Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Kungani UNkulunkulu Acela U-Abrahama Ukuba Anikele Ngendodana Yakhe?

Kungani UNkulunkulu Acela U-Abrahama Ukuba Anikele Ngendodana Yakhe?

▪ Njengoba kulotshwe encwadini yeBhayibheli kaGenesise, uJehova uNkulunkulu wacela u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe u-Isaka. (Genesise 22:2) Abanye abafundi beBhayibheli bakuthola kunzima ukuyiqonda le ndaba. Uprofesa okuthiwa uCarol uthi: “Lapho ngiqala ukuzwa le ndaba ngesikhathi ngisemncane ngathukuthela. Ngazibuza ukuthi uNkulunkulu onjani lo ongacela umuntu ukuba enze into enje?” Imizwa enjalo iyaqondakala, kodwa senza kahle ngokukhumbula amaphuzu ambalwa.

Okokuqala, cabanga ngalokho uJehova angazange akwenze. Akazange avumele u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe, ngisho noma u-Abrahama ayezimisele ukwenza kanjalo, futhi uNkulunkulu akazange aphinde acele muntu ukuba enze into efanayo. UJehova ufuna ukuba bonke abakhulekeli bakhe, kuhlanganise nezingane baqhubeke bephila—bajabulele ukuphila okude nokwanelisayo.

Okwesibili, iBhayibheli lisikisela ukuthi uJehova wayenesizathu esikhethekile sokucela u-Abrahama ukuba anikele ngo-Isaka. UNkulunkulu wayazi ukuthi emakhulwini amaningi eminyaka ayezolandela, wayezovumela iNdodana * yakhe uqobo, uJesu, izosifela. (Mathewu 20:28) UJehova wayefuna ukusibonisa ukuthi wayezolahlekelwa kangakanani ngokunikela ngeNdodana yakhe. Ngokucela ukuba u-Abrahama anikele ngendodana yakhe, wenza isibonakaliso esinamandla salokho okwakuzokwenzeka esikhathini esizayo. Kanjani?

Cabanga ngalokho uJehova akusho ku-Abrahama: “Ngicela uthathe indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo oyithanda kakhulu, u-Isaka, . . . uyinikele . . . njengomnikelo wokushiswa.” (Genesise 22:2) Phawula ukuthi uJehova ubiza u-Isaka ngokuthi indodana “oyithanda kakhulu.” UJehova wayazi ukuthi u-Isaka wayenguzinyo-bulala ku-Abrahama. UNkulunkulu wayazi nokuthi Yena uzizwa kanjani ngeNdodana yakhe, uJesu. UJehova wayemthanda kakhulu uJesu kangangokuba wakhuluma kabili esezulwini, ebhekisela ngokuqondile kuye ngokuthi “Ndodana yami, ethandekayo.”—Marku 1:11; 9:7.

Phawula nokuthi lapho uJehova ekhuluma no-Abrahama wasebenzisa igama elithi “ngicela.” Esinye isazi seBhayibheli sisikisela ukuthi ukusebenzisa kukaNkulunkulu leli gama kwabonisa ukuthi “INKOSI yayazi ukuthi sasinzima kangakanani isicelo sayo.” Njengoba singase sicabange, leso sicelo samphatha kabi ngempela u-Abrahama; ngendlela efanayo, abucabangeki ubuhlungu uJehova abuzwa lapho ebukela iNdodana yakhe ihlupheka futhi ifa. Akubuzwa ukuthi kwakuwubuhlungu obukhulu kunabo bonke uJehova ake abuzwa noma ayoke abuzwe.

Nakuba kungase kuzwakale kushaqisa ukucabanga ngalokho uJehova akucela ku-Abrahama, kuwukuhlakanipha ukukhumbula ukuthi uJehova akazange avumele le nzalamizi ethembekile ukuba inikele ngendodana yayo. Wavimbela u-Abrahama ekuzweni ubuhlungu obukhulu kunabo bonke umzali angase abuzwe; wavikela u-Isaka ekufeni. Noma kunjalo, uJehova akazange agodle ngisho “neNdodana yakhe siqu kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke.” (Roma 8:32) Kungani uJehova avuma ukubhekana nalesi simo esibuhlungu kangaka? Wakwenza lokho ukuze “sizuze ukuphila.” (1 Johane 4:9) Yeka isikhumbuzo esinamandla sothando uNkulunkulu analo ngathi! Asishukumiseleki yini ukuba nathi simthande? *

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 IBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu waba ubaba kaJesu ngokuhlangana nowesifazane. Kunalokho, uJehova wadala isidalwa somoya okwathi kamuva wasithumela emhlabeni ukuba sizalwe intombi enguMariya. Ngakho-ke, njengoMdali kaJesu, uNkulunkulu ubizwa ngokufanele ngokuthi uYise.

^ par. 8 Ukuze ufunde okwengeziwe mayelana nokuthi kungani kwadingeka uJesu afe nokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyakwazisa lokho, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?