Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimfundiso ZamaKristu Ziwuthinta Kanjani Umphakathi?

Izimfundiso ZamaKristu Ziwuthinta Kanjani Umphakathi?

Izimfundiso ZamaKristu Ziwuthinta Kanjani Umphakathi?

IZIHLOKO ezandulele zixoxe ngezizathu ezenza amaKristu eqiniso angazibandakanyi nezombusazwe. Nokho, angabonisa kanjani ukuthi ayathanda ukuthuthukisa imiphakathi ahlala kuyo? Enye indlela ukulalela umyalo kaJesu: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—Mathewu 28:19, 20.

Kunokuhlobana phakathi kokulalela umyalo kaJesu ‘wokwenza abafundi’ nokulalela isiqondiso sakhe sokuba njengosawoti nokukhanya kwezwe. (Mathewu 5:13, 14) Kuhlobana kanjani? Lo msebenzi unamuphi umphumela kubantu?

Isigijimi SikaKristu—Siyalondoloza Futhi Siyakhanyisa

Usawoti uyakulondoloza ukudla ukuze kungaboli. Ngokufanayo isigijimi uJesu ayala abalandeli bakhe ukuba basitshele abantu bazo zonke izizwe siyalondoloza. Labo abamukela futhi balalele izimfundiso zikaJesu bayavikeleka ekonakaleni kwesimilo okwandile namuhla. Kanjani? Bafunda ukuthi bangayigwema kanjani imikhuba eyingozi empilweni njengokubhema, futhi bahlakulela izimfanelo ezinjengothando, ukuthula, ukubekezela, umusa nobuhle. (Galathiya 5:22, 23) Lezi zimfanelo zibenza babe usizo emphakathini. Ngokutshela omakhelwane bawo lesi sigijimi esilondolozayo, amaKristu afeza indima ebalulekile enhlalakahleni yomphakathi.

Sisho ukuthini isingathekiso sokukhanya? Njengoba inyanga idlulisela ukukhanya kwelanga, kanjalo abalandeli bakaKristu babonakalisa “ukukhanya” okuvela kuJehova uNkulunkulu. Lokhu bakwenza ngesigijimi abasishumayelayo nangemisebenzi emihle abayenzayo.—1 Petru 2:12.

UJesu wabuye waqokomisa ukufana phakathi kokuba ukukhanya nokuba umfundi ngokuba athi: “Abantu abasikhanyisi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha sokulinganisa, kodwa basibeka othini lwesibani, sikhanyisele bonke abasendlini. Ngokufanayo, ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu.” Isibani esikhanyayo esibekwe othini sibonwa yibo bonke abantu abakhona. Ngokufanayo umsebenzi wokushumayela neminye imisebenzi emihle amaKristu eqiniso ayenzayo kufanele ibonakale kubo bonke abantu. Kungani? UJesu wathi labo ababona imisebenzi emihle ngeke badumise amaKristu kodwa uNkulunkulu.—Mathewu 5:14-16.

Umsebenzi Wabo Bonke

Lapho uJesu ethi, “Nina ningukukhanya kwezwe” nalapho ethi “ukukhanya kwenu makukhanye,” wayekhuluma nabo bonke abafundi bakhe. Umyalo kaJesu ngeke ufezwe abantu abambalwa abasezinkolweni ezihlukahlukene. Kunalokho, wonke amakholwa kufanele abe “ukukhanya.” OFakazi BakaJehova abayizigidi ezingu-7 abahlala emazweni angaphezu kwangu-235, bakholelwa ukuthi kuwumsebenzi wabo bonke ukuvakashela omakhelwane babo ukuze baxoxe nabo ngesigijimi uKristu afuna simenyezelwe abalandeli bakhe.

Siyini isihloko sesigijimi soFakazi BakaJehova? Ngesikhathi uJesu ekhipha umyalo wokushumayela, akazange ayale abalandeli bakhe ukuba bashumayele ngezenhlalo, ezombusazwe, ubunye bamaSonto noboHulumeni noma nganoma imiphi eminye imibono yezwe. Kunalokho, wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Ngaleyo ndlela, amaKristu eqiniso namuhla alalela umyalo kaJesu ngokuqhubeka ekhuluma nomakhelwane bawo ngoMbuso kaNkulunkulu—ukuphela kohulumeni oyokwazi ukuqeda ukubusa kukaSathane okonakele bese uletha izwe elisha elinokulunga.

Eqinisweni, lapho ufunda ukulandisa kwamaVangeli, kunezinto ezimbili eziba sobala ngenkonzo kaJesu ezinomthelela emsebenzini wamaKristu eqiniso namuhla. Kuxoxwa ngazo esihlokweni esilandelayo.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Isigijimi esishunyayelwa amaKristu sifana kanjani nosawoti?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]

Isigijimi sikaKristu sifana kanjani nesibani endaweni emnyama?