Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kunendaba Ukuthola Impendulo?

Ingabe Kunendaba Ukuthola Impendulo?

Ingabe Kunendaba Ukuthola Impendulo?

“Ngangineminyaka eyishumi lapho ngiqala ukuzikhipha nabafana. Ekuqaleni, sasibambana ngezandla futhi siqabulane. Nokho, kungakabiphi saqala ukuphululana izitho zangasese futhi saqala ukuziphatha ngezindlela ezimbi ezihlukahlukene. Lapho ngineminyaka engu-15, ngaqala ukusebenza futhi amadoda engangisebenza nawo ayengeshela efuna ukulala nami. Ngangifuna ukungena emshungwini futhi ngenze noma yini eyenziwa abantu engangisebenza nabo. Ngangifuna ukwamukeleka, okwaholela ekutheni ngingene shí ekuzitikeni ngocansi.”—USARAH, * E-AUSTRALIA.

CISHE kuzokumangaza ukwazi ukuthi uSarah wakhuliswa ekhaya elikhonza uNkulunkulu. Abazali bakhe bazama ukumfundisa ukuba aphile ngemithetho yeBhayibheli yokuziphatha. Kodwa yena wakhetha inkambo ehlukile.

Abaningi abanankinga ngokukhetha kukaSarah. Bakholelwa ukuthi umbono weBhayibheli ngocansi usuphelelwe isikhathi. Abanye abayiboni inkinga uma umuntu ethi uyikholwa ebe enza izinto azithandayo uma kuziwa kwezocansi.

Kunendaba yini ukwazi okufundiswa yiBhayibheli ngocansi nokuphila ngakho? IBhayibheli lithi ‘liphefumulelwe uNkulunkulu futhi linenzuzo yokufundisa.’ (2 Thimothewu 3:16) Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala abantu nokuthi iBhayibheli liyiZwi lakhe eliphefumulelwe, kuyafaneleka-ke ukufuna ukwazi lokho elikushoyo ngale ndaba.

Ngeshwa, abaningi badidekile ngokuthi lifundisani iBhayibheli ngocansi. Abaholi benkolo abathi bahlonipha iBhayibheli bakhuthaza imibono engqubuzanayo. Eqinisweni, le ndaba iye yawahlukanisa phakathi amasonto amaningi amakhulu.

Kunokuthembela kulokho okushiwo abanye, sikucela ukuba uzinike imizuzu embalwa uzihlolele le ndaba. Isihloko esilandelayo siphendula imibuzo eyishumi evame ukubuzwa mayelana nombono weBhayibheli ngocansi. Kuleso sihloko uzothola izimpendulo eziyiqiniso ezisekelwe kulokho okufundiswa iBhayibheli ngempela. Isihloko sokugcina kulolu chungechunge sizobonisa ukuthi kungani ukukhetha esikwenzayo kunendaba.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Igama lishintshiwe.