Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kufanele Enzeni AmaKristu Namuhla?

Kufanele Enzeni AmaKristu Namuhla?

Kufanele Enzeni AmaKristu Namuhla?

AMAKRISTU eqiniso namuhla awahlanganyeli kwezombusazwe. Kungani? Kungoba alandela isibonelo sikaJesu. Wathi: ‘Angiyona ingxenye yezwe.’ Lapho ekhuluma ngabalandeli bakhe, wathi: “Aniyona ingxenye yezwe.” (Johane 15:19; 17:14) Nazi ezinye izizathu ezenza kungafaneleki ukuba amaKristu angenele ezombusazwe.

1. Amandla omuntu alinganiselwe. IBhayibheli lithi abantu abakwazi futhi abanalo ilungelo lokuzibusa. Umprofethi uJeremiya wathi: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.”—Jeremiya 10:23.

Abantu babengadalelwanga ukuzibusa ngokuphumelelayo, njengoba nje bengadalelwanga ukundiza. Lapho sikhuluma ngekhono lohulumeni elilinganiselwe, isazi-mlando, uDavid Fromkin, saphawula: “Ohulumeni bangabantu; ngakho-ke bayehluleka, nekusasa labo aliqinisekile. Banawo bona amandla athile kodwa alinganiselwe.” (The Question of Government) Akumangazi ukuthi kungani iBhayibheli lixwayisa ngokuthi singathembeli kubantu!—IHubo 146:3.

2. Ibutho lemimoya emibi linethonya namuhla. Ngesikhathi uSathane ethembisa ukunika uJesu ububusi bomhlaba wonke, uJesu akazange aphike ukuthi uDeveli unamandla okumnikeza yonke imibuso yezwe. Eqinisweni, kamuva, uJesu wabiza uSathane ngokuthi “umbusi waleli zwe.” Eminyakeni ethile kamuva, umphostoli uPawulu wachaza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walesi simiso sezinto.” (Johane 14:30; 2 Korinte 4:4) UPawulu wabhalela amanye amaKristu: “Sibambene . . . nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” (Efesu 6:12) Ibutho lemimoya emibi yilona ngempela elibusa leli zwe lisendaweni ecashile. Ukwazi lokho kufanele kuwuthinte kanjani umbono wethu ngezombusazwe?

Cabanga ngalokhu kuqhathanisa: Njengoba nje izikejana zidudulwa imisinga yolwandle enamandla, indlela yokubusa kwabantu yezombusazwe iphonswa lé nalé yibutho lemimoya emibi elinamandla. Futhi njengoba nje kukuncane okungenziwa amatilosi akulezo zikejana ukushintsha leyo misinga enamandla, kuncane kabi okungenziwa osombusazwe ukushintsha ithonya laleli butho lemimoya enamandla. La mabutho azimisele ukonakalisa abantu ngokuphelele nokubangela ‘umayé emhlabeni.’ (IsAmbulo 12:12) Ngakho-ke, ushintsho lwangempela lungalethwa kuphela umuntu onamandla amakhulu kunoSathane namademoni. Lowo Muntu uJehova uNkulunkulu uqobo.—IHubo 83:18; Jeremiya 10:7, 10.

3. AmaKristu eqiniso asekela uMbuso kaNkulunkulu kuphela. UJesu nabafundi bakhe babazi ukuthi ngesikhathi esifanele, uNkulunkulu uyomisa uhulumeni ezulwini oyobusa emhlabeni jikelele. IBhayibheli libiza lo hulumeni ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu futhi lembula ukuthi uJesu Kristu ubekwe ukuba abe yiNkosi yawo. (IsAmbulo 11:15) Njengoba lo Mbuso uthinta bonke abantu, uJesu wenza “izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu” zaba isihloko esivelele sezimfundiso zakhe. (Luka 4:43) Wabuye wafundisa abafundi bakhe ukuthandaza: “Umbuso wakho mawuze.” Ngani? Ngoba kulowo Mbuso, nakanjani intando kaNkulunkulu iyokwenziwa ezulwini nasemhlabeni.—Mathewu 6:9, 10.

Khona-ke, kuyobe sekwenzekani kohulumeni babantu? IBhayibheli lithi ohulumeni “bomhlaba wonke owakhiwe” bayobhujiswa. (IsAmbulo 16:14; 19:19-21) Uma umuntu ekholelwa ngempela ukuthi sekuseduze ukuba uMbuso kaNkulunkulu ususe ukubusa kwabantu, kunengqondo ukuthi uyogwema ukusekela le mibuso yezombusazwe. Ngale nje kwalokho, uma engazama ukusekela ohulumeni babantu abazobhujiswa, empeleni uyobe umelana noNkulunkulu.

Nakuba amaKristu eqiniso engahlanganyeli kwezombusazwe, ingabe lokho kusho ukuthi awathandi kuthuthukiswe imiphakathi ahlala kuyo? Hlola impendulo enikezwa esihlokweni esilandelayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

OFakazi BakaJehova bashisekela uMbuso kaNkulunkulu, hhayi izinguquko zezombusazwe