Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehova

Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehova

Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehova

KUFIKANI engqondweni yakho uma ucabanga ngoDavide waseBhayibhelini? Ingabe kufika ukunqoba kwakhe umdondoshiya ongumFilisti, uGoliyati? Ukubalekela kwakhe ehlane ngenxa yokuzingelwa iNkosi uSawule? Isono sakhe noBhati-sheba nobunzima abhekana nabo ngenxa yaso? Noma mhlawumbe kufika izinkondlo zakhe eziphefumulelwe ezisencwadini yeBhayibheli yamaHubo?

UDavide wathola amalungelo amaningi ekuphileni kwakhe, wanqoba izimpi, wabhekana nezinsizi. Nokho, isici esenza simthande kakhulu sachazwa umprofethi uSamuweli—wazibonakalisa ‘engumuntu ovumelana nenhliziyo kaJehova.’—1 Samuweli 13:14.

Isiprofetho sikaSamuweli sagcwaliseka ngesikhathi uDavide esemncane. Ngeke yini wathanda ukuchazwa njengomuntu ovumelana nenhliziyo kaJehova? Ngakho, yini ongayifunda ekuphileni kukaDavide, ikakhulukazi lapho esakhula, engakusiza ukuba ube onjalo? Ake sibone.

Umndeni Wakubo Nomsebenzi Wakhe

Kubonakala sengathi uJese, uyise kaDavide nomzukulu kaRuthe noBhowazi, wayeyinceku kaNkulunkulu ezinikezele. Lapho uDavide, abafowabo abangu-7 nodadewabo ababili besebancane, uJese wabafundisa uMthetho KaMose. Kwelinye lamahubo akhe, uDavide uzibiza ngendodana “yencekukazi” kaJehova. (IHubo 86:16) Lokhu kuye kwenza abanye baphetha ngokuthi unina kaDavide, ongabizwa ngegama eBhayibhelini, naye waba negalelo ekumfundiseni ngoNkulunkulu. Esinye isazi sithi: “Kumelwe ukuba wazizwa ngonina kuqala izindaba ezithakazelisayo zokusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu bakhe,” kuhlanganise nomlando kaRuthe noBhowazi.

Siqala ukuzwa ngoDavide esengumfana omncane olusa izimvu zikayise. Kumelwe ukuba lo msebenzi wawuhilela ukuchitha isikhathi esiningi, ubusuku nemini eyedwa endle. Zama ukukubona ngeso lengqondo lokhu.

Umndeni wakubo kaDavide uhlala eBhetlehema, umuzi omncane osesiqongweni nasemithambekeni yokhalo emagqumeni akwaJuda. Amasimu aseBhetlehema anomhlabathi onamatshe futhi ukhiqiza izivuno ezinhle zokusanhlamvu. Imithambeka namathafa kumbozwe amasimu ezithelo, izixhobo zeminqumo nezivini. Osukwini lukaDavide, izinkalo ezingalinyiwe cishe zazivame ukuba amadlelo. Ngalé kwazo kwakunehlane lakwaJuda.

Umsebenzi kaDavide wokwelusa wawuyingozi. Ngolunye usuku wazithela phezu kwebhubesi nebhere okwakuzama ukudwengula izimvu. * Le nsizwa enesibindi yabhekana ngqo nalezi zilwane, yazibulala futhi yophula izimvu emlonyeni wazo. (1 Samuweli 17:34-36) Mhlawumbe kuphakathi nalesi sikhathi lapho afunda khona ukusebenzisa isihlilingi. Budebuduze nomuzi wakubo kwakunendawo yakwaBhenjamini. Amadoda aleso sizwe ayengabajikijeli bamatshe ‘abangageji ngisho unwele’ ngesihlilingi. UDavide wayenemba kanjalo.—AbaHluleli 20:14-16; 1 Samuweli 17:49.

Wayesisebenzisa Kahle Isikhathi

Ukwalusa kwakwenza umalusi achithe isikhathi esiningi eyedwa futhi ethule. Kodwa uDavide akazange avume ukubulawa isizungu. Kunalokho, leso sikhathi sokuba yedwa samnika amathuba amaningi okuzindla. Kubonakala sengathi ezinye zezinto azibhala emahubweni akhe yizinto azicabanga esemusha. Kungenzeka yini ukuthi phakathi nalezo zikhathi wacabanga ngenjongo yokuba khona komuntu nendalo yasezulwini emangalisayo—ilanga, inyanga nezinkanyezi, “imisebenzi yeminwe [kaJehova]”? Kungenzeka yini ukuthi wayesemasimini azungeze iJerusalema ngesikhathi ezindla ngezwe elikhiqizayo, izinkomo nezinkabi, izinyoni “nezilwane zasendle”?—IHubo 8:3-9; 19:1-6.

Akungabazeki ukuthi okuhlangenwe nakho kukaDavide njengomalusi kwamenza wasizwa ngokujulile isihe uJehova anaso ngezinceku zaKhe ezithembekile. Wahlabelela: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho. Ungilalisa emadlelweni anotshani; ungihola ngasezindaweni zokuphumula ezithola amanzi anele. Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami; induku yakho nodondolo lwakho yikho okungiduduzayo.”—IHubo 23:1, 2, 4.

Kungenzeka uyazibuza ukuthi konke lokhu kukuthinta kanjani wena. Impendulo iwukuthi esinye isizathu esenza uDavide waba nobuhlobo obufudumele noJehova futhi wabizwa ‘ngomuntu ovumelana nenhliziyo yakhe,’ ukuthi wayezindla ngokujulile ngemisebenzi kaJehova nangobuhlobo bakhe noNkulunkulu. Ingabe kungashiwo okufanayo ngawe?

Wake wazizwa yini ushukumiseleka ukuba udumise futhi ukhazimulise uMdali ngemva kokubukisisa okuthile akudalile? Wake wayizwa yini inhliziyo yakho iphuphuma uthando ngoJehova ngemva kokubona izimfanelo zakhe endleleni asebenzelana ngayo nabantu? Njengoba kulindelekile, ukuze ukwazi ukuba nokwazisa okunjalo ngoJehova, kudingeka uzinike isikhathi sokuba wedwa, uthandaze futhi uzindle ngeZwi likaNkulunkulu nendalo yakhe. Ukuzindla okunjalo kungakusiza ukuba umazi kahle uJehova—ngaleyo ndlela umthande. Abasha nabadala bangalithola leli lungelo. Kubonakala sengathi uDavide waqala ukusondelana noJehova kusukela esemncane. Sikwazi kanjani lokho?

Ukugcotshwa KukaDavide

Lapho sekubonakala ukuthi iNkosi uSawule ayikufanelekeli ukuhola abantu bakaNkulunkulu, uJehova watshela umprofethi uSamuweli: “Kuyoze kube nini ulilela uSawule, kuyilapho mina, ngakolunye uhlangothi, ngimalile ukuba angabe esabusa njengenkosi phezu kuka-Israyeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha uhambe. Ngizokuthuma kuJese waseBhetlehema, ngoba ngizilungiselele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”—1 Samuweli 16:1.

Lapho umprofethi kaNkulunkulu efika eBhetlehema, wacela ukuba uJese abize amadodana akhe. Iyiphi phakathi kwawo uSamuweli ayezoyigcoba njengenkosi? Lapho ebona ukwakheka kahle kuka-Eliyabe, indodana endala, uSamuweli wacabanga: ‘Nguyena lo.’ Kodwa uJehova watshela uSamuweli: “Musa ukubheka ukubonakala kwakhe nokuphakama kwesiqu sakhe, ngoba ngimalile. Ngoba indlela uNkulunkulu abona ngayo akuyona indlela umuntu abona ngayo, ngoba umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.” UJehova wamenqaba no-Abhinadaba, uShamumaha nabanye abafowabo abane. Ukulandisa kuqhubeka kuthi: “Ekugcineni uSamuweli wathi kuJese: ‘Ingabe sebephelele abafana?’ Wathi: ‘Kuze kube manje ngomncane kubo osasele, futhi bheka! weluse izimvu.’”—1 Samuel 16:7, 11.

Impendulo kaJese izwakala isikisela ukuthi wayethi: ‘Akunakwenzeka ukuthi ufuna uDavide.’ Njengoba ayenguthunjana futhi enganakekile kangako emndenini, uDavide wayenikwe umsebenzi wokuqapha izimvu. Kodwa nguyena owayekhethwe uNkulunkulu. UJehova ubheka inhliziyo, futhi kusobala ukuthi wabona okuthile okuyigugu enhliziyweni yalo mfana. Ngakho, lapho uJese esemlandile uDavide, uJehova watshela uSamuweli: “‘Sukuma, mgcobe, ngoba nguye lo!’ Ngakho uSamuweli wathatha uphondo lwamafutha wamgcoba phakathi kwabafowabo. Umoya kaJehova waqala ukusebenza phezu kukaDavide kusukela ngalolo suku kuqhubeke.”—1 Samuweli 16:12, 13.

Asitshelwa ukuthi wayeneminyaka emingaki uDavide ngesikhathi kwenzeka lokhu. Kamuva, amadodana amathathu amadala u-Eliyabe, u-Abhinadaba noShamumaha baba sebuthweni likaSawule. Mhlawumbe amanye amadodana amahlanu ayesemancane ukubuthelwa empini. Kungenzeka ayikho kuwona eyayisiyihlanganisile iminyaka engu-20 ubudala, iminyaka abesilisa ababengahlanganyela ngayo empini kwa-Israyeli. (Numeri 1:3; 1 Samuweli 17:13) Kunoma yikuphi, uDavide wayemncane kakhulu ngesikhathi uJehova emkhetha. Yize kunjalo, kubonakala sengathi wayesevele engumuntu othanda uNkulunkulu. Kusobala ukuthi wayenobuhlobo obuseduze noJehova futhi wayebakhe ngokuzindla ngalokho ayekwazi ngoNkulunkulu.

Intsha namuhla kufanele ikhuthazwe ukuba yenze okufanayo. Ngakho-ke, bazali, ingabe niyazikhuthaza izingane zenu ukuba zizindle ngezinto ezingokomoya, zazise indalo kaNkulunkulu futhi zitadishe lokho okushiwo iBhayibheli ngoMdali? (Duteronomi 6:4-9) Nina basha, ingabe niyakwenza lokhu? Izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini njengomagazini i-Nqabayokulinda ne-Phaphama! * ziklanyelwe ukunisiza.

Wayenekhono Lokushaya Ihabhu

Njengoba nje amazwi amaningi amahubo kaDavide esitshela okuthile ngezinsuku zakhe njengomalusi, nomculo wakhe wenza okufanayo. Yiqiniso, azikho izinsimbi zomculo zokuqala ezazihambisana nalezi zingoma ezingcwele ezasinda. Kodwa esikwaziyo ukuthi umqambi wazo wayengumculi oshaya into ecokeme. Eqinisweni, okwenza uDavide walandwa emadlelweni ukuba eze eNkosini uSawule ukuthi wayenekhono lokushaya ihabhu.—1 Samuweli 16:18-23. *

UDavide walifunda kuphi futhi nini leli khono? Kungenzeka walifunda phakathi nesikhathi asichitha endle enakekela izimvu. Kunengqondo nokukholelwa ukuthi ngisho nangaleso sikhathi wayesevele ehlabelela izingoma ezidumisa uNkulunkulu. Phela uJehova wamkhetha futhi wamsebenzisa ngenxa yokuzinikela nokumthanda kwakhe.

Lesi sihloko sixoxe kabanzi ngalokho uDavide akwenza ngesikhathi esemusha. Uhlobo lomuntu aba yilo ekuphileni kwakhe lubonakala emazwini okungenzeka wawabhala ecabanga ngokuhlangenwe nakho kwasebusheni esemasimini aseBhetlehema. Mbone ngeso lengqondo uDavide ehubela uJehova: “Ngikhumbulé izinsuku zakudala; ngizindlé ngawo wonke umsebenzi wakho; ngokuzithandela ngizigcine ngiwukhathalela umsebenzi wezandla zakho.” (IHubo 143:5) Imfudumalo yamazwi aleli hubo kanye namanye amahubo kaDavide ayisikhuthazo kubo bonke abafisa ukuba abantu abavumelana nenhliziyo kaJehova.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 9 Ibhere elinsundu laseSiriya, elalitholakala ePalestina, laliyisisindo esicishe sibe ngamakhilogremu angu-140, futhi lalingabulala noma yini ngezidladla zalo ezinkulukazi. Kwake kwaba nesikhathi lapho amabhubesi ayethé chithi saka endaweni. U-Isaya 31:4 uthi ngisho “isibalo esigcwele sabelusi” sasingeke sakwazi ukuxosha “ibhongo lengonyama elinomhlwenga” esisulwini salo.

^ par. 20 Zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 22 Umeluleki wenkosi owamkhulumela kahle uDavide wamchaza nangokuthi ‘uyisikhulumi esikhaliphile nendoda eyakheke kahle, futhi uJehova wayenaye.’—1 Samuweli 16:18.