Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amandla EZwi LikaNkulunkulu Emndenini WamaHindu

Amandla EZwi LikaNkulunkulu Emndenini WamaHindu

ANGISOZE ngawukhohlwa uMsombuluko ekuseni umndeni wakithi owawuhlangene ngawo udla. Kwakungu-August 22, 2005. Ukuphila kwami kwakusengcupheni, nganginesimila esikhulu ebuchosheni. Umyeni wami uKrishna, wathandaza ngase ngikhuluma nomndeni wakithi.

Ngawuchazela: “Ngiya esibhedlela ngiyohlinzwa endaweni ebucayi kakhulu, ngakho kumelwe nilungele noma yini engase yenzeke. Sengiwenzile amalungiselelo omngcwabo, uma kwenzeka ngifa. Kulabo kini abakhulekela uJehova, ngicela ningayeki. Kini nonke abanye, ngiyanincenga ukuba namukele isifundo seBhayibheli futhi niye emihlanganweni yethu yobuKristu. Ngaleyo ndlela siyokwazi ukuba senkolweni eyodwa ezweni elisha likaNkulunkulu elizayo lapho abakhulekeli bakhe beqiniso beyophila phakade beyimiqemane emhlabeni oyipharadesi.”

Ngaphambi kokuba ngichaze ukuthi kwahamba kanjani ukuhlinzwa kwami, ake nginitshele ukuthi ngakhula kanjani nokuthi ngamazi kanjani uNkulunkulu weqiniso.

Ukukhulela Emndenini WamaHindu

Ngiphethwe umama

Umndeni wakithi wawuhlala endlini enkulu eyakhiwe ngothayela eyayisegqumeni edolobheni elisogwini, eThekwini, eNingizimu Afrika. Ukuze singene esangweni lasekhaya elingaphambili, kwakufanele siqale sikhuphuke izitebhisi ezingu-125 sisuka emgwaqweni omkhulu owawungezansi. Lezo zitebhisi zaziya endleleni eyihlokozi eholela esangweni lensimbi. Eceleni kwesango kwakunethempeli likagogo, elaligcwele izithombe nemifanekiso yonkulunkulu bamaHindu. Ugogo wangitshela ukuthi mina “ngiyingane yethempeli” (mandir kī baccā, ngesiHindu) nokuthi ngabe angizalwanga ukube kwakungengenxa yonkulunkulu esasibakhulekela. Ngaphesheya kwethempeli kwakunezitebhisi ezibomvu ezipholishiwe, ezaziholela emnyango ongaphambili. Indlu yasekhaya yayinkulu, inephaseji elide, ikhishi elikhulu elalinesitofu samalahle, namakamelo okulala angu-7 nekamelo elilodwa elalingaphandle. Sasihlala kule ndlu singu-27, kuhlanganise ugogo nomkhulu, ubaba, obab’ omncane abathathu nobabekazi abathathu nemindeni yabo.

Indlu yasekhaya

Kwakungelula ukunakekela umndeni omkhulu kangaka. Kodwa ukuhlala ndawonye kwagcina umndeni ubumbene futhi sinezinkumbulo eziningi ezinhle. Omakoti abane, kuhlanganise nomama, uGargee Devi, babehlanganyela imisebenzi yasendlini. Babeshintshana ngokupheka nangokuhlanza indlu. Umkhulu wayeyinhloko yomuzi futhi uyena owayethengela wonke umndeni ukudla. Njalo ngoLwesithathu ugogo nomkhulu babeya emakethe beyothenga inyama, izithelo nemifino yalelo sonto. Sasivame ukuhlala onqenqemeni olusemthunzini wesihlahla sikaphayini sibheke ezansi silinde ukuba babuye emakethe. Kwakuthi lapho nje sibabona behla ebhasini nobhasikidi babo abakhulu, sisuke ngamajubane sehle lezo zitebhisi ezingu-125 siyobaphathisa.

Ngiseduze kwezitebhisi ezingu-125

Engadini yakithi kwakunesihlahla eside sesundu esasinezidleke zezinyoni ezibizwa ngokuthi o-mynah. Sasizibona zindiza zehla zenyuka futhi sizizwa zitshiyoza. Ugogo wayehlala phambi komnyango esitebhisini bese esixoxela izindaba, kube sengathi utolika lokho okwakuculwa yilezo zinyoni. Kuningi okuhle  engikukhumbulayo ngokuphila kwasekhaya! Sasihleka, sikhale, sidlale, simomotheke, sabelana nezinto—sasikujabulela ukuhlala ndawonye singumndeni omkhulu. Okubaluleke nakakhulu, yilapha lapho saqala khona ukufunda ngoMdali wethu, uJehova, neNdodana yakhe, uJesu Kristu.

Ngaphambi kokuba sifunde ngoJehova, ukukhulekela kwethu kobuHindu kwakunemicikilisho eminingi eyayenziwa nsuku zonke. Sasibuye sibe nemikhosi emikhulu njalo ngezikhathi ezithile, lapho sasimema khona abantu ukuze sikhulekele onkulunkulu nonkulunkulukazi abahlukene. Kweminye yaleyo mikhosi, ugogo wayehlala athule anganyakazi bese exhumana nemimoya futhi kwakuthi nje uma sekuphakathi kwamabili, kwenziwe imihlatshelo yezilwane ukuze kushwelezwe kuyo. Umkhulu wayedume nangokuphana emphakathini ngoba wayenikelela ukwakhiwa nokusebenza kwezikole namathempeli amaHindu.

Indlela Esathola Ngayo Iqiniso NgoJehova

Ngo-1972, umkhulu wagula wabe eseshona. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa umkabab’ omncane okuthiwa u-Indervathey, owaziwa ngelikaJane, wathatha omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kwabanye oFakazi BakaJehova ababili. Wazizwa kabi ngokuthi akazange abangenise endlini ukuze baxoxe. OFakazi babehlale bexoshwa ekhaya. Kodwa lapho befika ngesikhathi esilandelayo wabangenisa futhi waxoxa nabo ngezinkinga zakhe zomshado ezihilela ukudakwa kukabab’ omncane. Omakhelwane nezihlobo babemkhuthaza ukuba amdivose. OFakazi bachaza indlela uNkulunkulu abheka ngayo umshado. (Mathewu 19:6) Iseluleko seBhayibheli kanye nesithembiso sempilo engcono ezoba lapha emhlabeni kwamhlaba umxhwele umkabab’ omncane. * Washintsha umqondo ngokushiya ubab’ omncane futhi waqala ukufunda iBhayibheli njalo noFakazi. Wayethi uma efunda ekamelweni lokuphumula ekhaya, abanye omakoti balalele besemakamelweni abo.

Ekugcineni, bonke omakoti bahlanganyela esifundweni seBhayibheli. UJane, umkabab’ omncane, wayevame ukusixoxela izindaba ezisencwadini ethi Ukulalela UMfundisi OMkhulu. * Lapho obab’ omncane bethola ukuthi amakhosikazi abo atadisha iBhayibheli, baqala ukuphikisa. Omunye ubab’ omncane wathatha zonke izincwadi zethu kanye neBhayibheli wazithungela ngomlilo. Babesithuka noma basishaye uma siya emihlanganweni. Ubaba kuphela owayengakwenzi lokho; akakaze amelane nokufunda kwethu ngoJehova. Bobane omakoti baqhubeka nokuya emihlanganweni futhi uthando lwabo ngoJehova uNkulunkulu lwakhula.

Ngo-1974, uJane, wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova nomama nabanye omakoti balandela ngokushesha. Ngokuhamba kwesikhathi ugogo wayiyeka imikhuba yenkolo yobuHindu. Kwaphela iminyaka ngiphelezela abaya emihlanganweni yobuKristu. Kwabe sekuthi emhlanganweni omkhulu woFakazi BakaJehova, omunye uFakazi, ogama lakhe uShameela Rampersad wangibuza, “Wena uzobhapathizwa nini?” Ngaphendula, “Ngeke ngikwazi ngoba  akekho umuntu owake wangifundela iBhayibheli.” Wacela ukungifundela. Ngomhlangano wesigodi owalandela, owawungo-December 16, ngo-1977, ngabhapathizwa. Kwagcina kubhapathizwe abangu-18 emalungwini angu-27 omndeni wakithi ayehlala ndawonye. Kodwa ngesikhathi sokuhlinzwa kwami, ubaba, uSonny Deva, wayesengumHindu.

“Ningakhathazeki Ngalutho”

Amazwi akweyabaseFilipi 4:6, 7 aye aba usizo olukhulu kimi, ikakhulukazi ngemva kokuba kutholakele ukuthi nginesimila esikhulu ebuchosheni. Lawo mavesi athi: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” Kunzima ‘ukungakhathazeki ngalutho,’ ikakhulukazi uma utshelwe ukuthi ungafa noma nini. Ekuqaleni ngavele ngakhala, ngabe sengithandaza kuJehova. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, ngaba ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’

Kwaba sengathi uJehova uNkulunkulu ungibambe ngesandla sokunene futhi ngezwa ngempela ukuthi wayenami ngaso sonke isikhathi. (Isaya 41:13) Wangisiza ngaba nesibindi sokuchazela odokotela ukuzimisela kwami ukulalela umyalo weBhayibheli wokudeda egazini. (IzEnzo 15:28, 29) Ngenxa yalokho, udokotela ohlinzayo nodokotela obulala izinzwa bavuma ukungihlinza ngaphandle kokungimpompela igazi. Ngemva kwalokho, udokotela ohlinzayo wangitshela ukuthi ukuhlinzwa kwami kuhambe kahle futhi sase sikhishwe sonke isimila. Wabuye wathi akakaze abone isiguli esilulama ngokushesha okungaka ngemva kokuhlinzwa isimila ebuchosheni.

Emasontweni amathathu ngemva kokuhlinzwa ngaqala ukufundela umuntu iBhayibheli ngisembhedeni. Ekupheleni kwesonto lesikhombisa, ngaqala ukushayela futhi, ngahamba ngayoshumayela ngaqala nokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngalwazisa usizo engalinikezwa abafowethu nodadewethu abangamaKristu ababesebenza nami emsebenzini wokushumayela. Babeqiniseka ukuthi angibi ngedwa nokuthi ngifika ekhaya ngokuphepha. Ngikholelwa ukuthi ukulalela ukufundwa kweBhayibheli okuqoshiwe nokugxila ezintweni ezingokomoya kwangisiza ngasheshe ngalulama.

Ngajabula lapho ngithola ukuthi ngemva kokuhlinzwa kwami, ubaba wavuma ukufundelwa oFakazi iBhayibheli. Wabhapathizwa eneminyaka engu-73 futhi manje ukhonza uJehova ngentshiseko. Amalungu angaphezu kuka-40 omunye umndeni wakithi manje akhonza uJehova kanye nathi ngobunye. Nakuba iso lami langakwesobunxele lingasaboni futhi ngifakwe uthayela ekhanda, ngisibheke ngabomvu isikhathi lapho uJehova eyokwenza “konke kube kusha” emhlabeni ozayo oyiPharadesi.—IsAmbulo 21:3-5.

Nginomyeni wami (kwesobunxele), indodakazi yami nabazali bami

Ngibusisekile ngomyeni ongithandayo, okhonza njengombonisi ongumKristu nangendodakazi enhle, uClerista, engisekelayo njengoba ngiqhubeka ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele. UJehova uNkulunkulu uyibusise ngokucebile inkonzo yami. Kuze kube manje, ngiye ngakwazi ukusiza abantu engibafundela iBhayibheli ukuba babone amandla eZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwabo. Abangaphezu kuka-30 kubo manje bazinikezele kuNkulunkulu futhi babhapathizwa.

Ngenhliziyo egcwele ithemba, ngibheke phambili esikhathini lapho uJehova uNkulunkulu eyosikhulula kulesi simiso sezinto futhi asiholele emhlabeni oyipharadesi.

^ isig. 12 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 13 Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa ayisanyatheliswa.