Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Indodana Iyathanda Ukwambula UYise’

‘Indodana Iyathanda Ukwambula UYise’

‘Indodana Iyathanda Ukwambula UYise’

“[Ukuthi] uBaba ungubani, akekho owaziyo ngaphandle kweNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambula kuye.”—LUKA 10:22.

UNGAPHENDULA KANJANI?

Kungani uJesu ayesesimweni esikhethekile sokwembula uYise?

UJesu wamembula kanjani uYise kwabanye?

Iziphi izindlela ongalingisa ngazo uJesu ekwembuleni uBaba?

1, 2. Imuphi umbuzo oye wadida abaningi futhi ngani?

‘UNGUBANI uNkulunkulu?’ Lo mbuzo udida abaningi. Ngokwesibonelo, nakuba iningi labathi bangamaKristu likholelwa ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu, abaningi bayavuma ukuthi le mfundiso ayiqondakali. Umbhali othile nongumfundisi wavuma: “Lena imfundiso engenakuqondwa ingqondo yomuntu elinganiselwe. Ingalé kokucabanga komuntu okungokwemvelo noma kwengqondo yakhe.” Ngakolunye uhlangothi, iningi lalabo abamukela imfundiso yokuziphendukela kwemvelo likholelwa ukuthi akekho uNkulunkulu. Lithi zonke izimangaliso zendalo zamane zazivelela ngengozi. Noma kunjalo, kunokuba aphike ukuba khona kukaNkulunkulu, uCharles Darwin wathi: “Kimi kubonakala sengathi isiphetho esiphephile siwukuthi ingqondo yomuntu ayikwazi ukusiqonda sonke lesi sihloko.”

2 Abantu abaningi, kungakhathaliseki ukuthi yini abayikholelwayo, baye bacabanga ngemibuzo ehlobene nokuba khona kukaNkulunkulu. Nokho, lapho behluleka ukufinyelela esiphethweni esanelisayo, abaningi bagcina beyekile ukufuna uNkulunkulu. Ngempela, uSathane uye “waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa.” (2 Kor. 4:4) Yingakho iningi lesintu liqhubeka lingenalwazi futhi lididekile ngokuphathelene neqiniso ngoBaba, uMdali wendalo yonke!—Isaya 45:18.

3. (a) Ubani oye wasembulela uMdali? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Nokho, kubalulekile ukuba abantu balazi iqiniso ngoNkulunkulu. Ngani? Ngoba yilabo kuphela ababiza “igama likaJehova” abayosindiswa. (Roma 10:13) Ukubiza igama likaNkulunkulu kuhilela ukwazi uJehova njengoMuntu. UJesu Kristu wanikeza abafundi bakhe lolu lwazi olubalulekile. Wabembulela uYise. (Funda uLuka 10:22.) Kungani ayengekho omunye umuntu owayekwazi ukwambula uYise ngendlela uJesu amembula ngayo? UJesu wakwenza kanjani lokho? Singamlingisa kanjani lapho sembula uBaba kwabanye? Ake sixoxe ngale mibuzo.

UJESU KRISTU—UFANELEKA NGOKUKHETHEKILE

4, 5. Kungani uJesu ayesesimweni esikhethekile sokwembula uYise?

4 UJesu wayefaneleka ngokukhethekile ukwembula uYise. Ngani? Ngoba ngaphambi kokuba kudalwe zonke ezinye izinto eziphilayo, lesi sidalwa somoya kamuva esaba umuntu uJesu sase sikhona kakade ezulwini ‘njengeNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’ (Joh. 1:14; 3:18) Yeka isikhundla esiyingqayizivele! Ngaphambi kokuba kudalwe ezinye izidalwa, iNdodana yayijabulela ukusondelana okufudumele noYise futhi ifunda ngaye nangezimfanelo zakhe. Kumelwe ukuba uYise neNdodana babexoxa njalo futhi basondelana ngokuseduze izigidi zeminyaka. (Joh. 5:20; 14:31) Yeka ingcebo yolwazi lobuntu bukaYise okumelwe ukuba iNdodana yayithola!—Funda eyabaseKolose 1:15-17.

5 UYise waqoka iNdodana ukuba ibe umkhulumeli waKhe, “uLizwi KaNkulunkulu.” (IsAm. 19:13) Ngakho-ke, uJesu wayesesimweni esikhethekile sokwembula uYise kwabanye. Umlobi weVangeli uJohane wachaza uJesu, “uLizwi,” ngokufanele ngokuthi ‘usesifubeni sikaBaba.’ (Joh. 1:1, 18) Ngale nkulumo, uJohane ubhekisela emkhubeni wangesikhathi sakhe owawuvamile ngezikhathi zokudla. Izimenywa ezikusofa owodwa omkhulu zazihlala esinye sicamele esifubeni sesinye. Ukusondelana kwazo kwakwenza kube lula ngazo ukuxoxa. Ngokufanayo, njengoba neNdodana ‘yayisesifubeni’ sikaYise, yayikwazi ukuba nezingxoxo ezijulile naye.

6, 7. Ubuhlobo obuphakathi kukaYise neNdodana baqhubeka kanjani bukhula?

6 Ubuhlobo obuphakathi kukaYise neNdodana babulokhu bukhula. INdodana yaba ‘ethandwa uNkulunkulu ngokukhethekile usuku nosuku.’ (Funda izAga 8:22, 23, 30, 31.) Kuyaqondakala-ke ukuthi ubuhlobo obuphakathi kwabo babulokhu buqina njengoba besebenza ndawonye futhi iNdodana ifunda ukulingisa izimfanelo zikaYise. Lapho kudalwa ezinye izidalwa ezihlakaniphile, iNdodana yabona indlela uJehova ayesebenzelana ngayo nesidalwa ngasinye, futhi ngokuqinisekile yabazisa ngokwengeziwe ubuntu bukaNkulunkulu.

7 Ngisho nenselele kamuva uSathane ayibekela ukufaneleka kobukhosi bukaJehova yanikeza iNdodana ithuba lokufunda indlela uJehova ayebonisa ngayo uthando, ubulungisa, ukuhlakanipha namandla lapho ebhekene nesimo esinzima. Akungabazeki ukuthi lokhu kwamlungiselela uJesu ubunzima ayeyobhekana nabo kamuva enkonzweni yakhe yasemhlabeni.—Joh. 5:19.

8. Ukulandisa kwamaVangeli kusisiza kanjani ukuba sifunde okwengeziwe ngezimfanelo zikaBaba?

8 Ngenxa yobuhlobo bayo obuseduze noJehova, iNdodana yachaza imininingwane eyengeziwe ngoYise eyayingenakunikezwa yinoma imuphi omunye umuntu. Iyiphi indlela engcono esingazi ngayo uYise ngaphandle kokucabangela lokho okwafundiswa futhi kwenziwa iNdodana yakhe ezelwe yodwa? Ngokwesibonelo, cabanga ukuthi bekuyoba nzima kanjani ukuba siyiqonde ngokugcwele incazelo yegama elithi “uthando” ngokuyifunda nje esichazamazwini. Nokho, ngokuzindla ngokulandisa okucacile kwabalobi bamaVangeli ngenkonzo kaJesu nangezindlela ayekhathalela ngazo abanye, singawaqonda ngokwengeziwe amazwi athi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Joh. 4:8, 16) Kungokufanayo nangezinye izimfanelo zikaNkulunkulu uJesu azembulela abafundi bakhe ngesikhathi esemhlabeni.

INDLELA UJESU AMEMBULA NGAYO UYISE

9. (a) Iziphi izindlela ezimbili eziyinhloko uJesu amembula ngazo uYise? (b) Nikeza isibonelo esibonisa indlela uJesu embula ngayo uYise ngemfundiso yakhe.

9 UJesu wamembula kanjani uYise kubafundi bakhe, kuhlanganise nalabo ababezoba abalandeli bakhe kamuva? Wakwenza ngezindlela ezimbili eziyinhloko: ngezimfundiso nangokuziphatha kwakhe. Ake siqale ngokucabangela izimfundiso zikaJesu. Lokho akufundisa abalandeli bakhe kwabonisa ukuthi wayeyiqonda ngokujulile imicabango, imizwa nezindlela zikaYise. Ngokwesibonelo, wafanisa uYise nomnikazi womhlambi wezimvu okhathalelayo ohambayo ayofuna imvu eyodwa elahlekile. Wathi lapho eyithola leyo mvu, “ujabula kakhulu ngayo kunangalezi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.” Kungani anikeza lo mfanekiso? Wachaza: “Ngokufanayo akuyona into efiselekayo kuBaba osezulwini ukuba kushabalale noyedwa walaba abancane.” (Math. 18:12-14) Yini ongayifunda ngoJehova kulo mfanekiso? Ukuthi ngisho noma ngezinye izikhathi uzizwa sengathi awubalulekile futhi akekho okukhumbulayo, uYihlo osezulwini unesithakazelo kuwe futhi uyakukhathalela. Emehlweni akhe, ungomunye “walaba abancane.”

10. UJesu wamembula kanjani uYise ngokuziphatha kwakhe?

10 Indlela yesibili uJesu amembula ngayo uYise kubafundi bakhe yayingokuziphatha kwakhe. Ngakho, lapho umphostoli uFiliphu ecela uJesu: “Sibonise uYihlo,” uJesu wayengasho kufanele: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Joh. 14:8, 9) Cabanga ngezibonelo ezithile zendlela abonisa ngayo izimfanelo zikaYise. Lapho umuntu onochoko emncenga ukuba amphulukise, wamthinta lo muntu “ogcwele uchoko” wathi kuye: “Ngiyathanda. Hlambuluka.” Lapho esephulukisiwe, akungabazeki ukuthi lo muntu onochoko wasibona isandla sikaJehova kulokho okwenziwa uJesu. (Luka 5:12, 13) Ngesikhathi kufa uLazaru, kumelwe ukuba abafundi basizwa isihawu sikaYise lapho uJesu ‘ebubula emoyeni, ekhathazeka’ futhi ‘ekhala izinyembezi.’ Nakuba ayazi ukuthi wayezomvusa uLazaru, wabuzwa ubuhlungu obabuzwiwa abomndeni nabangane bakaLazaru. (Joh. 11:32-35, 40-43) Akungabazeki ukuthi nawe kunezindaba zeBhayibheli ozithandayo ezikwenza umbone uBaba wethu onesihe njengoba aboniswa izenzo zikaJesu.

11. (a) Yini uJesu ayembula ngoYise lapho ehlanza ithempeli? (b) Kungani ukulandisa kokuhlanza kukaJesu ithempeli kusiqinisa idolo?

11 Nokho, isiphi isiphetho ofinyelela kuso ngokuhlanza kukaJesu ithempeli? Ake usibone ngeso lengqondo lesi senzakalo: UJesu wenza isitswebhu ngezindophi, wabe esexosha labo abathengisa izinkomo nezimvu. Wachitha izinhlamvu zemali zabashintshi bemali futhi wagumbuqela amatafula abo. (Joh. 2:13-17) Leso sinyathelo esiqatha sakhumbuza abafundi amazwi ayisiprofetho eNkosi uDavide: “Intshiseko ngendlu yakho ingidlile.” (IHu. 69:9) Ngokuthatha lesi sinyathelo esiqatha, uJesu wabonisa ukuthi unesifiso esinamandla sokuvikela ukukhulekela kweqiniso. Uyabubona yini ubuntu bukaYise kulokho kulandisa? Kusikhumbuza ukuthi akukhona nje ukuthi uNkulunkulu unamandla angenamkhawulo okuqeda ububi ebusweni bomhlaba kodwa futhi unesifiso esijulile sokwenza lokho. Indlela uJesu asabela ngayo ngokuqinile ebubini yembula indlela uYise okumelwe ukuba uzizwa ngayo njengoba ebona ububi obudlangile emhlabeni namuhla. Yeka ukuthi lokhu kusiqinisa idolo kanjani lapho sibhekene nokungabi nabulungisa!

12, 13. Yini ongayifunda ngoJehova endleleni uJesu aphatha ngayo abafundi bakhe?

12 Ake sicabangele esinye isibonelo—indlela uJesu aphatha ngayo abafundi bakhe. Babelokhu bephikisana ngokuthi ubani owayemkhulu kubo. (Marku 9:33-35; 10:43; Luka 9:46) Ekusebenzelaneni kwakhe noYise isikhathi eside, uJesu wazi ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngokuthambekela okunjalo kokuqhosha. (2 Sam. 22:28; IHu. 138:6) Ngaphezu kwalokho, uJesu wayekubonile lokho kuthambekela kuSathane uDeveli. Into lesi sidalwa esiqhoshayo esasiyikhathalela kakhulu kwakuwukuvelela nesikhundla. Ngakho, yeka indlela okumelwe ukuba uJesu waba lusizi ngayo njengoba ebona isimo sengqondo sokufuna ukuvelela siqhubeka phakathi kwabafundi ayebaqeqeshile! Sasikhona ngisho naphakathi kwalabo ayebakhethe njengabaphostoli! Babonisa leso simo sengqondo sokufuna ukuvelela kwaze kwaba usuku lokugcina lokuphila kukaJesu emhlabeni. (Luka 22:24-27) Nokho, uJesu waqhubeka ebakhuza ngomusa, engalilahli ithemba nakanye lokuthi ekugcineni babeyofunda ukulingisa isimo sengqondo sokuthobeka ayenaso.—Fil. 2:5-8.

13 Ingabe uyasibona isandla sikaYise endleleni uJesu alungisa ngayo ngesineke ukuthambekela okungalungile kubafundi bakhe? Ingabe izenzo namazwi kaJesu kukwenza ubone uYise, ongabalahli abantu bakhe naphezu kwamaphutha abo aphindaphindiwe? Sicabanga ngalolo lwazi lwezimfanelo zikaNkulunkulu, asishukumiseleki yini ukuba sisondele kuye ukuze sizisole ngamaphutha esiwenzile?

INDODANA YAYITHANDA UKWAMBULA UYISE

14. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayethanda ukwambula uYise?

14 Omashiqela abaningi bazama ukugcina abantu bengaphansi kwabo futhi besebumnyameni ngokubagodlela ulwazi. Ngokuphambene, uJesu wayethanda ukunikeza abanye ulwazi ayenalo ngoYise, emembula ngokugcwele kubo. (Funda uMathewu 11:27.) Ngaphezu kwalokho, uJesu wanika abafundi bakhe “amandla engqondo ukuze [bazuze] ulwazi ngalowo weqiniso,” uJehova uNkulunkulu. (1 Joh. 5:20) Kusho ukuthini lokho? UJesu wavula izingqondo zabalandeli bakhe ukuze baqonde lokho ayekufundisa ngoYise. Akazange afihle uYise ngemfundiso eyimfihlakalo athi uyingxenye kaZiqu-zintathu ongaqondakali.

15. Kungani uJesu agodla ulwazi oluthile ngoYise?

15 Ingabe uJesu wembula konke ayekwazi ngoYise? Cha, ngokuhlakanipha wakugwema ukubatshela izinto eziningi ayezazi. (Funda uJohane 16:12.) Ngani? Ngoba ngaleso sikhathi abafundi bakhe ‘babengenakukwazi ukuthwala’ ulwazi olunjalo. Nokho, njengoba uJesu achaza, ulwazi oluningi lwaluyokwembulwa lapho kufika “umsizi,” umoya ongcwele, ‘owawuyobaholela kulo lonke iqiniso.’ (Joh. 16:7, 13) Njengoba nje abazali abahlakaniphile bengase bagodle ukwaziswa okuthile ezinganeni zize zikhule ngokwanele ukuba zikuqonde, noJesu walinda kwaze kwaba yilapho abafundi bakhe sebevuthwe ngokwanele futhi sebekwazi ukuqonda amaqiniso athile ngoYise. UJesu wakucabangela ngomusa ukulinganiselwa kwabo.

LINGISA UJESU NGOKUSIZA ABANYE UKUBA BAZI UJEHOVA

16, 17. Kungani usesimweni sokwembula uBaba kwabanye?

16 Lapho usumazi kahle umuntu othile futhi ubazisa ubuntu bakhe obunothando, awushukumiseleki yini ukuba utshele abanye ngaye? Lapho esemhlabeni, uJesu wakhuluma ngoYise. (Joh. 17:25, 26) Singakwazi yini ukumlingisa ngokwembula uJehova kwabanye?

17 Njengoba sesixoxile, abekho abanye ababenolwazi olujule kakhulu ngoYise kunoJesu. Noma kunjalo, wayethanda ukukuhlanganyela nabanye okunye kwalokho ayekwazi, waze wanika ngisho nabalandeli bakhe amandla engqondo okuqonda izici ezijulile zobuntu bukaNkulunkulu. Ngosizo lukaJesu, sesiye saqonda uBaba wethu ukwedlula iningi labantu namuhla, akunjalo? Yeka ukuthi sibonga kanjani ngokuthi uJesu uye wasembulela uYise ngezimfundiso nangokuziphatha kwakhe! Empeleni, singaziqhayisa kufanele ngokwazi uBaba. (Jer. 9:24; 1 Kor. 1:31) Njengoba siye salwela ukusondela kuJehova, uye wasondela kithi. (Jak. 4:8) Ngakho-ke, manje sisesimweni sokuhlanganyela ulwazi esinalo nabanye. Singakwenza kanjani lokho?

18, 19. Iziphi izindlela ongamembula ngazo uBaba kwabanye? Chaza.

18 Kudingeka silingise uJesu, sembule uBaba ngamazwi nangezenzo zethu. Khumbula ukuthi abaningi esihlangana nabo enkonzweni yasensimini abazi ukuthi uNkulunkulu ungubani. Kungenzeka ukuthi umbono wabo ngoNkulunkulu ufiphazwe izimfundiso zamanga. Singabatshela lokho esikwaziyo ngegama likaNkulunkulu, injongo yakhe ngesintu nangobuntu bakhe njengoba bembulwe eBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, singaxoxa nesikholwa nabo ngokulandisa okuthile okuseBhayibhelini okwembula ubuntu bukaNkulunkulu ngendlela ebesingakaze sibuqonde ngayo ngaphambili. Lokho kungabazuzisa nabo.

19 Ungakwazi yini ukwembula uBaba ngokuziphatha kwakho njengoba ulwela ukulingisa uJesu? Lapho abantu bebona uthando lukaKristu kwesikwenzayo, bayodonseleka kuBaba nakuJesu. (Efe. 5:1, 2) Umphostoli uPawulu wasikhuthaza ukuba ‘sibe abalingisi bakhe, njengoba nje naye engumlingisi kaKristu.’ (1 Kor. 11:1) Yeka ukuthi kuyilungelo elimangalisa kangakanani ukusiza abantu ukuba babone uJehova endleleni esiziphatha ngayo! Yebo, kwangathi sonke singaqhubeka silingisa uJesu ngokwembula uBaba kwabanye.

[Imibuzo Yesifundo]