Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

YINI eyashukumisela indoda eyayigembula futhi igqekeza ukuba iyeke imikhuba yayo emibi ishintshe nendlela eyayiphila ngayo? Yizwe njengoba ilandisa:

“Ngangiwathanda Amahhashi Omjaho.”—URICHARD STEWART

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1965

IZWE AZALELWA KULO: IJAMAICA

UMLANDO: NGANGINGUMGEMBULI NESIGEBENGU

UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela eKingston, inhloko-dolobha yaseJamaica, indawo empofu nenabantu abaningi. Ukuntuleka kwemisebenzi kwakudlangile nobugebengu bandile. Amaqembu ezigelekeqe ayenza abantu bahlalele ovalweni. Ukuqhuma kwezibhamu ngangikuzwa cishe nsuku zonke.

Umama wayezikhandla ukuze enzele mina nomfowethu nodadewethu konke esasikudinga. Waqinisekisa ukuthi sithola imfundo enhle. Ngangingasithandisisi kahle isikole kodwa ngizifela ngamahhashi omjaho. Ngangeqa esikoleni ngiye emjahweni. Ngangiwagibela nokuwagibela amahhashi.

Ngokushesha ngangena shí ekuwabhejeleni. Ngangiziphatha kabi, ngishintsha izintombi. Ngangibhema insangu ngibamba nenkunzi ukuze ngiziphilise. Nganginezibhamu eziningi, kodwa ngiyabonga ngokuthi akukho muntu engambulala kuzo zonke izigameko zokubamba inkunzi.

Ekugcineni ngabanjwa ngavalelwa ejele ngenxa yamacala ami. Lapho sengiphumile, ngaqhubeka lapho ngangigcine khona. Empeleni, ngaba mubi nakakhulu kunangaphambili. Nakuba ngangibukeka ngithembekile, nganginenkani, nginenhliziyo encane futhi nginesihluku. Ngangingenandaba namuntu.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Phakathi nalesi sikhathi sezinkathazo ekuphileni kwami, umama wafundelwa iBhayibheli waba omunye woFakazi BakaJehova. Ngaphawula ushintsho oluhle ebuntwini bakhe, ngafuna ukwazi ukuthi kungani. Nganquma ukuthola ukuthi yini emshintshile, ngakho ngaqala ukuxoxa ngeBhayibheli noFakazi.

Ngathola ukuthi izimfundiso zoFakazi BakaJehova zehlukile kwezezinye izinkolo, nokuthi konke abakushoyo bakusekela eBhayibhelini. Yibo kuphela engangibazi ababeshumayela endlini ngendlu, njengoba kwakwenza amaKristu okuqala. (Mathewu 28:19; IzEnzo 20:20) Lapho ngibona uthando oluqotho ababebonisana lona, Ngakholiseka ukuthi ngangithole inkolo yeqiniso.—Johane 13:35.

Kulokho engakufunda eBhayibhelini, ngabona isidingo sokwenza ushintsho olukhulu ekuphileni kwami. Ngathola ukuthi uJehova uNkulunkulu uyabuzonda ubufebe nokuthi uma ngifuna ukumjabulisa, kwakudingeka ngilahle imikhuba engcolisa umzimba wami. (2 Korinte 7:1; Hebheru 13:4) Ngathinteka lapho ngifunda ukuthi uJehova unemizwa nokuthi izenzo zami zingamzwisa ubuhlungu noma zimjabulise. (IzAga 27:11) Ngakho, nganquma ukuyiyeka insangu, ukulahla izibhamu zami futhi ngazama ukuthuthukisa ubuntu bami. Phakathi kwezinguquko ezinzima engazenza kwaba ukuyeka ukuphila kokuziphatha okubi nokugembula.

Ekuqaleni ngangingafuni abangane bami bazi ukuthi ngifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kodwa lokho kwashintsha ngemva kokuba ngifunde uMathewu 10:33, onamazwi kaJesu athi: “Noma ubani ongiphikayo phambi kwabantu, nami ngiyomphika phambi kukaBaba osemazulwini.” Lawo mazwi angenza ukuba ngitshele abangane bami ukuthi ngifunda noFakazi. Bamangala kabi. Abazange bakholwe ukuthi umuntu onjengami wayefuna ukuba umKristu. Kodwa ngabatshela ukuthi ngangingasafuni ukwenza noma yini ehlobene nokuphila kwami kwangaphambili.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Umama wajabula kakhulu lapho ebona ngiqala ukuphila ngemithetho yeBhayibheli. Manje akasakhathazeki ngokuthi kazi sengizokwenza ziphi izinto ezimbi. Sesixoxa ngento esihlanganisayo—uthando lwethu ngoJehova. Ngezinye izikhathi ngiye ngicabange ngalokho engangiyikho, ngingalukholwa ushintsho engiye ngalwenza ngosizo lukaNkulunkulu. Angisakufisi ukuphila engangikuphila kokuziphatha okubi nokuthanda izinto ezibonakalayo.

Ukube angisamukelanga isigijimi seBhayibheli, ngabe sengafa noma ngibhadla ejele. Kodwa manje nginomkhaya omuhle futhi ojabulayo. Kungijabulisa kakhulu ukukhonza uJehova uNkulunkulu nomkami ongisekelayo nendodakazi elalelayo. Ngiyambonga uJehova ngokungivumela ukuba ngibe ingxenye yobuzalwane bobuKristu obunothando. Ngibonga kakhulu ngokuthi kunothile owenza umzamo wokungifundisa iqiniso leBhayibheli. Ngiyawazisa namathuba enginawo okusiza abanye ukuba bafunde lokho okufundiswa iBhayibheli. Kodwa ngibonga ngokukhethekile uJehova uNkulunkulu ngokungidonsela kuye nangokungibonisa umusa wakhe wothando.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

‘Ngafunda ukuthi uJehova unemizwa nokuthi izenzo zami zingamzwisa ubuhlungu noma zimjabulise’

[Isithombe ekhasini 11]

Ngaphawula ushintsho oluhle ebuntwini bukamama

[Isithombe ekhasini 11]

Nginomkami nendodakazi