Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Abrahama—Indoda Enothando

U-Abrahama—Indoda Enothando

U-Abrahama—Indoda Enothando

Kunzima endodeni engu-Abrahama. Umkayo emthandayo uSara ufile. Kubuya izi- nkumbulo eziningi ezimnandi engqondweni yale ndoda esikhulile njengoba ingcwaba umkayo. Njengoba inhliziyo yayo igcwala usizi lokulahlekelwa kwehla izinyembezi. (Genesise 23:1, 2) Lezo zinyembezi azilona neze ihlazo noma ukuphoxeka, kodwa ziwubufakazi benye imfanelo ka-Abrahama enhle kunazo zonke—uthando.

LUYINI UTHANDO? Uthando umuzwa ojulile futhi ofudumele wokusondelana nothile. Umuntu onothando ubonisa ngezenzo ukuthi uzizwa kanjani ngalabo abathandayo, ngisho noma ukwenza kanjalo kusho ukuthi kufanele azidele.

U-ABRAHAMA WALUBONISA KANJANI UTHANDO? U-Abrahama wabonisa ukuthi wayewuthanda umndeni wakhe. Ngokungangabazeki, u-Abrahama wayeyindoda ematasa. Nokho, akazange angazinaki izidingo zomndeni wakhe ezingokomzwelo nezingokomoya. Empeleni, uJehova waqaphela ukuthi wayehola ekukhulekeleni njengenhloko. (Genesise 18:19) Ngaphezu kwalokho, uJehova wakhuluma ngokucacile ngothando luka-Abrahama. Lapho ekhuluma no-Abrahama ngo-Isaka wathi “indodana. . . oyithanda kakhulu.”—Genesise 22:2.

Singalubona futhi uthando luka-Abrahama endleleni asabela ngayo lapho kufa umkakhe amthandayo, uSara. U-Abrahama wamkhalela. Nakuba ayenamandla futhi eyindoda, akazange esabe ukubonisa ukudabuka kwakhe. Wabonisa kahle ukuthi umuntu angaba namandla ebe emnene.

U-Abrahama wabonisa ukuthi wayemthanda uNkulunkulu wakhe. Ukuphila kwakhe konke kwabonisa lolu thando. Kanjani? Singase sikhumbule lokho okushiwo iBhayibheli kweyoku-1 Johane 5:3: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.” Ngokwale ncazelo, u-Abrahama wayeyisibonelo esimangalisayo sokuthanda uNkulunkulu.

Noma nini lapho uJehova emnika umyalo, u-Abrahama wayeshesha ukuwulalela. (Genesise 12:4; 17:22, 23; 21:12-14; 22:1-3) Kungakhathaliseki ukuthi wawulula noma unzima; kungakhathaliseki ukuthi wayazi ukuthi kungani uJehova ethi akawugcine noma cha, wayewugcina. Ku-Abrahama imibuzo enjalo yayingabalulekile. Uma nje uNkulunkulu wakhe ayefuna enze okuthile, wayezimisela ukukwenza. Wayebheka umyalo ngamunye njengethuba lokubonisa uthando lwakhe ngoJehova.

YIZIPHI IZIFUNDO ESIZITHOLAYO? Singalingisa u-Abrahama ngokubonisa uthando olufudumele kwabanye, ikakhulukazi emalungwini emindeni yethu. Ngeke nanini sivumele izingcindezi zokuphila zisincishe isikhathi sokuba nalabo ababaluleke kakhulu kithi.

Senza kahle futhi ngokuhlakulela uthando olusuka enhliziyweni ngoJehova. Uthando olunjalo lungaba ithonya elinamandla ekuphileni kwethu. Ngokwesibonelo, lungasishukumisela ukuba sishintshe isimo sethu sengqondo, inkulumo yethu nokuziphatha kwethu ukuze sijabulise uNkulunkulu.—1 Petru 1:14-16.

Kuyavunywa, ukulalela imiyalo kaJehova akulula ngaso sonke isikhathi. Kodwa singaqiniseka ukuthi Lowo owasiza u-Abrahama—Lowo owambiza ngokuthi “umngane wami”—uyosisekela nathi. (Isaya 41:8) IZwi lakhe, iBhayibheli liyathembisa: “Uyonenza niqine, uyonenza nibe namandla.” (1 Petru 5:10) Yeka isithembiso esithinta inhliziyo esivela kulowo Mngane othembekile ka-Abrahama!

[Ibhokisi ekhasini 11]

Ingabe Indoda Ayikhali?

Abaningi bangaphendula ngokuthi ayikhali. Mhlawumbe bangamangala uma bezwa ukuthi u-Abrahama wayengomunye wamadoda anamandla nathembekile iBhayibheli elisitshela ukuthi akhala lapho ecindezelekile. Amanye ahlanganisa uJosefa, uDavide, umphostoli uPetru, abadala bebandla lase-Efesu ngisho noJesu imbala. (Genesise 50:1; 2 Samuweli 18:33; Luka 22:61, 62; Johane 11:35; IzEnzo 20:36-38) Ngokusobala, iBhayibheli alifundisi ukuthi indoda ayikhali.