Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Abazali Kufanele Bafundise Izingane Zabo Ngocansi?

Ingabe Abazali Kufanele Bafundise Izingane Zabo Ngocansi?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe Abazali Kufanele Bafundise Izingane Zabo Ngocansi?

▪ Abazali abaningi benza okusemandleni abo ukuze bavikele izingane zabo ekungenweni izifo eziyingozi. Abazali kudingeka benze umzamo ofanayo ekuvikeleni izingane zabo ezimweni zengqondo eziyingozi zokuziphatha okubi. Enye indlela abangakwenza ngayo lokhu iwukuzifundisa ngendlela elinganiselayo ngocansi. (IzAga 5:3-23) Ukuqeqeshwa okunjalo nesiqondiso sokuziphatha kubalulekile ngenxa yokuthi izingane zichayeke ngokwengeziwe ezithombeni zocansi ezikuyi-TV, ku-Internet, ezincwadini nasemahlayeni.

UProfesa wemfundo nombhali, uDiane Levin, uthi: “Inkinga yanamuhla akukhona ukuthi izingane zethu zifunda ngocansi. Inkinga yilokho ezikufundayo, iminyaka yobudala ezikufunda ngayo nokuthi ubani ozifundisayo. Izingane zithola imfundo yocansi enamandla amakhulu futhi elimazayo evela kwabezentengiselwano nasezintweni ezisuke zithandwa ngaleso sikhathi.”

Abazali kudingeka bavikele izingane zabo emibonweni esontekile nemibi eyonakalisa umphakathi. (IzAga 5:1; Efesu 6:4) Izingane ezincane kudingeka zazi ukuthi imizimba yazo isebenza kanjani, ukuthi zingayinakekela kanjani nokuthi zingazivikela kanjani kubantu abonakele. Ngaphambi kokuthomba—okuyiminyaka lapho kuqala khona ukubonakala izimpawu zokukhula—ingane yentombazane kudingeka yazi ngezinguquko ezizokwenzeka emzimbeni wayo futhi iqonde ukuthi kungani iya esikhathini nokuthi kwenzeka kanjani. Ngokufanayo, umfana kufanele azi kusengaphambili ngokushaywa izibuko. Abazali bangaqala ukufundisa izingane zabo amagama aqondile ezitho zomzimba lapho zisencane. Abazali abanothando bafundisa izingane zabo izifundo ezintathu ezibalulekile: (1) Ukuthi lezi zitho zikhethekile futhi ezangasese. (2) Akufanele kukhulunywe kabi ngazo. (3) Akufanele zithintwe omunye umuntu noma zivezelwe abanye. Lapho sezikhulakhulile, abazali kudingeka banqume ukuthi kunini lapho bengazichazela khona ukuthi umuntu wesifazane ukhulelwa kanjani. *

Abazali kufanele baqale nini ukuzifundisa ngalokhu? Ngokushesha ngangokunokwenzeka. Intombazane ingase iqale ukuya esikhathini ineminyaka eyishumi noma ngaphansi. Umfana angase aqale ukushaywa izibuko eneminyaka engu-11 noma engu-12. Lezi zenzakalo ezishintsha ukuphila zingase ziyikhungathekise kakhulu ingane uma ingazi ukuthi kwenzekani. Izingane kudingeka ziqinisekiswe kusengaphambili ngokuthi akukho lutho olubi ngalezo zinguquko ezingokwemvelo ezenzeka emizimbeni yazo. Lesi yisikhathi sokuzisiza nokuba ziqonde ukubaluleka kokulandela imiyalo yeBhayibheli yokuziphatha okuhle—okuyinto izincwadi eziningi zezwe ezifundisa ngocansi ezihlulekayo ukuyenza.—IzAga 6:27-35.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 5 Abazali bangathola ukwaziswa okuwusizo ngalezi zindaba kulezi zincwadi ezilandelayo ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova: I-Phaphama! ka-May 2006, esihlokweni esithi “Ukulungiselela Indodakazi Yakho Ukuya Esikhathini Okokuqala,” amakhasi 10-13; Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, isahluko 6, “Kwenzekani Emzimbeni Wami?” ne-Nqabayokulinda ka-November 1, 2010, “Isihluthulelo Senjabulo Yomkhaya—Khuluma Nezingane Zakho Ngezocansi,” amakhasi 12-14.