Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhaphela—Isici Esethusayo Sesibonakaliso Sezikhathi!

Ukukhaphela—Isici Esethusayo Sesibonakaliso Sezikhathi!

Ukukhaphela—Isici Esethusayo Sesibonakaliso Sezikhathi!

“[Indlela] esaba ngayo abathembekile nabalungile nabangenakusoleka.”—1 THES. 2:10.

VEZA LA MAPHUZU AYINHLOKO:

Iziphi izifundo eziyisixwayiso esingazifunda esenzweni sokukhaphela sikaDelila, u-Absalomu noJuda Iskariyothe?

Singakulingisa kanjani ukwethembeka okwaboniswa uJonathani noPetru?

Singahlale kanjani sithembekile kubangane bethu bomshado nakuJehova?

1-3. (a) Isiphi isici esethusayo sesibonakaliso sezikhathi, futhi sihilelani? (b) Imiphi imibuzo emithathu esizoyiphendula?

YINI uDelila, u-Absalomu noJuda Iskariyothe abafana ngayo? Bonke babengathembekile—uDelila endodeni eyayimthanda, uMahluleli uSamsoni; u-Absalomu kuyise, iNkosi uDavide; uJuda eNkosini yakhe, uKristu Jesu. Endabeni ngayinye, lezi zenzo zabo ezinyantisayo zabalimaza kakhulu abanye! Kodwa kungani kufanele sibe nesithakazelo kulokhu?

2 Umlobi othile wosuku lwanamuhla ubala ukukhaphela phakathi kwezinto ezimbi ezivame kakhulu namuhla. Lokho kulindelekile. Lapho enikeza isibonakaliso “sesiphelo sesimiso sezinto,” uJesu wathi: ‘Abaningi bayokhaphelana.’ (Math. 24:3, 10) Ukukhaphela kusho ukunikela noma ukuchaya umuntu esitheni ngobuqili noma ngokungathembeki. Lokho kuntuleka kokwethembeka kufakazela ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” uPawulu abikezela ukuthi kuzo abantu babeyoba “abangathembeki, . . . abakhapheli.” (2 Thim. 3:1, 2, 4) Ngisho noma abalobi bezincwadi nabamabhayisikobho bevame ukuveza izenzo zobuqili njengezithakazelisayo nezingezimbi kangako, ekuphileni kwangempela ukungathembeki nokukhaphela kubangela ubuhlungu nokuhlupheka. Ngempela, lezi zenzo ziyisici esethusayo sesibonakaliso sezikhathi!

3 Iziphi izifundo esingazifunda eBhayibhelini ngalabo ababengathembekile esikhathini esidlule? Iziphi izibonelo zabantu abathembeka kwabanye esingazilingisa? Obani okumelwe sihlale sethembekile kubo? Ake sibone.

IZIBONELO EZIYISIXWAYISO ZESIKHATHI ESIDLULE

4. UDelila wamkhaphela kanjani uSamsoni, futhi kungani lokho kwakwenyanyeka?

4 Okokuqala, cabanga ngeqili elinguDelila, uMahluleli uSamsoni ayethandana nalo. Inhloso kaSamsoni yayiwukuhola ekulweleni abantu bakaNkulunkulu kumaFilisti. Mhlawumbe izikhulu zamaFilisti ezinhlanu zazazi ukuthi uDelila wayengamthandi ngempela uSamsoni, zabe sezimthembisa ukumnika imali eningi ukuze athole ukuthi yayiyini imfihlo yamandla kaSamsoni amakhulu bese zimbulala. UDelila ohahayo wavumela phezulu, kodwa zaze zaba ntathu izikhathi imizamo yakhe yokuthola imfihlo kaSamsoni yehluleka. Wabe eseqhubeka emcindezela “ngamazwi akhe elokhu emnxusa.” Ekugcineni, “umphefumulo [kaSamsoni] waphelelwa isineke kwaze kwaba seqophelweni lokufuna ukufa.” Ngakho wamtshela ukuthi izinwele zakhe zazingakaze zigundwe nokuthi uma zazingagundwa, amandla akhe ayeyophela. * Esekwazi lokho, uDelila wabiza umuntu ukuze agunde izinwele zikaSamsoni ngesikhathi esalele ethangeni lakhe, wabe esemnikela ezitheni zakhe ukuze zenze noma yini eziyithandayo ngaye. (AbaHl. 16:4, 5, 15-21) Yeka isenzo esenyanyekayo! UDelila wakhaphela umuntu owayemthanda ngenxa nje yokuhaha.

5. (a) U-Absalomu wazibonakalisa kanjani engathembekile kuDavide, futhi lokho kwabonisani ngaye? (b) UDavide wazizwa kanjani ngokuba imbuka kuka-Ahithofeli?

5 Okwesibili, cabanga ngo-Absalomu owayengumkhohlisi. Eshiswa isifiso sokuvelela, wazimisela ukuketula uyise, iNkosi uDavide, esihlalweni sobukhosi. Waqale ‘weba izinhliziyo zamadoda akwa-Israyeli’ ngokuzenza athandeke kuwo, esebenzisa izithembiso zobuqili namazwi okumbuluza othando. Wayewagona futhi awange, njengokungathi wayenesithakazelo sangempela kuwo nasezidingweni zawo. (2 Sam. 15:2-6) U-Absalomu waze wahlubula no-Ahithofeli isethenjwa sikaDavide, waphenduka imbuka futhi waba mdibi munye nalabo bantu ababevukela uDavide. (2 Sam. 15:31) KumaHubo isahluko 3 nesahluko 55, uDavide uchaza indlela lokho kungathembeki okwamthinta ngayo. (IHu. 3:1-8; funda iHubo 55:12-14.) U-Absalomu wabonisa isidanasi ukuthi wayengabuhloniphi ubukhosi bukaNkulunkulu ngamacebo akhe okufuna ukuvelela nangokwakhela inkosi emiswe uJehova uzungu olusobala. (1 IziKr. 28:5) Ekugcineni, lelo tulo labhuntsha, futhi uDavide waqhubeka ebusa njengogcotshiweyo kaJehova.

6. UJuda wamkhaphela kanjani uJesu, futhi igama lakhe liye lahlotshaniswa nani?

6 Manje cabanga ngalokho umkhapheli onguJuda Iskariyothe akwenza kuKristu. EPhasikeni lokugcina uJesu aligubha nabaphostoli bakhe abangu-12, wabatshela: “Ngiqinisile ngithi kini, Omunye kini uzongikhaphela.” (Math. 26:21) Kamuva ngalobo busuku, uJesu watshela uPetru, uJakobe noJohane ensimini yaseGetsemane: “Bhekani! Umkhapheli wami usesondele.” Ngemva nje kwalokho, kwafika uJuda nayebophe nabo uzungu ensimini, “futhi eqonda ngqo kuJesu wathi: ‘Sawubona, Rabi!’ wamanga ngesisa esikhulu.” (Math. 26:46-50; Luka 22:47, 52) UJuda ‘wakhaphela igazi elilungileyo’ futhi wanikela uJesu Kristu ezitheni zakhe. Wayezozuzani uJuda othanda imali ngokwenza lokho? Izinhlamvu zesiliva ezingu-30 kuphela! (Math. 27:3-5) Kusukela ngaleso sikhathi, igama elithi Juda lskariyothe liye lahlotshaniswa nokuba “umkhapheli,” ikakhulukazi lowo okhaphela omunye ebe ethi ungumngane wakhe. *

7. Sifunde ziphi izifundo ekuphileni (a) kuka-Absalomu noJuda (b) kukaDelila?

7 Sifundeni kulezi zibonelo eziyisixwayiso? U-Absalomu noJuda bafa ngokuhlazisayo ngoba bahlamuka abagcotshiweyo bakaJehova. (2 Sam. 18:9, 14-17; IzE. 1:18-20) Igama likaDelila liyohlale lihlotshaniswa nokukhohlisa nothando lobuzenzisi. (IHu. 119:158) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba simelane nanoma yikuphi ukuthambekela esingase sibe nakho kokuhaha noma kokufuna ukuvelela noma kanjani, okungasenza silahlekelwe umusa kaJehova! Ingabe zikhona ezinye izifundo ezinamandla ukudlula lezi esizidingayo ukuze senqabe lo mkhuba onyanyekayo wokungathembeki?

LINGISA LABO ABATHEMBEKA

8, 9. (a) Kungani uJonathani afunga ukuthi wayeyothembeka kuDavide? (b) Singamlingisa kanjani uJonathani?

8 IBhayibheli likhuluma nangabantu abaningi abathembekile. Ake sixoxe ngababili balaba futhi sibone ukuthi singafundani kubo, siqale ngomuntu owathembeka kuDavide. Ukube izinto azenzekanga ngendlela ehlukile, cishe uJonathani, indodana endala yeNkosi uSawule, wayezoba inkosi elandelayo ka-Israyeli. Kodwa uJehova wakhetha uDavide ukuba abe inkosi yakwa-Israyeli elandelayo. UJonathani wasihlonipha isinqumo sikaNkulunkulu. Akazange abe nomhawu ngoDavide ambheke njengembangi. Kunalokho, “umphefumulo kaJonathani wanamathelana nomphefumulo kaDavide” njengoba afunga ukuthi wayezothembeka kuye. Waze wanikeza uDavide izingubo zakhe, inkemba, umnsalo nebhande, ngaleyo ndlela emnikeza udumo lwasebukhosini. (1 Sam. 18:1-4) UJonathani wenza konke ayengakwenza ukuze ‘aqinise isandla sikaDavide,’ waze wafaka ngisho nokuphila kwakhe engozini emvikela kuSawule. Ngokwethembeka uJonathani watshela uDavide: “Wena ngokwakho uzoba yinkosi phezu kuka-Israyeli, mina ngokwami ngibe ngowesibili ukusuka kuwe.” (1 Sam. 20:30-34; 23:16, 17) Akumangalisi ukuthi ngemva kokufa kukaJonathani, uDavide wazwakalisa usizi nothando ayenalo ngaye ngengoma yokulila.—2 Sam. 1:17, 26.

9 UJonathani wayengahlukene phakathi ekutheni ubani ayeyothembeka kuye. Wayezithoba ngokuphelele kuMbusi wendawo yonke, uJehova, futhi wamsekela ngokugcwele uDavide njengogcotshiweyo kaNkulunkulu. Ngokufanayo namuhla, kufanele sibasekele ngokuzithandela abazalwane abamiswe ukuba bahole phakathi kwethu ngisho noma thina singanikezwanga amalungelo akhethekile ebandleni.—1 Thes. 5:12, 13; Heb. 13:17, 24.

10, 11. (a) Kungani uPetru ahlale ethembekile kuJesu? (b) Singamlingisa kanjani uPetru, futhi kufanele sishukumiseleke ukuba senzeni?

10 Esinye isibonelo esihle esizosicabangela esomphostoli uPetru, owathembisa ukwethembeka kuJesu. Lapho uKristu esebenzisa ulimi olungokomfanekiso ukuze agcizelele ukubaluleka kokubonisa ukholo enyameni nasegazini lakhe ayezonikela ngakho maduze, abaningi kubafundi bakhe bathola amazwi akhe eshaqisa futhi bamshiya. (Joh. 6:53-60, 66) Ngakho, uJesu waphendukela kubaphostoli bakhe abangu-12 futhi wababuza: “Nifuna ukuhamba yini nani?” UPetru waphendula: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade; siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.” (Joh. 6:67-69) Ingabe lokhu kusho ukuthi uPetru wayekuqonda ngokugcwele konke lokho uJesu ayesanda kukusho ngokuphathelene nomhlatshelo ayezowenza? Kungenzeka ukuthi wayengakuqondi. Noma kunjalo, wayezimisele ukwethembeka eNdodaneni kaNkulunkulu egcotshiwe.

11 UPetru akazange acabange ukuthi kumelwe ukuba uJesu wayenombono ongalungile ngezinto futhi wayeyowahoxisa amazwi aKhe ngokuhamba kwesikhathi. Cha, ngokuthobeka wavuma ukuthi uJesu ‘wayenamazwi okuphila okuphakade.’ Sisabela kanjani namuhla uma sihlangana nephuzu ezincwadini zethu zobuKristu ezivela ‘kumphathi othembekile’ okunzima ukuliqonda noma elingahambisani nokucabanga kwethu? Kufanele sizikhandle ukuthola umqondo walo kunokuba simane silindele ukuthi liyoshintshwa ukuze livumelane nombono wethu.—Funda uLuka 12:42.

HLALE UTHEMBEKILE KUMNGANE WAKHO WOMSHADO

12, 13. Ukungathembeki kungayithola kanjani indawo emshadweni, futhi kungani iminyaka yobudala bomuntu ingelona ibhaxa lokukuvumela?

12 Ukukhaphela kwanoma yiluphi uhlobo kuyisenzo esibi okungamelwe sivunyelwe ukuba siphazamise ukuthula nobunye emkhayeni wamaKristu nasebandleni. Sicabanga ngalokho, ake sicabangele indlela esingahlala ngayo sithembekile kubangane bethu bomshado nakuNkulunkulu wethu.

13 Ukuphinga kungolunye lwezinhlobo zokukhaphela ezibuhlungu kunazo zonke. Umuntu ophingayo wephula isethembiso sakhe sokwethembeka kumngane wakhe womshado futhi aqale ukunaka omunye umuntu. Umngane womshado oyisisulu usala dengwane—nokuphila okuxovekile. Lokho kwenzeka kanjani phakathi kwabantu ababili abake bathandana? Ngokuvamile, isinyathelo sokuqala esiholela ekuphingeni senzeka lapho abangane bomshado beqhelelana ngokomzwelo. UProfesa wesayensi yezokuhlalisana kwabantu uGabriella Turnaturi uchaza ukuthi ukushintsha “phakathi kokuba khona ngokugcwele ebuhlotsheni nokungabi khona ngokugcwele yikho okunika ukungathembeki indawo.” Lokhu kuqhelelana nomngane womshado kuye kwenzeka nakwabathile asebekhulile. Ngokwesibonelo, indoda eneminyaka engu-50 ubudala yahlukanisa nomkayo othembekile weminyaka engu-25 ukuze ishade nomunye owesifazane esikhangwa nguye. Abanye bathethelela lokhu ngokuthi inkinga yokukhula. Nokho, kunokwenza lokhu kuzwakale njengento engenakugwemeka, ake sikubize ngalokho okuyikho ngempela—ukungathembeki komuntu omdala. *

14. (a) UJehova uzizwa kanjani ngokukhohlisa emshadweni? (b) Wathini uJesu ngokwethembeka emshadweni?

14 UJehova uzizwa kanjani ngalabo abashiya abangane babo bomshado ngaphandle kwesizathu esingokomBhalo? UNkulunkulu wethu “uyakuzonda ukuhlukanisa umshado,” futhi uye washo amazwi aqinile ngokumelene nalabo abahlukumeza futhi balahle abangane babo bomshado. (Funda uMalaki 2:13-16.) Evumelana ngokuphelele noYise, uJesu wafundisa ukuthi umuntu akanakuxosha noma alahle umngane womshado ongenacala abese enza sengathi akundaba yalutho.—Funda uMathewu 19:3-6, 9.

15. Abashadile bangakuqinisa kanjani ukwethembeka phakathi kwabo?

15 Abantu abashadile bangahlala kanjani bethembekile kubangane babo bomshado? IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ujabule ngomfazi [noma ngendoda] wobusha bakho,” libuye lithi, “Jabulela ukuphila nomfazi wakho [noma indoda yakho] omthandayo.” (IzAga 5:18; UmSh. 9:9) Njengoba abangane bomshado bekhula, kumelwe “babe khona ngokugcwele” ebuhlotsheni babo, ngokwenyama nangokomzwelo. Lokho kusho ukuthi kumelwe banakane, bachithe isikhathi ndawonye futhi basondelane ngokwengeziwe. Kudingeka bagxile ekulondolozeni umshado wabo nobuhlobo babo noJehova. Ukuze ifeze lokhu, imibhangqwana kudingeka itadishe iBhayibheli ndawonye, isebenze njalo enkonzweni ndawonye futhi ithandazele isibusiso sikaJehova ndawonye.

HLALE UTHEMBEKILE KUJEHOVA

16, 17. (a) Ukwethembeka kwethu kuNkulunkulu kungavivinywa kanjani emkhayeni nasebandleni? (b) Isiphi isibonelo esibonisa ukuthi ukulalela umyalo kaNkulunkulu wokuyeka ukuzihlanganisa nezihlobo ezisusiwe kungaba nemiphumela emihle?

16 Kunamalungu ebandla enza izono ezingathi sína futhi asolwa ‘kanzima ukuze abe aphilile okholweni.’ (Thithu 1:13) Amanye kuye kwadingeka ukuba asuswe ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha kwawo. Isiyalo siye sabasiza “labo abaqeqeshwe yiso,” ukuba bavuseleleke ngokomoya. (Heb. 12:11) Kuthiwani uma sinesihlobo noma umngane oseduze osusiwe? Lesi simo sisuke sivivinya ukwethembeka kwethu, hhayi kulowo muntu, kodwa kuNkulunkulu. UJehova usibhekile ukuze abone ukuthi siyowulalela yini umyalo wakhe wokungaxhumani nanoma ubani osusiwe ekuhlanganyeleni.—Funda eyoku-1 Korinte 5:11-13.

17 Cabangela isibonelo esisodwa nje somphumela omuhle ongaba khona lapho umkhaya unamathela ngokwethembeka emazwini kaJehova okungazihlanganisi nezihlobo ezisusiwe. Insizwa ethile yayisineminyaka engaphezu kweyishumi isusiwe, phakathi naleso sikhathi uyise, unina nabafowabo abane ‘bayeka ukuzihlanganisa’ nayo. Ngezinye izikhathi, yayizama ukuzifaka ezintweni abazenzayo, kodwa okuhle ngabo ukuthi ilungu ngalinye lomkhaya lazimisela ngokuqinile ukuba lingazihlanganisi nayo. Ngemva kokuba isibuyiselwe, yathi yayibukhumbula njalo ubudlelwane bayo nomkhaya wakubo, ikakhulu ebusuku lapho isiyodwa. Kodwa yavuma ukuthi, ukube umkhaya wakubo wawuba nobudlelwane nayo ngisho nobuncane nje, babuyoyanelisa. Nokho, ngenxa yokuthi umkhaya wakubo awuzange nhlobo uxhumane nayo, isifiso esinamandla sokuba nawo saba esinye sezici ezayishukumisela ukuba ilungise ubuhlobo bayo noJehova. Cabanga ngalokhu uma kwenzeka ulingeka ukuba uphule umyalo kaNkulunkulu wokungazihlanganisi nezihlobo ezisusiwe.

18. Njengoba sekubukezwe izinzuzo zokwethembeka nemiphumela yokungathembeki, yini ozimisele ukuyenza?

18 Siphila ezweni elinokukhohlisa nokungathembeki. Noma kunjalo, singathola izibonelo zokwethembeka esingazilingisa kubo bonke esinabo ebandleni lobuKristu. Inkambo yabo yokuphila iyabakhulumela, kunjengokungathi ithi: “Ningofakazi, noNkulunkulu ungufakazi, bendlela esaba ngayo abathembekile nabalungile nabangenakusoleka kini nina makholwa.” (1 Thes. 2:10) Kwangathi sonke singahlala sithembekile kuNkulunkulu nakomunye nomunye.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Akuzona izinwele ngokwazo ezaziwumthombo wamandla akhe, kodwa yilokho ezazikumelela, okungukuthi, ubuhlobo obukhethekile uSamsoni ayenabo noJehova njengomNaziri.

^ par. 6 Kungakho inkulumo yesiNgisi ehunyushwa ngokuthi “ukwanga kukaJuda” isho isenzo sokukhaphela.

^ par. 13 Ukuze uthole usizo lokubhekana nokungathembeki komngane womshado, bheka isihloko esithi “Ukubhekana Nobuhlungu Bokungathembeki Komngane Womshado,” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2010, amakhasi 29-32.

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 10]

UPetru wathembeka eNdodaneni kaNkulunkulu egcotshiwe ngisho nalapho abanye beyishiya