Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Abrahama—Indoda Enesibindi

U-Abrahama—Indoda Enesibindi

U-Abrahama—Indoda Enesibindi

U-Abrahama ubuka umkhaya wakhe nezinceku njengoba belungiselela ukuya eKhanani. (Genesise 12:1-5) Ubuka laba bantu abaningi abathembele kuye ukuze baqhubeke bephila, uzizwa enomthwalo wemfanelo wokubanakekela. Kodwa uzokwazi kanjani ukunakekela izidingo zabo zezinto ezibonakalayo ezweni angalazi? Bekungeke yini kube lula ukubanakekela ezweni lase-Uri, indawo echumayo enodeda-ngendlale bamadlelo, umhlabathi ovundile namathantala amanzi? Kuzokwenzekani uma ehlatshwa ukugula noma efa kuleli zwe elisha? Ubani ozonakekela umndeni wakhe? Uma u-Abrahama enovalo ngalezi zinto, akazivumeli ukuba zimthene amandla. Uzimisele ukulalela imiyalo kaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani —uphawu lwesibindi sangempela.

SIYINI ISIBINDI? Imfanelo yokuba namandla nobuqhawe—okuphambene nokuba namahloni nobugwala. Ukuba nesibindi akusho ukuthi asilokothi sesabe. Kunalokho, umuntu onesibindi esivela kuNkulunkulu uthatha isinyathelo naphezu kokwesaba anakho.

U-ABRAHAMA WASIBONISA KANJANI ISIBINDI? U-Abrahama wayengakwesabi ukuhluka. Wakhulela endaweni lapho abantu babekhulekela onkulunkulu nezithombe eziningi. Yize kunjalo, akazange avumele ukwesaba abantu kumnqinde ekwenzeni okulungile. Kunalokho, ngesibindi wakhetha indlela ehlukile yokuphila, wakhetha ukukhulekela uNkulunkulu oyedwa—“uNkulunkulu oPhezukonke,” uJehova.—Genesise 14:21, 22.

U-Abrahama wabeka ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso kuqala kunezinto ezibonakalayo. Wayezimisele ukushiya ukuphila kwakhe okuntofontofo e-Uri aye ehlane, enethemba eliphelele lokuthi uJehova uyozinakekela izidingo zakhe ezibonakalayo. Yiqiniso, njengoba iminyaka ihamba, kungenzeka ukuthi wacabanga ngezinye zezinto ayezijabulela e-Uri. Kodwa akazange akungabaze ukuthi uJehova uyohlale emnakekela yena nomndeni wakhe. Wanamathela kuJehova njengoMuntu obaluleke kunabo bonke ekuphileni kwakhe, okwamnika isibindi sokulalela imiyalo kaNkulunkulu.

YIZIPHI IZIFUNDO ESIZITHOLAYO? Singalingisa u-Abrahama ngokuhlakulela isibindi sokulalela uJehova, ngisho nalapho abantu abasizungezile bengamlaleli. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lifundisa ukuthi labo abakumelelayo abakukholelwa ngoJehova uNkulunkulu bangase baphikiswe abangane noma izihlobo ezingahlosé bubi. (Johane 15:20) Nokho, uma siqiniseka ngalokho esikufundile ngoJehova, siyozimelela ngendlela enenhlonipho izinkolelo zethu.—1 Petru 3:15.

Nathi singathembela esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi uyobanakekela labo ababonisa ukholo kuye. Ithemba elinjalo lisinika isibindi sokugxilisa ukuphila kwethu ezintweni ezingokomoya kunaseminakweni yezinto ezibonakalayo. (Mathewu 6:33) Cabangela indlela omunye umkhaya owakwenza ngayo lokhu.

UDoug noBecky babefuna ukuthuthela ezweni elalinesidingo esikhulu sabashumayeli bezindaba ezinhle zeBhayibheli, yize babenabafana abancane ababili. Ngemva kokucwaningisisa nokuphikelela emthandazweni banquma ukwenza lokho ababekuhlelile. UDoug uthi: “Kwakudinga isibindi ukuthutha nezingane, singazi nokuthi silindelwe yini phambili. Ngesikhathi siqala ukwenza izinhlelo, saxoxa ngesibonelo sika-Abrahama noSara. Ukucabanga ukuthi bathembela kanjani kuJehova—nokuthi wabasekela kanjani—kwasisiza ngempela.”

Uma ekhuluma ngokuphila kwabo kwelinye izwe, uDoug uthi: “Siye sabusiswa ngendlela eyisimanga, ngenxa yokuthi ukuphila kwethu kulula, sikwazi ukuchitha ingxenye enkulu yosuku sindawonye njengomkhaya—sishumayela, sixoxa futhi sidlala nabafana bethu. Sinomuzwa wenkululeko ongachazeki.”

Yiqiniso, akuwona wonke umuntu ongase akwazi ukwenza izinguquko ezinjalo. Nokho, sonke singasilingisa isibonelo sika-Abrahama ngokubeka ukukhulekela kwethu uNkulunkulu endaweni yokuqala, sinethemba lokuthi uzosisekela. Uma senza kanjalo sisuke silalela iseluleko seBhayibheli sokuba “nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.’”—Hebheru 13:5, 6.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

Umuntu onesibindi esivela kuNkulunkulu uthatha isinyathelo naphezu kokwesaba anakho

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]

Owesifazane Owesaba UNkulunkulu Nenkosikazi Eyigugu

USara wayeshade nendoda enokholo oluphawulekayo. Kodwa naye lo wesifazane owesaba uNkulunkulu wabeka isibonelo esihle kakhulu. Empeleni, iBhayibheli likhuluma ngaye kathathu njengomuntu abesifazane abesaba uNkulunkulu okufanele bamlingise. (Isaya 51:1, 2; Hebheru 11:11; 1 Petru 3:3-6) Nakuba imiBhalo yembula okuncane ngalona wesifazane ophawulekayo, singakwazi ukubona izimfanelo zakhe ezinhle.

Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uSara asabela ngayo okokuqala lapho u-Abrahama emtshela ngesiqondiso sikaNkulunkulu sokushiya i-Uri. Ingabe wayezibuza ukuthi bayaphi nokuthi bahambelani? Ingabe wayekhathazekile ngokuthi bazophila ngani? Ingabe wadumala lapho ecabanga ukuthi ushiya abangane nezihlobo, engazi nokuthi uyophinde azibone nini—uma kuyoke kwenzeke? Akungabazeki ukuthi yamfikela imicabango enjalo. Noma kunjalo, wahamba ngokuzithandela, enethemba lokuthi uJehova uyombusisa ngokulalela kwakhe.—IzEnzo 7:2, 3.

Ngaphezu kokuba inceku kaNkulunkulu elalelayo, uSara wayeyinkosikazi enhle kakhulu. Kunokuba ancintisane nomyeni wakhe ekuqondiseni izindaba zomndeni, uSara wahlakulela inhlonipho ejulile ngomyeni wakhe, wamsekela ngothando njengoba ayehola umndeni wabo. Ngokwenza kanjalo, wazihlobisa—wazenza waba muhle—ngezimfanelo ezinhle zangaphakathi.—1 Petru 3:1-6.

Ingabe izimfanelo ezinjalo zingawazuzisa amakhosikazi namuhla? Owesifazane okuthiwa uJill, oseneminyaka engu-30 ejabule emshadweni wakhe, uthi: “Isibonelo sikaSara singifundise ukuthi kufanele ngizizwe ngikhululekile ukukhuluma nokuveza imibono yami kumyeni wami.” Uyaqhubeka: “Ngesikhathi esifanayo, njengoba umyeni wami eyinhloko yomkhaya, uyena onomthwalo wemfanelo wokwenza isinqumo sokugcina. Lapho esesenzile, umsebenzi wami uwukwenza konke okusemandleni ukuze leso sinqumo siphumelele.”

Cishe isifundo esithinta inhliziyo kunazo zonke esisifunda kuSara yilesi: Nakuba ayemuhle kakhulu, akazange avumele ukubukeka kwangaphandle kumenze aqhoshe. (Genesise 12:10-13) Kunalokho, ngokuthobeka wasekela u-Abrahama ebuhleni nasebubini. Ngokungangabazeki, u-Abrahama noSara babethembekile, bethobekile futhi bengabashadikazi abanothando, abalethelana izibusiso zangempela.