Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Fundisa Izingane Zakho

Babebizwa Ngokuthi “AmaDodana Okuduma”

Babebizwa Ngokuthi “AmaDodana Okuduma”

LAPHO izulu lina futhi kuneziphepho, ungase uzwe ukuduma okukhulu. Kwake kwakwethusa yini? * UJesu ubiza abalandeli bakhe ababili ngokuthi “amaDodana Okuduma.” Ake sibone ukuthi kungani.

Laba balandeli ababili bakaJesu nguJakobe noJohane. Bayizelamani, amadodana kaZebedewu nomkakhe uSalome. Cishe uSalome ngudadewabo kanina kaJesu, uMariya. Ngakho uJesu, uJakobe noJohane kungenzeka bangabazala futhi mhlawumbe babengabangane abakhulu lapho besakhula.

UZebedewu, uJakobe noJohane bangabadobi. Bobabili baphakathi kwabokuqala uJesu abakhetha ukuba babe abalandeli bakhe. Lapho ebabiza, bashiya phansi ibhizinisi labo lokudoba bamlandele. Kamuva, uJesu ukhetha abangu-12 kubalandeli bakhe ukuba babe abaphostoli bakhe. Kubo kunoJakobe noJohane.

Lapho sekusele izinyangana ngaphambi kokuba uJesu abulawe, yena nabaphostoli bakhe badabula ensimini esentabeni yaseSamariya. Ilanga seliyozilahla kunina futhi bonke bakhathele bayingcuba. Kodwa abaseSamariya bathi abafuni uJesu nabafundi bakhe balale emzini wabo. Uyazi ukuthi kungani?— Ake sibone.

UJesu nabaphostoli bakhe bangamaJuda futhi iningi lamaJuda aliwathandi amaSamariya. Kodwa akunjalo ngoJesu. Uwaphatha ngomusa, futhi uJakobe noJohane kufanele benze okufanayo. Kodwa laba bafundi ababili bathukuthelela amaSamariya angafuni ukubamukela, futhi babuza uJesu: ‘Ingabe ufuna sitshele umlilo ukuba wehle ubabulale?’ Ucabanga ukuthi uJesu uphendula athini?— Ubatshela ukuthi akufanele basho into embi kanjalo! Kuningi uJakobe noJohane okudingeka bakufunde ngesihe.

Enye inkinga enkulu abanayo ukuthi bafuna ukuba ngongqá phambili, bavelele. Ngaphambi nje kokufa kukaJesu, bathuma unina ukuba athi kuJesu: “Khipha izwi lokuba la madodana ami amabili ahlale phansi, enye ngakwesokunene sakho enye ngakwesobunxele sakho, embusweni wakho.” Lapho abanye abaphostoli abayishumi bezwa ngalokho okwenziwe uJakobe noJohane, bayathukuthela. Ingabe nawe wawuyothukuthela?

Mhlawumbe. Asithandi lapho abanye befuna ukuvelela nokuba bakhulu. Kamuva uJakobe noJohane bayaqaphela ukuthi benze iphutha nokuthi akunamusa kanjani lokho abakwenzile, futhi bayashintsha. Baba abaphostoli abanothando nabanomusa kakhulu. Singafundani kulokhu?

Isifundo okufanele sisifunde kuJesu ukuthi nathi kufanele sibonisane umusa. UJesu wayebaphatha kahle abantu, kuhlanganise amadoda, abesifazane nabantwana. Ingabe uyozama kanzima njalo ukukhumbula isibonelo sakhe futhi usilingise?

^ Uma ufunda lesi sihloko nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.