Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakwazi Yini Ukwethembeka Ezweni Elinenkohlakalo?

Ungakwazi Yini Ukwethembeka Ezweni Elinenkohlakalo?

“Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—HEBHERU 13:18.

NAKUBA siyizoni, sihlala ezweni elibi, noDeveli esicindezela kakhulu, singakwazi ukumelana nethonya lako! Kanjani? Ngokusondela kuNkulunkulu nangokusebenzisa imithetho eseZwini lakhe iBhayibheli, osekungamakhulu eminyaka isebenza. Hlola nazi izibonelo ezimbili.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Ningalingisi lelizwe.”—Roma 12:2, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

“IBhayibheli liye langisiza ukuba ngibone izinzuzo zokwethembeka.”—UGUILHERME

Okwenzeka ngokoqobo: UGuilherme ungusomabhizinisi waseBrazil ochumayo. Uyavuma ukuthi akulula ukwethembeka. Uthi: “Kulula ngosomabhizinisi ukuba aqale ukungethembeki, mhlawumbe ngenxa yokucindezelwa ukuzama ukufinyelela imigomo yenkampani noma ukuze akwazi ukuphila ezweni elincintisanayo. Abantu abaningi babheka ukufumbathisa nokufunjathiswa njengento eyamukelekayo. Uma ungusomabhizinisi osafufusa, futhi kusadingeka  ukhokhe izindleko ezinkulu kunzima ukwethembeka.”

Noma kunjalo, uGuilherme uye waphumelela ekumelaneni nethonya lokungethembeki. Uthi: “Ngisho nasezimweni lapho ukuphamba kungabonakali kuyinto embi, ungakwazi ukwethembeka. Kumelwe ube umuntu onesimilo ngempela. IBhayibheli liye langisiza ukuba ngibone izinzuzo zokwethembeka. Umuntu othembekile unonembeza ohlanzekile, ukuthula kwangaphakathi futhi uyazihlonipha. Angaba ithonya elihle kulabo asondelene nabo.”

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.”—1 Thimothewu 6:9, 10, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

“Ngiyajabula ngokuthi ukulalela imithetho yeBhayibheli ephakeme kuye kwangakhela idumela elihle.”—U-ANDRÉ

Okwenzeka ngokoqobo: U-André ungumnikazi wenkampani efaka izinto eziqapha ukuphepha. Elinye lamakhasimende akhe iqembu elikhulu lebhola likanobhutshuzwayo. Ngelinye ilanga, ngemva komdlalo omkhulu, u-André waya emahhovisi abaqondisi wabanika iphepha elibonisa imali okwakufanele ayikhokhelwe ngomsebenzi ayewenzile. Umnyango wezimali wawusematasa ubala imali owawuyithole emahhovisi amathikithi. Njengoba isikhathi sase sihambile, umqondisi wakhokhela bonke ayebaqashile esetatazela kuhlanganise no-André.

U-André uthi: “Lapho sengiphindela ekhaya, ngabona ukuthi umqondisi unginikeze imali engaphezu kwaleyo okwakumelwe anginike yona. Ngangazi ukuthi cishe ngeke azi ukuthi ubani amnike imali eyeqile. Kodwa futhi ngangazi ukuthi indoda yabantu bandla kuzodingeka ikhiphe kweyayo imali ukuze ikhokhe eshodayo! Nganquma ukubuyela emuva. Ngakwazi ukuchusha phakathi kwesixuku sabalandeli ngabuyisela le mali. Umqondisi akakholwanga. Akukho muntu owake wambuyisela imali.”

U-André uyaqhubeka: “Leso senzo sokwethembeka senza umqondisi wangethemba. Sekudlule iminyaka, kodwa kubo bonke ababenenkontileka naye, yimina kuphela osasele. Ngiyajabula ngokuthi ukulalela imithetho yeBhayibheli ephakeme kuye kwangakhela idumela elihle.”

Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu singamelana namathonya onakalisayo. Nokho, imizamo yabantu ngeke yakwazi ukuyiqeda nyá inkohlakalo. Umnyombo wayo ujulile—ujule kakhulu ukuba ungasishulwa abantu abangaphelele. Khona-ke ingabe lokhu kusho ukuthi inkohlakalo ayisoze yaphela? Isihloko sokugcina kulolu chungechunge siveza impendulo ekhuthazayo yeBhayibheli.