Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sizani Amadoda Ukuba Athuthuke Ngokomoya

Sizani Amadoda Ukuba Athuthuke Ngokomoya

Sizani Amadoda Ukuba Athuthuke Ngokomoya

“Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.”—LUKA 5:10.

1, 2. (a) Amadoda asabela kanjani ekushumayeleni kukaJesu? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

 NGESIKHATHI besohambweni lokushumayela kulo lonke elaseGalile, uJesu nabafundi bakhe bagibela isikebhe baya endaweni engenabantu. Kodwa izixuku zabalandela zihamba ngezinyawo. Abeza ngalolo suku “kwakungamadoda acishe abe yizinkulungwane ezinhlanu, ngaphandle kwabesifazane nabantwana.” (Math. 14:21) Ngesinye isikhathi, kwafika isixuku kuJesu, sifisa ukuphulukiswa nokumuzwa ekhuluma. Sasihlanganisa “amadoda ayizinkulungwane ezine, ngaphandle kwabesifazane nabantwana.” (Math. 15:38) Kusobala ukuthi kubantu abeza kuJesu kwakunamadoda amaningi futhi aba nesithakazelo kulokho ayekufundisa. Eqinisweni, wayelindele ukuba kusabele abantu abaningi ngokwengeziwe, ngoba ngemva kokusiza abafundi bakhe ukuba babambe izinhlanzi eziningi ngokuyisimangaliso, uJesu watshela umfundi wakhe uSimoni: “Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.” (Luka 5:10) Abafundi bakhe babezokwehlisela amanetha abo olwandle lwesintu futhi babengalindela ukuthi phakathi kwalabo ‘ababezobadoba,’ kwakuzoba khona namadoda amaningi.

2 Nanamuhla, amadoda abonisa isithakazelo esigijimini esisemiBhalweni esisishumayelayo futhi ayasabela. (Math. 5:3) Nokho, amaningi ayazindela futhi awathuthuki ngokomoya. Singawasiza kanjani? Nakuba uJesu engazange asungule umkhankaso okhethekile wokufuna amadoda, ngokuqinisekile wakhuluma ngezinto ezazikhathaza amadoda osuku lwakhe. Sisebenzisa isibonelo sakhe, ake sihlole indlela esingasiza ngayo amadoda ukuba abhekane nezinto ezintathu ezivame ukuwakhathaza namuhla: (1) indlela yokuziphilisa, (2) ukwesaba umbono weningi (3) nemizwa yokungafaneleki.

Indlela Yokuziphilisa

3, 4. (a) Ngokuyinhloko, yini ekhathaza amadoda amaningi? (b) Kungani amanye amadoda ebeka umsebenzi wokuziphilisa kuqala kunezinto ezingokomoya?

3 Umbhali othile wathi kuJesu: “Mfundisi, ngizokulandela nomaphi lapho usuzoya khona.” Nokho, lapho uJesu emtshela ukuthi “iNdodana yomuntu . . . ayinandawo yokubeka ikhanda,” lo mbhali wafikelwa ungabazane. Kubonakala sengathi ukungaqiniseki ukuthi wayesezokutholaphi ukudla noma ukuthi wayezohlalaphi akuzange kumphathe kahle, ngoba akukho lapho kuboniswa khona ukuthi wagcina engumlandeli kaKristu.—Math. 8:19, 20.

4 Ngokuvamile, amadoda abeka ukulondeka ngokwezinto ezibonakalayo kuqala kunezinto ezingokomoya. Ukuthola imfundo ephakeme nomsebenzi oholela kahle kuyizinto eziza kuqala kwamaningi. Ngokwendlela yawo yokucabanga, ukuthola imali kuphuthuma futhi kunengqondo ngaphezu kwanoma iziphi izinzuzo ezingase zitholakale ngokutadisha imiBhalo nangokufuna ukuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Lokho iBhayibheli elikufundisayo kungase kuwakhange, kodwa “izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa” kuminyanisa noma isiphi isithakazelo anaso. (Marku 4:18, 19) Cabangela indlela uJesu asiza ngayo abafundi bakhe ukuba bahlele izinto ngokokubaluleka kwazo.

5, 6. Yini eyasiza u-Andreya, uPetru, uJakobe noJohane ukuba bahlele okuza kuqala phakathi komsebenzi wokushumayela nowokuziphilisa?

5 U-Andreya nomfowabo uSimoni Petru babebambisene ebhizinisini lokudoba. Ngokufanayo noJohane nomfowabo uJakobe noyise uZebedewu. Ibhizinisi labo lalichuma kangangokuthi kwadingeka baqashe amanye amadoda. (Marku 1:16-20) Lapho u-Andreya noJohane beqala ukuzwa uJohane uMbhapathizi ekhuluma ngoJesu, baqiniseka ukuthi babethole uMesiya. U-Andreya waxoxela umfowabo uSimoni Petru lezo zindaba, futhi kungenzeka ukuthi noJohane waxoxela umfowabo uJakobe. (Joh. 1:29, 35-41) Ezinyangeni ezalandela, bobane bachitha isikhathi noJesu njengoba ayeshumayela eGalile, eJudiya naseSamariya. Ngemva kwalokho, laba bafundi abane babe sebebuyela ebhizinisini labo lokudoba. Babenesithakazelo ezintweni ezingokomoya, kodwa inkonzo yayingezi kuqala kubo.

6 Ngemva kwesikhathi esithile, uJesu wamema uPetru no-Andreya ukuba bamlandele babe “abadobi babantu.” Zasabela kanjani lezi zelamani? “Zishiya amanetha ngaso leso sikhathi, zamlandela.” UJakobe noJohane benza okufanayo. “Beshiya isikebhe kanye noyise ngaso leso sikhathi, bamlandela.” (Math. 4:18-22) Yini eyasiza la madoda ukuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele? Ingabe isinqumo sawo saba into yalowo mzuzu, eshukunyiswa umzwelo nje? Lutho neze! Ezinyangeni ezazendulele, la madoda ayeye alalela uJesu, ambona enza izimangaliso, abona intshiseko yakhe ngokulunga, abona nendlela emangalisayo abantu ababesabela ngayo ekushumayeleni kwakhe. Ngenxa yalokho, ukholo lwawo kuJehova nokuthembela kwawo kuye kwaqina!

7. Singabasiza kanjani abantu esibafundelayo ukuba baqinise ukuthembela kwabo emandleni kaJehova okunakekela abantu bakhe?

7 Singamlingisa kanjani uJesu ekusizeni labo esibafundelayo ukuba baqinise ukuthembela kwabo kuJehova? (IzAga 3:5, 6) Indlela esifundisa ngayo inomthelela omkhulu kule ndaba. Lapho sifundisa, singaqokomisa isithembiso sikaNkulunkulu sokusibusisa ngokucebile uma sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala. (Funda uMalaki 3:10; Mathewu 6:33.) Nakuba singase sisebenzise imiBhalo ehlukahlukene ukuze sigcizelele indlela uJehova abanakekela ngayo abantu bakhe, akumelwe sikhohlwe umphumela wesibonelo thina esisibekayo. Ukuxoxa ngokuhlangenwe nakho kwethu siqu kungafeza lukhulu ekusizeni esibafundelayo ukuba bahlakulele ukuthembela kuJehova. Singabaxoxela nokuhlangenwe nakho okukhuthazayo esikufunde ezincwadini zethu. *

8. (a) Kungani kubalulekile ukuba umuntu ofundelwayo ‘anambithe futhi abone ukuthi uJehova muhle’? (b) Singamsiza kanjani umuntu esimfundelayo ukuba azibonele ubuhle bukaJehova?

8 Ukuhlakulela ukholo oluqinile kudinga okungaphezu kokufunda nokuzwa ngendlela uJehova aye wababusisa ngayo abanye abantu. Umuntu ofundelwayo kudingeka azibonele ubuhle bukaJehova. Umhubi wahlabelela: “O nina bantu, nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; iyajabula indoda enamandla ephephela kuye.” (IHu. 34:8) Singamsiza kanjani umfundi ukuba abone ukuthi uJehova muhle? Ake sithi umfundi ukhathazekile ngokwezimali futhi uzama ukunqoba umkhuba othile omubi, njengokubhema, ukugembula noma ukuphuza ngokweqile. (IzAga 23:20, 21; 2 Kor. 7:1; 1 Thim. 6:10) Ukumfundisa ukuba athandazele usizo lukaNkulunkulu lokunqoba lo mkhuba omubi, ngeke yini kwamsiza ukuba abone ubuhle bukaJehova? Cabanga nangalokho okungenzeka lapho simkhuthaza ukuba abeke izinto ezingokomoya kuqala ngokuzinika isikhathi sokutadisha iBhayibheli masonto onke, sokulungiselela nokuya emihlanganweni yobuKristu. Phela, njengoba ebona isibusiso sikaJehova emizamweni yakhe, ukholo lwakhe luyoqina ngokwengeziwe!

Ukwesaba Umbono Weningi

9, 10. (a) Kungani uNikhodemu noJosefa wase-Arimatheya bafihla ukuthi babenesithakazelo kuJesu? (b) Kungani namuhla amanye amadoda emadolonzima ukulandela uKristu?

9 Amanye amadoda angase abe madolonzima ukuba alandele uKristu ngokugcwele ngenxa yokucindezela kontanga. UNikhodemu noJosefa wase-Arimatheya bafihla ukuthi babenesithakazelo kuJesu ngoba besaba lokho okwakungase kushiwo noma kwenziwe amanye amaJuda uma ayengase azi. (Joh. 3:1, 2; 19:38) Babesaba kufanele. Inzondo abaholi benkolo ababenayo ngoJesu yayisikhule kangangokuthi noma ubani owayevuma ukuthi wayenokholo kuye wayexoshwa esinagogeni.—Joh. 9:22.

10 Kwezinye izindawo namuhla, uma indoda iba nesithakazelo esikhulu kuNkulunkulu, eBhayibhelini noma enkolweni, ingase ihlukunyezwe esebenza nabo, abangane noma izihlobo. Kwezinye izindawo, kungase kube ingozi ngisho nokukhuluma ngokushintsha inkolo yakho. Ukucindezela kontanga kungaba nzima ikakhulu lapho umuntu eyisosha, eshiseka kwezombusazwe noma emphakathini wakubo. Ngokwesibonelo, indoda ethile eJalimane yavuma: “Lokho nina oFakazi enikushumayelayo ngeBhayibheli kuyiqiniso. Kodwa uma ngingaba uFakazi namuhla, kusasa wonke umuntu uyobe esekwazi lokho. Bayothini emsebenzini, omakhelwane naseqenjini mina nomkhaya wami esizihlanganisa nalo? Ngeke ngikwazi ukukubekezelela lokho.”

11. UJesu wabasiza kanjani abafundi bakhe ukuba babhekane nokwesaba abantu?

11 Nakuba engekho kubaphostoli bakaJesu owayeyigwala, bonke balwisana nokwesaba abantu. (Marku 14:50, 66-72) UJesu wabasiza kanjani ukuba bathuthuke naphezu kokucindezela okukhulu kontanga? Wathatha izinyathelo zokusiza abafundi bakhe ukuba balungele ukuphikiswa ababezobhekana nakho. Wathi: “Niyajabula noma nini lapho abantu benizonda, nanoma nini lapho benicwasa futhi benihlambalaza belahla igama lenu ngokungathi nibabi ngenxa yeNdodana yomuntu.” (Luka 6:22) Waxwayisa abalandeli bakhe ukuthi kwakufanele balindele ukuhlanjalazwa. Noma ikuphi ukuhlanjalazwa ababezobhekana nakho, kwakuyoba “ngenxa yeNdodana yomuntu.” UJesu wabuye wabaqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu wayeyobasekela uma nje bethembela kuye ukuba abasize futhi abanike amandla. (Luka 12:4-12) Ngaphezu kwalokho, uJesu wakhuthaza abantu abasanda kuthakazela ukuba bakhululeke bakhe ubudlelwane nobungane nabafundi bakhe.—Marku 10:29, 30.

12. Singabasiza ngaziphi izindlela abantu abasanda kuthakazela ukuba banqobe ukwesaba abantu?

12 Kudingeka nathi sisize esibafundelayo ukuba banqobe ukwesaba abantu. Ngokuvamile, kulula ukubhekana nenselele uma ubuyilindele. (Joh. 15:19) Ngokwesibonelo, kungani ungasizi umuntu omfundelayo ukuba alungiselele izimpendulo ezilula, ezinengqondo, ezisekelwe eBhayibhelini zemibuzo nokuphikisa okungase kuphakanyiswe asebenza nabo kanye nabanye abantu? Ngaphezu kokuba umngane wakhe, singamethula nakwamanye amalungu ebandla, ikakhulu lawo anokuthile afana ngakho nawo. Okubaluleke kunakho konke, kufanele simfundise ukuthandaza njalo nangokusuka enhliziyweni. Lokhu kungamsiza ukuba asondele kuJehova futhi amenze abe iSiphephelo neDwala lakhe.—Funda iHubo 94:21-23; Jakobe 4:8.

Imizwa Yokungafaneleki

13. Imizwa yokungafaneleki ingabenza kanjani abanye bazindele ukuhileleka ezintweni ezingokomoya?

13 Amadoda athile ayazindela ukuhileleka ezintweni ezingokomoya ngoba engakwazi ukufunda kahle noma ukukhuluma ngokuqephuza noma nje enamahloni. Amanye awakhululeki ukukhuluma ngemibono noma imizwa yawo phambi kwabantu. Ukucabanga ukuthi kuzomelwe atadishe, aphendule emihlanganweni yobuKristu, noma akhulume nabanye ngokholo lwawo, kuwaqeda amandla. Omunye umzalwane uyavuma: “Lapho ngisemncane, ngangiya ngokushesha emzini womuntu, ngenze sengathi ngiyangqongqoza bese ngihamba buthule, ngifise sengathi ngingebonwe noma ngizwiwe muntu. . . . Umcabango wokuya endlini ngendlu wawungigulisa.”

14. Kungani abafundi bakaJesu bengakwazanga ukuphulukisa umfana owayekhwelwe idemoni?

14 Cabanga ngendlela okumelwe ukuba abafundi bakaJesu bazinyeza ngayo lapho behluleka ukuphulukisa umfana owayekhwelwe idemoni. Uyise walo mfana weza kuJesu wathi: “[Indodana yami] inesithuthwane futhi iyagula, ngoba iwela emlilweni kaningi nasemanzini kaningi; ngiyilethé kubafundi bakho, kodwa abakwazanga ukuyelapha.” UJesu walixosha idemoni, wayiphulukisa. Kamuva abafundi beza kuJesu bambuza: “Kungani thina singakwazanga ukulixosha?” Wabaphendula: “Kungenxa yokholo lwenu oluncane. Ngoba ngiqinisile ngithi kini, Uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kule ntaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ isuke, futhi akukho lutho olungeke lwenzeke kini.” (Math. 17:14-20) Kudingeka sibe nokholo kuJehova ukuze sinqobe izingqinamba ezinjengezintaba. Kwenzekani uma umuntu ekukhohlwa lokhu futhi eqala ukugxila emakhonweni akhe siqu? Lapho engaphumeleli, uyoqala ukuzinyeza.

15, 16. Singamsiza kanjani umuntu esimfundelayo ukuba anqobe imizwa yokungafaneleki?

15 Indlela enhle kakhulu yokusiza umuntu olwisana nemizwa yokungafaneleki ukumkhuthaza ukuba agxile kuJehova kunokugxila kuye ngokwakhe. UPetru wabhala: “Zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele; kuyilapho niphonsa zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe.” (1 Pet. 5:6, 7) Lokhu kudinga ukuba sisize umuntu esimfundelayo ukuba azakhele ubuhlobo noJehova. Umuntu othambekele ezintweni ezingokomoya uzazisa kakhulu izinto ezingokomoya. Uthanda iZwi likaNkulunkulu futhi ubonisa “izithelo zomoya” ekuphileni kwakhe. (Gal. 5:22, 23) Ungumuntu okhonze ukuthandaza. (Fil. 4:6, 7) Ngaphezu kwalokho, uthembela kuNkulunkulu ukuze athole isibindi namandla awadingayo okubhekana nanoma isiphi isimo noma afeze noma isiphi isabelo ngokuphumelelayo.—Funda eyesi-2 Thimothewu 1:7, 8.

16 Abanye abafundi bangase badinge ukusizwa nasendabeni yokufunda, ukuthuthukisa ikhono lokuqhuba ingxoxo noma lokukhuluma. Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi abakufanelekeli ukukhonza uNkulunkulu ngenxa yezenzo ezimbi abazenza bengakamazi uJehova. Kunoma ikuphi, ukubasiza ngothando nangesineke kungase kube yilokho kanye abakudingayo. UJesu wathi: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.”—Math. 9:12.

‘Dobani’ Amadoda Engeziwe

17, 18. (a) Singawafinyelela kanjani amadoda engeziwe enkonzweni yethu? (b) Sizofunda ngani esihlokweni esilandelayo?

17 Sifisa ukubona amadoda amaningi ngokwengeziwe esabela esigijimini esanelisa ngokujulile esitholakala eBhayibhelini kuphela. (2 Thim. 3:16, 17) Ngakho-ke, singawafinyelela kanjani amadoda engeziwe enkonzweni yethu? Ngokuchitha isikhathi esengeziwe sifakaza kusihlwa, ntambama ngezimpelasonto, noma ngamaholidi lapho amadoda amaningi asuke esekhaya. Uma kungenzeka kuhle ukuba sicele ukukhuluma nobaba wekhaya. Masifakaze ngokwethukela emadodeni esisebenza nawo lapho kufaneleka futhi silwele ukuxoxa nabayeni abangakholwa bodade ebandleni.

18 Njengoba sishumayela kunoma ubani esihlangana naye, singaqiniseka ukuthi labo abanezinhliziyo ezinokwazisa bayosabela kahle. Masibe nesineke sokusiza bonke ababonisa isithakazelo esiqotho eqinisweni. Nokho, singakwazi kanjani ukusiza amadoda abhapathiziwe ebandleni ukuba alwele ukufinyelela nokufanelekela imithwalo yemfanelo enhlanganweni kaNkulunkulu? Lo mbuzo uzophendulwa esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ Bheka IziNcwadi Zonyaka ZoFakazi BakaJehova kanye nezindaba zokuphila ezinyatheliswe kuyi-Nqabayokulinda nakuyi-Phaphama!

Ungaphendula Kanjani?

• Amadoda angasizwa kanjani ukuba abeke izinto ezingokomoya kuqala?

• Singabasiza kanjani abasanda kuthakazela ukuba babhekane nokucindezela kontanga?

• Yini engase isize abanye ukuba banqobe imizwa yokungafaneleki?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 25]

Ingabe uyawenza amathuba okufinyelela amadoda ngezindaba ezinhle?

[Isithombe ekhasini 26]

Ungamlungiselela kanjani umuntu omfundelayo ukuba abhekane novivinyo?