Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hlobo Luni Lomoya Owubonisayo?

Hlobo Luni Lomoya Owubonisayo?

“Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu ube nomoya eniwubonisayo.”—FILEM. 25.

1. Isiphi isifiso uPawulu asiveza lapho ebhalela ayekholwa nabo?

LAPHO ebhalela ayekholwa nabo, umphostoli uPawulu waveza ngokuphindaphindiwe isifiso sakhe sokuba uNkulunkulu noKristu bawamukele umoya owawuboniswa amabandla. Ngokwesibonelo, walobela abaseGalathiya la mazwi: “Umusa ongafanelwe weNkosi yethu uJesu Kristu ube nomoya eniwubonisayo, bazalwane. Amen.” (Gal. 6:18) Wayesho ukuthini ngamazwi athi ‘umoya eniwubonisayo’?

2, 3. (a) Lapho esebenzisa igama elithi ‘umoya,’ yini uPawulu ayebhekisela kuyo ngezinye izikhathi? (b) Imiphi imibuzo esingase sizibuze yona ngomoya esiwubonisayo?

2 Igama elithi ‘umoya’ uPawulu alisebenzisile kulo mongo libhekisela emandleni asishukumisela ukuba sisho noma senze izinto ngendlela ethile. Omunye umuntu angase abe omnene, ocabangelayo, onomoya ophansi, ophanayo noma othethelelayo. IBhayibheli liyawutusa ‘umoya onokuthula nobumnene’ kanye “nomoya ozolile.” (1 Pet. 3:4; IzAga 17:27) Ngakolunye uhlangothi, omunye umuntu angase abe obhuqayo, othanda izinto ezibonakalayo, ocasuka kalula noma onesimo sengqondo sokuzibusa. Okubi nakakhulu, kukhona nalabo ababonisa umoya ongcolile, wokungalaleli, ngisho nowokuvukela.

3 Ngakho, lapho uPawulu esebenzisa la mazwi athi “iNkosi mayibe nomoya eniwubonisayo,” wayekhuthaza abafowabo ukuba babonise umoya ovumelana nentando kaNkulunkulu nobuntu obunjengobukaKristu. (2 Thim. 4:22; funda eyabaseKolose 3:9-12.) Namuhla, senza kahle ngokuzibuza: ‘Hlobo luni lomoya engiwubonisayo? Ngingawubonisa kanjani ngokwengeziwe umoya othokozisa uNkulunkulu? Ngingayithuthukisa yini indima yami emoyeni omuhle oboniswa yilo lonke ibandla?’ Ngokwesibonelo, ensimini kajikanelanga, imbali ngayinye yenezela ubuhle bayo ebuhleni obukhazimulayo bale nsimu. Ingabe singenye  yalezo “zimbali” ezenezela ebuhleni balo lonke ibandla? Ngokuqinisekile, yilokho okufanele sikulwele. Manje, ake sibone ukuthi singenzani ukuze sibonise umoya othokozisa uNkulunkulu.

GWEMA UMOYA WEZWE

4. Uyini “umoya wezwe”?

4 ImiBhalo iyasitshela: “Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu.” (1 Kor. 2:12) Uyini “umoya wezwe”? Umoya ofanayo nalowo okukhulunywa ngawo kweyabase-Efesu 2:2, ethi: “Nake nahamba kuzo ngokwesimiso sezinto saleli zwe, ngokombusi wegunya lomoya, umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” Lo “moya” uwumoya wezwe, noma isimo sengqondo sezwe, futhi usizungeze kuhle komoya ongokoqobo. Ukuyo yonke indawo. Ngokuvamile ubonakaliswa isimo sengqondo sabantu abaningi namuhla sokuthi ‘Akekho ozongitshela ukuthi kumelwe ngenzeni,’ noma sokuthi ‘Lwela amalungelo akho.’ ‘Bangamadodana okungalaleli’ ezwe likaSathane.

5. Imuphi umoya omubi owaboniswa abanye kwa-Israyeli?

5 Izimo zengqondo ezinjalo azizintsha neze. Esikhathini sikaMose, uKhora wavukela labo ababenikwe igunya phezu kwebandla lakwa-Israyeli. Wavukela ngokukhethekile u-Aroni namadodana akhe, ababenelungelo lokukhonza njengabapristi. Mhlawumbe wayebona amaphutha okungapheleli kwabo. Kungenzeka wayecabanga ukuthi uMose wayekhetha iphela emasini—enika izihlobo zakhe amalungelo. Kunoma ikuphi, kusobala ukuthi uKhora waqala ukubheka izinto ngeso lomuntu futhi wakhuluma kabi ngalabo ababekhethwe uJehova, ngokwedelela wathi kubo: “Kwanele ngani . . . Pho, kungani nina kufanele niziphakamise ngaphezu kwebandla?” (Num. 16:3) Ngokufanayo, uDathani no-Abhiramu babekhononda ngoMose, bethi ‘uzama ukuzenza isikhulu ngokuphelele phezu kwabo.’ Lapho bebizwa ukuba beze phambi kukaMose, basabela ngokuqhosha: “Ngeke size!” (Num. 16:12-14) Ngokusobala, uJehova wayengathokozi ngomoya wabo. Wababulala bonke labo bavukeli.—Num. 16:28-35.

6. Abanye ekhulwini lokuqala babonisa kanjani ukuthi babenesimo sengqondo esibi, futhi yini okungenzeka ukuthi yayibangela lokho?

6 Abanye ekhulwini lokuqala nabo baqala ukugxeka abantu ababephathiswe igunya ebandleni, ‘bengabunaki ubukhosi.’ (Jude 8) Cishe la madoda ayenganelisekile ngamalungelo awo abe esezama ukuthonya abanye ukuba bamelane namadoda amisiwe ayefeza ngobuqotho imisebenzi uNkulunkulu ayewanike yona.—Funda eyesi-3 Johane 9, 10.

7. Kungani ebandleni namuhla kungase kube nesidingo sokuqapha?

7 Kusobala ukuthi umoya onjalo awufuneki nhlobo ebandleni lobuKristu. Yingakho kunesidingo sokuqapha kule ndaba. Amadoda amadala ebandleni awaphelele, njengoba nje ayengaphelele nasosukwini lukaMose nasesikhathini somphostoli uJohane. Abadala bangawenza amaphutha asithintayo ngabanye. Uma lokho kwenzeka, yeka ukuthi bekuyoba okungafaneleki kanjani nganoma iliphi ilungu lebandla ukusabela ngendlela yomoya wezwe futhi lifune ngenkani “ubulungisa” noma ukuba “kwenziwe okuthile ngalo mzalwane”! UJehova angase akhethe ukungawanaki amaphutha athile amancane. Asinakwenza yini okufanayo nathi? Ngenxa yalokho abakubheka njengamaphutha abadala, abathile abenza izono ezinkulu ebandleni baye benqaba ukuvela phambi kwekomiti yabadala eyabelwe ukuba ibasize. Lokhu kungafaniswa nesiguli esenqaba ukwelashwa ngoba kunento ethile esingayithandi kudokotela.

8. Imiphi imiBhalo engasisiza ukuba silondoloze umbono ofanele ngalabo abaholayo ebandleni?

8 Ukuze sigweme lolo hlobo lomoya,  kuhle sikhumbule ukuthi eBhayibhelini uJesu uvezwa ephethe ‘izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene.’ “Izinkanyezi” zimelela ababonisi abagcotshiweyo futhi, ngomqondo obanzi, zimelela nabo bonke ababonisi emabandleni. UJesu angaqondisa “izinkanyezi” ezisesandleni sakhe nganoma iyiphi indlela anomuzwa wokuthi ifanele. (IsAm. 1:16, 20) Ngakho, njengeNhloko yebandla lobuKristu, uJesu unegunya eliphelele phezu kwezindikimba zabadala. Uma kunothile endikimbeni okudinga ngempela ukuqondiswa, Lowo ‘onamehlo anjengelangabi lomlilo’ uyoqinisekisa ukuthi lokhu kuyenziwa ngesikhathi nangendlela yaKhe. (IsAm. 1:14) Okwamanje, silondoloza inhlonipho efanele ngalabo abamiswe ngomoya ongcwele, ngoba uPawulu waloba: “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.”—Heb. 13:17.

Ukuzindla ngendima kaJesu kuyithinta kanjani indlela osabela ngayo eselulekweni?

9. (a) Iluphi uvivinyo umKristu angase abhekane nalo lapho eqondiswa noma enikezwa isiyalo? (b) Iyiphi indlela engcono okufanele sisabele ngayo lapho sisolwa?

9 Umoya womKristu ungase futhi uvivinywe lapho eqondiswa noma ethathelwa amalungelo ebandleni. Abanye abadala banikeza omunye umzalwane osemusha iseluleko ngendlela engacunuli ngokuphathelene nokudlala imidlalo ye-video enobudlova. Ngokudabukisayo, akasamukelanga kahle iseluleko sabo futhi kwadingeka ukuba agudluzwe njengenceku ekhonzayo ngoba engasahlangabezani nezimfanelo ezingokomBhalo. (IHu.  11:5; 1 Thim. 3:8-10) Ngemva kwalokho, lo mzalwane wayehamba etshela wonke umuntu ukuthi wayengavumelani naleso sinqumo, wabhalela ihhovisi legatsha izincwadi ngokuphindaphindiwe egxeka abadala futhi waze wathonya nabanye ebandleni ukuba benze okufanayo. Nokho, asifezi lutho uma sifaka ukuthula kwalo lonke ibandla engozini emzamweni wokuthethelela izenzo zethu. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukubheka ukusolwa njengendlela esivula amehlo ukuze sibone ubuthakathaka ebesingabuboni, bese samukela lokho kuqondiswa ngaphandle kokubanga umsindo.—Funda isiLilo 3:28, 29.

10. (a) Chaza ukuthi yini esingayifunda kuJakobe 3:16-18 ngomoya omuhle nomubi. (b) Uba yini umphumela wokubonisa “ukuhlakanipha kwaphezulu”?

10 UJakobe 3:16-18 unikeza isiqondiso esihle ngokuphathelene nomoya ofanele nongafanele ebandleni. Uthi: “Lapho kukhona khona umhawu nokubanga, kukhona isiyaluyalu nayo yonke into embi. Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, akuhlukanisi abantu ngokukhetha, akuzenzisi. Ngaphezu kwalokho, imbewu yesithelo sokulunga ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.” Njengoba sisebenza ngokuvumelana ‘nokuhlakanipha kwaphezulu,’ izimfanelo zethu zokwesaba uNkulunkulu ziyosenza senezele emoyeni omuhle ophakathi kwabafowethu.

BONAKALISA UMOYA WENHLONIPHO EBANDLENI

11. (a) Ukulondoloza umoya ofanele kuyosisiza ukuba sigwemeni? (b) Sifundani esibonelweni sikaDavide?

11 Kufanele sikhumbule njalo ukuthi uJehova wabele abadala ukuba ‘beluse ibandla’ lakhe. (IzE. 20:28; 1 Pet. 5:2) Ngakho, siyaqaphela ukuthi kuyinkambo yokuhlakanipha ukuhlonipha ilungiselelo likaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi sinelungelo lokukhonza njengabadala noma cha. Ukulondoloza umoya ofanele kungasisiza ukuba sigweme ukusheshe sizwele ngokuphathelene nezikhundla. Lapho uSawule, inkosi yakwa-Israyeli, eba nomuzwa wokuthi uDavide wayesewusongo ebukhosini bakhe, “[wambheka] ngokumdlinzekela njalo uDavide.” (1 Sam. 18:9) Le nkosi yaba nomoya omubi yaze yafuna ukumbulala. Kunokuba ukhathazeke ngokweqile ngesikhundla njengoSawule, yeka ukuthi kungcono kanjani ukufana noDavide. Naphezu kwazo zonke izenzo ezingenabulungisa eyenziwa zona, le nsizwa yalondoloza inhlonipho ngegunya elimiswe uNkulunkulu.—Funda eyoku-1 Samuweli 26:23.

12. Yini eyonezela ebunyeni bebandla?

12 Ukungaboni ngaso linye kungaba yimbangela yokucasuka ebandleni—ngisho naphakathi kwababonisi. Iseluleko esitholakala eBhayibhelini esingasisiza kule ndaba, sithi: “Ekubonisaneni udumo nihole,” sibuye sithi, “Ningabi ngabahlakaniphileyo emehlweni enu siqu.” (Roma 12:10, 16) Esikhundleni sokuphikelela ekutheni umbono wethu ungcono, kufanele sivume ukuthi ngokuvamile kunezindlela ezingaphezu kweyodwa ezamukelekayo zokubheka isimo. Uma sizama ukuqonda imibono yabanye, singenezela ebunyeni bebandla.—Fil. 4:5.

13. Kufanele siyibheke kanjani imibono yethu, futhi isiphi isibonelo esiseBhayibhelini esibonisa lokhu?

13 Ingabe lokhu kusho ukuthi akulungile ukuphawula lapho sibona okuthile ebandleni esinomuzwa wokuthi kudinga ukulungiswa? Cha. Ekhulwini lokuqala, kwake kwaba nenkinga okwaphikiswana kakhulu ngayo. Abazalwane “bahlela ukuba uPawulu noBarnaba nabanye kubo bakhuphukele kubaphostoli namadoda amadala eJerusalema ngokuqondene nalokhu kuphikisana.” (IzE. 15:2) Akungabazeki ukuthi  ngamunye walabo bazalwane wayenombono wakhe ngaleyo ndaba nendlela acabanga ukuthi yayingasingathwa ngayo. Nokho, lapho ngamunye eseveze uvo lwakhe futhi sekwenziwe isinqumo ngesiqondiso somoya, abazalwane ababange besaqhubeka nokuveza imibono yabo siqu. Ngemva kokuba isinqumo sesifinyelele emabandleni, “ajabula ngaleso sikhuthazo” futhi “aqhubeka eqiniswa okholweni.” (IzE. 15:31; 16:4, 5) Nanamuhla, lapho indaba isisezandleni zabazalwane abanomthwalo wemfanelo, kufanele kusanelise ukuyishiyela kubo ukuba bayicubungule ngosizo lomthandazo.

BONISA UMOYA OMUHLE EBUHLOTSHENI BAKHO NABANYE

14. Singawubonisa kanjani umoya omuhle ebudlelwaneni bethu nabanye?

14 Ebuhlotsheni bethu nabanye, sinamathuba amaningi okubonisa umoya omuhle. Ngamunye wethu angenza lukhulu uma engabonisa umoya wokuthethelela lapho abanye bemcasula. IZwi likaNkulunkulu liyasitshela: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” (Kol. 3:13) Amazwi athi “uma umuntu enesizathu sokukhononda” asikisela ukuthi zingaba khona izizathu zokucasukela abanye. Nokho, kunokuba imikhuba yabo isikhathaze ngokweqile bese siphazamisa ukuthula kwebandla, sizama ukulingisa uJehova futhi sithethelele ngokukhululekile, siqhubekele phambili nenkonzo yethu ndawonye.

15. (a) Yini esingayifunda kuJobe ngokuphathelene nokuthethelela? (b) Umthandazo ungasisiza kanjani ekuboniseni umoya othokozisayo?

15 Ngokuphathelene nokuthethelela, singafunda kuJobe. Abangane bakhe abathathu okwakumelwe bamduduze bamphatha kabi ngamazwi amaningi anokhahlo. Noma kunjalo, uJobe wabathethelela. Sikusho ngani lokhu? ‘Wabathandazela abangane bakhe.’ (Jobe 16:2; 42:10) Ukuthandazela abanye kungase kushintshe isimo sengqondo esinaso ngabo. Ukuthandazela wonke amaKristu esikanye nawo kusisiza ukuba sihlakulele umoya onjengokaKristu. (Joh. 13:34, 35) Ngaphezu kokuthandazela abafowethu, kufanele sithandazele umoya ongcwele. (Luka 11:13) Umoya kaNkulunkulu uyosisiza ukuba sibonakalise izimfanelo zobuKristu beqiniso ekusebenzelaneni kwethu nabanye.—Funda eyabaseGalathiya 5:22, 23.

YENEZELA EMOYENI OMUHLE ENHLANGANWENI KANKULUNKULU

16, 17. Ngokuphathelene ‘nomoya esiwubonisayo,’ yini wena ozimisele ukuyenza?

16 Yeka ukuthi kungaba nemiphumela emihle kanjani uma ilungu ngalinye lebandla likwenza umgomo walo ukwenezela emoyeni omuhle webandla! Ngemva kokucabangela lokho esesixoxe ngakho, singase sinqume ukuthi singathuthukisa ekuboniseni umoya owakhayo. Uma kunjalo, akufanele sinqikaze ukuvumela ukukhanya kweZwi likaNkulunkulu ukuba kusihlole. (Heb. 4:12) UPawulu, owayekhathazeke kakhulu ngezenzo zakhe emabandleni, wathi: “Anginasazela ngalutho olumelene nami. Nokho angibonakaliswa ngilungile ngalokhu, kodwa ongihlolayo nguJehova.”—1 Kor. 4:4.

17 Njengoba silwela ukwenza ngokuvumelana nokuhlakanipha kwaphezulu, singakhathazeki ngokweqile ngathi ngokwethu noma ngesikhundla esinaso, siyonezela emoyeni omuhle ebandleni. Ngokuba nomoya wokuthethelela nombono omuhle ngabanye, siyojabulela ubuhlobo obunokuthula nabakhulekeli esikanye nabo. (Fil. 4:8) Njengoba senza lezi zinto, singaqiniseka ukuthi uJehova noJesu bayowuthokozela ‘umoya esiwubonisayo.’—Filem. 25.