kodaka olomile lwentaba-mlilo, okungenza ngizibuze ukuthi kazi kunjani ukuhamba enyangeni. Abantu balapha bahluke kakhulu odakeni oluqinile lwentaba-mlilo. Banomdlandla futhi banezinhliziyo ezinhle ezithambekele ekwamukeleni izindaba ezinhle esizimemezelayo. Lokhu kwenza ukushumayela ethunzini leNtaba Yomlilo kube yisenzakalo esijabulisayo.

NgoMgqibelo, ngavuka ekuseni ngibheke phambili kulolo suku. Mina nomyeni wami, kanye nabangane bethu abasivakashele nezithunywa zevangeli esikhonza nazo, sasizochitha usuku lonke sishumayela ekamu lababaleki eMugunga, ngaphandle nje kwedolobha entshonalanga. Abantu abaningi abalapho babaleka ngenxa yobudlova obudlange emadolobheni akubo.

Salayisha evenini izincwadi zeBhayibheli zesiFulentshi, isiKiswahili nesiKinyarwanda. Sabe sesingena indlela. Njengoba sasihamba emgwaqeni iRoute Sake onezikhinsi, saqhamukela edolobheni elichwazayo. Izinsizwa zase ziqalile ukuhudula izihlibhi zazo ezigcwele izimpahla ezibizwa ngokuthi ama-chukudu. Abesifazane ababhince amabhayi amibalabala babezihambela kamnandi eceleni komgwaqo bethwele izinyanda ezinkulu. Izithuthuthu zazehla zenyuka zithutha abantu abaya emsebenzini nasemakethe. Uma uqalaza ngapha nangapha ukhangwa izindlu ezakhiwe ngokhuni olunsundu zapendwa ngombala oluhlaza.

Safika eHholo LoMbuso laseNdosho ukuze sihlangane nabanye oFakazi BakaJehova ababezoshumayela nathi ekamu. Ngathinteka lapho ngibona intsha, abafelokazi, izintandane nabakhubazekile. Abaningi babo baye babhekana nosizi olukhulu kodwa baye bathuthukisa ukuphila kwabo ngokukhetha ukuphila ngemithetho yeBhayibheli. Ithemba elinikezwa iBhayibheli liyabaphilisa futhi bamagange ukutshela abanye ngalo. Ngemva komhlangano omfushane wokusihlomisa ngamavesi athile eBhayibheli ayeyoba isikhuthazo kubantu esasizokhuluma nabo, singu-130 sagibela amabhasi amancane amahlanu neveni.

Ngemva kwemizuzu engaba ngu-30, safika ekamu. Kwakunamakhulu amatende amhlophe ayegxunyekwe phezu kodaka olomile lwentaba-mlilo. Maphakathi nekamu kwakunezindlu zangasese ezihlelwe kahle nezindawo zokuwasha izingubo. Abantu babegcwele yonke indawo—bewasha, bepheka, behluba ubhotshisi beshanela amabala phambi kwamatende abo.

Sahlangana nendoda okuthiwa uPapa Jacques oyinduna yengxenye ethile yekamu. Wayekhathazekile ngendlela yokukhulisa izingane zakhe kulezi zikhathi ezinzima. Wajabula lapho simshiyela incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo futhi wathi angathanda ukuyifunda ngemva kwalokho abize amaqenjana abantu ukuze awaxoxele ngalokho akufundile.

Buqamama, sahlangana nowesifazane obizwa ngokuthi uMama Beatrice. Wasibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka. Wayenomuzwa wokuthi ujeziswa uNkulunkulu. Umyeni wakhe wabulawa empini, indodakazi yakhe engashadile futhi enomntwana idonsa kanzima njengoba ikhulisa ingane yayo ekamu, futhi kwase kuphele izinyanga indodana yakhe ithunjiwe, engazi nokuthi ikuphi.

Ukukhala kukaMama Beatrice kwangikhumbuza indlela okumelwe ukuba uJobe wazizwa ngayo lapho ethola izindaba ezimbi. Sambonisa izizathu zokuhlupheka futhi samqinisekisa ukuthi ukuhlupheka kwakhe akusona isijeziso esivela kuNkulunkulu. (Jobe 34:10-12; Jakobe 1:14, 15) Saphinde sambonisa izinguquko uNkulunkulu azoziletha maduze emhlabeni ngoMbuso wakhe. Waswabuluka waqala nokumomotheka. Wasitshela ukuthi uzimisele ukuqhubeka etadisha iBhayibheli nokucela usizo kuNkulunkulu ngomthandazo.

Bonke esasihamba nabo balujabulela usuku, futhi sonke sasinomuzwa wokuthi uJehova usisize ngempela ukuba sinike abantu esasihlangana nabo ithemba nesikhuthazo. Lapho sesihamba, izakhamuzi eziningi zaphakamisa amapheshana, omagazini nezincwadi zasivayizela ngazo.

Endleleni ebheke ekhaya ngazindla ngokwakwenzekile. Angive ngilwazisa loluya suku olukhethekile. Ngacabanga ngokwazisa okwakuboniswe uPapa Jacques, impumuzo eyayibhalwe ebusweni bukaMama Beatrice, kanye nokuxhawulwa isandla esifudumele sikagogo owayengakhulumi kakhulu kodwa owayevele amomotheke. Ngacabanga ngentsha eyayingibuze imibuzo enengqondo nebonisa ukuvuthwa okudlula iminyaka yayo. Bangihlaba umxhwele abantu abakwazi ukumomotheka nokuhleka naphezu kokuhlupheka okunzima kangaka.

Kuleli zwe kunabantu abaningi abazama ngobuqotho ukusiza abahluphekayo. Ngalolo suku, ngaba nelungelo lokusebenzisa iBhayibheli ukuze ngibonise abantu isixazululo esihlala njalo sezinkinga zabo. Ngijabula kakhulu ngokuthi nginengxenye kulokhu kunikezwa okukhulu kosizo olungokomoya kolwake lwaba khona emhlabeni.