Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ungcwele, Ungcwele, Ungcwele UJehova”

“Ungcwele, Ungcwele, Ungcwele UJehova”

Sondela KuNkulunkulu

“Ungcwele, Ungcwele, Ungcwele UJehova”

UMA ubungakhetha igama elilodwa ongachaza ngalo uJehova uNkulunkulu—ubuntu bakhe—ubungakhetha liphi? Ekhulwini lesi-8 B.C.E., umprofethi u-Isaya wanikezwa umbono lapho ezwa khona izidalwa zomoya zidumisa uJehova, zisebenzisa isici esiyinhloko esichaza ubuntu baKhe—ubungcwele. Lokho u-Isaya akubona nakuzwa kufanele kusishiye sibambe ongezansi futhi kusisondeze kuJehova. Njengoba sihlola amazwi aku-Isaya 6:1-3, zibone ngeso lengqondo ulapho.

Wabonani u-Isaya? Uyabika: “Ngabona uJehova, ehlezi esihlalweni sobukhosi esiphakeme nesiphakanyisiwe.” (Ivesi 1) Empeleni u-Isaya wayengabuki iNkosi EnguMbusi uJehova. Amehlo enyama ngeke akwazi ukubona umuntu womoya. IBhayibheli likubeka ngokucacile: “Akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu noma nini.” (Johane 1:18) Lokhu okwabonwa u-Isaya kwakungumbono. * Kodwa lo mbono wawucace bhá—ungokoqobo kangangokuba wamshiya ekhexile, njengokungathi ubone uJehova uqobo.

U-Isaya wabe esebona lokho okungenzeka akukho muntu owake waba nelungelo lokukubona embonweni. Uyabhala: “Kwakumi amaserafi ngaphezu kwakhe [uJehova]. Ngalinye linamaphiko ayisithupha. Amabili lalihlale limboze ngawo ubuso, amabili lalihlale limboze ngawo izinyawo, amabili lalindiza ngawo.” (Ivesi 2) Amaserafi ayizidalwa zomoya ezinesikhundla esiphakeme. U-Isaya kuphela umlobi weBhayibheli okhuluma ngawo. Amaserafi ahlale ekulungele ukuthunywa uNkulunkulu ukuba afeze intando yakhe. Afihle ubuso nezinyawo, ebonisa inhlonipho efanele ngaLowo anelungelo lokumkhonza.

U-Isaya akazange nje akhexiswe yilokho akubona kodwa nalokho akuzwa. Amaserafi njengoba akha iqembu labahlabeleli basezulwini, ayakhamuluka. U-Isaya uyabhala: “Elinye lamemeza elinye lathi: ‘Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova wamabutho.’” (Ivesi 3) Igama lesiHebheru elinyushwe ngokuthi “ungcwele” lidlulisela umqondo wokuhlanzeka nobumsulwa. Leli gama libuye lihlanganise “umqondo wokukhululwa ngokuphelele esonweni nokuhlukaniswa kulokho okuyisono.” Kulokho okungenzeka ukuthi kuyingoma eqhubekayo nehlangene, ukuphindaphinda kwamaserafi igama elithi “ungcwele” izikhathi ezintathu, kugcizelela ukuthi uJehova ungcwele ngezinga eliphakeme kakhulu. (IsAmbulo 4:8) Ngakho-ke, ubungcwele, buyisici esiphawulekayo sobuntu bakhe. Selokhu kwathi nhlo, uJehova umsulwa, uhlanzekile futhi akanaphutha.

Ukwazi ukuthi uJehova ungcwele kufanele kusishukumisele ukuba sisondele kuye. Ngani? Ngokungafani nababusi abangabantu abangase bakhohlakale futhi babe nesihluku, uJehova ukhululeke ngokuphelele esonweni. Ngakho, ubungcwele bakhe buqinisekisa ukuthi uyohlale enguBaba omuhle kakhulu, uMbusi olungile noMahluleli ongakhethi. Sinazo zonke izizathu zokwethemba ukuthi uNkulunkulu ongcwele ngeke asidumaze.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-December:

Isaya 1-23

[Umbhalo waphansi]

^ I-Insight on the Scriptures iyachaza: “Uma umuntu ayethola umbono ovela kuJehova engalele, kubonakala sengathi ayekubona kwakuhlala engqondweni yakhe. Kwakuthi kamuva awukhumbule lowo mbono futhi awuchaze noma awulobe ngamazwi akhe.”—Inyatheliswa OFakazi BakaJehova.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 26]

Ukwazi ukuthi uJehova ungcwele kufanele kusishukumisele ukuba sisondele kuye