Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Yethu NgoJesu Kristu Iyaphendulwa

Imibuzo Yethu NgoJesu Kristu Iyaphendulwa

Imibuzo Yethu NgoJesu Kristu Iyaphendulwa

“Izixuku zithi ngingubani?”—LUKA 9:18.

UJESU wabuza abafundi bakhe lo mbuzo ngoba wayazi ukuthi abantu banemibono ehlukahlukene ngaye. Nokho, sasingekho isizathu esizwakalayo sokuba badideke. UJesu wayengeyena unkom’ idla yodwa owenza izinto ekusithekeni. Kunalokho, wazihlanganisa ngokukhululekile nabantu emadolobheni nasemizini yabo. Washumayela futhi wafundisa obala ngoba efuna ukuba abantu bazi iqiniso ngaye.—Luka 8:1.

Iqiniso ngoJesu lingatholakala emazwini nasezenzweni zakhe ezilotshwe emaVangelini amane eBhayibheli—uMathewu, uMarku, uLuka noJohane. Lo mlando ophefumulelwe uphendula imibuzo yethu ngoJesu. *Johane 17:17.

UMBUZO: Ingabe ngempela uJesu wake waba khona emhlabeni?

IMPENDULO: Yebo. Izazi-mlando zezwe ezihlanganisa uJosephus noTacitus zangekhulu lokuqala, zikhuluma ngoJesu njengomuntu owake waba khona. Okubaluleke nakakhulu ukuthi amaVangeli abonisa ngokucacile ukuthi uJesu wayengumuntu wangempela hhayi umlingiswa oqanjiwe. Umlando awugwegwesi futhi uyaningiliza uma usho indawo nesikhathi aba khona ngaso. Ngokwesibonelo, umlobi weVangeli uLuka ubala ababusi abayisikhombisa—abamagama abo abalwa izazi-mlando zezwe—ukuze aveze unyaka uJesu aqala ngawo inkonzo yakhe.—Luka 3:1, 2, 23.

Ubufakazi bokuthi uJesu wake waphila buqand’ ikhanda. Incwadi ethi Evidence for the Historical Jesus ithi “izazi eziningi ziyovuma ukuthi indoda eyaziwa ngokuthi uJesu waseNazaretha yaphila ngekhulu lokuqala.”

UMBUZO: Ingabe uJesu unguNkulunkulu?

IMPENDULO: Cha. UJesu akakaze acabange ukuthi ulingana noNkulunkulu. Kunalokho, uJesu wabonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi wayengaphansi kukaJehova. * Ngokwesibonelo, uJesu wabiza uJehova ngokuthi “Nkulunkulu wami” nangokuthi “owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.” (Mathewu 27:46; Johane 17:3) Umuntu ongaphansi kuphela ongabiza omunye ngale ndlela. Isisebenzi esibiza umqashi waso ngokuthi “ubasi wami” noma “ophethe” sikwenza kucace ukuthi sona singaphansi.

UJesu wabuye wabonisa ukuthi akayena umuntu oyedwa noNkulunkulu. Wake wathi kubaphikisi ababevivinya igunya lakhe: “EMthethweni wenu kulotshiwe ukuthi, ‘Ubufakazi babantu ababili buyiqiniso.’ Mina ngingozifakazelayo, futhi uBaba ongithumileyo uyangifakazela.” (Johane 8:17, 18) Kumelwe ukuba uJesu akayena umuntu oyedwa noJehova. Konje bebengabhekwa kanjani nje njengofakazi ababili uma bebewumuntu oyedwa? *

UMBUZO: Ingabe uJesu wayemane nje eyindoda elungile?

IMPENDULO: Cha. Wayengaphezulu kakhulu kwalokho. UJesu wayazi ukuthi wayefeza izindima eziningi ezibalulekile ekugcwaliseni intando kaNkulunkulu. Nazi ezimbalwa:

‘INdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’ (Johane 3:18) UJesu wayezazi ukuthi uvelaphi. Eqinisweni ukuphila kwakhe kwaqala ngaphambili kakhulu kokuba azalwe emhlabeni. Wachaza: ‘Ngehla ezulwini.’ (Johane 6:38) UJesu wayeyindalo kaNkulunkulu yokuqala futhi wasiza ekudaleni zonke ezinye izinto. Njengoba kunguye kuphela owadalwa uNkulunkulu ngokuqondile, wayengabizwa kufanele ngokuthi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’—Johane 1:3, 14; Kolose 1:15, 16.

“INdodana yomuntu.” (Mathewu 8:20) Izikhathi eziningana uJesu uzibiza ngokuthi ‘uyiNdodana yomuntu,’ usebenzisa igama elivela cishe izikhathi ezingu-80 emaVangelini. Leli gama libonisa ukuthi wayengumuntu ongokoqobo hhayi uNkulunkulu emzimbeni wenyama. Kwenzeka kanjani ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa izalwe njengomuntu? Ngomoya ongcwele, uJehova wadlulisela ukuphila kweNdodana yakhe esibelethweni sentombi engumJuda uMariya, ebangela ukuba ikhulelwe. Ngenxa yalokho, uJesu wazalwa engenasono futhi ephelele.—Mathewu 1:18; Luka 1:35; Johane 8:46.

“UMfundisi.” (Johane 13:13) UJesu wakwenza kwacaca ukuthi umsebenzi awunikwe uNkulunkulu ‘kwakuwukufundisa . . . nokushumayela izindaba ezinhle’ ngoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:23; Luka 4:43) Ngendlela ecacile nelula, wachaza ukuthi uyini uMbuso kaNkulunkulu nokuthi yini oyoyenza ekufezeni intando kaJehova.—Mathewu 6:9, 10.

“ULizwi.” (Johane 1:1) UJesu waba uMkhulumeli kaNkulunkulu—umzila uNkulunkulu adlulisela ngawo ukwaziswa neziqondiso kwabanye. UJehova wasebenzisa uJesu ekudluliseleni umyalezo waKhe kubantu emhlabeni.—Johane 7:16, 17.

UMBUZO: Ingabe uJesu wayenguMesiya othenjisiwe?

IMPENDULO: Yebo. Iziprofetho zeBhayibheli zabikezela ngokufika kukaMesiya noma uKristu, okusho “Ogcotshiweyo.” Lona oThenjisiwe wayeyoba nendima eyinhloko ekufezeni injongo kaJehova. Ngelinye ilanga, omunye wesifazane ongumSamariya wathi kuJesu: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, obizwa ngokuthi uKristu.” Engananazi, uJesu wathi kuye: “Mina engikhuluma nawe nginguye.”—Johane 4:25, 26.

Ingabe bukhona ubufakazi bokuthi uJesu wayenguMesiya ngempela? Kunobufakazi obuthathu okuthi uma buhlanganiswa bunikeze ubufakazi obuqand’ ikhanda, kuhle kwemigqa yomunwe okungeyomuntu oyedwa. Ingabe kwakunguJesu lowo muntu? Cabangela:

Uhlu lwakhe lozalo. IBhayibheli labikezela ukuthi uMesiya uyovela ohlwini lozalo luka-Abrahama ngohlu lomndeni kaDavide. (Genesise 22:18; IHubo 132:11, 12) UJesu uyisizukulwane sazo zombili lezi zinhlu.—Mathewu 1:1-16; Luka 3:23-38.

Iziprofetho ezigcwalisekile. ImiBhalo yesiHebheru iqukethe inqwaba yeziprofetho ngokuphila kukaMesiya emhlabeni kuhlanganise nemininingwane ngokuzalwa nokufa kwakhe. UJesu wazigcwalisa zonke iziprofetho. Nazi ezinye: Wazalelwa eBetlehema (Mika 5:2; Luka 2:4-11), wabizwa ukuba aphume eGibhithe (Hoseya 11:1; Mathewu 2:15), futhi wabulawa ngaphandle kokuba kuphulwe amathambo akhe (IHubo 34:20; Johane 19:33, 36). Kwakungenakwenzeka ukuba uJesu aqondise ukuphila kwakhe kuvumelane nezici ezazidingeka ukuze kugcwaliseke zonke iziprofetho ngoMesiya. *

Ubufakazi bukaNkulunkulu uqobo. Ngesikhathi sokuzalwa kukaJesu, uNkulunkulu wathumela izingelosi ukuba ziyotshela abelusi ukuthi uMesiya uzelwe. (Luka 2:10-14) Izikhathi eziningana phakathi nenkonzo kaJesu, uNkulunkulu uqobo wakhuluma esezulwini, ezwakalisa ukumamukela uJesu. (Mathewu 3:16, 17; 17:1-5) UJehova wanika uJesu amandla okwenza izimangaliso ezinkulu, enikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi unguMesiya.—IzEnzo 10:38.

UMBUZO: Kungani kwadingeka ukuba uJesu ahlupheke futhi afe?

IMPENDULO: Njengendoda engenasono, uJesu wayengakufanelekeli ukuhlupheka. Kwakungafanele abethelwe esigxotsheni njengeselelesi esivamile futhi ashiywe lapho ukuze afe ukufa okuyihlazo. Noma kunjalo, wayekulindele ukuphathwa kabi okunjalo futhi wakwamukela.—Mathewu 20:17-19; 1 Petru 2:21-23.

Iziprofetho ngoMesiya zabikezela ukuthi uMesiya wayeyohlupheka futhi afele izono zabanye. (Isaya 53:5; Daniyeli 9:24, 26) UJesu ngokwakhe wathi uzele ‘ukunikela umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Labo ababonisa ukholo enanini lokufa kwakhe okuyisihlengo banethemba lokusindiswa esonweni nasekufeni nelokuphila phakade ePharadesi emhlabeni. *Johane 3:16; 1 Johane 4:9, 10.

UMBUZO: Singakholelwa yini ngempela ukuthi uJesu wavuswa kwabafileyo?

IMPENDULO: Yebo. UJesu wayekulindele ukuthi uyovuswa kwabafileyo. (Mathewu 16:21) Nokho, kubalulekile ukuphawula ukuthi yena noma ababhali beBhayibheli abazange bathi wayeyomane azivukele. Lokho bekungeke kukholakale. Kunalokho iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wamvusa ngokuthukulula imihelo yokufa.” (IzEnzo 2:24) Uma sikwamukela ukuthi ukhona uNkulunkulu nokuthi unguMdali wazo zonke izinto, sinaso isizathu sokukholelwa ukuthi wayezoyivusa iNdodana yakhe ekufeni.—Hebheru 3:4.

Ingabe bukhona ubufakazi obuphathekayo bokuthi uJesu wavuswa? Cabangela lokhu okulandelayo.

Ubufakazi bofakazi bokuzibonela. Ngemva kweminyaka engaba ngu-22 uJesu afa, umphostoli uPawulu waloba ukuthi kunofakazi bokuzibonela abangaphezu kuka-500 ababona uJesu ovusiwe futhi iningi labo lalisaphila ngesikhathi uPawulu eloba. (1 Korinte 15:6) Kungase kube lula ukuphikisa ufakazi oyedwa noma ababili, kodwa ubani ongaphikisa ubufakazi babantu abangu-500?

Ofakazi abaqand’ ikhanda. Abafundi bakaJesu bokuqala—ababesesimweni esingcono kakhulu sokwazi ukuthi yini eyenzeka—bamemezela ngesibindi ukuthi uJesu uvusiwe. (IzEnzo 2:29-32; 3:13-15) Empeleni babheka ukukholelwa ekuvukeni kukaJesu njengokubalulekile okholweni lomKristu. (1 Korinte 15:12-19) Labo bafundi bancamela ukufa kunokulahla ukukholelwa kwabo kuJesu. (IzEnzo 7:51-60; 12:1, 2) Ukhona yini umuntu ongancamela ukufela into aziyo ukuthi ingamanga?

Sesihlole izimpendulo ezivela eBhayibhelini zemibuzo eyisithupha eyinhloko ngoJesu. Lezi zimpendulo zisibonisa ngokucacile ukuthi ungubani uJesu. Kodwa ingabe kunendaba ukuthola izimpendulo? Ngamanye amazwi, kuyawenza yini umehluko ukuthi yini okhetha ukuyikholelwa ngoJesu?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Ukuze uthole ukuthi amaVangeli eBhayibheli ahluke kanjani emibhalweni engamanga ngoJesu, bheka isihloko esithi “AmaVangeli E-Apocrypha—Ingabe Anamaqiniso Afihliwe NgoJesu?” emakhasini 18-19.

^ par. 9 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

^ par. 10 Ukuze ukuthole ingxoxo eningiliziwe, bheka isihloko esithi “Ingxoxo Nomakhelwane—Ingabe UJesu UnguNkulunkulu?” emakhasini 20-22.

^ par. 21 Ukuze uthole uhlu lweziprofetho ezagcwaliseka kuJesu, bheka ikhasi 200 lencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

^ par. 25 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngenani lokufa kukaJesu okuyisihlengo, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?