Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Owathumela “Inkanyezi”?

Ubani Owathumela “Inkanyezi”?

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ubani Owathumela “Inkanyezi”?

▪ Wake wazibona yini izigcawu noma imidlalo ebonisa amakhosi amathathu noma izazi zivakashela uJesu osanda kuzalwa ngesikhathi elele emkhombeni? Le ndaba ithi uNkulunkulu wasebenzisa inkanyezi ukuze aholele la madoda esitebeleni eBhetlehema. Kwamanye amazwe izingane zifundiswa ukuba ziwabambe ngekhanda amagama alawo makhosi—uMelchior, uCaspar noBaltazar. Nokho, ingabe le ndaba edumile iyavumelana nalokho okushiwo iBhayibheli ngempela? Cha. Kuningi okunganembile ngale ndaba.

Okuqala ayengobani lawo madoda? EsiGrekini sokuqala, iBhayibheli aliwabizi ngokuthi amakhosi noma izazi. Lithi ayengamadoda abhula ngezinkanyezi. Kusobala ukuthi ayesebenzisa indlela yamaqaba yokubikezela ikusasa esekelwe ezinkanyezini. IBhayibheli aliwasho amagama alezi zivakashi nokuthi zazingaki.

Okwesibili, afika nini lawo madoda? Awafikanga ngesikhathi uJesu esewusana olusemkhombeni. Sikwazi kanjani lokho? Umlobi weVangeli uMathewu uthi: “Ekungeneni kwabo endlini bambona umntwana enoMariya unina.” (Mathewu 2:11) Phawula ukuthi uJesu wayengaselona usana, kodwa ‘wayesengumntwana.’ UMariya noJosefa babengasalali esitebeleni; kunalokho base behlala endlini.

Okwesithathu, ubani owathumela “inkanyezi” ukuba ihole la madoda abhula ngezinkanyezi? Abefundisi bavame ukufundisa abantu ukuthi nguNkulunkulu owathumela “inkanyezi.” Ingabe ngempela kunjalo? Khumbula, ‘inkanyezi’ ayizange ivele iqonde ngqo eBhetlehema lapho ihola la madoda. Kunalokho, yawaholela eNkosini uHerode eJerusalema. Afike atshela leyo nkosi enomona nombulali ukuthi uJesu uyaphila, aze amnikeza isizathu esinamandla sokuba azonde umntwana owayezoba “yinkosi yamaJuda.” (Mathewu 2:2) Ngobuqili, uHerode wawatshela ukuba aphinde abuye azombikela ukuthi ukuyiphi ngempela indawo umntwana, ethi naye ufuna ukuyomkhunga. “Inkanyezi” yabe isiholela la madoda kuJosefa noMariya. Ngakho, ukube uNkulunkulu akazange angenele ngabe lesi senzo sala madoda saholela ekutheni umntwana abulawe. Kuyajabulisa ukuthi wangenela. UHerode wathukuthela wagan’ unwabu lapho engasabuyi ukuzombikela kangangokuba wayala ukuba kubulawe zonke izingane zabafana ezineminyaka esukela kwemibili nangaphansi kulo lonke elaseBhetlehema.—Mathewu 2:16.

UJehova kamuva wabiza uJesu ngokuthi “iNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Mathewu 3:17) Cabanga ngalokhu: Ingabe uBaba onothando nolunge kanjalo wayengakhetha amaqaba abhula ngezinkanyezi—abenzi bemilingo abenqatshelwe eMthethweni wakhe—ukuba babe yizithunywa zakhe? (Duteronomi 18:10) Ingabe wayengasebenzisa inkanyezi ukubayisa kumbulali oyingozi nonamandla kunabo bonke emhlabeni, bephethe isigijimi azi kahle kamhlophe ukuthi sasiyovusa inzondo kaHerode? Ingabe uNkulunkulu wayengaphinde asebenzise leyo nkanyezi nababhula ngezinkanyezi ukudalula indawo okulele kuyo indodana yakhe engakwazi nokuzivikela?

Ake sifanekise: Umkhuzi webutho lezempi omuhle uthumela isosha lakhe lekhethelo endaweni yesitha eyingozi. Ingabe angasitshela isitha ukuthi singalithola kuphi leli sosha? Ngeke akwenza lokho! Ngendlela efanayo, uJehova wathumela iNdodana yakhe ezweni eliyingozi. Ingabe wayengayidalula indawo okulele kuyo iNdodana yakhe encane engenakuzivikela enkosini embi uHerode? Phinde!

Pho, ubani owathumela ‘inkanyezi’ noma into enjengenkanyezi? Ubani owayefuna ngabomvu ukubona umntwana onguJesu efile, ngaleyo ndlela angabe esakwazi ukukhula afeze umsebenzi wakhe emhlabeni? Ubani ofuna ukudukisa abantu nokhuthaza amanga, ubudlova nokubulala? UJesu ngokwakhe wamdalula ‘umqambimanga noyise wamanga, owayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni’—uSathane uDeveli.—Johane 8:44.