Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sondela KuNkulunkulu

“Mina, Jehova UNkulunkulu Wakho, Ngibambé Isandla Sakho Sokunene”

“Mina, Jehova UNkulunkulu Wakho, Ngibambé Isandla Sakho Sokunene”

“BAMBELELA esandleni sami,” kusho ubaba endodaneni yakhe njengoba sebezokweqa umgwaqo ophithizelayo. Njengoba ubaba ebambe iminwe emincane yendodana yakhe, izizwa iphephile futhi ingesabi. Wake wafisa yini ukuba umuntu othile akubambe ngesandla akuhole ezinkathazweni zokuphila? Uma kunjalo ungase uthole induduzo emazwini alotshwa u-Isaya.—Funda u-Isaya 41:10,  13.

U-Isaya wayekhuluma no-Israyeli. Nakuba uNkulunkulu ayebheka leso sizwe ‘njengempahla yakhe ekhethekile,’ sasizungezwe izitha. (Eksodusi 19:5) Ingabe u-Israyeli kwakudingeka esabe? UJehova wasebenzisa u-Isaya ukuze adlulisele umyalezo oqinisekisayo. Njengoba sihlolisisa la mazwi, masikhumbule ukuthi ayasebenza nakubakhulekeli bakaNkulunkulu namuhla.—Roma 15:4.

UJehova uyanxusa: “Ungesabi.” (Ivesi 10) Lawa akuwona amazwi angasho lutho nje. UJehova uyachaza ukuthi kungani abantu bakhe kungadingeki besabe: “Ngoba nginawe.” Akawona umthombo wosizo okude kakhulu, othembisa ukufika kuphela uma udingeka. Ufuna abantu bakhe bazi ukuthi unabo—njengokungathi useceleni kwabo—uhlale elungele ukubasekela. Akududuzi yini lokho?

UJehova uphinde aqinisekise abakhulekeli bakhe ethi: “Ungaqalazi ngapha nangapha.” (Ivesi 10) Isenzo sesiHebheru esisetshenziswe lapha singabhekisela kulabo “abaqalaza yonke indawo befuna ukubona ukuthi akukho yini okungabalimaza.” UJehova uchaza ukuthi kungani abantu bakhe kungadingeki baqalaze ngokwesaba: “Ngoba nginguNkulunkulu wakho.” Sikhona yini isiqinisekiso esidlula lesi? UJehova ‘ungoPhezukonke’ ‘uMninimandla onke.’ (IHubo 91:1) Uma benoNkulunkulu onjengoJehova, onawo wonke amandla, bangesabani?

Yini-ke abakhulekeli bakaJehova abangayilindela kuye? Uyathembisa: “Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.” (Ivesi 10) Ubuye athi: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene.” (Ivesi 13) Ucabangani uma uzwa la mazwi? Enye incwadi ithi: “Uma uwabheka womabili la mavesi akwenza ubone ngeso lengqondo umzali nengane. [Ubaba] akamane nje ame eceleni kwayo alindele ukuyivikela kodwa unayo ngokoqobo ingane yakhe, ngeke avumele ukuba ahlukaniswe nayo.” Cabanga nje—uJehova ngeke avumele ukuba ahlukaniswe nabantu bakhe, ngisho noma besesikhathini esibonakala njengesinzima kakhulu ekuphileni kwabo.—Hebheru 13:5, 6.

Abakhulekeli bakaJehova namuhla bangathola induduzo emazwini alotshwa u-Isaya. Kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” ngezinye izikhathi singase sizizwe sigajwa izingcindezi zokuphila. (2 Thimothewu 3:1) Kodwa akufanele sizithwalele zona. UJehova uzimisele ukwelula ingalo asibambe ngesandla. Njengabantwana abamethembayo uyise, singabambelela esandleni sikaJehova esinamandla, siqiniseka ngokuthi uyosiholela endleleni efanele futhi asisize ngezikhathi ezinzima.—IHubo 63:7, 8.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-January:

U-Isaya 24-42