Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

YINI eyashukumisa indoda eyanhlanhlatha yashiya inkolo eyayikhuliswe ngayo ukuba ibuyele kuyo? Insizwa ethile yamthola kanjani ubaba eyayisimfune ukuphila kwayo konke? Zizwele njengoba belandisa.

“Kwakudingeka Ngibuyele KuJehova.”—U-ELIE KHALIL

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1976

IZWE AZALELWA KULO: ICYPRUS

UMLANDO: WAYEYINDODANA YOLAHLEKO

UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eCyprus kodwa ngakhulela e-Australia. Abazali bami bangoFakazi BakaJehova futhi bénza konke okusemandleni abo ukugxilisa kimi uthando ngoJehova neZwi lakhe, iBhayibheli. Nokho, lapho sengevile eshumini nambili, ngaqala ukuvukela. Ngangeqa ekhaya ebusuku ngiyohlangana nenye intsha. Sasintshontsha izimoto futhi lokho kwasifaka ezinkingeni eziningi.

Ekuqaleni, ngangibafihlela abazali bami ngesaba ukuthi bazodumazeka uma bengezwa. Ngokuhamba kwesikhathi kwaphela lokho kwesaba. Abangane bami kwakungabantu abadala kakhulu kunami ababengamthandi uJehova futhi beyithonya elibi kimi. Ekugcineni, ngatshela abazali bami ukuthi angisafuni ukuba senkolweni yabo. Bazama ukungisiza ngesineke, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Lokhu kwabazwisa ubuhlungu obukhulu.

Ngemva kokuhamba ekhaya, ngaqala ukudla izidakamizwa, ngalima futhi ngadayisa nensangu. Ngangiziphatha kabi futhi ngichitha isikhathi esiningi ngizijabulisa ezindaweni zemidanso. Ngaqala ukuba yisififane. Uma umuntu ekhuluma noma enza into engingayithandi, ngangivele ngithukuthele ngigan’ unwabu, izikhathi eziningi ngangibakhakhabisa abantu futhi ngibashaye. Ngingathi nje ngangenza zonke izinto engafundiswa ukuba ngingazenzi njengomKristu.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Umngane wami omkhulu kwakuwumuntu esasidla naye izidakamizwa owashonelwa uyise esemncane. Sasivame ukuxoxa kuze kube sebusuku. Ngobunye ubusuku, wangithululela isifuba sakhe ngendlela ayemkhumbula ngayo uyise. Njengoba ngakhula ngilazi ithemba lovuko, ngazithola sengimtshela ngoJesu—ukuthi wavusa abafileyo nokuthi uthembisa ukwenza okufanayo esikhathini esizayo. (Johane 5:28, 29) Ngangivame ukuthi kuye: “Awuzicabange usuphinde ubona ubaba wakho.” Ngangibuye ngithi: “Sonke singaphila phakade ePharadesi emhlabeni.” Lawo mazwi ayithinta inhliziyo yomngane wami.

Ngezinye izikhathi, umngane wami wayefuna sixoxe ngezindaba ezifana nezinsuku zokugcina noma imfundiso kaZiqu-zintathu. Ngangithatha iBhayibheli lakhe ngimbonise imiBhalo eveza iqiniso ngoJehova uNkulunkulu, uJesu nezinsuku zokugcina. (Johane 14:28; 2 Thimothewu 3:1-5) Njengoba ngangilokhu ngixoxa ngoJehova nomngane wami, ngazithola ngicabanga ngokwengeziwe ngaYe.

Kancane kancane, imbewu yeqiniso leBhayibheli eyayisenhliziyweni yami—imbewu abazali bami ababezame kanzima ukuyitshala—yaqala ukuhluma. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi kwakuthi lapho ngisemcimbini sidla izidakamizwa nabangane bami, ngizithole sengicabanga ngoJehova. Iningi labangane bami lalithi liyamthanda uNkulunkulu kodwa ukuziphatha kwalo kwakusho okuhlukile. Njengoba ngangingafuni ukufana nalo, ngaqaphela ukuthi yini okwakudingeka ngiyenze. Kwakudingeka ngibuyela kuJehova.

Yiqiniso, kulula ukwazi ukuthi yini okufanele uyenze kodwa kunzima kakhulu ukuyenza. Ezinye izinguquko kwakulula ukuzenza; kwaba lula ukuyeka ukudla izidakamizwa. Ngahlukana nabangane bami bakudala futhi ngaqala ukufunda iBhayibheli nomdala ongumKristu.

Nokho, ezinye kwakunzima ukuzenza. Kwakunzima kakhulu ukulawula intukuthelo yami. Ngangenza kahle ngezinye izikhathi kodwa bese ngibuyela emkhubeni wami omdala. Ngangizizwa kabi uma ngibuyela emuva ngizizwe njengesehluleki. Kwakuthi uma ngidumele ngiye kumdala owayengifundisa iBhayibheli. Wayenesineke futhi enomusa, ewumthombo wesikhuthazo seqiniso. Ngesinye isikhathi, wathi angifunde isihloko se-Nqabayokulinda esikhuluma ngokubaluleka kokungapheli amandla. * Saxoxa ngezinyathelo engingazithatha lapho ngizizwa ngithukuthele. Kancane kancane, ngosizo lwaleso sihloko nokuthandaza kuJehova ngakwazi ukulawula intukuthelo yami. Ekugcineni, ngo-April 2000, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Akubuzwa ukuthi abazali bami bajabula ngendlela eyisimanga.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Manje senginokuthula kwengqondo nonembeza ohlanzekile, ngiyazi ukuthi angisawungcolisi umzimba wami ngezidakamizwa nokuziphatha okubi. Kungakhathaliseki ukuthi ngenzani, kungaba ukusebenza, ukuya emhlanganweni yobuKristu noma ukujabulela uhlobo oluthile lokuzijabulisa, ngijabule ngokwengeziwe. Senginombono ofanele ngokuphila.

Ngiyambonga uJehova ngabazali bami abangazange baphelelwe yithemba ngami. Ngiphinde ngicabange ngamazwi kaJesu atholakala kuJohane 6:44: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” Kungihlaba umxhwele ukucabanga ukuthi ngiye ngakwazi ukubuyela kuJehova ngoba wangidonsa.

“Ngangifuna ukuba nobaba.”—UMARCO ANTONIO ALVAREZ SOTO

UNYAKA AZALWA NGAWO: 1977

IZWE AZALELWA KULO: ICHILE

UMLANDO: WAYEYILUNGU LEQEMBU LOMCULO ONESIGQI ESINAMANDLA

UKUPHILA KWAMI: Ngakhuliswa ngumama ePunta Arenas, idolobha elihle eliseStrait of Magellan ngasemaphethelweni aseningizimu yeNingizimu Melika. Abazali bami bahlukana lapho ngineminyaka emihlanu ubudala, okwangenza ngazizwa ngishiywe dengwane. Ngangifuna ukuba nobaba.

Umama wayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi wayehamba nami uma eya emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso. Nokho, ngangingathandi ukuya emihlanganweni futhi ngangivame ukukhala ngizibhuqabhuqe phansi uma sisendleleni. Lapho ngineminyaka engu-13, angibange ngisaya.

Ngaleso sikhathi, ngaqala ukuthanda umculo futhi ngaphawula ukuthi nginekhono. Lapho ngineminyaka engu-15, ngadlala umculo onesigqi esinamandla emikhosini, ezindaweni zokuphuza nasemibuthanweni yangasese. Ukuba umngane nabaculi abanekhono, kwangenza ngawuthanda umculo we-classic. Ngaqala ukufundela umculo esikoleni somculo sendawo. Lapho ngineminyaka engu-20, ngathuthela eSantiago ukuze ngithuthukise izifundo zami. Ngaqhubeka nokudlala emaqenjini omculo onesigqi esinamandla.

Sonke leso sikhathi, ngangihlushwa umzwangedwa. Ukuze ngidambise leyo mizwa, ngangidakwa futhi ngidle izidakamizwa namalungu eqembu lami, engangiwabheka njengomndeni wami. Ngangiwumdlwembe owawuwubona uwubuka nje. Ngangigqoka izingubo ezimnyama, nginentshebe futhi ngiyekele izinwele zami zakhula zacishe zafika okhalweni.

Izikhathi eziningana, ukungafuni kwami ukutshelwa kwakungenza ngilwe futhi ngibe nyamanambana kwabomthetho. Ngesinye isikhathi ngidakiwe, ngahlasela iqembu labadayisi bezidakamizwa elalihlupha abangani bami. Langishaya ngaze ngaphuka umhlathi.

Nokho, abantu abangizwisa ubuhlungu obukhulu kunabo bonke kwaba abangane bami. Ngolunye usuku, ngathola ukuthi intombi yami yayisithandane nomngane wami omkhulu iminyaka eminingi futhi bonke babengifihlela. Kwangizwisa ubuhlungu obukhulu lokho.

Ngabuyela ePunta Arenas, lapho engaqala khona ukufundisa umculo futhi ngaba umdlali we-cello. Ngaphinde ngaqhubeka ngidlala futhi ngiqopha namaqembu omculo onesigqi esinamandla. Ngahlangana nophuma langa sikothe wentokazi okuthiwa uSussan futhi sabe sesihlala ndawonye. Ngokuhamba kwesikhathi, uSussan wathola ukuthi umama wakhe wayekholelwa emfundisweni kaZiqu-zintathu kuyilapho mina ngangingakholelwa kuyo. Wangibuza: “Pho-ke, liyini iqiniso?” Ngamphendula ngokuthi imfundiso kaZiqu-ntathu ayilona iqiniso kodwa angazi ukuthi ngingambonisa kanjani eBhayibhelini. Nokho, ngangimazi ongakwazi ukumbonisa. Ngamtshela ukuthi oFakazi BakaJehova bangambonisa iqiniso eBhayibhelini. Ngabe sengenza into okwase kuneminyaka ngagcina ukuyenza—ngathandaza kuNkulunkulu ngacela usizo lwakhe.

Ngemva kwezinsukwana, ngabona indoda engayifanisa futhi ngayibuza ukuthi yayingomunye woFakazi BakaJehova yini. Nakuba yayibonakala yexwayile ngenxa yendlela engangibukeka ngayo, yangiphendula ngomusa lapho ngiyibuza ngemihlangano eHholo LoMbuso. Ngangiqiniseka ukuthi lokho kwakuyimpendulo yomthandazo wami. Ngaya eHholo LoMbuso futhi ngahlala emuva ukuze ngingazidonseli amehlo abantu. Nokho, abaningi bangibona bakhumbula nesikhathi ngiseyingane ngiseza emhlanganweni. Bangamukela futhi banganga ngothando kangangokuba ngafikelwa ukuthula okungachazeki. Kwakunjengokungathi ngifike ekhaya. Lapho ngibona indoda eyayingifundela iBhayibheli lapho ngisemncane, ngayicela ukuba iphinde ifunde nami.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngelinye ilanga ngafunda izAga 27:11, ezithi: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule.” Kwangithakazelisa ukucabanga ukuthi umuntu ongelutho angenza uMdali wendawo yonke ajabule. Ngabona ukuthi uJehova unguBaba engase ngimfune ukuphila kwami konke!

Ngangifuna ukujabulisa uBaba wami wasezulwini futhi ngenze intando yakhe, kodwa ngase ngibe umlutha wezidakamizwa notshwala iminyaka eminingi. Ngaya ngiyiqonda imfundiso kaJesu etholakala kuMathewu 6:24, ethi: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili.” Njengoba ngangizabalazela ukwenza izinguquko, isimiso esitholakala kweyo-1 Korinte 15:33 sangithinta ngokujulile: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” Ngaqaphela kuthi ngangingeke ngiyiyeke imikhuba yami emibi uma ngiqhubeka ngiya ezindaweni ezifanayo futhi ngizihlanganisa nabantu abafanayo. Iseluleko seBhayibheli sasicacile: Kwakufanele ngithathe izinyathelo ezinqala ukuze ngigqashule ezintweni ezazingikhubekisa.—Mathewu 5:30.

Ukuyeka umculo onesigqi esinamandla kwaba yinto enzima kakhulu ngoba ngiyawuthanda umculo. Kodwa ngosizo lwabangane bami ebandleni ngagcina ngiphumelele. Ngayeka ukudakwa nokudla izidakamizwa. Ngagunda izinwele nentshebe futhi ngayeka ukugqoka izingubo ezimnyama. Lapho ngitshela uSussan ukuthi ngifuna ukugunda izinwele, wafuna ukwazi ukuthi ngenzani eHholo LoMbuso. Wathi: “Ngizohamba nawe ukuze ngibone ukuthi yini eyenzeka kuleli Hholo LoMbuso!” Wakuthanda lokho akubona futhi ngokushesha waqala ukufunda iBhayibheli. Ekugcineni, mina noSussan sashada. Ngo-2008, sabhapathizwa njengoFakazi BakaJehova. Siyajabula ngokukhonza uJehova ngobunye nomama.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Sengigqashulile ezweni lenjabulo-mbumbulu nakubangani ababi. Ngisawuthanda umculo, kodwa manje sengiyakhetha. Ngisiza amalungu omkhaya wami nabanye ngalokho engihlangabezane nakho ekuphileni, ikakhulukazi intsha. Ngifuna ukuyisiza ibone ukuthi konke leli zwe elikunikezayo kungase kubonakale kukhanga, kodwa ekugcineni ukumane ‘kuyinqwaba yezibi.’—Filipi 3:8.

Sengithole abangane abaqotho ebandleni lobuKristu lapho kunothando nokuthula. Ngaphezu kwalokho, ngokusondela kuJehova ngigcine ngimtholile uBaba.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 14 Isihloko esithi: “Impumelelo Oyithola Ngokuphikelela,” savela kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 2000, amakhasi 4-6.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]

“Ngiye ngakwazi ukubuyela kuJehova ngoba wangidonsa”