Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Abrahama—Indoda Enokholo

U-Abrahama—Indoda Enokholo

U-Abrahama—Indoda Enokholo

U-Abrahama umi phandle ngobusuku obucwathile. Njengoba ebuka isibhakabhaka esigcwele izinkanyezi, ulokhu ecabanga ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuthi inzalo yakhe iyoba ngangalezo zinkanyezi. (Genesise 15:5) Izinkanyezi ziyisikhumbuzo sesithembiso sikaJehova. Zibuye zibe isiqinisekiso. Uma ngempela uJehova enamandla okudala izulu nomhlaba nakho konke okukukho, angahlulwa yini ukwenza u-Abrahama noSara babe nomntwana? Lwalusekelwe lapho-ke ukholo luka-Abrahama.

LUYINI UKHOLO? Njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini, igama elithi “ukholo” libhekisela ekukholelweni ngokuqinile entweni ethile engabonakali. Ukukholelwa okunjalo kusekelwe ebufakazini obuphathekayo. Umuntu onokholo kuNkulunkulu ugxila ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaJehova, eqiniseka ukuthi ziyogcwaliseka nakanjani.

U-ABRAHAMA WALUBONISA KANJANI UKHOLO? U-Abrahama wabonisa ukuthi uyazikholelwa izithembiso zikaNkulunkulu. Ngokholo, washiya izwe azalelwa kulo eqiniseka ukuthi uJehova uyosigcina isithembiso saKhe sokumbonisa elinye izwe. Ngokholo, wazulazula eKhanani, eqiniseka ukuthi ekugcineni inzalo yakhe iyolizuza lelo zwe. Ngokholo, walalela wacishe wanikela ngo-Isaka, eqiniseka ukuthi uma kudingeka uJehova uyomvusa.—Hebheru 11:8, 9, 17-19.

U-Abrahama wagxila esikhathini esizayo kunokugxila ezintweni ezedlule. Nakuba u-Abrahama noSara kungenzeka babejabulela ukuphila okuntofontofo e-Uri kunaseKhanani, ‘abazange baqhubeke becabanga ngezwe ababephume kulo.’ (Hebheru 11:15, iBhayibheli lesiZulu elivamile) Kunalokho, bagxila endleleni uNkulunkulu ayeyobabusisa ngayo bona nenzalo yabo esikhathini esizayo.—Hebheru 11:16.

Ingabe lwalunesisekelo esiqinile ukholo luka-Abrahama? Yebo. UJehova wazigcina zonke izithembiso zakhe. Ekugcineni inzalo ka-Abrahama yanda yaba isizwe esaziwa ngokuthi u-Israyeli. Ngokuhamba kwesikhathi, ama-Israyeli eza azohlala eKhanani, lona kanye izwe uJehova ayelithembise u-Abrahama.—Joshuwa 11:23.

YIZIPHI IZIFUNDO ESIZITHOLAYO? Singaqiniseka ukuthi uJehova uyozigcwalisa izithembiso zakhe. Nakuba ezinye zibonakala zingenakwenzeka ngokubheka komuntu, siyaqiniseka ukuthi “kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”—Mathewu 19:26.

Isibonelo sika-Abrahama sisifundisa nokuba sigxile kulokho esiyokujabulela esikhathini esizayo, hhayi ezintweni ezedlule. Yilokho indoda okuthiwa uJason eyafunda ukukwenza. UJason uphethwe isifo esiwohlozayo esesimkhubaze ngokuphelele. Uthi: “Kumelwe ngivume ukuthi ngezinye izikhathi ngiyacabanga ngesikhathi esedlule.” Uyanezela: “Yizinto ezincane engizikhumbula kakhulu, izinto ezifana nokugona umkami u-Amanda.”

Noma kunjalo, uJason unokholo oluphelele lokuthi uJehova uzozigcwalisa izithembiso zakhe, kuhlanganise nesithembiso sokuthi maduze umhlaba wethu uzoba ipharadesi futhi abantu abathembekile bayonikwa ukuphila okuphelele phakade. * (IHubo 37:10, 11, 29; Isaya 35:5, 6; IsAmbulo 21:3, 4) UJason uthi: “Ngicabanga ngezikhathi ezingcono kakhulu ezizayo, maduze nje konke lokhu—ukucindezeleka, ukukhathazeka, ukudumala nokuzizwa unecala—kuzodlula futhi ngeke kuphinde kube khona.” Yeka isibonelo esihle kakhulu sokholo olufana noluka-Abrahama!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Ukuze ufunde okwengeziwe ngepharadesi lasemhlabeni elizayo, bheka isahluko 3, 7, no-8 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.