Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufeza Isibopho Sethu KuNkulunkulu

Ukufeza Isibopho Sethu KuNkulunkulu

Sondela KuNkulunkulu

Ukufeza Isibopho Sethu KuNkulunkulu

INGABE wake wazibuza ukuthi ‘Iyini injongo yokuphila?’ UJehova akasinikanga nje ikhono lokubuza imibuzo enjengalena, kodwa nesifiso esijulile sangaphakathi sokuthola impendulo. Kuyajabulisa ukuthi uNkulunkulu wethu onothando akasishiyanga sidukuza ebumnyameni. Impendulo esiyilangazelelayo itholakala eZwini lakhe, iBhayibheli. Cabangela amazwi eNkosi uSolomoni atholakala encwadini yomShumayeli 12:13.

USolomoni wayengakhuluma ngendlela yokuthola injabulo nenjongo ekuphileni ngoba izimo zakhe zazihlukile. Wayebusiswe ngokuhlakanipha okungavamile, ingcebo eningi, eyinkosi futhi ekwazi ukucwaningisisa ngemishikashika yabantu, kuhlanganise nokuphishekela ingcebo nodumo. (UmShumayeli 2:4-9; 4:4) Ngakho, ephefumulelwe uNkulunkulu, wafingqa lokho akuthola ngala mazwi: “Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.” La mazwi achaza into ebaluleke nezuzisa kunazo zonke umuntu angalwela ukuyifeza.

“Mesabe uNkulunkulu weqiniso.” Umbono wokwesaba uNkulunkulu ungase uzwakale ungathandeki ekuqaleni. Kodwa lokhu kwesaba kuyisimo esihle senhliziyo. Asinakucabanga ngesigqila esesaba inkosi yaso enonya, kodwa ngengane ezimisele ukujabulisa uyise onothando. Enye incwadi ithi ukwesaba uNkulunkulu “kuyisimo sengqondo senhlonipho abantu baKhe abambonisa sona ngoba bemthanda futhi behlonipha amandla nobukhulu baKhe.” Ukuba nesimo sengqondo esinjalo kusishukumisela ukuba sizithobe entandweni kaNkulunkulu ngoba siyamthanda futhi siyazi ukuthi naye uyasithanda. Lokhu kwesaba okunempilo akuwona nje umuzwa; kuboniswa ngezenzo. Kanjani?

“Ugcine imiyalo yakhe.” Ukwesaba uNkulunkulu kusishukumisela ukuba simlalele. Kunengqondo ukulalela uJehova. NjengoMenzi wethu, uyayazi indlela engcono esingaphila ngayo, njengoba nje nomakhi wento ethile eyazi indlela engcono yokuyisebenzisa. Ngaphezu kwalokho, uJehova usifunela okuhle kakhulu. Ufuna sijabule, futhi imiyalo yakhe ihloselwe ukuba isenze siphile kahle. (Isaya 48:17) Umphostoli uJohane wakubeka ngale ndlela lokhu: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) Ukulalela kubonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu, futhi imiyalo yakhe ibonisa ukuthi uyasithanda.

“Lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.” La mazwi aqokomisa isizathu esibalulekile sokwesaba uNkulunkulu nokumlalela. Ukwenza lokho kuyisibopho sethu, into okufanele siyenze. UJehova unguMdali wethu, ngakho simkweleta ukuphila kwethu. (IHubo 36:9) Simkweleta nokumlalela. Uma siphila ngendlela afuna siphile ngayo sisuke sifeza isibopho sethu.

Pho iyini injongo yokuphila? Ngamafuphi singathi: Silapha ukuze senze intando kaNkulunkulu. Ayikho enye into engenza ukuphila kwakho kube nenjongo ukudlula le. Sicela ukuba uthole okwengeziwe ngentando kaJehova futhi ubone ukuthi ungakwenza kanjani ukuphila kwakho kuvumelane nentando yakhe. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-November:

IzAga 22-31; UmShumayeli 1-12IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1-8