Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi hamba amamayela amabili?

ENtshumayelweni yakhe edumile yaseNtabeni, uJesu wathi: “Uma othile osegunyeni ekucindezela ukuba uhambe imayela elilodwa, hamba naye amamayela amabili.” (Mathewu 5:41) Cishe izilaleli zikaJesu zaqonda leyo nkulumo njengebhekisela ekwenzeni umsebenzi oyimpoqo isiphathimandla esasingase siwuthume isakhamuzi.

Ngekhulu lokuqala C.E., ama-Israyeli ayelawulwa amaRoma. AmaRoma ayenzisa abantu nezilwane umsebenzi ngenkani futhi esebenzisa noma yini ayitholayo acabanga ukuthi iyadingeka ukuze kusheshiswe umsebenzi wasebukhosini. Ngokwesibonelo, amabutho amaRoma aphoqelela uSimoni waseKhurene ukuba athwale isigxobo sokuhlushwa sikaJesu ayosibeka lapho ayezobulawelwa khona. (Mathewu 27:32) Lezo zenzo zazicindezela, zingathandeki nhlobo futhi amaJuda ayezenyanya.

Izakhamuzi zazingazi ukuthi ziyolithwala kuze kube nini lelo joka. Nokho, akubuzwa ukuthi zazingakucabangi nakancane ukusebenza ngaphezu kwalokho ezaziphoqelelwe ukuba zikwenze. Ngakho lapho uJesu enxusa izilaleli zakhe ukuba zihambe amamayela amabili, wayesho ukuthi kumelwe zenze lowo msebenzi ofunwa ngenkani iziphathimandla ngaphandle kokububula.—Marku 12:17.

Wayengubani u-Anase okukhulunywa ngaye ekulandiseni kwamaVangeli?

Ngesikhathi secala likaJesu, u-Anase (u-Ananus) wayechazwa ngokuthi ‘umpristi omkhulu.’ (Luka 3:2; Johane 18:13; IzEnzo 4:6) Eqinisweni, wayengumukhwe wompristi ophakeme wakwa-Israyeli, uKayafase, owayesekhonze njengompristi ophakeme kusukela ngo-6 noma ngo-7 C.E. kwaze kwaba cishe ngo-15 C.E., lapho ehliswa kuleso sikhundla umbusi waseRoma uValerius Gratus. Noma kunjalo, njengoba ayeke waba umpristi ophakame, u-Anase waqhubeka esebenzisa amandla akhe amakhulu kwa-Israyeli. Amadodana akhe amahlanu kanye nomkhwenyana wakhe baba ngabapristi abaphakeme.

Ngesikhathi u-Israyeli eseyisizwe esizimele, umpristi ophakame wayekhonza kuleso sikhundla ukuphila kwakhe konke. (Numeri 35:25) Nokho, ngaphansi kokubusa kwamaRoma, umpristi ophakeme wayekhonza ngokuthanda kwababusi abamiswe iRoma futhi wayegudluzwa yibo. Isazi-mlando uFlavius Josephus sibika ukuthi uKhureniyu, umbusi ongumRoma eSiriya, wagudluza uJoazar esikhundleni sokuba umpristi ophakeme ngo-6 noma ngo-7 C.E. futhi wamisa u-Anase esikhundleni sakhe. Nokho, kubonakala sengathi laba babusi abangamaqaba babekhetha umpristi omusha phakathi kwabapristi.

Umndeni ka-Anase wawunedumela elibi lokuhaha futhi ucebe kakhulu. Kubonakala sengathi umcebo wawo wawuwuthola ngokudayisa izinto ezazidingwa abantu ukuze benze umhlatshelo emagcekeni ethempeli, njengamajuba, izimvu, amafutha newayini. UJosephus uthi u-Ananus (u-Ananiya), indodana ka-Anase, “wayenezikhonzi eziyimigulukudu ezazithatha ngenkani okweshumi kwabapristi; futhi ezazingananazi ukushaya labo ababenqaba ukuzinika.”